Kusho Ukuthini Ukwethembeka?
UKWETHEMBEKA kusho ukuba neqiniso nokukhululeka ekukhohliseni. Ukwethembeka kudinga ukuba usebenzelane nabanye ngokungakhethi—ube oqondileyo, ohlonishwayo, ongenankohliso. Umuntu othembekile ungumuntu wobuqotho. Ethembekile ngaso sonke isikhathi, ngeke neze aphambe umuntu akanye naye. Sonke singathanda ukuphathwa ngaleyondlela, akunjalo? Ngakho ingabe ukwethembeka kuyoke kuphelelwe yisikhathi?
UmKristu ngokushesha uyabona ezincazelweni ezingenhla ukuthi kungani noma ubani othi ungumkhulekeli weqiniso kumelwe abe umuntu othembekile. (Johane 4:24) Ukhulekela ‘uJehova uNkulunkulu othembekayo.’ (IHubo 31:5; Thithu 1:2) Ngokunengqondo, “amadoda aneqiniso” kuphela afanelekela ukummelela.—Eksodusi 18:21, New World Translation Reference Bible, umbhalo waphansi.
Ukwethembeka kuthinta izici eziningi zokuphila kwethu, ngakho kuyaqondakala ukuthi umphostoli uPawulu wathi: “Sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.” Lokho kuhlanganisa ukukhuluma, umsebenzi, izindaba zomkhaya, ukusebenzelana kwezamabhizinisi, kanye nokusabela kunoma yiziphi izindinganiso ezingokomthetho ohulumeni abasibekela zona.—Heberu 13:18.
Kulokho Esikushoyo
Kunezindlela eziningi—nakuba ngokuvamile zibhekwa njengezimsulwa futhi zamukeleka—abantu abangakhulumi ngazo iqiniso. Banikeza imibiko yamahora omsebenzi engamanga, benza abantwana bangakhulumi amaqiniso ezivakashini, banikeza ukulandisa okungaqondile kubameleli bomshuwalense, futhi baqamba amanga ngokuthi bayagula ukuze bangabikho emsebenzini, uma kushiwo okumbalwa.
Ngezinye izikhathi lokho okumelwe sikusho komunye kumelwe kubhalwe phansi. Ngesizathu esithile, abantu ababengeke neze baqambe amanga uma bekhuluma banomuzwa wokuthi kuyindaba ehlukile lapho bebika iholo ukuze bakhokhe izintela noma babhale isaziso esiningiliziwe sezintela zezimpahla esiya ezikhulwini zentela emngceleni wamazwe ngamazwe. Lokhu kukhohlisa kwenza bonke abakhokhi bentela ukuba balahlekelwe. Ingabe lolo uthando lwangempela ngomakhelwane? Ngaphandle kwalokho, amaKristu awanaso yini isibopho ‘sokunika uKesari okukaKesari?—Luka 20:25; 10:27; bheka futhi amaRoma 13:1, 2, 7, 8.
Kulokho esikukhulumayo, ngokuqinisekile sifuna ukulingisa ‘uNkulunkulu othembekayo,’ hhayi ‘uyise wamanga.’ (IHubo 31:5; Johane 8:44) Abantu abangenamthetho bangase baphendukele ekukhulumeni okumbaxambili ukuze bahlanekezele izinto futhi bakhohlise. Kodwa ukukhohlisa umakhelwane wethu akukhona ukumthanda. Ngaphandle kwalokho, abaqambimanga abanalo ikusasa langempela.—Efesu 4:25; IsAmbulo 21:27; 22:15.
