IsiQhingi IThursday Sizwa Izindaba Ezinhle
NJENGOBA indiza izungeza, esingakubona iqoqo leziqhingi ezinezimo zokwakheka nobungako obuhlukahlukene phakathi kolwandle oluluhlaza. Njengoba sehlela phansi, sibona umgwaqo wezindiza—yeka indlela omncane ngayo—kodwa kwaze kwaba ngcono!
Siye sahlala esiQhingini iHorn. Ngemva kohambo oluya esikhumulweni semikhumbi ngebhasi, isikebhe esincane sisiyisa esiQhingini iThursday, inkaba yeziQhingi iTorres Strait. Leziqhingi zisakazeke njengamatshe okuwela asuka esiqongweni esisenyakatho yeQueensland, eAustralia, zize ziyofika ngaphesheya ePapua New Guinea.
Phakathi nenkathi yokushisa, yemvula (kusukela ngoJanuary kuze kube uMay), konke kuluhlaza futhi kwenile. Ngezinye izikhathi kuba khona iziphepho ezinamandla, zenze umhubhe ophakathi kweziqhingi ube yingozi. Ekupheleni kwalesikhathi sonyaka, kuvame ukomisa nothuli.
Izindaba Ezinhle Zifinyelela Leziqhingi
Kwakungo-1938 lapho umkhumbi ohanjiswa umoya iLightbearer weWatch Tower Society ongamamitha ayi-16 uma okwesikhashana kuleziqhingi ulibangise eDutch East Indies (manje osekuyi-Indonesia). Emkhunjini kwakunoFakazi abayisikhombisa, ababelangazelela ukuhlanganyela isigijimi seBhayibheli sethemba.
Nokho, labazalwane babengazi ukuthi omunye wezithunywa zevangeli zeLobukholwa wayefike cishe ngesikhathi esifanayo. Watshela izakhamuzi zasesiqhingini ukuba zingabalaleli oFakazi noma zamukele noma iyiphi incwadi yabo. Kodwa lapho abazalwane befika emzini wakhe futhi bekhuluma naye, wathatha izincwadi ezine. Ezinye zezakhamuzi zakubona lokhu, ngakho-ke zacabanga: ‘Uma yena ekwazi ukuzithola, kungani thina singeke.’ Kusihlwa ngalolosuku, ngenkathi abanye oFakazi bebonisa amaslides, omunye umzalwane wayehleli phandle namabhokisi ezincwadi. Ngokuphindaphindiwe, ebumnyameni, isandla esiphethe imali sasilokhu sivela, futhi izwi licela incwadi. Ngehora elilodwa nje, kwahanjiswa izincwadi ezingama-200 ngaleyondlela! Kamuva, isithunywa senkolo sazama ngaphandle kokuphumelela ukusebenzisa izincwadi esasizitholile njengobufakazi ekumangalelweni koFakazi.
Ibandla Liyamiswa
Lezombewu zokuqala zeqiniso aziniselwanga isikhathi eside. Kwaze kwaba ngasekupheleni kwawo-1950 lapho kufika usizo olwengeziwe kuleziqhingi ezingazodwa. Izisebenzi zesikhathi esigcwele zathunyelwa yiWatch Tower Society. Zalandelwa abakwaRudd, umkhaya wabathathu owawuzokhonza lapho indingeko inkulu khona. Ngokushesha, ibandla elincane lamiswa esiQhingini iThursday.
Lezi kwakuyizikhathi ezinzima, zingekho nhlobo izindawo zokuhlala futhi kunokuphikisa okunamandla okuvela kuhulumeni nasezinkolweni ezimisiwe. Ekuqaleni ibandla lalihlanganela ekamelweni elincane ngenhla kohhavini bebhikawozi lendawo. Cabanga nje ukuthi kwakushisa kanjani, kanti vele kuyashisa kumatropiki!
Bebona isidingo sokuzigcina beqinile ngokomoya, oFakazi bazimisela ukuya emhlanganweni ogwini lwezwekazi iAustralia, eliqhele cishe ngamakhilomitha ayi-1 300. Bengenayo imali yendiza, bafuna ngomthandazo enye indlela yokuya emhlanganweni.
Okokuqala, abazalwane bathenga isikebhe esidala sokudoba esasingenayo injini, uphephela, oseyili, nehange. Befuna ezikebheni ezilahliwe, ekugcineni basithola esisodwa esinenjini ehanjiswa ngamafutha enkulu enamasilinda amahlanu negearbox. Bekuthenga lokhu, abazalwane bakujabulela ukuthola oseyili, amahange, nokunye okuningi. Nokho, yayingekho ishafu noma uphephela.
Umzalwan’ uRudd wacela umnikazi wendawo yokukhanda imikhumbi ukuba abhekabheke. Umnikazi ngokuntela wathi uma ayengayithola ishafu noma kuphi egcekeni, oFakazi babengayithatha. Umnikazi wamangala ngokutholakala kweshafu. Lapho engena endlini ngendlu ekuseni ezinsukwini ezimbalwa kamuva, uMzalwan’ uRudd wakhahlela okuthile otshanini obude. Kwakuwuphephela owawuzolingana emkhunjini wabo!
Ngemva kokulungisa umkhumbi, ibandla labangama-25 lalilulungele uhambo lwezinsuku eziyisikhombisa olwandle. Lapho behamba, isanusi sakuleyondawo ‘sabaqalekisa.’ Ngobunye ubusuku umkhumbi wabhajwa emadwaleni. Abazalwane basebenzisa isikhathi ngokunenzuzo bedoba izinhlanzi. Lapho kufika igagasi lasekuseni, isikebhe santweza, nakuba kwakudingeka ukuba bakhiphe amanzi kulolonke uhambo.
Lapho befika eTownsville, eAustralia, umnikazi wendawo yokukhanda imikhumbi oyisicebi wabonana nabo. Ngokusobala wayefunde isihloko sephephandaba ngemizamo yabo yokuba khona emhlanganweni, futhi washukunyiselwa ukuba asize. Wazimisela ukulungisa umonakalo esikebheni ngisho nakuba babengeke bakwazi ukumkhokhela noma ukumsiza ngokulungisa ngoba babesemhlanganweni. Kamuva, bakhokhiswa amaRandi ayi-140 kuphela esikhundleni samaRandi ayi-1 700 ayengase afaneleke.
Ukufinyelela Ezinye Iziqhingi
Ngokuqondiswa uJehova, isigijimi soMbuso siye safinyelela iziqhingi ezingaphandle. Ngokwesibonelo uMzalwane uRod Anderson noAllan Webster, abathuthela esiQhingini iThursday eminyakeni embalwa edlule, baye basebenzisa isikebhe sabo ekushumayeleni kwezinye iziqhingi. Kuze kube manje, ukushumayela kuye kwenziwa eziqhingini eziyi-12 kweziyi-17 ezihlala abantu.
Indawo Enhle Yemihlangano
Nokho, abazalwane babelokhu bezibuza isikhathi eside ukuthi bayoke babe nalo yini iHholo LoMbuso labo siqu esiQhingini iThursday. Ngalesosikhathi umoya kaJehova wabonakala usebenza. NgoSeptember 1983, uMzalwane uGraham Keen, umakhi onekhono, weza ukuzobasiza ekwakheni ihholo. Amabandla amaningana aseAustralia ayenikele ngezimpahla ezazidingeka ekwakheni. Zapakwa futhi zathunyelwa ngomkhumbi osuka eCairns, eQueensland. Izakhamuzi zasesiqhingini zamangala ukubona lenqwaba yezimpahla zokwakha endaweni eyayingenalutho. Kwathatha izinsuku eziyi-140 kuphela ukuliqeda ihholo, kanye nendlu engemuva. Kwakunabayi-120 abajabulela ukuba khona ngosuku lokunikezelwa kwehholo elisha.
Yeka indlela bonke oFakazi ababejabule ngayo ngokuba naleliHholo loMbuso elisha elalizosebenza njengesikhungo somsebenzi wokusakaza izindaba ezinhle eziQhingini zaseTorres Strait. Ngosizo lomoya kaJehova, bayakujabulela ukumemezela udumo kuJehova uNkulunkulu.—Isaya 42:12.