Ukuyala Okungathela Isithelo Esinokuthula
“Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswé yikho.”—HEBERU 12:11.
1, 2. (a) NgokwamaHeberu 12:9-11, yini uNkulunkulu ayinikezayo ngothando? (b) Yisiphi isibonelo esisodwa sokuyala, futhi yimuphi umphumela ongavela kuso?
CABANGA ngesikhathi useyingane. Ingabe uyakhumbula abazali bakho bekuyala? Abaningi bethu bayakhumbula. Umphostoli uPawulu wasebenzisa lokho njengesibonelo lapho ekhuluma ngokuyala okuvela kuNkulunkulu, njengoba sifunda kumaHeberu 12:9-11.
2 Ukuyala kukaNkulunkulu okunjengokukababa, okungathinta ukuphila kwethu okungokomoya, kungaba ngezindlela eziningi. Enye yazo iyilungiselelo lakhe lokukhipha ebandleni lobuKristu umuntu ongasafuni ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu noma owenqaba ukuphila ngazo. Umuntu ojeziswa noma ayalwe kanzima kangako angaphenduka futhi aguquke. Ngesikhathi esifanayo, ibandla labathembekile liyayalwa ngoba lifunda ukubaluleka kokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu eziphakeme.—1 Thimothewu 1:20.
3. Abanye basabela kanjani emqondweni wokususa ekuhlanganyeleni?
3 Othile angabuza: ‘Kodwa akusilo yini unya ukuba nixoshe bese futhi nenqaba ukukhuluma nalomuntu oxoshiwe?’ Umbono onjalo wavela ecaleni lasenkantolo lamuva nje elihilela owesifazane owakhuliswa abazali ababengoFakazi BakaJehova. Abazali bakhe base besusiwe ekuhlanganyeleni. Yena wayengasuswanga, kodwa wazihlukanisa ngokuzithandela ngokubhala incwadi ehoxa ebandleni. Ngokufanelekile, ibandla lamane laziswa ukuthi wayengaseyena omunye woFakazi BakaJehova. Wathutha kuleyondawo, kodwa eminyakeni ethile kamuva wabuya futhi wathola ukuthi oFakazi bendawo babengenakuxoxa naye. Ngakho wayisa lendaba enkantolo. Waba yini umphumela, futhi lokhu kungakuthinta kanjani? Ukuze siyiqonde kahle lendaba, ake sibone ukuthi iBhayibheli lithini ngendaba ehlobene nalena yokususa ekuhlanganyeleni.
Kungani Kuthathwa Lokhu Kuma Okuqinile?
4. Kwenzekani ngezinye izikhathi kwabanye abasebandleni? (Galathiya 6:1; Juda 23)
4 AmaKristu amaningi eqiniso asekela ngokwethembeka uNkulunkulu nemithetho yakhe yokulunga. (1 Thesalonika 1:2-7; Heberu 6:10) Nokho, ngezikhathi ezithile, omunye uyaphambuka endleleni yeqiniso. Ngokwesibonelo, naphezu kosizo lwabadala abangamaKristu, angase aphule imithetho kaNkulunkulu ngokungaphenduki. Noma angase alahle ukholo ngokufundisa imfundiso yamanga noma ngokuzihlukanisa ngokwakhe nebandla. Khona-ke yini okufanele yenziwe? Izinto ezinjalo zenzeka ngisho nalapho abaphostoli besaphila; ngakho-ke, ake sibone lokho abakubhala ngalokhu.
5, 6. (a) Sinasiphi iseluleko esihlakaniphile mayelana nokusebenzelana nalabo abenza izono ezingathi sína futhi abangaphenduki? (Mathewu 18:17) (b) Yimiphi imibuzo esibhekene nayo?
5 Lapho indoda ethile eKorinte ingaphenduki ekuziphatheni okubi, uPawulu watshela ibandla: “Ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.” (1 Korinte 5:11-13) Kwakuzokwenzeka okufanayo nangezihlubuki, njengoHimenewu: “Umuntu onezifundiso ezidukisayo, eselulekwé kanye nakabili male, wazi ukuthi onjalo uphambukile, uyona.” (Thithu 3:10, 11; 1 Thimothewu 1:19, 20) Ukuxwaya okunjalo kwakuyofaneleka, futhi, nganoma ubani oshiya ibandla: “Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi; kodwa baphuma, ukuze babonakaliswe ukuthi bonke abasibo abakithi.”—1 Johane 2:18, 19.
