Ukunganaki Izixwayiso Nokuvivinya UNkulunkulu
“Abafunanga ukubaleka ngisho amanzi esesemaqakaleni abo.”—El País, Colombia.
LESOSIHLOKO esikhulu sephephandaba lansuku zonke laseColombia saqokomisa esinye sezizathu ezabangela ukufa okubi kakhulu kwabantu enhlekeleleni yesikhukhula seqhwa sangoNovember 1985 eArmero. UDora Elisa Rada Esguerra, osebenza ngezingcingo eArmero, exwayiswe ukudilika komlotha nokugcwala komfula, wanquma ukubaleka. Khona-ke waxwayisa ayesebenza nabo esiteshini sezingcingo ngenhlekelele eyayiza. Kamuva wachaza: “Bawabona amanzi, . . . ayegeleza ngamandla, ngamandla amakhulu, kodwa ngisho nalapho abazange banyakaze.” UDora wabaleka edolobheni elenziwe incithakalo.
Abanye abasebenza ngezingcingo bafa kanye nezinye izisulu eziyizi-21 000 esikhukhuleni sodaka lwentaba-mlilo, iqhwa, nezimbokodwe zamatshe okwakuhlokoma kwehla kuvela entaba-mlilo iNevado del Ruiz. Phakathi kwalabo abakhukhulwa kwakuwumphathi wedolobha namaphoyisa amaningi ombutho wamaphoyisa endawo, okubonisa ukuthi akekho owathatha usongo ngokungathi sína—kwaze kwaba yilapho sekwephuze kakhulu.
Kungani Bengabalekanga?
Kwakukhona izimpawu nezixwayiso zenhlekelele eyayisondela ngokushesha. Kungani abantu abaningi kangaka eArmero bengazinakanga? Okokuqala, izixwayiso zikahulumeni zephuza ukufika, lapho inhlekelele yayisigadla kakade edolobheni. Ngaphambi kwalokhu, abantu babetshelwe ukuba behlise umoya, ukuthi kwakungenzeka kube khona izikhukhula kodwa kwakungeke kube kubi kakhulu. Kunalokho, idolobha lacishwa ebalazweni udonga olukhulu lokufa olwehla ngomfula iLagunilla.
Ngokunokwenzeka, abanye abafunanga ukushiya amakhaya abo nezimpahla zabo, ngokwazi ukuthi ngokushesha abaphangi babezongena ngokunyenya futhi bebe. Lokhu kwabonakala kuwusongo lwangempela. Abaphangi abambalwa badutshulwa ngamasosha. Abanye abasinda enhlekeleleni babuyela emakhaya abo ashaywe yizikhukhula bathola ukuthi izihluthulelo zazidutshulwe zasuswa eminyango futhi izinto ezibalulekile zazebiwe. Kodwa iningi labantu basedolobheni aliphilanga isikhathi eside ngokwanele ukuba libuyele emakhaya alo. Futhi ezimweni eziningi, kwakungekho makhaya okubuyela kuwo.
Mhlawumbe abanye baba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu noma iNcasakazi uMariya wayezobalamulela. Nokho, ingabe kunengqondo namuhla ukulindela uNkulunkulu ukuba alamulele abantu abathile lapho kwenzeka izinhlekelele ezingokwemvelo? Kungani abanye kumelwe basindiswe ngokulanyulelwa kwaphezulu futhi abanye, abasezimweni ezifanayo, bayekwe babhubhe?
Ingabe sikhona isisekelo esiqinile ngomuntu sokukholelwa ukuthi angaphila ukuphila komlingo enesivikelo esikhethekile esivela kuNkulunkulu? Ngokwesibonelo, ingabe umshayeli wemoto angathembela ‘engelosini yakhe engumqaphi’ noma ‘kumuntu ongcwele’ oyisilomo? AmaKatolika amaningi kakhulu aqotho anezimendlela zikaChristopher ‘oNgcwele’ aye afa ezingozini zezimoto ukubonisa ubuqiniso balokho. Noma ingabe umKristu kumelwe akholelwe ukuthi unesivikelo sikaNkulunkulu esikhethekile lapho ehamba ngendiza? Kuthiwani ngesivikelo esikhethekile lapho uhlanganyela emdlalweni othile oyingozi? Ingabe kunengqondo ukuvivinya uNkulunkulu kulezozimo?
