Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 11/15 kk. 15-20
  • Ukungashadi—Indlela Yokuphila Enomvuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukungashadi—Indlela Yokuphila Enomvuzo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iminyaka Yokungashadi Enomvuzo
  • Imivuzo Yokungashadi Okuhlanzekile
  • Izibonelo Zesikhathi Esidlule
  • Izibonelo Zosuku Lwanamuhla
  • Ukulondoloza Ukungashadi Okuhlanzekile
  • Isikhathi Esizayo Esinomvuzo
  • Ukuba Ongashadile Kodwa Ophelele Ngenxa Yenkonzo KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Kusebenzise Ngokunenzuzo Ukungashadi Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • ‘Kutholele Indawo’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ukuba Ongashadile Futhi Waneliseke Enkonzweni KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 11/15 kk. 15-20

Ukungashadi—Indlela Yokuphila Enomvuzo

“Ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube-seNkosini. Kepha unenhlanhla . . . uma ehlala njengalokhu enjalo.”—1 KORINTE 7:39, 40.

1. Kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile, yini esiyikweleta uJehova?

UJEHOVA ufanelwe ukukhulekela komphefumulo wonke kwabo bonke abazinikezele kuye. Kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile, kufanele sithande uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo, ingqondo, namandla. (Marku 12:30) Iqiniso, umKristu ongashadile uneziphazamiso ezimbalwa kunalabo ababoshwe efindweni lomshado. Kodwa ingabe inceku kaJehova engashadile ingajabula ngempela?

2, 3. (a) Ngokuyisisekelo, yini uPawulu ayisho kweyoku-1 Korinte 7:39, 40? (b) Yimiphi imibuzo edinga ukucatshangelwa?

2 Umphostoli uPawulu uphendula ngokuthi yebo. Ngokuqondene nalabo ababeshadile kodwa abazimo zabo ziye zashintsha, wabhala: “Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube-seNkosini. Kepha unenhlanhla ngokubona kwami, uma ehlala njengalokhu enjalo; ngithi nami nginoMoya kaNkulunkulu.”—1 Korinte 7:39, 40.

3 Njengoba uPawulu ebonisa ukuthi abantu abangashadile bangaba abajabulayo, obani abangacabangela ngokunengqondo ukuhlala bengashadile, okungenani isikhathi esithile? Yini enikela enjabulweni yamaKristu angashadile? Ngempela, ukungashadi kungaba kanjani indlela yokuphila enomvuzo?

Iminyaka Yokungashadi Enomvuzo

4. Yini eyiqiniso ngeminyaka yobunsizwa neyobuntombi?

4 INkosi ehlakaniphile uSolomoni yakhuthaza: “Khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi [zokuguga], ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: Angithokozi ngayo.” (UmShumayeli 12:1) Ngokuvamile iminyaka yobunsizwa nobuntombi iyisikhathi okungenani samandla nempilo enhle. Khona-ke, yeka ukuthi kufaneleke kanjani ukuthi lezizici zisetshenziswe enkonzweni kaJehova ngaphandle kokuphazamiseka! Ngaphezu kwalokho, leminyaka yokuqala iyisikhathi sokuthola okuhlangenwe nakho ekuphileni, sokuthuthukisa ukuqina. Kodwa futhi lesi isikhathi lapho intsha yezwe ihlangabezana nokuthatheka. Ngokwesibonelo, cabangela imiphumela yokuhlolwa okuhilela abantu abayi-1 079 abaphakathi kweminyaka eyi-18 nama-24. Ngokwesilinganiso ngamunye wayeye “wathandana” nabantu abayisikhombisa futhi basho ngokufanayo ukuthi abathandana nabo manje kwakuwuthando lweqiniso, hhayi ukuthatheka.