6 Ngethemba, onjalo uzophenduka ukuze akwazi ukwamukelwa futhi. (IzEnzo 3:19) Kodwa lapho engakaphenduki, ingabe amaKristu angaba nobungane obulinganiselwe naye, noma ingabe ukumgwema ngokuphelele kudingekile? Uma kunjalo, kungani?
Ingabe Kumelwe Anqunywe Ngokuphelele?
7. Kuyohluka kanjani ukuziphatha kwethu ngokuqondene nezigaba ezimbili zezoni?
7 AmaKristu awazihlukanisi nabantu. Ngokuvamile sithintana nomakhelwane, esisebenza nabo, esifunda nabo, nabanye, futhi sifakaze kubo ngisho noma abanye ‘beyizifebe, bengabahahayo, bengabaphangi, noma bekhonza izithombe.’ UPawulu wabhala ukuthi asinakubagwema ngokuphelele, ‘kungenjalo ngabe simelwe ukuphuma ezweni.’ Wanikeza isiqondiso sokuthi, nokho, kwakuyoba okuhlukile ‘ngomzalwane’ ophila ngaleyondlela: “Ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane [oye waphindela ezindleleni ezinjalo], ningaze nadla nokudla nonjalo.”—1 Korinte 5:9-11; Marku 2:13-17.
8. Yisiphi iseluleko umphostoli uJohane asinikeza ngokuxwaya?
8 Ezincwadini zomphostoli uJohane, sithola iseluleko esifanayo esigcizelela indlela amaKristu okumelwe abagweme ngokuphelele ngayo abanjalo: “Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu . . . Uma kufika umuntu kini engalethi lokhokufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli; ngokuba ombingelelayo [ngesiGreki, khaiʹro] uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.”a—2 Johane 9-11.
9, 10. (a) Yini eyenzeka kuzaphula-mthetho ezingaphenduki kwaIsrayeli, futhi ngani? (b) Kumelwe sizizwe kanjani ngelungiselelo lanamuhla lokusebenzelana nabantu abaxoshelwe ukungaphenduki esonweni? (2 Petru 2:20-22)
9 Kungani ukuma okunjalo okuqinile kufanelekile ngisho nanamuhla? Nokho, khumbula ukunqunywa okunzima okulotshwe eMthethweni kaNkulunkulu kuIsrayeli. Ezindabeni ezihlukahlukene ezingathi sína, ababephula umthetho ngamabomu babebulawa. (Levitikusi 20:10; Numeri 15:30, 31) Lapho lokho kwenzeka, abanye, ngisho nezihlobo, babengeke besakwazi ukukhuluma nesaphula-mthetho esifileyo. (Levitikusi 19:1-4; Duteronomi 13:1-5; 17:1-7) Nakuba amaIsrayeli athembekile emuva ngalesosikhathi ayengabantu abavamile abanemizwelo enjengeyethu, ayazi ukuthi uNkulunkulu wahlulela ngokulunga futhi unothando nokuthi uMthetho wakhe wawuvikela ukuhlanzeka kwawo kokuziphatha nokungokomoya. Ngakho ayengakwamukela ukuthi ilungiselelo lakhe lokunquma abenzi bobubi ngokuyisisekelo lalilihle futhi lilungile.—Jobe 34:10-12.
10 Singaqiniseka ngokufanayo ukuthi ilungiselelo likaNkulunkulu lokuthi amaKristu enqabe ukuba nobungane nothile oxoshwe ngenxa yesono sokungaphenduki liyisivikelo kithina sokuhlakanipha. “Khiphani imvubelo endala ukuze nibe-yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo.” (1 Korinte 5:7) Ngokugwema futhi abantu abazehlukanise ngamabomu, amaKristu ayavikeleka emibonweni yokugxeka, yokungabi nokwazisa noma ngisho neyokuhlubuka.—Heberu 12:15, 16.
Kuthiwani Ngezihlobo?
11, 12. (a) Zazithinteka kanjani izihlobo ezingamaIsrayeli lapho umenzi wobubi enqunywa? (b) Bonisa izinzuzo zokulalela.
11 UNkulunkulu ngokuqinisekile uyaqaphela ukuthi ukugcina imithetho yakhe yokulunga ngokunquma abenzi bobubi ngokuvamile kuhilela futhi kuthinte izihlobo. Njengoba kuphawulwe ngenhla, lapho umenzi wobubi ongumIsrayeli ebulawa, babungasekho ubudlelwane bomkhaya obabungenzeka. Eqinisweni, uma indodana yayiyisidakwa noma iyisiminzi, abazali bayo kwakumelwe bayilethe phambi kwabahluleli, futhi uma yayingaphenduki, kwakufanele abazali bahlanganyele ekuyibulaleni okufanele, ‘ukuze bakhiphe ububi phakathi kukaIsrayeli.’ (Duteronomi 21:18-21) Ungabona ukuthi lokhu kwakungeke kube lula ngabo. Cabanga, futhi, indlela ababezizwa ngayo abafowabo bomenzi wobubi, odadewabo, noma omkhulu nogogo. Nokho, ukubeka kwabo ukwethembeka kuNkulunkulu wabo wokulunga kuqala kunothando lomkhaya kwakungasindisa ukuphila kwabo.
12 Khumbula indaba kaKora, owayengumholi ekuvukeleni ubuholi bukaNkulunkulu ngoMose. Ekwahluleleni kwakhe ngokulunga okuphelele, uJehova wabona ukuthi uKora kwakumelwe afe. Kodwa bonke abathembekile baxwayiswa: “Ake nisuke ematendeni alababantu ababi, ningathinti-lutho olwabo, funa niqedwe ngezono zabo zonke.” Izihlobo ezingafunanga ukwamukela isixwayiso sikaNkulunkulu zafa kanye namambuka. Kodwa ezinye zezihlobo zikaKora ngokuhlakanipha zakhetha ukuba zithembeke kuJehova, okwasindisa ukuphila kwazo futhi kwaholela ezibusisweni esikhathini esalandela.—Numeri 16:16-33; 26:9-11; 2 IziKronike 20:19.
13. AmaKristu athembekile ayosabela kanjani lapho ilungu lomkhaya eliseduze lisuswa ekuhlanganyeleni noma lizihlukanisa ngokwalo?
13 Ukunqunywa ebandleni lobuKristu akuhlanganisi ukufa ngokushesha, ngakho ubuhlobo bomkhaya buyaqhubeka. Ngakho-ke, indoda esuswe ekuhlanganyeleni noma ezihlukanisa ngokwayo ingaqhubeka ihlala ekhaya nomkayo ongumKristu nabantwana bayo abathembekile. Ukuhlonipha izahlulelo zikaNkulunkulu nesinyathelo sebandla kuyoshukumisela umkayo nabantwana ukuba baqaphele ukuthi ngenkambo yayo, yabuguqula ubuhlobo obungokomoya obabuphakathi kwabo. Nokho, njengoba ukususwa kwayo ekuhlanganyeleni kungabuqedi ubuhlobo begazi nobomshado, ukusebenzelana kwabo komkhaya okuvamile nokuthandana kungaqhubeka.
14. Yisiphi iseluleko saphezulu okumelwe sithonye ubuhlobo bethu nesihlobo esisusiwe ekuhlanganyeleni noma esizihlukanisile esingaphandle kweqembu eliseduze lomkhaya?
14 Isimo singesihlukile uma osuswe ekuhlanganyeleni noma ozahlukanisile eyisihlobo esihlala ngaphandle kweqembu eliseduze lomkhaya. Kungenzeka ukuba kungabi nakuthintana ngokuphelele nesihlobo. Ngisho noma kunezindaba zomkhaya ezidinga ukubonana, ngokuqinisekile kumelwe kugcinwe kusesilinganisweni esiphansi ngokuphelele, ngokuvumelana nesimiso saphezulu: “Ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo [noma enecala lesinye isono esingathi sína], . . . ningaze nadla nokudla nonjalo.”—1 Korinte 5:11.
15. Izihlobo zingalilawula kanjani ithonya lemizwelo ezimweni ezinjalo? (IHubo 15:1-5; Marku 10:29, 30)
15 Ngokuzwakalayo, lokhu kungase kube nzima ngenxa yemizwelo nobuhlobo bomkhaya, njengothando lomkhulu nogogo ngabazukulu babo. Nokho, lokhu kuwuvivinyo lokwethembeka kuNkulunkulu, njengoba kushiwo udade ocashunwe ekhasini 26. Noma ubani ozwa ukudabuka nobuhlungu isihlobo esisuswe ekuhlanganyeleni esikubangele, angathola induduzo futhi akhuthazwe isibonelo esabekwa ezinye zezihlobo zikaKora.—IHubo 84:10-12.b
Isinqumo Senkantolo
16-18. Yisiphi isinqumo esafinyelelwa ecaleni lasenkantolo okukhulunywe ngalo ngaphambili, futhi inkantolo yanikeza muphi umbono owengeziwe?