Isandla SikaJehova Asifinyeziwe
ImiBhalo isisiza ukuba sibone ukuthi kukhona izimo lapho uJehova uNkulunkulu engalamulela khona abantu bakhe lapho kuhileleke umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso noma lapho kusongelwa ibandla lakhe. Umprofethi uIsaya uyasiqinisekisa: “Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.”—Isaya 59:1.
IBhayibheli linikeza izibonelo ezikhanyayo zesandla sikaJehova esivikelayo ngokuqondene nabaphostoli. INkosi uHerode, ifuna ukuzuza umusa wamaJuda, yafaka uPetru ejele egadwe amasosha amaningi. EJerusalema ibandla lathandaza ngokujulile ngenxa yakhe. Kwenzekani? Ingelosi kaJehova yeza yamkhulula uPetru ejele. Ngisho noPetru kwamethusa lokhu okwakwenzeka. Kamuva waqonda okwakwenzeka futhi wathi: “Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi ithumile ingelosi yayo, yangikhulula esandleni sikaHerode.”—IzEnzo 12:1-11.
Ukulandisa okufanayo kusitshela ukuthi uHerode wayesembulele kakade umphostoli uJakobe, umfowabo kaJohane. UJehova wakuvumela lokho kufela ukholo ukuba kwenzeke. Ngakho-ke, kusobala ukuthi nakuba uJehova enganikeza isivikelo nokukhululwa, angazivumela izehlakalo ukuba zenzeke, ngaleyondlela avumele ezinye zezinceku zakhe ezizinikezele ukuba zibonise ubuqotho bazo kuze kube ngisho sekufeni. Amazwi kaJakobe, umfowabo kaJesu ngamzali munye, ayafaneleka: “Anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala. Nga nisho nithi: Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.”—Jakobe 4:14, 15; qhathanisa noJobe 2:3-5.
Iqiniso liwukuthi, ezikhathini zezinhlekelele ezingokwemvelo nezingozi, isimiso seBhayibheli sisebenza ngokufanayo kubo bonke abantu: “Bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.” (UmShumayeli 9:11) Futhi nakuba kufanelekile ukuthandazela usizo nesivikelo ezikhathini zokushushiswa, kumelwe siqaphele ukuthi “labo abazimisele ukuphila impilo yobuKristu bangempela abanakulugwema ushushiso.”—2 Thimothewu 3:12, Phillips.
Umoya Womqondo Ovulekile
Nakuba kuyiqiniso ukuthi ezikhathini ezidlule uJehova wathatha isinyathelo ukuze avikele abantu bakhe, njengalapho ekhulula amaIsrayeli eGibithe nasemabuthweni kaFaro, bekungaba ukugabadela ukucabanga ukuthi uNkulunkulu kumelwe avikele umKristu ngamunye emiphumeleni ‘yesikhathi nethuba’ noma emiphumelweni yobuwula bakhe siqu. Incwadi kaPawulu eya kumaKristu eRoma, amanye awo mhlawumbe afa kamuva enkundleni njengabafel’ ukholo, iyakubonisa lokhu: “Ngisho kulowo lowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube-ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.” (Roma 12:3) Inguqulo kaJ. B. Phillips ithi: “Zamani ukuba nesilinganiso esinengqondo samakhono enu.”
Iseluleko esivezwe lapha sisebenza ngendlela efanayo namuhla, nakuba kusemongweni ohlukile. Uma umKristu ecabanga ukuthi angashayela budedengu noma aphuze utshwala kungabi ndabazalutho ngoba enesivikelo sikaNkulunkulu, ingabe lokho kubonisa “umqondo ovulekile”? Ingabe umKristu ‘unesilinganiso esinengqondo samakhono akhe’? Futhi, uma efaka abantu akanye nabo engozini, ingabe ngempela ‘uthanda umakhelwane wakhe njengoba ezithanda yena’?—Mathewu 22:39.
Manje ake sisebenzise umoya womqondo ovulekile esimweni lapho umuntu eye wakha ezindaweni lapho kuvame ukuzamazama khona umhlaba noma lapho izintaba-mlilo ezinamandla ziwusongo olufihlekile kodwa lwangempela. Isibonelo esihle yindawo osekukhulunywe ngayo kakade eduze nentaba-mlilo iNevado del Ruiz eColombia. Ngokwephephandaba laseColombia lansuku zonke iEl País, umklami wezakhiwo uCésar Zárate wenza ukuhlola ngo-1982 okwabonisa ukuthi uMfula iLagunilla wakhukhula iArmero esikhathini esingaphambili nokuthi idolobha lalingakabi nokuvikeleka okwanele. Kwatholakala futhi ukuthi intaba-mlilo iNevado del Ruiz yayiqhume izikhathi eziyisithupha kusukela ngo-1570. Ngokwemithombo engokomlando, intaba-mlilo inomjikelezo ovamile wokuqhuma oshintsha phakathi kweminyaka eyi-140 nezinyanga eziyisi-9 neminyaka eyi-110 nezinyanga ezi-2.