5. Ngokuqondene nomshado, imiphi imibuzo yomuntu siqu okufanele umuntu omusha ayicabangele?

5 Amanani okwehlukana, amadivosi, nawemikhaya echithekile ngezinye izindlela abonisa ukungafaneleki kokushada ngokushesha. Kunokugijimela ekupholeni, ekuqomiseni, nasemshadweni, amaKristu asemasha enza ngokuhlakanipha uma ecabangisisa ngokuthi angayisebenzisa kanjani okungenani iminyaka yawo yokuqala enkonzweni engaphazamisekile eyenzelwa uJehova. Ekuhlolisiseni izimo zakho njengomuntu omusha, ungase uzibuze imibuzo enjengalena: Ingabe manje sengivuthiwe ngokomzwelo futhi ngikulungele ukucabanga ngokungathi sína ngomshado? Ingabe nginakho okuhlangenwe nakho okwanele ekuphileni ukuze ngibe umngane womshado omuhle? Ngingayithwala kahle yini imithwalo yemfanelo yomshado futhi ngokunokwenzeka eyomkhaya onabantwana? Ngokuqaphela ukuzinikezela kwami kuJehova, akufanele yini ngimnikeze amandla obusha bami ngaphandle kweziphazamiso ezihlobene nomshado?

Imivuzo Yokungashadi Okuhlanzekile

6, 7. (a) Iziphi izinzuzo ngokuvamile ezijatshulelwa amaKristu angashadile? (b) Ngokuqondene nalokhu, sathini isithunywa sevangeli esingashadile eAfrika?

6 AmaKristu angashadile ajabulela inkululeko eziphazamisweni futhi ‘angavama njalo emsebenzini weNkosi.’ (1 Korinte 7:32-34; 15:58) Esikhundleni sokugxilisa ukunakekela kumuntu oyedwa wobulili obehlukile, umuntu ongashadile unamathuba amaningi okwenaba othandweni lobuKristu ngabaningi ebandleni, kuhlanganise nasebegugile nabanye abadinga usizo lothando. (IHubo 41:1) Ngokungavamile, abantu abangashadile banesikhathi esengeziwe sokutadisha nesokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu. (IzAga 15:28) Banethuba elikhulu lokuhlakulela ubuhlobo obuseduze noJehova, befunda ukuncika kuye ngokuphelele futhi bafune isiqondiso sakhe. (IHubo 37:5; Filipi 4:6, 7; Jakobe 4:8) Indoda engashadile esikhonze uJehova iminyaka eminingi eAfrika njengesithunywa sevangeli iye yathi:

7 “Ukuphila emaphandleni aseAfrika bekulula kuleminyaka, kungenazo iziphazamiso zempucuko yanamuhla. Zingekho iziphazamiso, ngiye ngaba nethuba elanele lokutadisha nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu. Lokhu kuye kwangigcina ngiqinile. Yebo, ukuphila njengesithunywa sevangeli kuye kwaba yisibusiso sangempela nesivikelo ekuthandeni izinto ezibonakalayo. Ngobusuku obujabulisayo obushisayo kuye kwaba nesikhathi esanele sokuzindla nokucabanga ngendalo kaJehova futhi ngisondele eduze naye. Ngiba nenjabulo enkulu ubusuku ngabunye lapho ingqondo yami isaphapheme, futhi ngesikhathi ngingedwa ngingachitha isikhathi esithile phansi kwesibhakabhaka esinezinkanyezi ngihamba futhi ngikhuluma noJehova. Lokhu kuye kwangisondeza eduze noJehova.”

8. Ngokuqondene nokungashadi, yini eyashiwo udade ongashadile oseneminyaka eminingi yenkonzo endlunkulu yeNhlangano?

8 Okuphawulekayo futhi, yilokhu kukhulumela kukadade oneminyaka eminingi yokukhonza endlunkulu yeWatch Tower Society: “Ngiye ngakhetha ukuphila impilo yokungashadi enkonzweni yami kuJehova. Ingabe ngike ngizizwe nginesizungu? Lutho neze. Ngempela, izikhathi engizichitha ngingedwa ziphakathi kweziyigugu kakhulu. Ngingaxhumana noJehova ngomthandazo. Ngingajabulela ukuzindla nesifundo somuntu siqu ngaphandle kokuphazamiseka. . . . Ukungashadi kuye kwanikela kakhulu enjabulweni yami.”