16 Ungathanda ukwazi umphumela wecala lasenkantolo elihilela owesifazane owayekhathazekile ngoba ayejwayelene nabo ngaphambili babengasamkhulumisi ngemva kokuba akhetha ukushiya ukholo, ezahlukanisa nebandla.
17 Ngaphambi kokuba icala lithethwe, inkantolo yesifunda yakhipha isahlulelo esifushanisiwe ngokumelene naye. Lesosinqumo sasisekelwe emqondweni wokuthi izinkantolo azihileleki ezindabeni zamasonto zokujezisa. Walidlulisa icala. Isahlulelo sazwi-linye senkantolo yesifunda yokudluliswa kwamacalac sasisekelwe ezizathwini eziningi zamalungelo esiJobelelo Sokuqala (soMthetho-sisekelo WaseU.S.): “Ngenxa yokuthi umkhuba wokuxwaya uyingxenye yokholo lukaFakazi KaJehova, sithola ukuthi ilungiselelo loMthetho-sisekelo WaseUnited States ‘lokusebenzisa inkululeko engokwenkolo’ . . . liyamvimbela ukuba athethwe yicala. Abamangalelwa banelungelo elivikeleke ngokomthetho ukuba basebenzise umkhuba wokuxwaya. Ngokufanelekile, sivumelana” nesahlulelo sangaphambili senkantolo yesifunda.
18 Umbono wenkantolo waqhubeka: “Ukuxwaywa kuwumkhuba osetshenziswa oFakazi BakaJehova ngokuvumelana kwabo nombhalo owumthetho wesonto, futhi asikhululekile ukuba siwuchaze kabusha lowombhalo . . . Abamangalelwa banegunya lokusebenzisa ngenkululeko izinkolelo zabo ezingokwenkolo . . . Izinkantolo ngokuvamile azibuhlolisisi ubuhlobo obuphakathi kwamalungu (noma amalungu angaphambili) esonto. Amasonto anikezwa inkululeko enkulu lapho enikeza isiyalo kumalungu noma kumalungu angaphambili. Sivumelana nombono kaMahluleli [wangaphambili weNkantolo Ephakeme yaseU.S.] uJackson wokuthi ‘imisebenzi [y]enkolo ephathelene namalungu aleyonkolo kuphela ikhululekile futhi kufanele ibe njalo—cishe ikhululeke ngokuphelele njenganoma yini enye.’ . . . Amalungu eSonto [owesifazane] anquma ukuwashiya aye aphetha ngokuthi awasafuni ukuzihlanganisa naye. Sikholelwa ukuthi akhululekile ukwenza lesosinqumo.”
19, 20. Kungani umuntu ohlukaniswe nebandla engekho esimweni sokuthola isinxephezelo semali enkantolo?
19 Inkantolo yokudluliswa kwamacala yavuma ukuthi ngisho noma owesifazane ezwa ubuhlungu ngenxa yokuthi ayejwayelene nabo ngaphambili bakhetha ukungasakhulumi naye, “ukumvumela ukuba anxeshezelwe ekulimaleni okungabonakali noma okungokomzwelo kuyovimbela ngokungemthetho oFakazi BakaJehova ekusebenziseni inkululeko engokwenkolo . . . Isiqinisekiso esingokomthetho sokusebenzisa inkululeko engokwenkolo sidinga umphakathi ukuba ubekezelele uhlobo lokulimala aluzwayo [owesifazane] njengenani elifanele ukukhokhwa ukuze kuvikelwe ilungelo lomahluko ongokwenkolo elijatshulelwa yizo zonke izakhamuzi.” Ngandlela-thile, lesinqumo siye saba nesigqi ngokwengeziwe kusukela ngalesosikhathi. Kanjani? Kamuva owesifazane wadlulisela icala enkantolo ephakeme ezweni ukuba iliqule nokuba mhlawumbe iguqule isinqumo esimelene naye. Kodwa ngoNovember 1987, iNkantolo Ephakeme YaseUnited States yenqaba ukwenza kanjalo.
