‘Njengesinkwa Namanzi Enhliziyweni’
Yilokho umfundisi ongumProthestani waseMálaga, eSpain, athi omagazini beNqabayokulinda nePhaphama! babefana nakho kuye. Wachaza:
“Bengilokhu ngingumfundisi wamaProthestani iminyaka eminingana, futhi nginganiqinisekisa ukuthi kuzo zonke izifundo zami zezenkolo, angikaze ngithole ubulula nokucaca izincwadi zenu ezinakho. Kimina, oFakazi BakaJehova bangabantu abahle kakhulu; ezweni elinobuzenzisi, baphila ngokuvumelana nalokho abakukholelwayo. . . .
“Okwamanje, ngenxa yezinkinga zomuntu siqu, anginakukwazi ukutadisha nani njengoba bengingathanda, kodwa ngiyambonga uNkulunkulu, ngiyabathola omagazini benu, futhi ‘bayisinkwa’ ‘namanzi’ enhliziyweni yami, elambele futhi yomele uNkulunkulu ophilayo.”
Nawe futhi, ungathunyelelwa umagazini weNqabayokulinda nomngane wayo iPhaphama! ekhaya lakho ngokugcwalisa nokuthumela isigqebhezana esingezansi.
Sizani ningithumelele isikhokhelo sonyaka seNqabayokulinda nePhaphama! Ngifaka u-R13,50.