Imibuzo Evela Kubafundi
Ngokombono wamazwi kaJesu akuJohane 15:15, ngokweNew World Translation, ingabe kumelwe amaKristu azibheke ‘njengezigqila’ zakhe, noma ingabe singazicabangela ngokwethu ‘njengabangane’ bakhe?
Singazibheka kanjalo futhi kumelwe sizibheke njengakho kokubili. Ukuze sibone ukuthi kungani, ake siphawule lokho uJesu akusho lapho kubaphostoli bakhe abathembekile ngobusuku bakhe bokugcina enabo:
“Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangane bakhe. Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho. Angisasho ukuthi niyizigqila, ngokuba isigqila asikwazi ukuthi iNkosi yaso yenzani, kepha ngithé ningabangane nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.”—Johane 15:13-15, NW.
Okokuqala, wayesho ukuthini uJesu ngokuthi abafundi bakhe abathembekile babeyizigqila? Wayengasho izigqila ngokomqondo wokuthi yonke inzalo ka-Adamu izalwa ingaphelele, khona-ke ithengiswe esonweni noma igqilazwe yisono. (Johane 8:34; Roma 5:18, 19; 6:16; 7:14) NjengakumaKristu kusukela lapho, abaphostoli bake bagqilazwa ngaleyondlela, kodwa umhlatshelo kaJesu wawuyolungiselela indlela yokubakhulula. (1 Petru 1.18, 19; Galathiya 4:5) Nokho, abazange bakhululeke ngokuphelele ngalokho. Njengoba umphostoli uPawulu kamuva abhala, ‘bathengwa ngenani elikhulu,’ igazi likaJesu, ngakho baba izigqila zikaNkulunkulu nezikaKristu.—1 Korinte 6:20; 7:22, 23.
KuJohane 15:15 uJesu wayengasikiseli ukuthi abaphostoli abathembekile ababezokwamukela umoya ongcwele ngokushesha futhi babe amaKristu agcotshiwe babengasezona izigqila. (Qhathanisa noJohane 15:20.) Yebo, ukuba isigqila kuNkulunkulu ngokristu akuphoqelelwa futhi akubulali. Kungokothando futhi kunikeza ukuphila. (2 Thimothewu 4:8; Thithu 1:1, 2) UmKristu owamukela ngenjabulo inzuzo yegazi likaKristu futhi abe yisigqila sikaNkulunkulu wayeyobhekana nokufa kwaphakade uma nje kuphela kamuva enqaba lowomhlatshelo futhi azinikele ngokwakhe esonweni, abe isigqila saso futhi. (Galathiya 1:10; 4:8, 9; Heberu 6:4-6) Ngakho, abafundi bakaJesu babeyoqhubeka beyizigqila zikaNkulunkulu nezikaKristu, kodwa babengaphezulu kakhulu kunezigqila. Ngani?
UJesu nabaphostoli baqonda ukuthi emuva ngalesosikhathi, ebuhlotsheni ngokuvamile obubandayo noma obungokomthetho benkosi nesigqila, ‘isigqila sasingenakukwazi okwenziwa inkosi.’ Ngokuvamile, inkosi ewumuntu yayingenakuxoxa nesigqila sayo esithengile, futhi yayingeke isembulele imicabango yayo nemizwa eyimfihIo.
Nokho, singabona emazwini kaJesu, ukuthi kwakwehlukile ngabaphostoli. Wathi: “Ngithé ningabangane nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.” (Johane 15:15) Yebo, njengoba kuvamile ngabangane abathandanayo, uJesu wayebembulele imininingwane nokuqonda okwakuyimfihlo. (Mathewu 13:10-12; 1 Korinte 2:14-16) Nakuba babeseyizinceku, noma izigqila, zikaNkuIunkulu ngoJesu, abaphostoli bajabulela ukusondelana okufudumele okwabaphawula njengabantu abathembekile. (Qhathanisa neHubo 25:14.) Lokhu kunjalo futhi kumelwe kube njalo ngathi sonke. Yeka ilungelo lokuba namaKhosi ezulwini asiphatha njengabantu abethenjwayo nabahlonishwayo abangembulelwa izimfihlo, njengabangane!