9. Yimaphi amanye amalungelo enkonzo umKristu ongashadile angase awajabulele?

9 Futhi umuntu ongashadile angamukela amalungelo enkonzo angase angabavulekeli abantu abashadile abanemithwalo yemfanelo yomkhaya. Ngokwesibonelo, kungaba namathuba okungenela inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona endaweni enesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso. Noma insizwa engashadile ingaba nelungelo lokukhonza njengelungu lomkhaya waseBethel endlunkulu yeWatch Tower Society noma ehhovisi legatsha. Owesifazane osemusha ongashadile angase ahlanganyele nodade ongashadile osekhulile enkonzweni yamaphayona ebandleni labo noma kwelinye elinensimu edinga ukuhlanganiswa. Kungani ungaxoxi ngamathuba anjalo nombonisi wesifunda? NjengomKristu ongashadile, zenze utholakalele inkonzo eyandisiwe kube udumo kuJehova, futhi uyokubusisa ngokucebile.—Malaki 3:10.

Izibonelo Zesikhathi Esidlule

10. Ubani owanikeza isibonelo esivelele senceku kaJehova engashadile, futhi kungani ucabanga ukuthi ukungashadi kwakhe kwakuzuzisa?

10 Isibonelo esivelele senceku kaJehova engashadile kwakunguJesu Kristu. Wayegxile ngokuphelele ekwenzeni intando kaNkulunkulu. UJesu wathi: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) Yeka ukuthi wayematasa kangakanani—eshumayela, ephulukisa abagulayo, njalonjalo! (Mathewu 14:14) UJesu wayenesithakazelo esiqotho kubantu futhi wayekhululekile phakathi kwamadoda, abesifazane, nabantwana. Yiqiniso, wayehamba enkonzweni yakhe, enabanye ababehamba naye ngezikhathi ezithile. (Luka 8:1-3) Kodwa yeka ukuthi lowomsebenzi wawungaba nzima kangakanani ukuba wayehamba nonkosikazi nabantwana abancane! Ngokungangabazeki, ukungashadi kwakunenzuzo endabeni kaJesu. Namuhla, umKristu ongashadile angajabulela izinzuzo ezifanayo, ikakhulukazi uma ebizelwa ukuba asakaze isigijimi soMbuso ezindaweni ezingazodwa noma eziyingozi.

11, 12. Yiziphi izibonelo ezinhle eziphawuliwe zabesifazane abangashadile abakhonza uJehova namuhla?

11 Kodwa abanye bathola ukungashadi kuwusizo futhi kunomvuzo. Indodakazi kaJefta yasigcwaliswa ngokuzithandela isifungo sikayise ngokuhlala ingashadile emphakathini owawugcizelela ukushada nokuba nabantwana. Yathola injabulo enkonzweni yayo kuJehova, futhi kusobala ukuthi abanye bayikhuthaza njalo. Phela, “amadodakazi akwaIsrayeli aya yonke iminyaka ukuyitusa indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka”! (AbAhluleli 11:34-40) Ngokufanayo, amaKristu ashadile nabanye kufanele batuse futhi bakhuthaze abesifazane abangashadile abakhonza uJehova ngentshiseko namuhla.

