UJehova Wakha Indlu
NGOMGQIBELO, ngoMarch 21, 1987, kwakuwusuku izisebenzi zegatsha laseNingizimu Afrika yeWatch Tower Society ezingasoze zalukhohlwa. Kwakuyisenzakalo esingokomlando. Kwakunikezelwa isakhiwo esisha esiseRoodekrans—isiphetho seminyaka eyisithupha yokusebenza kanzima. Kodwa udumo luya kuJehova. Njengoba uSolomoni akubeka: “Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo.”—IHubo 127:1.
Ake silandelele kafushane ukwanda koFakazi BakaJehova eNingizimu Afrika. Ngo-1902 abantu bokuqala ababili bendawo baqala ukutadisha izincwadi zeNhlangano futhi beshumayela kwabanye. Ngo-1910 uWill Johnston wathola isiqondiso kuMzalwan’ uRussell sokuba avule ihhovisi legatsha eliqondiswa umuntu oyedwa eThekwini. Ngonyaka olandelayo elinye lamabandla okuqala abaNsundu lahlelwa eNdwedwe eduze kwaseThekwini. Phakathi nonyaka obucayi ka-1914, kwaba nomhlangano wokuqala eThekwini futhi wawunabantu abangama-50. Ngo-1923 igatsha lathuthelwa eCape Town, futhi ngonyaka olandelayo kwasetshenziswa umshini omncane wokunyathelisa. Ngo-1933 igatsha lathuthela endaweni enkudlwana, kodwa lalingekho iKhaya laseBethel.
Okunye futhi ukuthutha okubalulekile kwenzeka ngo-1952, kuyiwa e-Elandsfontein—amakhilomitha ayi-1 500 enyakatho yeCape Town futhi cishe amakhilomitha angama-20 empumalanga yeGoli. Sasingesokuqala sezakhiwo eNingizimu Afrika esasiklanywe yiNhlangano ngokoqobo, ngakho sahlanganisa indawo enkulu yokunyathelisa kanye neKhaya laseBethel, noma isakhiwo sokuhlala. Ngalesosikhathi, umsebenzi woMbuso wawuvuleka emazweni amaningi anakekelwa igatsha laseNingizimu Afrika. Ngakho kwadingeka ukuba igatsha landiswe ngo-1959, nango-1971, futhi nango-1978. Ngalesosikhathi yayingasekho indawo yokwandisa futhi kulesosakhiwo.
Abamemezeli bokuqala ababili eNingizimu Afrika base bande cishe baba yizi-28 000. Kwase kuyisikhathi sokufuna indawo entsha, okwahilela ukufuna isikhathi eside. Ekugcineni kwatholakala ipulazi elihle lamahektare angama-87 eRoodekrans, elingamakhilomitha angama-60 ukusuka e-Elandsfontein. Ukuqondisa nosizo lukaJehova kwakusobala kakhulu ekutholeni nasekuthengeni lendawo enhle.
Ukunqoba Izinkinga
Nokho, kwakumelwe kunqotshwe izinkinga ezingathi sína. Izindleko zokuqala zabonakala zinkulu, futhi kwakudingeka izimvume zesikhashana ukuze kwakhiwe ifektri, amahhovisi, nendawo yokuhlala endaweni kamasipala. Ubunzima obenezelwe kwakuyisifiso sokuba oFakazi abansundu ababengabahumushi bahlale lapho. Yabonakala iyisimangaliso indlela leziphazamiso ezanqotshwa ngayo, kunika ubufakazi bokuthi uJehova wayeyakha indlu. Enye inkinga kwakuwukuntuleka okungathi sína kwezingcweti zomsebenzi. Kodwa izisebenzi zokuzithandela zashesha ukufunda imisebenzi ehlukahlukene. Lokhu kwahlanganisa odade. Omunye umbonisi womsebenzi waphawula: “Amantombazane asemasha angafanelwe umsebenzi wokwakha aba izingcweti ezisebenza ngamatiles. Angikaze ngikubone okungcono kunalokhu.”
