‘Yangisiza Kakhulu’
Ngempela intsha iyaludinga usizo namuhla, phela kunobhememe lokuzibulala kwentsha, ukukhulelwa, uphuzo oludakayo, ukusetshenziswa kabi kwemilaliso, nezinye izinkinga. Kodwa ingalutholaphi? Omunye waseBuffalo, eNew York, wabhalela iWatchtower Society:
“Ngiye ngafunda incwadi yakho . . . Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Kumelwe ngisho ukuthi ubhale incwadi enhle. Iye yangisiza kakhulu, futhi ngiyazi ukuthi nothile ingamenzela okufanayo . . . Lencwadi yami ngiyidlulisele kumngane wami, futhi uye wenza intuthuko ethile. Ngiyabonga, Mnumzane, ngikubonga ngingaqedi, ngokubhala incwadi enhle kangaka.”
Nawe futhi ungayithola lencwadi yabasha eyigugu ngokugcwalisa futhi uthumele lesigqebhezana, kanye nomnikelo wakho.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi ayi-192 ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ngifaka u-R2.