12 Amadodakazi kaFiliphu amane ayizincasakazi ‘ayeprofetha.’ (IzEnzo 21:8, 9) Kumelwe ukuthi laba besifazane abane bathola ukwaneliseka okukhulu enkonzweni yabo yenkuthalo yokudumisa uJehova. Ngokufanayo, abesifazane abasha abaningi abangashadile namuhla banelungelo elinomvuzo lokukhonza njengamaphayona, noma abamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele. Ngokuqinisekile, bafanelwe ukutuswa njengengxenye ‘yabesifazane ababika indaba ejabulisayo abayisixuku esikhulu.’—IHubo 68:11.

13. Indaba kaPawulu ibonisa kanjani ukuthi ukungashadi kungaba yindlela yokuphila enomvuzo?

13 Umphostoli uPawulu wathola ukungashadi kunenzuzo. Wahamba izinkulungwane zamamayela enkonzweni yakhe futhi wabhekana nobunzima obukhulu, izingozi eziningi, ukuqwasha, indlala. (2 Korinte 11:23-27) Ngokungangabazeki, konke lokhu kwakungaba nzima ngokwengeziwe futhi kube okucindezelayo ukuba uPawulu wayeshadile. Ngaphezu kwalokho, akunakwenzeka nakancane ukuthi wayeyoke abe namalungelo ‘njengomphostoli wabezizwe’ ukuba wayenakekela umkhaya. (Roma 11:13) Naphezu kovivinyo abhekana nalo, uPawulu waba nobufakazi bokuzibonela bokuthi ukungashadi kungaba yindlela yokuphila enomvuzo.

Izibonelo Zosuku Lwanamuhla

14. Yikuphi okuhlangenwe nakho okwajatshulelwa amaphayona, amaningi awo ayengashadile?

14 NjengoPawulu kanye namanye amaKristu okuqala ayengashadile, abaningi babantu bakaNkulunkulu abahlanganyela emsebenzini wobuphayona (kusukela ngo-1881 kuya phambili) kwakungabantu abangashadile abangenamikhaya ethembele kubo. Ngokuzithandela baya emadolobheni abangawajwayele, nasezindaweni zasemaphandleni, befuna labo abanezinhliziyo ezinhle futhi bebashiyela izincwadi zeBhayibheli. Kungenzeka ukuthi babehamba ngezitimela, amabhayisekili, izinqola ezidonswa amahhashi, noma ngezimoto. Ngokuvamile, babehamba ngenjabulo bengena indlu ngendlu. (IzEnzo 20:20, 21) “Ngezinye izikhathi babeshintshanisa [izincwadi zeBhayibheli] nemikhiqizo yasemapulazini, izinkukhu, insipho nokunye, ababekusebenzisa noma bakuthengisele abanye,” kukhumbula omunye uFakazi KaJehova, enezela: “Ngezinye izikhathi, ezindaweni ezingakhiwe kakhulu, babehlala ubusuku nabalimi nabafuyi bezinkomo, futhi ngezinye izikhathi babeze ngisho balale otshanini obomisiwe . . . Laba abathembekile [abaningi babo ababengashadile] baqhubeka iminyaka eminingi baze baguga.” Ngokuqinisekile, elinye lawo lalikhulumela wonke lawomaphayona akudala lapho libhala: “Sasibasha futhi sijabula enkonzweni, sijabula ukusebenzisa amandla ethu ekukhonzeni uJah.”

15. Yimuphi umnyango oholela emsebenzini omkhulu owavulekela amaphayona amaningi angashadile, eminyakeni engama-45 edlule?

15 Amaphayona amaningi, noma abamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele bamuva, nabo futhi babengashadile. Ngokuvamile babefakaza ezindaweni ezingazodwa, besiza ekuqaliseni amabandla amasha, futhi bejabulela ezinye izibusiso enkonzweni kaJehova. Ngabanye babo, kwavuleka umnyango ojabulisayo oholela emsebenzini omkhulu ngesikhathi iWatchtower Bible School of Gilead iqala ukusebenza ngo-1943 lapho iMpi Yezwe II yayisaqhubeka. (1 Korinte 16:9) Yebo, abaningi balawomaphayona angashadile bathola ukuqeqeshelwa inkonzo yezithunywa zevangeli eSikoleni saseGileyadi futhi ngokushesha base besakaza isigijimi soMbuso emasimini amasha. Bengasindwa imithwalo yemfanelo yomshado, bazenza batholakalela inkonzo kaJehova, futhi abanye balabo abathola iziqu kuqala basalokhu bengashadile futhi beshiseka endimeni yezithunywa zevangeli noma kolunye uhlobo lwenkonzo yesikhathi esigcwele.

