Inkululeko Engokwenkolo Iyasekelwa ENdiya
ISINQUMO sangoAugust 11, 1986 seNkantolo Enkulu eNew Delhi samangalisa izigidi. Esikhathini lapho ubuzwe babuba namandla, bambalwa ababelindele ukuthi inkululeko engokwenkolo yeqenjana elingokwenkolo iningi elalingalazi yayiyohlonishwa. Kodwa ngemva kokuhlolisiswa kwamaqiniso, inkantolo ephakeme kakhulu yaseNdiya yamemezela ukuthi izingane zoFakazi BakaJehova azinakuphoqwa ukuba zicule iculo lesizwe. Esiphethweni esiphawulekayo inkantolo yathi:
“Okwamanje, siyaneliseka ngokuthi ukuxoshwa kwezingane ezintathu esikoleni ngesizathu sokuthi ngenxa kanembeza zibambelela okholweni lwenkolo, azihlanganyeli ekuculeni iculo lesizwe emthandazweni wasekuseni nakuba zisukuma ngenhlonipho lapho iculo liculwa, kuwukwephulwa kwelungelo lazo eliyinhloko ‘lenkululeko kanembeza nokukhululeka ukuba uhlanganyele, uqhube futhi ushumayele inkolo.’”
UJustice O. Chinnappa Reddy noJustice M. M. Dutt beNkantolo Enkulu yaseNdiya bangabehluleli abathetha icala leculo loFakazi BakaJehova elaziwayo manje.
Indlela Lempikiswano Eyaphakama Ngayo
Cishe ingxenye yoFakazi BakaJehova abayizi-8 000 eNdiya yatholakala ezweni elincane laseKerala elisengxenyeni ekude yaseningizimu yalesisizwe esikhulu. Ezikoleni eziningi lapho, iculo lesizwe liculwa nsuku zonke. Isiko lesinye isikole okwaphakama kuso inkinga laliwukuba bonke abafundi bacule iculo lesizwe kanye kanye. Nokho, izingane zoFakazi BakaJehova zazima nje lapho ezinye zicula. Njengoba isahlulelo seNkantolo Enkulu sasho: “Akekho owayenendaba. Akekho owayekhathazekile. Akekho owayekucabanga njengokungahloniphekile noma njengokuwukungalishisekeli izwe. Lezingane zazingaphazanyiswa futhi zigcina izinkolelo zazo.” Lesisimo saqhubeka iminyaka eminingi.
Khona-ke kwaba uJuly ka-1985. Ilungu leSishaya-mthetho soMbuso laphikisa ngokuthi licabanga ukuthi kwakuwukungalithandi izwe nganoma ubani ukwenqaba ukucula iculo lesizwe. Kwaqhubeka ingxoxo, futhi lokho okwaxoxwa ngakho kwasakazwa emaphephandabeni aqavile ezweni.
Iziphathi-mandla zezikole eziningi eKerala, lezo ezazisazizwela izingane zoFakazi BakaJehova, zasatshiswa ukuphikisa kweSishaya-mthetho kanye namaphephandaba ayekhuluma ngokumelene. Ngenxa yalokho, izingane zoFakazi BakaJehova zaxoshwa kuzo zonke izikole.
Izingane NoMbuso
UV. J. Emmanuel, ozingane zakhe ezincane ezintathu, uBijoe, uBinu Mol, noBindu, zaxoshwa esikoleni, wafuna usizo olungokomthetho. UMnu. Emmanuel wayeqiniseka ngempela ukuthi umthetho wawuvumelana naye. Wayazi ukuthi, ngokweSiphakamiso 25 (1) soMthetho-sisekelo waseNdiya, “bonke abantu banamalungelo alinganayo enkululekweni kanembeza nelungelo lokuhlanganyela ngokukhululekile, ukuqhuba kanye nokushumayela inkolo.”