Lokhu kwaziswa kwathunyelwa ephephandabeni langeSonto laseColombia iEl Tiempo emasontweni ambalwa ngaphambi kwenhlekelele yaseArmero. Lathi ngokulandelana kwezehlakalo: “Isikhukhula esilandelayo . . . siyokwenzeka cishe phakathi noNovember walonyaka. Izimpawu eziyizinkomba sezibonakele kakade: umusi ovela embotsheni yesiqongo sentaba ‘iArenas’. Imvula yomlotha namagesi. Ukungcoliswa kwamanzi nezitshalo. Amaphunga acanuzelisa inhliziyo. . . . Umsindo wokuduma ovela entaba-mlilo ngoSeptember 11. Ukuncibilika okuqhubekayo kweqhwa . . . Ngakho-ke, yisikhathi sokuthatha isinyathelo.”
Nokho, lesihloko asisakazwanga. Mhlawumbe sabhekwa njengokumemezela usizi okungadingekile. Abahleli beEl Tiempo kamuva bakwehlisela ‘ekuntuleni ukuqonda, ukuntula ulwazi, noma inkolelo engenabufakazi yokuthi kwakungeke kwenzeke lutho.’
Nokho, njengoba nje kwakuhleliwe, iNevado del Ruiz yadubula isiqongo sayo ngobusuku bangoNovember 13, 1985. Abantu abangaphezu kwezi-20 000 bafa eArmero, futhi kwakukhona izinkulungwane zezisulu ezivela eChinchiná nakwamanye amadolobha aseduze. Phakathi kwalabo abafa eArmero kwakungoFakazi BakaJehova abangama-41 nabahlanganyela nabo. Abanye ngokungahlakaniphi babebalekele eHholo LoMbuso, elalingezansi. Bakhukhuleka futhi bangcwabeka nalo. Ngokujabulisayo, abanye oFakazi bakwazi ukubalekela endaweni ephakeme futhi basinda.
Ngokusobala, kulula ukuhlakanipha ngemva kwesehlakalo. Kodwa okungenani izifundo zingafundwa kulezo zehlakalo ezimbi.
Izixwayiso Zasendulo Azinakwanga
IBhayibheli linikeza izibonelo zabanye abangazinakanga izixwayiso ezifika ngesikhathi noma abacabanga ukuthi ‘kwakungeke kwenzeke esikhathini sabo’ noma endaweni yabo yomhlaba. Esinye isehlakalo esikhanyayo yilapho uLoti exwayiswa ukuba abaleke eSodoma naseGomora. Wabaxwayisa abakhwenyana bamadodakazi akhe, ethi: “Sukani niphume kulendawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Basabela kanjani? “Wayenjengontelayo [uLoti] emehlweni abakhwenyana bakhe.” “Ihlaya” laba elesikhashana. UJehova wanisa isibabule nomlilo phezu kwemizi elahliwe, neyonakele. Abakhwenyana bafa nezakhamuzi eziziphethe kabi zaleyondawo. Ngokusobala umkaLoti wabaleka eSodoma enokungabaza nokukhonona. “Wabheka emva kwakhe [uLoti], waba-yinsika kasawoti.”—Genesise 19:12-26.
Eminyakeni engaphezu kweyi-1 900 edlule, uJesu waprofetha ngokuthi iJerusalema lasendulo lalizobhujiswa ngokwesabekayo. Wanikeza imininingwane eqondile yezehlakalo ezazizokwenzeka ngaphambi kokubhujiswa komuzi, ethi: “Nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.” Wanezela isixwayiso: “Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo.”—Luka 21:20-24.
Lapho amabutho amaRoma ezungeza iJerusalema ngonyaka ka-66, amaKristu akulowomuzi asibona isibonakaliso uJesu ayesinikezile. Khona-ke, esesimweni sokunqoba ngokuphelele, uJenene Cestius Gallus ngokungalindelekile wawahoxisa amabutho akhe. Lelo kwakuyithuba amaKristu ayelilindele, futhi abalekela ngakolunye uhlangothi lweJordani. Ngo-70 C.E., amaRoma abuya ngaphansi kukaJenene Titus futhi alibhubhisa iJerusalema. Amakhulu ezinkulungwane zamaJuda aqhubeka ehleli emzini owawumiselwe ukubhujiswa afa phakathi nokuvinjelwa nokulwa.