16. Kunabuphi ubufakazi bokuthi amalungu angashadile omkhaya waseBethel aye athola ukungashadi kuyindlela yokuphila enomvuzo?

16 AmaKristu amaningi angashadile aye akhonza iminyaka eminingi njengamalungu omkhaya waseBethel endlunkulu yeWatch Tower Society noma emagatsheni ayo kwezinye izindawo emhlabeni. Ingabe baye bathola ukungashadi kuyindlela yokuphila enomvuzo? Yebo, ngempela. Ngokwesibonelo, umzalwane ongashadile osekhonze eBethel yaseBrooklyn iminyaka eminingi waphawula: “Injabulo yokubona izigidi zomagazini nezinye izincwadi eziqukethe isigijimi seZwi likaNkulunkulu zisakazekela emaphethelweni omhlaba ngokwayo iye yaba umvuzo omangalisayo.” Emva kweminyaka engama-45 yenkonzo yaseBethel, omunye umzalwane ongashadile wathi: “Zonke izinsuku ngicela kuBaba wethu osezulwini othandekayo ngomthandazo usizo nenhlakanipho ukuba ngizigcine ngiphila futhi ngiqinile ngokomoya nangokomzimba ukuze ngikwazi ukuqhubeka ngenza intando yakhe engcwele. . . . Ngempela ngiye ngajabulela indlela yokuphila ejabulisayo, enomvuzo nebusisekile.”

Ukulondoloza Ukungashadi Okuhlanzekile

17. Yiziphi izinto ezimbili eziwusizo ekulondolozeni ukungashadi okuhlanzekile?

17 Ukuthi impilo yokungashadi ingaba enomvuzo kufakazelwa yizibonelo zeBhayibheli nezosuku lwanamuhla. Yiqiniso, phakathi nanoma yisiphi isikhathi sokuphila osichitha usesimweni sokungashadi, udinga ‘ukuma uqinile enhliziyweni yakho.’ (1 Korinte 7:37) Kodwa yini engakusiza ukuba ulondoloze inhlanzeko ungashadile? UMthombo omkhulu kakhulu wosizo uJehova, “ozwayo imikhuleko.” (IHubo 65:2) Ngakho kwenze umkhuba ukumnxusa njalo. ‘Ekukhulekeni uqinisele njalo,’ ucela umoya kaNkulunkulu nosizo lwakhe ekuboniseni izithelo zawo, ezihlanganisa ukuthula nokuzithiba. (Roma 12:12; Luka 11:13; Galathiya 5:22, 23) Khona-ke futhi, ngomkhuleko, zindla njalo ngeseluleko seZwi likaNkulunkulu futhi usisebenzise njalo.

18. Eyoku-1 Korinte 14:20 ihlangana kanjani nokuhlala komuntu ehlanzekile njengomuntu ongashadile?

18 Olunye usizo ekulondolozeni ukungashadi okuhlanzekile ukugwema noma yini evusa inkanuko yobulili. Ngokusobala, lokhu kuhlanganisa izincwadi ezingcolile nokuzijabulisa okungcolile. UPawulu wathi: “Ebubini nibe-yizingane, kepha engqondweni nibe-ngabakhulileyo.” (1 Korinte 14:20) Musa ukufuna ulwazi noma okuhlangenwe nakho ngokuqondene nobubi, kodwa ngosizo lukaNkulunkulu ngokuhlakanipha hlala ungenakho okuhlangenwe nakho futhi umsulwa njengomntwana ngokuqondene nalokhu. Ngesikhathi esifanayo, khumbula ukuthi ukuziphatha okubi ngokobulili nokwenza okubi akufanele emehlweni kaJehova.