20 Ngakho, lelicala lasenkantolo elibalulekile labonisa ukuthi umuntu osuswe ekuhlanganyeleni noma ozahlukanisile akanakuzithola izinxephezelo zokuxwaywa koFakazi BakaJehova enkantolo yomthetho.d Njengoba ibandla lalisabela eziqondisweni eziphelele sonke esingazifunda eZwini likaNkulunkulu futhi lizisebenzisa, umuntu uzwa ukulahlekelwa azilethela khona ngezenzo zakhe.
Ukuyala—Abaningi Bayazuza
21. Kungani ukulinganisela kudingekile ekubhekeni ukususa ekuhlanganyeleni?
21 Abanye abangaphandle, lapho bezwa ngokususwa ekuhlanganyeleni, bathambekele ekuzwelaneni nomenzi wobubi ongasenakuxoxa namalungu ebandla lobuKristu. Kodwa ingabe lolozwela aluboniswa yini esimweni esingafanele? Cabanga ngenzuzo engaba khona, engatholwa umenzi wobubi nabanye.
22, 23. Bonisa ukubaluleka nenzuzo yokulalela uNkulunkulu embonweni wethu ngabantu abasuswe ekuhlanganyeleni.
22 Ngokwesibonelo, ekhasini 26 saphawula ukukhulumela kukaLynette ngokukhetha kwakhe ‘ukuba azihlukanise ngokuphelele kubo bonke ubudlelwane’ nodadewabo osuswe ekuhlanganyeleni uMargaret. Yena nezihlobo zakhe ezingamaKristu ‘bakholelwa ukuthi indlela kaJehova ingengcono kakhulu.’ Futhi injalo!
23 Udadewabo kaLynette kamuva wamtshela: ‘Ukuba nakubukela phansi ukususwa kwami ekuhlanganyeleni, ngiyazi ukuthi ngangingeke ngithathe izinyathelo zokubuyiselwa ngokushesha njengoba ngenzile. Ngihlukaniswe ngokuphelele nabathandekayo bami nasebudlelwaneni obuseduze nebandla kwadala isifiso esinamandla sokuphenduka. Ngaqaphela ukuthi inkambo yami yayiyimbi kangakanani nokuthi kwakungokungathi sína kangakanani ukufulathela uJehova.’
24. Ukusabela komunye udade ekususweni ekuhlanganyeleni kwamthinta kanjani yena nabanye?
24 Kwenye indaba, abazali bakaLaurie basuswa ekuhlanganyeleni. Nokho uthi: ‘Ubuhlobo bami nabo abuzange buphele kodwa bakhula kakhulu. Njengoba isikhathi sasihamba, ngangiqhubeka ngiphola ngokwengeziwe. Ngafinyelela eqophelweni lokungayi ngisho nasemihlanganweni.’ Khona-ke wafunda ukwaziswa kuNqabayokulinda kaFebruary 15, nekaMarch 1, 1982 okwagcizelela iseluleko seyoku-1 Korinte 5:11-13 neyesi-2 Johane 9-11. “Kwaba sengathi kususwe inkungu emehlweni ami,” ebhala. ‘Ngangazi ukuthi kwakuyodingeka ngenze izinguquko ezithile. Manje ngiyiqonda kangcono incazelo kaMathewu 10:34-36. Isinqumo sami sasingesona esilula ngomkhaya wakithi ukuba usamukele, ngoba indodana yami eneminyaka eyisihlanu, iwukuphela komfana, futhi bayithanda kakhulu.’ Kwethenjwa ukuthi ukulahlekelwa ubuhlobo obunjalo kuyozithinta izinhliziyo zabazali, njengoba kwathinta ekaMargaret. Nokho, isiyalo esasihilelekile samsiza uLaurie: ‘Sengiphindele enkonzweni yasensimini. Umshado wami nomkhaya kuqine kakhulu ngokwengeziwe ngenxa yoshintsho lwami, futhi nami ngiqinile.’
25. Yimuphi umbono umuntu obuyiselwe aba nawo ngokuyala kukaNkulunkulu?
25 Noma cabangela imizwa yothile owasuswa ekuhlanganyeleni futhi kamuva wabuyiselwa. USandi wabhala: ‘Ngingathanda ukunibonga ngezihloko eziwusizo kakhulu nezifundisayo [eziphawulwe ngenhla] mayelana nokusolwa nokususwa ekuhlanganyeleni. Ngiyajabula ngoba uJehova uthanda abantu bakhe kakhulu ukuba babone ukuthi inhlangano yakhe igcinwa ihlanzekile. Lokho okungabonakala kuyisenzo sonya kwabangaphandle kudingekile futhi ngempela kuyisenzo sothando sokuba senziwe. Ngiyabonga ukuthi uBaba wethu wasezulwini unguNkulunkulu onothando futhi othethelelayo.’