Ekuqaleni umsebenzi wokwakha wahamba kancane. Ngakho izisebenzi zokuzithandela zathutheleka eRoodekrans—abaNsundu, abamhlophe, abebala, namaNdiya. Abazalwane babesuka ngisho nakwamanye amazwe, njengaseNew Zealand naseUnited States. Lokhu kwakungavamile eNingizimu Afrika. Esinye isisebenzi sokuzithandela sathi: “Kuhle ukubona abazalwane nodade besebenza ndawonye, izizwe nezinhlanga ezihlukene ezivela ezizindeni ezihlukene.” Abaningi bashiya imisebenzi emihle noma bathatha amaholide amade ukuze basize ekwakheni eRoodekrans. Babehlanganisa omakhenikha abanolwazi, umklami wezakhiwo, unjiniyela, abadwebi bamapulani abaqeqeshiwe, nababonisi bokwakha. Imishini eminingi ebizayo yanikelwa noma yabolekwa.
Kuthiwani ngezindleko ezinkulu ezazihilelekile? INdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yenza ilungiselelo lokubolekisa ngemali enkulu kakhulu, futhi oFakazi bendawo bazo zonke izinhlanga nobudala banikela kakhulu. Intombazane eneminyaka eyisithupha yabhala: “Bengonga lemali ukuze ngithenge unodoli, kodwa ngiyithumela kini. Ngethemba ukuthi ningaqeda ukwakha iRoodekrans ngalemali. Uma sengikhulile, nami futhi ngifuna ukuza eRoodekrans ngisebenze khona.” Umfana womNdiya oneminyaka eyisihlanu wanikela ngemali yakhe yokuzigada akade eyonga ezinyangeni eziyisithupha ezidlule!
Ngezimpela-sonto amakhulu oFakazi abengeziwe ayefika ezohlanganyela kulesisakhiwo esibalulekile. Ezinye izisebenzi zokuzithandela zazifika nsuku zonke, ngokuvamile zenza ukuzinikela kwangempela futhi zenza umzamo omkhulu wokwenza kanjalo. Izivakashi ezingebona oFakazi zazinikina amakhanda ngokungakholelwa lapho zibona ukusekela okukhulu kwentshiseko. Abantu abaningi abahlala endaweni bahlabeka umxhwele ngokujulile. Abezimboni zendawo bafika ngebhizinisi eRoodekrans, futhi abameleli bazo ngazo zonke izikhathi babephawula okuthile ngomoya wokuthula nobunye.
Isakhiwo Esikhulu Endaweni Enhle
Izintaba ezinamatshe ohlangothini olungaseningizimu yendawo yesakhiwo zifulathela isigodi esihle nomhosha. Nakuba isakhiwo siseduze kwamaphethelo edolobha elikhangayo, kusekhona izilwane zasendle, njengezimpangele nonogwaja. Izinkozi ezimnyama nojakalase ngokuvamile nabo bayafika. Isakhiwo sokuhlala, sigudle ummango omfushane wezintaba ezingamamitha angama-360, sakhiwe ngezitini ezibomvu. Sinezitezi ezintathu, othi uma ukuzo ukwazi ukubona kahle indawo. Phakathi kwaso kunendawo yomsebenzi enendlu yokudlela, ikhishi, ilondolo, nesibhedlela esincane. Eduze naso kunesakhiwo samahhovisi nendlu ebanzi yokunyathelisa ecishe ilingane nomkhumbi kaNowa. Ihlala umshini omkhulu iTKS onyathelisa ngemibala emine.
Ngasentshonalanga yesakhiwo sokuhlala kunendawo yokutshala nenqolobane enkulu, eyayisetshenziswa njengendlu yokudlela nekhishi ngesikhathi kusakhiwa. Amasimu otshani nealfalfa anikeza umhlambi wezinkomo zobisi ukudla. Kunamakhulu ezihlahla ezimfushane zeprotea ezintabeni ezingemva kwesakhiwo sokuhlala. Ekwenezeleni ezihlahleni ezinde ze-eucalyptus, kuye kwatshalwa izihlahla eziningi ezintsha, izindima zezimbali ezinemibala, nesinandi esibanzi.
