Yini Esingayifunda Endalweni KaNkulunkulu?
AMAJUBA athola indlela ewayisa ezidlekeni zawo ngokusebenzisa uquqaba lwezinhlayiya ezingozibuthe emakhanda nasezintanyeni zawo. Izinhlanzi ezithile ziveza ugesi. Izinhlobo eziningi ezihlukahlukene zezinyoni zisusa usawoti ongadingeki emanzini olwandle eziwaphuzayo. Ezinye izinkumba ezinezimbotshana ezingagcwaliswa ngamanzi ukuba zitshuze noma ngomoya ukuze zintante futhi.
Yebo, kungakhathaliseki ukuthi uyakuqaphela noma cha, lapho umuntu esebenzisa ikhampasi, enza ugesi, eklama umkhumbi-ngwenya, noma esusa usawoti emanzini olwandle, eqinisweni umane nje ulingisa indalo kaNkulunkulu.
Ngempela, indalo kaNkulunkulu inezifundo eziningi ezifundisa umuntu kangangokuthi ngezinye izikhathi ibizwa ngokuthi “incwadi yemvelo.” Ngokwesibonelo, ibionics yingxenye yesayensi eyenzelwe ukusetshenziswa ngokuwusizo yezimiso ezitholakala endalweni. Lezi zihlanganisa amaphiko endiza anezici ezifana nezezinyoni, imikhumbi-ngwenya enesimo esinjengesamahlengethwa, nezakhiwo zikakhonkolo eziklanywe njengamathambo omuntu. Kodwa ingabe “incwadi yemvelo” inikeza ulwazi lwemisebenzi yezandla kuphela?
Cha, ngezinye izikhathi inikeza nezifundo eziwusizo zohlobo lokuziphatha. Ngokwesibonelo, ibhekisela emzwelweni wemvelo wokukhuthala kwentuthwane, ngokwesibonelo incwadi yeBhayibheli yezAga iyeluleka: “Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe, yona ethi ingenamahluleli, nambonisi, nambusi, ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo, ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.”—IzAga 6:6-8.
Nokho, iethology, isayensi ethi isusela izifundo ekuziphatheni kwezilwane, inokulinganiselwa kwayo. Ukuziphatha komuntu akunakubekwa esigabeni esifana ngokuthe ngqó nesezilwane. Kumelwe kucatshangelwe ukwehluka okuphawulekayo, njengolimi nenqubo yokucabanga eyinkimbinkimbi ngokwengeziwe ngokungenakuphela kumuntu. Njengoba omunye usosayensi ekubeka: “Asizona nje izinkawu ezihlakaniphe ngokwengeziwe.” Izingqondo zethu “zisenza sihluke ngokwezinga elikhulu kuzo zonke izinto eziphilayo.”
Ngaphezu kwalokho, kukhona imibuzo ethile ukufunda indalo ngokuseduze kukodwa okungeke kuyiphendule. Lena ihlanganisa ethi: Ingabe ukuphila kunenjongo? Ingabe uNkulunkulu ukhona, futhi uma ekhona, ingabe uyasikhathalela? Make sibone manje ukuthi imibuzo enjalo ingaphendulwa yini.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 3]
Indalo Yaba Naso Kuqala: Isimiso Sokufuna Izinto Ngamaza Omsindo
Amalulwane anesimo esicishe sifane nesokufuna izinto ngamaza omsindo, esiwenza akwazi ukuthola ukuthi lokho akuzingelayo kukuphi nokulandela imikhondo yakho ngokuthumela imisindo nangokuhlaziya izinanelo zayo. Ibhu elithile (idogbane tiger) linophawu oluvimbelayo oluthumela amaza afana nawesitha salo. Ekwamukeleni uphawu, ilulwane, njengoba lingenasikhathi esanele sokuhlaziya ukuthi kuyisithiyo noma cha, liligwema ngesu ibhu.
UProfesa uJames Fullard, waseYunivesithi yaseToronto eCanada, wabonisa ukwazisa kwakhe, ethi: “Into emangalisayo isilinganiso sokuhlaziywa kokwaziswa nezinqumo zokuzwa kwemizwa ezenziwa kokubili amalulwane namabhu, esebenzisa inani elilinganiselwe kakhulu lezingqamuzana zemizwa. Abonisa isilinganiso esithile sokonga nokuba yinkimbinkimbi okungabangela izazi zamacebo empi yasemoyeni zibe nomona.”
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 4]
Indalo Yaba Nayo Kuqala: Into Esetshenziselwa Ukutshuza
Kuthiwa cishe ngasekuqaleni kwekhulu le-16 leminyaka, uLeonardo da Vinci wasungula izinto ezisetshenziselwa ukutshuza. Kodwa isicabucabu esithile esibizwa ngokuthi iArgyroneta aquatica kakade sase siyingcweti yesimiso sokuphefumula ngaphansi kwamanzi. Njengoba uAndrée Tétry echaza encwadini yakhe ethi Les outils chez les êtres vivants (Amathuluzi Asetshenziswa Izinto Eziphilayo), lesicabucabu “sihlala emifudlaneni egeleza kancane phakathi kwezihlahla ezingaphansi kwamanzi futhi seluke phakathi kwazo ubulwembu obuvundlile, obubanjwe ngokukhululekile izintambo zabo eziningi. Njengoba sibuyela phezulu, . . . isicabucabu, ngokushukuma okusheshayo, sibamba ibhamuza lomoya ngoboya baso obusesiswini obungathintwa ngamanzi. . . . Isicabucabu siphindela phansi futhi sikhulule lelobhamuza lomoya ngaphansi kobulwembu bezintambo zikasilika. Khona-ke ibhamuza liyanyuka likhukhumale kancane ebulwembini.” Ngohambo oluphindaphindiwe, isicabucabu siqongelela umoya owanele ukuba sichithe usuku ngaphansi kwamanzi, lapho sidlela khona inyamazane yaso esiyibambe ebusuku. Ngokuphathelene nalokhu, uTétry uyanezela: “Ngakho-ke, izinto zomuntu zokutshuza emanzini zifana nezinhlobo ezenziwe ngokukhethekile eziphawulwa endalweni.”