Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
NGENXA yokungatholi ukwaneliseka okwanele njengomshumayeli ongaqeqeshiwe eSontweni laseHabe, indoda yaqala ukufuna isonto langempela likaNkulunkulu. Yakhetha izimfuneko eziyishumi eyayinomuzwa wokuthi isonto leqiniso kumelwe libe nazo. Yayisinakho kakade ukuqonda okufanele ngokungabikho emibhalweni kwesihogo somlilo, ukungafi komphefumulo, njalonjalo. Yenza lokhu kucwaninga iminyaka engama-30. Lapho ibonana nomunye woFakazi BakaJehova, yaqala ukujikijela imibuzo yayo, enjengokuthi: “Ubani umhlambi omncane? Obani abayizi-144 000 nezinye izimvu?” Ngenxa yokuthola izimpendulo ezanelisayo, yasivuma isifundo seBhayibheli. Ngemva kwezinyanga ezintathu yathi kuFakazi: “Nokho, Mfowethu, isonto leqiniso likaNkulunkulu oFakazi BakaJehova.” Manje isineminyaka engama-71 ubudala futhi iyajabula ngokuthi ithole isonto langempela emva kokufuna iminyaka engama-30!