19. Yimiphi imibhalo ebonisa ezinye izindlela zokuhlala uhlanzekile njengomuntu ongashadile?

19 Uyosizakala futhi ukuba uhlale uhlanzekile njengomuntu ongashadile ngokuqaphela labo ohlangana nabo. (1 Korinte 15:33) Gwema ukuhlangana nalabo abenza ubulili nomshado kube yizici ezinkulu ekuphileni kwabo nasezingxoxweni zabo. Ngazo zonke izindlela balekela amahlaya angcolile! UPawulu weluleka: “Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele, nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho makube-ngukubonga.”—Efesu 5:3, 4.

Isikhathi Esizayo Esinomvuzo

20. Ukusebenzisa komuntu iminyaka yakhe yobusha kangcono ngangokunokwenzeka enkonzweni kaJehova kuyophumelaphi?

20 Ukusebenzisa iminyaka yakho njengomKristu ongashadile kangcono ngangokunokwenzeka enkonzweni kaJehova kuyoletha ukwaneliseka kwamanje nokuthula kwengqondo. Ukwenza kanjalo futhi kuyonikela ekuvuthweni nasekuqineni kwakho okungokomoya. Uma uhlala ungashadile ngenxa yoMbuso kuze kuphele lesimiso sezinto esikhohlakele, uJehova ngeke ayikhohlwe imizamo yakho yokuzidela enkonzweni yakhe engcwele.

21. Uma ushada ngemva kwesikhathi sokungashadi okuhlanzekile nokunomvuzo, cishe yini oyongenela ifindo lomshado unayo?

21 Uma uphishekela ngenkuthalo izithakazelo zoMbuso njengowesilisa noma owesifazane ongashadile, uyojabulela izibusiso eziningi. (IzAga 10:22) Khona-ke uma ushada kamuva, uyongenela ifindo lomshado unokuhlangenwe nakho okuningi nesizinda esicebile esingokomoya. Ngaphezu kwalokho, uma ulandela iseluleko semiBhalo, uyokhetha umlingane ozinikezele ogcina ubuqotho oyokusiza ukuba ukhonze uNkulunkulu ngokwethembeka. Okwamanje, ungathola ukungashadi kuyindlela yokuphila enomvuzo enkonzweni kaNkulunkulu wethu onothando, uJehova.

Ubungaphendula Kanjani?

◻ Phakathi kwezinceku zikaJehova, iyini eminye imivuzo yokungashadi okuhlanzekile?

◻ Kunaziphi izibonelo ezingokomBhalo ezibonisa ukuthi ukungashadi kungaba okunomvuzo?

◻ Ezikhathini zanamuhla, sinaziphi izibonelo zokungashadi okunomvuzo?

◻ Yini engasiza umKristu ukuba ahlale ehlanzekile ngesikhathi engashadile?

[Ibhokisi ekhasini 19]

Usizo Ekulondolozeni Ukungashadi Okuhlanzekile

◆ Thandazela njalo umoya kaNkulunkulu nosizo lwakhe ekuboniseni izithelo zawo

◆ Zindla ngeseluleko seZwi likaNkulunkulu futhi usisebenzise njalo

◆ Gwema izincwadi ezingcolile nokuzijabulisa okungcolile

◆ Qaphela ohlangana nabo

◆ Balekela izinkulumo ezingahlanzekile namahlaya angcolile

[Izithombe ekhasini 18]

Indodakazi kaJefta, umphostoli uPawulu, nezinye izinceku zikaJehova zathola ukungashadi kuyindlela yokuphila enomvuzo. Ingabe ungakwenza?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela