‘Bazinikezele KuNkulunkulu Omkhulu UJehova Phakade’
NGOAPRIL 1935, umshumayeli owaziwayo waseMelika nowayeyisikhulumi wavakashela eHawaii. Lokhu kwakungokuthakazelisa ngokukhethekile koFakazi BakaJehova ababeyi-12 kuphela ngalesosikhathi, njengoba lesivakashi esaziwayo kwakunguJoseph F. Rutherford, umongameli wesibili weWatch Tower Bible and Tract Society. Inkulumo ethi “Ubani Oyobusa Izwe?” yakhuluma ngokubuswa kwezwe okuzayo koMbuso kaNkulunkulu. Yanikezwa ehholo lesikole esiphakeme sendawo futhi yamenyezelwa kabanzi.
Igama likaNkulunkulu noMbuso wakhe kuye kwaba yisihloko somsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova kusukela ekuqaleni kwabo kosuku lwanamuhla. Ngakho kungokuthakazelisayo kubo bonke abazisa futhi basebenzise igama lomuntu siqu likaNkulunkulu umninimandla onke, uJehova, ukuthi igama elifanayo lesiHawaii, elithi Iehova, lalisetshenziswa ngokuvamile abakhulekeli bokuqala baseHawaii! Elinye lamasonto okuqala elakhiwa abefundisi beLobukholwa eHawaii, isonto elakhiwe ngamatshe eKawaiahao eHonolulu, itshe lalo legumbi labekwa ngo-1839. Kulelitshe lokunikezelwa kulotshwe amazwi athi: “KuIehova uNkulunkulu wethu phakade naphakade.”
Kusukela ngo-1935, lapho iJaji uRutherford evakashile, umsebenzi woFakazi BakaJehova eHawaii uye wanda kusukela koFakazi abayi-12 kuphela abakhuthele kuya kwabangaphezu kwezi-5 400 namuhla. Ngempela ‘bazinikezele kuNkulunkulu omkhulu uJehova phakade.’