Emsebenzini
Ukwenza umsebenzi wosuku ngokwethembeka ngenxa yomholo owutholayo kuyimfuneko enengqondo nengokombhalo. (Kolose 3:22-24) Nokho, kunezinkulungwane eziningi zamasela esikhathi ezichitha isikhathi senkampani ngamakhefu amade, ezifika emsebenzini sekwephuzile futhi zihambe ngaphambi kwesikhathi, zisebenzisa isikhathi esiningi zizilungisa ngemva kokufika emsebenzini, zisebenzisa ucingo lwenkampani zishayela ezindaweni zazo ngokungemthetho isikhathi eside, zisebenza amabhizinisi azo ngesikhathi senkampani, futhi zithathe ngisho nesithongwana. Ukweba kwazo kwandisa izindleko kuwo wonke umuntu.
Ezinye izinhlobo zokweba emsebenzini zihlanganisa nokuthatha izimpahla namathuluzi ukuze umuntu akusebenzisele injongo yakhe. Abanye bathi lokhu akulutho ngaphandle kokugcwalisa amaholo anganele, njengokungathi balinganisa izinto nomqashi oncishanayo! Kodwa uma ukuthatha izinto kungaphandle kokwazi noma imvume yomnikazi noma umqashi, ngempela kuwuhlobo lokweba.
Kuzo zonke lezizimo, umKristu weqiniso uyosebenzisa iseluleko esiphefumlelwe: “Owebayo angabe eseba, kepha kunalokho . . . asebenze . . . ngezandla zakhe, ukuze abe-nokokwabela osweleyo.”—Efesu 4:28; IzEnzo 20:35.
Nokho, kuthiwani uma umqashi wakho ekucela ukuba wenze isenzo sokungathembeki noma esingemthetho futhi asongele ukukuxosha uma ungavumi? Ezinye izibonelo: Ukukhokhisa umthengi ngokubuyiselwa kwezinsimbi zemoto ezingazange neze zifakwe emotweni; ukufaka izimpahla ezishibhile zohlobo oluphansi, ezibiza kancane emabhokisini ukuze abathengi babizwe imali enkulu; ukubhala amanani amasha “ehlisiwe” ezimpahleni ,kuyilapho amanani okuqala ayefana noma engaphansi. Abaqashwa abaningi bayokubheka lokhu njengecala lomqashi, hhayi lesisebenzi. Yini oFakazi BakaJehova abaye bayenza lapho bebhekene nalesisimo? UDaryl J uyalandisa:
“Ngesikhathi ngisebenza njengemeneja yomkhiqizo esitolo sokudla, abaqondisi beza kimi futhi ngacelwa ukuba ngandise inzalo ngaphandle kokukhuphula noma yimaphi amanani. Ukusikisela kokuba kufezwe lokhu kwaba: Ukwenza sengathi isisindo seminye imikhiqizo sikhulu, kanye nokuthumela amaphepha-mbumbulu emali ayikweletayo umthumeli-mpahla. Imikhuba ejwayelekile kodwa yokungathembeki?”
UDaryl wenqaba ukuhlanekezela iqiniso nokuphamba. (IzAga 20:23) Emasontweni ambalwa kamuva waxoshwa. Ingabe wayeyisiwula ngokubeka umkhaya wakhe emiphumeleni yokungasebenzi kwakhe? Ingabe wadabuka ngokuthi uye wethembeka? Cha, ngoba lapho uFakazi akanye naye ezwa lokho okwakwenzekile, wamnika umsebenzi. UDaryl uthi: “Emasontweni amathathu kuya kwamane, ngase ngibuyele emsebenzini ngizondla futhi mina nomkhaya wami ngezindlela zokwethembeka. Ngicabanga ukuthi kuyilungelo ukubusiswa uJehova ngokugcina ubuqotho bami kuye.”
