Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wakujabulela ukufunda omagazini bamuva beNqabayokulinda? Nokho, bona ukuthi ungakwazi yini ukuphendula imibuzo elandelayo:
◻ Siyini isihloko sevangeli elingokweBhayibheli losuku lwanamuhla?
Umongo wesigijimi somvangeli namuhla uyizindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ezandleni zoMbusi wakhe omisiwe, uJesu Kristu. Uhlanganisa wonke amaqiniso akhulunywa uJesu nalawo abafundi bakhe abawaloba. (Mathewu 24:14; 28:19, 20)—1/1, ikhasi 4.
◻ Kungani kudingekile ukuqhubeka sishumayela izindaba ezinhle emasimini lapho kunemiphumela emincane noma ingekho kwanhlobo?
UJehova, ngoKristu Jesu, uye wayaleza ukuba ‘izindaba ezinhle zishunyayelwe kuwo wonke umhlaba owakhiwe.’ (Mathewu 24:14) Lapho abantu benqaba ukulalela, lokhu kusinikeza ithuba lokubonisa ukujula kothando lwethu nokuzinikela kuJehova ngokuphikelela senza okulungile. Futhi, uthando lwethu lusishukumisela ukuba sitshele omakhelwane bethu ngalokho ikusasa elikuphathele isintu. (1 Johane 5:3; 2 Thimothewu 4:2)—1/1, ikhasi 26.
◻ Yiziphi izinzuzo inkonzo yesikhathi esigcwele ezilethela abamemezeli boMbuso abaningi?
Ibasiza ukuba bahlakulele ngokugcwele izithelo zomoya, ukuba babonise uthando olwengeziwe ngabantu, ukuba baphumelele ngokwengeziwe enkonzweni, nokuba bathembele kuJehova ngezinga elengeziwe. Ngakho-ke, bajabulela ubuhlobo obuseduze noJehova.—1/15, ikhasi 26.
◻ Kukusiphi isiqondiso nenjongo kaNkulunkulu bonke abalobi beBhayibheli abakhomba kuso kungakhathaliseki ukwehluka kwabo ekukubekeni?
Bonke babonisa lokho uJehova uNkulunkulu azokwenza ukuze isintu sijabule nalokho abantu ngabanye okumelwe bakwenze ukuze bazuze ukuvunyelwa uNkulunkulu.—2/1, ikhasi 7.
◻ Imiphi eminye yemivuzo nezinzuzo ezivela ngokwethembeka?
Umoya wokuthembeka nokuqiniseka uyakhula, uholela ezimweni ezinhle zengqondo nasebuhlotsheni. Ukwethembeka kunengxenye ekubeni kwethu nonembeza ohlanzekile, futhi kunikeza ukuthula kwengqondo, ukuze umuntu akwazi ukubhekana nabanye ngaphandle kokwesaba ukudumazeka. (Heberu 9:14; 1 Thimothewu 1:19)—2/15, ikhasi 7.
◻ UNkulunkulu umninimandla onke ulalela futhi aphendule imithandazo yawobani?
UJehova uzwa imithandazo eyiswa kuye ngomzila ofanele, uJesu Kristu; ngendlela efanele; nangesimo sengqondo nenhlizyo esifanele. UNkulunkulu uphendula imithandazo enjalo ngokuvumelana nentando yakhe yaphezulu nangesikhathi sakhe asikhethayo.—3/15, ikhasi 7.
◻ Yisiphi isehlakalo esibalulekile esenzeka ngonyaka wama-20 (455 B.C.E.) wokubusa kweNkosi uAritahishashita?
UNehemiya wanikezwa imvume yokubuyela futhi ayokwakha kabusha iJerusalema nezindonga zalo. Lomyalezo wawuwukuqala ‘kwamasonto angamashumi ayisikhombisa’ eminyaka yesiprofetho sikaDaniyeli, esasikhomba phambili ekuveleni kukaJesu ‘njengoMholi uMesiya’ ngesikhathi esifanele ngonyaka ka-29 C.E. (Daniyeli 9:24, 25; Nehemiya 1:1; 2:1-9)—3/15, amakhasi 28, 29.
◻ Izinkinga zomkhaya zisingathwa kanjani kangcono kakhulu?
Ngothando, ngoba iBhayibheli liyeluleka, “Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.” Futhi, “uthando lusibekela inqwaba yezono.” (1 Korinte 16:14; 1 Petru 4:8) Lolu kumelwe kube uthando olujulile oluthanda ukushaya indiva ukungapheleli kwamanye amalungu omkhaya lokho okungase ngandlela-thile kucasule futhi kuhlasimulise imizwa yomunye.—4/1, amakhasi 6, 7.