Yiqiniso, kulezizehlakalo isixwayiso saphezulu sasinikeziwe. Kodwa iphuzu liwukuthi abambalwa kuphela abalalela isigijimi futhi babaleka. Iningi alinakanga. Lenqaba ukuthatha isixwayiso sikaNkulunkulu ngokungathi sína.
Kungayiphi Indlela Esingavivinya Ngayo UNkulunkulu Ngokufanelekile?
Ngisho nangezinhlekelele ezingokwemvelo, ngokuvamile kubakhona izixwayiso—umlando wangaphambili wendawo, izimpawu zamuva, noma ukwaziswa okungokwesayensi—okubonisa amathuba amaningi okwenzeka kwengozi phakathi nesikhathi. Mhlawumbe indawo ithandwa yizikhukhula. Khona-ke umuntu ocabangayo kumelwe alinganise zonke izici ukuze anqume ukuthi ukuya kwesinye isigodi kudingekile futhi kufanele yini. Yiqiniso, akunakwenzeka ukubikezela isikhathi nendawo yazo zonke izinhlekelele ezingokwemvelo. Noma kunjalo, umthetho wezilinganiso ungacatshangelwa futhi nomngcele wokulondeka uma kwenzeka okubi kakhulu. Kodwa kungokungenangqondo ukulindela isivikelo esikhethekile esivela kuNkulunkulu. Ukwenza kanjalo kungaba ukuvivinya uNkulunkulu ngendlela engemthetho noma engalinganiselwe.
Nokho, ngomqondo ohlukile, uJehova uyasimema ukuba simvivinye. Emuva esikhathini somprofethi uMalaki, uIsrayeli wayevivinya uNkulunkulu ngokungafanele ngokunikela iminikelo emibi kakhulu ealtare. Ngeminikelo yabo yesinkwa esonakele nesilwane esiqhugayo, babonisa ukuthi babeledelela itafula likaJehova. NgoMalaki, uJehova wabamema ukuba baphenduke futhi balungise indlela yabo yokwenza izinto. “Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube-ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu, usho uJehova-Sebawoti, uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.”—Malaki 3:10.
Yebo, ngokuphathelene nezibusiso ezingokomoya, ‘singavivinya,’ noma sibonise ukwethembeka kukaNkulunkulu. Khona-ke, uma sifuna uMbuso wakhe kuqala nokulunga kwakhe, njengoba kwasho uJesu, ‘zonke ezinye izinto esizidingayo ziyokwenezelwa kithi.’ Futhi uJesu wathi: “Funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.” Uma abantu abangaphelele bepha izingane zabo izipho zomusa, “kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye [ngokuvumelana nentando yakhe.]”—Mathewu 6:33; 7:7-11; 1 Johane 5:14.
Ngaso kanye lesikhathi, kunikezwa isixwayiso kwabezizwe sokuthi ngokushesha uJehova uzoqalisa isenzo sakhe sokujezisa zonke izingxenye zesimiso sezinto sikaSathane. (IsAmbulo 16:14, 16; 18:20) Izigidi zabantu abahlakaniphile zilalela lesigijimi esishunyayelwa oFakazi BakaJehova futhi zizehlukanisela ngasohlangothini lokubusa koMbuso kaNkulunkulu. Bayaphuma ebuhlotsheni obonakele bezombangazwe nezenkolo ngaphambi kokuba kwephuze kakhulu. (IsAmbulo 18:4) Ngokwenza kanjalo, balungiselela ukuphila okuphakade ngaphansi kokubusa kukaKristu umhlaba wethu, oyoguqulwa ube yipharadesi lokwahlulela ngokulunga nokungakhethi. Ingabe uyasilalela lesixwayiso?—2 Petru 3:13; Thithu 1:2.
[Isithombe ekhasini 21]
Idiploma eyatholwa emfucumfucwini yaseArmero iyisikhumbuzo esibuhlungu sokuthi izinkulungwane azizilalelanga izixwayiso
[Isithombe ekhasini 22]
Ingabe imikhuba yakho yokushayela ibonisa ukuvuleka komqondo kobuKristu?
[Izithombe ekhasini 23]
Indawo manje esiyincithakalo lapho kwakukhona iArmero. Abantu abangaphezu kwezi-20 000 babhubha lapha
Lemoto eboqokile ibonisa inhlekelele eyagadla eArmero