Isimiso Sokunikezelwa
NgoMgqibelo ntambama, ngoMarch 21, 1987 isixuku esicishe sibe yizi-4 000 sahlanganela ukunikezelwa endaweni evulekile eduze kwesakhiwo sokuhlala. Iplatform yesikhashana ebheke ezintabeni, yenza kwabonakala njengenkundla yemidlalo yeshashalazi. Usihlalo, uMzalwan’ uR. F. Stow, wafunda imibiko esekelayo evela emazweni ayi-17. Owawuthinta inhliziyo kakhulu kulena wawuvela kuMaud Johnston, unkosikazi wombonisi wegatsha wokuqala eThekwini. Eminyakeni engama-92 yobudala, usakhonza eBethel yaseAustralia.
UP. J. Wentzel, umbonisi woMnyango Wenkonzo, wayeyisikhulumi sokuqala, futhi wanikeza inkulumo efingqiwe yomlando womsebenzi woMbuso eNingizimu Afrika. Waqhathanisa inani labangama-50 lababekhona emhlanganweni wokuqala ngo-1914 nelababekhona emihlanganweni ka-1986 abayizi-99 000. Owalandela, uJ. R. Kikot, umbonisi wefektri, wachaza ukunyatheliswa kwezincwadi ngezilimi eziningi nomsebenzi wabahumushi abangaphezu kwama-50. Waphawula futhi ukuthi ngo-1979 umshini omkhulu wokunyathelisa iTKS, isipho esivela egatsheni laseJapane, wafakwa, kodwa wanyathelisa ngemibala emibili kuphela. Kamuva, ezinye izingxenye ezimbili, nazo eziyisipho esivela eJapane, zanezela kulomshini wokunyathelisa. Ngokomphumela, INqabayokulinda ka-April 1, 1987, yanyatheliswa ngemibala ephelele, okwabajabulisa bonke.
UC. F. Muller, umxhumanisi weKomiti Yegatsha, wachaza indlela uJehova asize ngayo ekulungiseleleni indawo, izimali, ukuhlela, nezisebenzi eziqeqeshiwe. Umoya kaNkulunkulu wabuye wanikeza ukuzwana okuhle phakathi kwezinhlanga ezihlukahlukene. Nakuba ngesinye isikhathi kwabonakala kungenakwenzeka ukwakha ifektri endaweni enkulu yokuhlala nangabaNsundu ukuba bahlale lapho, uJehova wavula indlela, ngakho wayenguMakhi Ohlakaniphile ngempela!
Isikhulumi esalandela kwabanguCarey Barber, ilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Inkulumo yakhe enhle yayisekelwe kuIsaya 65:17-19, ekhuluma ngendlela abantu bakaJehova ‘abayojabula . . . bethabe ngayo kuze kube-phakade.’ Isikhulumi sachaza ukuthi ukuthi “jabulani” kusho “ukubonakalisa intokozo” nokuthi kuwuhlobo olukhulu lwenjabulo. Ngempela kwakuwusuku olujabulisa kakhulu kulabo ababekhona. Inkulumo yokunikezelwa yanikezwa uMilton Henschel, naye ongoweNdikimba Ebusayo. Wanikela umthandazo okhethekile kuJehova, ebonga ngokulungiselela isakhiwo, manje esasesinikezelwa kuYe.
Ngosuku olulandelayo oFakazi abayizi-28 250 nabantu abathakazelayo bahlangana eRand Stadium, eGoli, lapho bezwa khona isimiso esifingqiwe saseRoodekrans. Enkulumweni eyahunyushwa ngesiZulu, uHenschel wabonisa indlela oFakazi BakaJehova, beholwa uJehova noJesu, abanqoba ngayo yonke indawo futhi besakaza ‘iphunga elimnandi likaKristu’ nolunye ulwazi lweBhayibheli. (2 Korinte 2:14-17) Waphetha ngokuhlangenwe nakho okuningi okukhuthazayo okwajabulisa zonke izilaleli.
Phakathi nezinsuku ezimbalwa ezalandela, imihlangano efanayo yaqhutshwa eThekwini naseCape Town. Lezi kwakuyizenzakalo abangasoze bazikhohlwa oFakazi BakaJehova eNingizimu Afrika. Umkhaya waseBethel eRoodekrans uyohlala ukukhumbula ukunikezelwa kwekhaya lawo elisha. Ngenani elikhulayo loFakazi abangaphezu kwezi-40 000 esikhundleni sabayizi-28 000 lapho umsebenzi uqala eRoodekrans, ‘indlu uJehova ayakhile’ igcwalisa isidingo esiphuthumayo nesibalulekile.