Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 2/15 k. 21
  • Ukuqondisisa Izindaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqondisisa Izindaba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Baba Wethu . . . ”
  • Amasonto Asesikweletini
  • Ukuzijabulisa Okungalungile
  • Iyini Ingozi Yokudlala Ngemilingo?
    I-Phaphama!—2002
  • Amathemba Esikhathi Esizayo ObuProthestani—Nawakho!
    I-Phaphama!—1987
  • Ubani Ngempela Ongumthombo Wamandla Okubhula?
    I-Phaphama!—2011
  • Ingabe AmaKristu Kufanele Aye Esontweni?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 2/15 k. 21

Ukuqondisisa Izindaba

“Baba Wethu . . . ”

“Kulo lonke lelizwe abesifazane bebetshela abakholwa nabo ukuthi kuyabacasula ukusebenzisa ulimi lwabesilisa kuphela (‘Baba Wethu osezulwini’) ezinkonzweni zokukhulekela,” kubika iMinneapolis Star and Tribune. “Abesifazane bathi, kubenza bazizwe beyizakhamuzi zesigaba esiphansi, futhi abakwazi ukukhuluma noMuntu oPhakeme wesilisa.” Sisekela lempikiswano, isigungu esiphethe seSonto iUnited Methodist eMinneapolis, Minnesota, eU.S.A., savotela ukuba amakholwa asebenzise uhlu olusha lwamagama lapho ekhuluma noNkulunkulu emthandazweni, ezinkonzweni zokukhulekela, nakweminye imisebenzi yesonto.

Amanye amagama angehlukanisi ubulili alungiselelwe yisigungu sesonto athi “mthombo wokuthula, mthombo womusa, wena othembekile nonothando, mandla okuphila kwethu, . . . sihlakaniphi sendawo yonke, . . . wena ophakeme nongcwele.” Kuyokhuthazwa ukuba lamagama asetshenziswe esikhundleni sezabizwana zesilisa kanye namagama anjengathi Nkosi, noBaba, abhekisela kuNkulunkulu njengowesilisa.

Nokho, ukwenqaba ukusebenzisa kweBhayibheli amagama obulili besilisa kuNkulunkulu akunaso isandulela. Ngokushesha ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu, iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, yasebenzisa ngokuqondile igama lesiAramu elithi Aba, elisho “uBaba,” lapho ithandaza kuJehova uNkulunkulu. (Marku 14:36) Ngokufanayo, umphostoli uPawulu walisebenzisa leligama ukuze aveze ubuhlobo obuseduze phakathi kwamaKristu agcotshwe ngomoya noYise wawo wasezulwini, uJehova. (Roma 8:15; Galathiya 4:6) Khona-ke, uma, uJesu afundisa abafundi bakhe ukuba bathandaze bathi, “Baba Wethu osezulwini,” akumelwe yini wonke amaKristu namuhla enze okufanayo?—Mathewu 6:9.

Amasonto Asesikweletini

Ngemva komhlangano wesigungu sabefundisi weSonto iDutch Reformed enyakatho Transvaal, eNingizimu Afrika, kwabikwa ukuthi amabandla ayi-134 esonto ayesesikweletini se-R13 890 000. Ekhulumela lenkinga, umhleli wephephandaba lesiBhunu iBeeld wabuza: “Nokho, ingabe ngezinye izikhathi iphutha alikho kumfundisi nasemkhandlwini wesonto?” Iphephandaba liyachaza: “Ngokuvamile kuyenzeka ukuba njalo ngenyanga umdiyakoni ahambe emakhaya ukuba akoleke imali, kuyilapho umfundisi engalubhadi emakhaya abo futhi igosa liyisihambi nje endaweni yakhe. Ezimweni ezinjalo, ingabe amalungu esonto kumelwe asolwe ngokuba nomuzwa wokuthi isonto linesithakazelo kuphela emalini yawo, hhayi enhlala-kahleni yawo engokomoya?”

Ngokuphambene, inkonzo kaJesu nabafundi bakhe yagxila ekupheni ngokomoya. (Mathewu 10:8) Nakuba izilaleli ezinokwazisa ngokuvamile zazibasiza ngokubanika ngokuzithandela izidingo eziyisisekelo ezinjengokudla nezindawo zokulala, uJesu nabafundi bakhe abazange bafune izinzuzo zezinto ezibonakalayo. (Luka 10:5-9) Kunjengoba umphostoli uPawulu asho: “Angifisanga-siliva lamuntu, nagolide, nangubo.” Kunalokho, waxwayisa izikhonzi zikaNkulunkulu zeqiniso ukuba “ukwenza [kwazo] kungabi-ngokokufisa imali.” Ukuhambela kwakhe indlu ngendlu wayekwenza ukuze ‘afakazele ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.’ (IzEnzo 20:20, 21, 33; Heberu 13:5) Kwakungabaholi benkolo balolusuku abachazwa umlobi weBhayibheli uLuka ‘njengabathanda imali.’—Luka 16:9-15.

Ukuzijabulisa Okungalungile

Ukuze nje bazijabulise, abafundi baseLahnstein eJalimane baqala ukukhanga imimoya yokulumba ukuze ikhulume ngokusebenzisa ingilazi yokuphuza besuka kolunye uhlamvu beya kolunye, “bebhala” isigijimi. Waba yini umphumela?

“Abaneminyaka eyishumi nesihlanu, besaba ukuhamba bodwa baye endlini yokugezela, babekhuluma ngokungezwakali ngamademoni. Ebusuku, izingane zifuna ukulala nabazali bazo,” kubika iphephandaba laseJalimane iRhein-Zeitung. Kwavuka ukwesaba kwabaningi balabo “ababekhuluma nemimoya futhi kamuva ‘noLusifa’ emihlanganweni yangasese.” Omunye uthisha ekhulumela indlela yokusabela kwezingane “lapho ‘uLusifa’ kucatshangwa ukuthi wathintana nazo,” waphawula: “Ngisho nezingane ezaziphazamisekile ngokomzwelo ngokushesha zasanguluka. Zazikhungethwe ukwesaba.” Ngemva kwalesehlakalo, isikhungo sentsha sedolobha sayenqabela “imidlalo” enjalo, futhi abazali bacelwa ukuba bangazishiyi zodwa izingane ezesabayo.

Ngokwephephandaba, “igagasi lokulumba likapakela nakumabhayisikobho, kumaTV, nakumarekhodi.” Nokho, ukudlala ngokulumba ngenxa yokuzijabulisa akuzange kubanikeze injabulo ababeyilindele abafundi baseLahnstein eJalimane. Kungani? Kungenxa yokuthi iBhayibheli lisitshela ukuthi uDeveli unobuqili futhi “udukisa izwe lonke.” Lihlanganisa ukuphumelela kukaDeveli emhlabeni ‘nomaye.’ USathane ‘nawomoya bobubi’ bakhe (amademoni) kumelwe babhekwe ngokungathi sína njengengozi yangempela engokomoya, futhi bagwenywe.—IsAmbulo 12:9, 12; Efesu 6:11, 12; qhathanisa nezEnzo 19:19.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela