Ingabe Ukwethembeka Kuphelelwe Yisikhathi?
UKULONDOLOZA ukwethembeka njengendlela yokuphila—ingabe lokho kuphelelwe yisikhathi ezweni lesimanje, kushiyiwe njengokungasasebenzi noma okungasenakubaluleka koqobo? Kungabonakala kunjalo. Ake ucabangele izibonelo ezimbalwa zendlela ukungathembeki okusakazeke ngayo, izindlela okwenzeka ngazo, amazinga osekwande ngawo, nendlela ukucindezela kwakho okuye kwabiza imali eningi ngayo.
Eminyakeni yamuva, izindleko zokukhwabanisa intela eNtshonalanga-Jalimane ziye zalinganiselwa ku-R20 000 000 000 ngonyaka, futhi eSweden izindleko zaminyaka yonke zibalelwa ku-R1 440 umuntu ngamunye. Ngakho uma uhlala kwelinye lalamazwe, ukungathembeki kuthinta lokho okukhokhayo njengentela. Ukukhohlisa ekukhokheni intela kuvame kakhulu eUnited States kangangokuba minyaka yonke uhulumeni ulahlekelwa yimali yentela elinganiselwa ku-R200 000 000 000. Cabanga nje ukuthi yonke lemali ibingaba usizo kanjani ekukhokheleni isimo sikahulumeni esintengantengayo sezikweletu! Ngaphezu kwalokho, amabhizinisi omgunyathi aphamba uhulumeni waseU.S. imali engamaRandi angama-20 000 000 000. Ukweba ezitolo nokweba izinto ezincane kancane kancane eUnited States kubiza izitolo imali engamaRandi ayizi-8 000 000 000 ngonyaka, kunyusa amanani ezimpahla. Ukushaywa kocingo ngokungathembeki kusetshenziswa inombolo yomunye umuntu kubiza abantu baseMelika imali eyizi-R2 000 000 unyaka ngamunye.
ECanada “abaphangi besikhathi,” labo abamosha isikhathi emsebenzini balahlekisela abaqashi babo imali engu-R22 000 000 000 ngonyaka, “okuyimali ephindwe kathathu kunengqikithi elahleka ngenxa yezisebenzi ezintshontshayo, ukukhwabanisa, imigunyathi yemshuwalense, ukucekelwa phansi kwempahla, izenzo zobudlova, ukushiswa kwempahla, kanye nobunye ubugebengu obenzekayo ebhizinisini.” Ngokokuhlola okwenziwa ngo-1986, ukucindezela kokwebiwa kwesikhathi eUnited States kuyizindleko ezingu-R340 000 000 000 unyaka ngamunye.
Osozigidigidi bezimboni abaphumelelayo ngobugovu bakhwabanisela ohulumeni babo. Kanjani? Ngokubathengisela amathuluzi kanye nezingxenye ezithile ngamanani aphakeme kakhulu: ama-allen wrench abiza amasenti angama-24 ngo-R19 212 ama-transistor abiza R1,31 ngo-R1 628; amaplastic caps emilenze yezitulo abiza amasenti angama-34 ngo-R2 236. “Ukhuluma ngezinkulungwane zezigidi zamaRandi” ezilahlekela uhulumeni, kwasho isikhulu saseU.S.
Ngaphezu kwalokhu okungenhla, izibonelo ezimbi zabantu abavelele zilulaza ukwethembeka. Njengoba kungenzeka uye waqaphela, abaholi kwezinye izindawo baqamba amanga, bahlanekezela izinto, bayafihla, futhi bagwema imithwalo yabo yemfanelo—yebo, baze babulale abancintisana nabo kwezombangazwe bese benza kubonakale sengathi omunye onecala.
Ngakho ingabe ukuba othembekile kuphelelwe yisikhathi? Ingabe akuseyona indlela engcono kakhulu? Ingabe kungcono kakhulu kuphela ngenxa yokuthi iZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuthi kumelwe sithembeke? Isihloko esilandelayo sibalulekile kuwe uma ufuna izimpendulo kulemibuzo.