Ngakolunye uhlangothi, ungase uthole umsebenzi ngoba uthembekile. Ummeleli wenkampani edumile yomshuwalense yomhlaba wonke weluleka umnikazi wesitolo esiphumelelayo esisedolobheni laseToronto, eCanada, ukuba aqede izinkinga zakhe ngokweba kwezisebenzi ngokuqasha oFakazi BakaJehova. Ummeleli wachaza: ‘Lapho ngikwelinye idolobha ngithola ukuqeqeshwa kwami kwezomshuwalense, ngathola ukuthi phakathi kwamakhasimende abo kwakunezitolo eziwuchungechunge ezinkulu ezaziqashe oFakazi kuphela ukuba bahlele amashalofu ezimpahla ebusuku. Babeye baba nokuhlangenwe nakho okuthile okubi ngezinye izisebenzi kodwa abazange balahlekelwe lutho ngoba babenikeze oFakazi izikhiye ukuba babuye sekuvaliwe ukuze bahlele izimpahla.’
Ezinye Izindlela Zokwethembeka
Ngesikhathi sokutsheleka imali, otshelekayo ngokuvamile ubonisa ukuzithoba nenhlonipho, futhi usho amazwi aqinisekisayo ngenkokhelo kanye nokubonga ngosizo. Kodwa lapho isikhathi sokukhokha isikweletu sifika, ushintsho olumangalisayo lokuba nesimo sengqondo esikabili lufikela abanye abatshelekayo. Kungokuvamile-ke ukuphawula intukuthelo, ubutha, ukukhononda ngokubeleselwa ngenkokhelo, kanye nokuthi otshelekisayo untula umusa. Emehlweni otshelekayo, otshelekisayo onomusa useshintshe waba umuntu omubi kabi! Nokho, iBhayibheli lithi ‘otshelekayo angabuyiseli mubi.’ (AmaHubo 37:21; Roma 13:8) Lokhu kungaba njalo lapho ikakhulukazi otshelekayo engenzi mzamo wokukhokha ngisho amanani alingene ukubonisa ukwethembeka, mhlawumbe angenzi mzamo ngisho nowokuthintana nomtshelekile.
Ekuphileni komkhaya, ukwethembeka kudingeka ezintweni eziningi. Inhloko yekhaya kufanele ibe neqiniso kumkayo ngeholo layo nangezindaba ezingokwezimali; umfazi kumelwe athembeke kuye ngendlela asebenzisa ngayo izimali zomkhaya; bobabili badinga ukuba abantu bobuqotho, kuhlanganise nokulinganisela izithakazelo zabo zobulili komunye nomunye; abantwana benza kahle ukuba neqiniso futhi balalele ngokuqondene nabangane babo kanye nezindlela zokuzijabulisa, bavumelane nezifiso ezishiwo zabazali babo.—Efesu 5:33; 6:1-3.
Kukho konke lokho osekushiwo, kufanele kube sobala ukuthi umKristu weqiniso kumelwe ‘adede kukho ukungalungi’—imisebenzi emibi nezithelo ezimbi ezihambisana nokungethembeki, ukuqamba amanga, ukukhohlisa, ukuphamba, kanye nokonakala kokuziphatha.—2 Thimothewu 2:19; Roma 2:21-24.
Imivuzo Nezinzuzo
Ubuqotho nokuba neqiniso, ukusebenzelana nabanye ngeqiniso, kuthuthukisa ukwethembeka. Kanjalo umoya wokwethemba nokuqiniseka uyakhula, kuholele ezimweni ezinhle zengqondo nasebuhlotsheni. Ukwethembeka futhi kuletha umoya wokuphila ngokuqiniseka, ongenakho ukuzivikela okudla isikhathi namandla okubangwa izinsolo, ukungabaza nokuba novalo ngabanye.—Qhathanisa noIsaya 35:8-10.
Ukwethembeka kwenezela ekubeni kwethu nonembeza ohlanzekile, odingekile uma ‘sizokhonza uNkulunkulu ophilayo’ ngokwamukelekayo. (Heberu 9:14; 1 Thimothewu 1:19) Kunikeza ukuthula kwengqondo, kuholele ekulaleni okuhle ebusuku. Ungabhekana nabanye ngaphandle kokukhungatheka. Ukwethembeka kususa ukwesaba okungapheli kokubanjwa wenza okungalungile. Ngalendlela silondoloza isithunzi sobuntu nokuzihlonipha. Lokhu bekungaba kanjani okuphelelwe isikhathi noma okungasebenzi?
Ngakho, kunemivuzo nezinzuzo eziningi zamanje eziyogelezela kithi nakwabanye uma sethembekile. Nokho, ngaphezu kwanoma yini enye, kumelwe sifune ukwethembeka hhayi nje ngenxa yokuthi kuyindlela engcono kakhulu noma ngenxa yokuthi siyalwa ukuba sithembeke kodwa ngenxa yokuthi sithanda uBaba wethu uJehova. Sifuna ukulondoloza ubuhlobo bethu obuyigugu naye futhi sibe nokuvunyelwa nguye. Sifuna futhi ukwethembeka ngoba ngalokho sibonisa uthando ngomakhelwane. Ngakho, uma kubekwa kalula nje, ukuba umKristu weqiniso kusho ukwethembeka.—Mathewu 22:36-39.
Umhubi uthi: “Jehova, ngubani oyakuhlala [“oyoba yisimenywa,” NW] etendeni lakho na? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na? Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe . . . ongamoni umngane wakhe.” (AmaHubo 15:1-3) Uma siphila ukuphila kokwethembeka njengabakhulekeli bakaJehova, khona-ke lapho ngokulunga eqeda lesimiso esingalungile samanje nalapho “itabernakele likaNkulunkulu likubantu,” siyoba phakathi kwalabo abajabulela izibusiso zaphakade ‘njengezimenywa’ zakhe. Khona-ke thina ngeke neze siphelelwe yisikhathi!—IsAmbulo 21:1-5.
[Ibhokisi ekhasini 5]
Ingabe Ungabhekana Nenselele Ekwethembekeni Kwakho?
Izwe esiphila kulo libekela izinkolelo zethu nokuzimisela kwethu ukwenza okulungileyo inselele. Lakhelwe ukuba ligcizelele ukuba sizibeke thina kuqala, ngisho nalapho abanye belahlekelwa.
Ingabe kungumbono wakho wobuqotho onawo ukuthi ukwethembeka kusalokhu kuyindlela engcono kakhulu? Ingabe izinkolelo zakho ziqine ngokwanele ukuze zikugcine uthembekile lapho ukucindezela kukubeka ovivinyweni? Ngokwesibonelo, yini obungayenza uma:
◻ Ngemva kokuba ungasebenzi izinyanga eziningi, uthola isamba esikhulu semali esingakhokha izikweletu zakho kuze kusale nemali ongayilondoloza?
◻ Ukukhohlisa ekuvivinyweni okubalulekile esikoleni sakini kwakungukuphela kwendlela owawungathola ngayo amamaki ayenganquma ikusasa lakho elingokwezomnotho?
◻ Ukuthola ukuqashelwa njengososayensi bekuyodinga ukuba “ulungise” ukwaziswa kokucwaninga kwakho ukuze umbiko wakho ushicilelwe?
◻ Ngesikhathi sakho samaholide uya kwelinye izwe, uthenga impahla ebizayo ngenani elihle kakhulu kodwa ukuyiveza emngceleni kungasho ukukhokha intela ephakeme?
[Ibhokisi ekhasini 6]
Izenzo Zokwethembeka Aziphelelwe Yisikhathi
Ingabe abantu basamkhathalela umuntu abakanye naye? Yebo, ngisho nakuba amaphephandaba ebika izenzo zokwethembeka njengokungathi zazingezivelele futhi zifanele ukubikwa.
Amaphoyisa eFort Wayne, eIndiana, eU.S.A., azama ukuyenga amasela ngokubeka iTV ebizayo emotweni engakhiyiwe. Alinda amasonto ambalwa ukuze abone ukuthi kwakuzokwenzekani. “Esakuthola kwakuwukuthi abantu babeya ngasemotweni, babuke phakathi futhi babone iTV, bavule umnyango, bacindezele phansi inkinobho yokukhiya, bavale umnyango futhi badlule.” Babebonisa ukwethembeka ngokwenza kanjalo.
Izihloko eziqhamile emaphephandabeni aseCanada zikhuluma ngokubuya kwemali elahlekile ngenxa yomphumela owusizo wemfundiso yeBhayibheli:
“AmaSamariya alungileyo alondoloza iholide.”—The Windsor Star
“UPat othembekile ubuyisa ama-$421 [R628].”—The Spectator
“Ukubuya kwemali elahlekile engama-$983 [R1 467] kuvuselela ukholo lomhwebi.”—The Toronto Star
Kulezizimo, labo ababuyisa imali elahlekile kwakungoFakazi BakaJehova. Ekuqaleni, oFakazi ababili abancane ababehlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu bathola futhi babuyisela isikhwama semali kowesifazane. Wathi: “Ngicabanga ukuthi labobafana babengoyedwa kwabayisigidi. . . . Uyazi, lokho ngempela kuvuselela ukholo lwakho ebuntwini.” Njengoba ayevela ngaphandle kwedolobha, kwakuyoba lula ngabasha ukuba bayigcine imali, kodwa bathi: “Kwakungelutho. Sasimane-nje senza okuthile okuhle komunye umuntu.”
Umbiko wesibili nawo wawuphathelene nomhambi wamazwe. “Kodwa isilingo asishiyanga kungabaza engqondweni [yowathola imali]” Kubika iphepha. Owathola imali wachaza ukuthi wayengomunye woFakazi BakaJehova, “futhi sikholelwa ngokuqinile ekwethembekeni.”
Endabeni yesithathu, umuntu owalahla imali “wavuma ukuthi wayesecishe walahla ukholo lwakhe esintwini.” Indoda kaFakazi owathola isikhwama sephepha esinsundu semali yatshela intatheli ukuthi ukuqondiswa yiBhayibheli kwakuyisihluthulelo: “Lokho kwenza kwaba lula ngomkami” ukuba asibuyise.
Kwenye indaba, oFakazi ababili ababesebenza endlini ngendlu bathola imvilophi yomholo eyayilahlekile. Lapho beyihambisa esiteshini samaphoyisa sendawo, usayitsheni owayesebenza wathi akuzange kube nambiko wemali elahlekile. UFakazi wasikisela ukuba kumenyezelwe imali etholakele esiteshini somsakazo sendawo. Iphoyisa labukeka limangele. Lathi: “Wenza umzamo omkhulu wokubuyisela lemali. Konje ungowayiphi inkolo?” Lapho uFakazi ephendula, usayitsheni wathi: “Ngicabange kanjalo, ngoba yinina kuphela enithembeke ngokwanele ukuba nenze imizamo enjengalena.”
Njengoba ayesemsebenzini wendlu ngendlu, omunye woFakazi BakaJehova uW. K , wahlangabezana nesicelo esingavamile neze. Indoda yomuzi nomkayo babegula kakhulu kodwa kwakumelwe benze okuthile ebhange ngalolosuku. Babuza ukuthi uFakazi wayengakwenza yini. Lapho evuma, wanikezwa ama-$2 000 (R4 000) ukuba awayise ebhange. Ekubuyeni kwakhe ebhange, wayengenakukuvimbela ukubuza: “Beningangethemba kanjani ningangazi nokungazi?” Impendulo: “Siyazi, futhi wonke umuntu uyazi ukuthi oFakazi BakaJehova bawukuphela kwabantu bokwethenjwa.”
Nakuba ngokunokwenzeka bekhona abantu abathembekile abangatholakala kuwo wonke amazwe, ngaphezu koFakazi BakaJehova, kubonakala sengathi bayivela-kancane impela ukuba bathole ukuqashelwa okukhethekile. Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi imfundiso yeBhayibheli ngokwethembeka ikhiqiza imiphumela emihle newusizo!