26. Yisiphi isithelo sokulunga esingavela ekwamukeleni isiyalo? (IHubo 94:10, 12)
26 Ngakho uNkulunkulu wethu ofuna ukuba umenzi wobubi ongaphenduki axoshwe ebandleni ubonisa ngothando futhi ukuthi uma isoni siphenduka futhi siguquka, singabuyiselwa ebandleni. (Ngokufanayo umuntu ozahlukanisile angacela ukuba abuye abe ingxenye yebandla futhi.) Ngemva kwalokho singaduduzwa amaKristu ayoqinisekisa uthando lwawo ngaso. (2 Korinte 2:5-11; 7:8-13) Ngempela, kunjengoba nje uPawulu abhala: “Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswé yikho.”—Heberu 12:11.
[Imibhalo yaphansi]
a Lapha uJohane wasebenzisa igama elithi khaiʹro, okwakuyisibingelelo esinjengokuthi “sawubona.” (IzEnzo 15:23; Mathewu 28:9) Akasebenzisanga igama elithi a·spaʹzo·mai (njengasevesini 13), elisho “ukusingatha ngezingalo, kanjalo ukubingelela, ukwemukela” futhi elalingase lisho ukubingelela okufudumele kakhulu, ngisho nangokusingatha. (Luka 10:4; 11:43; IzEnzo 20:1, 37; 1 Thesalonika 5:26) Ngakho iseluleko esikweyesi-2 Johane 11 ngokufanelekile singasho ukungasho ngisho nokuthi “sawubona” kwabanjalo. Bheka INqabayokulinda kaJuly 15, 1985 ikhasi 31.
b Ukuze uthole ingxoxo emayelana nesihlobo esisuswe ekuhlanganyeleni, bheka INqabayokulinda kaMarch 1, 1982, amakhasi 26-31.
c 819 F.2d 875 (9th Cir. 1987).
d Nakuba abantu abahlukahlukene beye bamangala ezinkantolo, akukho nkantolo eyake yakhipha isahlulelo esilahla oFakazi BakaJehova ngecala ngenxa yomkhuba wabo wokuxwaya osekelwe eBhayibhelini.
Amaphuzu Okukhunjulwa
◻ Kungaziphi izindlela ukususa ekuhlanganyeleni okungaba ngazo indlela yokuyala?
◻ Kungani ukuziphatha komKristu ngakubantu abasuswe ekuhlanganyeleni kungafani nokuziphatha kwakhe ngakubantu bezwe abayizoni?
◻ Ikuphi ukuqondisa okungokomBhalo okumelwe kukhunjulwe ngisho noma isihlobo sisuswa ekuhlanganyeleni?
◻ Inkantolo yokudluliswa kwamacala yafinyelela siphi isiphetho ecaleni elalethwa umuntu ozihlukanisile?
◻ Yini esingayifunda emazwini ashiwo abanye ngokususa ekuhlanganyeleni?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 26]
“Ukuzihlukanisa ngokuphelele kubo bonke ubudlelwane noMargaret [udadewethu osusiwe ekuhlanganyeleni] kwavivinya ukuthembeka kwethu elungiselelweni likaJehova. Kwanikeza umkhaya wakithi ithuba lokubonisa ukuthi sikukholelwa ngempela ukuthi indlela kaJehova ingengcono kakhulu.”—Lynette.
[Ibhokisi ekhasini 30]
Ukuxoshwa Ebandleni—Kunamuphi Umphumela?
Isazi-mlando esiyiNgisi uEdward Gibbon sabhala ngokufaneleka nangomphumela wokususa ekuhlanganyeleni esikhathini esiseduze nesabaphostoli:
“Kuyilungelo elingenakungatshazwa lanoma yimuphi umphakathi ukuba ukhiphe ebudlelwaneni nasezinzuzweni zawo labo phakathi kwamalungu awo abalahla noma beqe leyomithetho eyamiswa ngemvume yabo bonke. . . . Imiphumela yokuxoshwa ebandleni yayihlanganisa isimo [esingokwenyama] nesingokomoya. UmKristu owayejeziswe kanjalo wayephucwa ilungelo lokuba nanoma iyiphi ingxenye eminikelweni yabathembekile. Kokubili izibopho zobudlelwane obungokwenkolo nezobangasese zazipheliswa.”