Ekugcineni abaHluleli beNkantolo ePhakeme yaseKerala balithetha icala, kodwa lamlahla uV. J. Emmanuel. Lokho kwakumangalisa ngoba uMthetho-sisekelo waseNdiya awusho ukuthi iculo lesizwe kumelwe liculwe ukuze kuboniswe inhlonipho ngalo. Uthi nje izakhamuzi kumelwe “zinamathele kuloMthetho-sisekelo futhi zihloniphe imigomo nezimo zawo, iFulegi Lesizwe neCulo Lesizwe.” Awukho futhi omunye umthetho ofuna ukuba zonke izakhamuzi zaseNdiya zicule iculo lesizwe.
Icala ladluliselwa eNkantolo Enkulu yaseNdiya. Siphikisa iNkantolo ePhakeme yaseKerala, isahlulelo seNkantolo Enkulu sathi: “INkantolo Enkulu izidukisile futhi yabalekela iqiniso. Bacabangela, ngokucubungulisisa imininingwane, igama ngalinye nomqondo weCulo Lesizwe futhi baphetha ngokuthi lalingekho igama noma umqondo kuleliCulo Lesizwe owawungaphikisa izinkolelo zenkolo yomuntu.” Nokho, njengoba iNkantolo Enkulu yaphawula ngokuyikho, “lokho akuyona nhlobo inkinga.”
Inkinga ingokwenkolo, okungukuthi, ilungelo labantu lokugcina inkululeko yabo yokukhulekela. Iqiniso ukuthi, oFakazi BakaJehova abaliculi iculo lesizwe lanoma yiliphi izwe. Eqinisweni, amaculo anjalo ayizindumiso noma imithandazo eculwayo, futhi ngenxa kanembeza oFakazi BakaJehova bayenqaba ukuwacula. “Abaculi ngokoqobo,” isahlulelo seNkantolo Enkulu yaseNdiya ngokuqondakalayo sachaza, “ngenxa yenkolelo yabo eqotho nokukholwa ukuthi inkolo yabo ayibavumeli ukuba bahlanganyele kunoma yimiphi imicikilisho ngaphandle kwemithandazo yabo eya kuJehova uNkulunkulu wabo.”
Ngokusobala, uMthetho-sisekelo waseNdiya uthembisa “inkululeko yokukhuluma nokuphawula,” okuhlanganisa inkululeko yokuthula. Yilokho okwakwenziwa yizingane lapho iculo liculwa phakathi nomthandazo wasekuseni esikoleni—zazithula. Nokho, eqinisweni iziphathi-mandla zezemfundo zaseKarala zamelana nesenzo sokuthula. Khona-ke inkinga eyaphakama yaba ukuthi ingabe ukumelana kwakuwukumelana yini namalungelo athenjiswa uMthetho-sisekelo.
INkantolo Enkulu yaphetha kulokhu: “Ngezinye izikhathi singase sithi awekho amalungelo omthetho abopha noma ubani ukuba acule iCulo Lesizwe futhi asicabangi ukuthi kuwukungalihloniphi iCulo Lesizwe uma umuntu osukuma ngokuhlonipha lapho kuculwa iCulo Lesizwe engahlanganyeli ekuculeni.”
Njengoba kuphawuliwe ekuqaleni, umsebenzi wazo zonke izakhamuzi, ngokomthetho-sisekelo, ‘ukuhlonipha iCulo Lesizwe.’ Ngokuqondene nenhlonipho enjalo uMthetho Wokuvikela Ukuhlonipheka Kwesizwe Ekululazweni ka-1971 uthi: “Noma ubani ovimbela ngamabomu ukucula iCulo Lesizwe noma ophazamisayo kunoma yimuphi umbuthano okuculwa kuwo leloculo uyojeziswa ngokuboshwa isikhathi esingaba iminyaka emithathu, noma ngenhlawulo, noma ngakho kokubili.” Nokho, izingane zoFakazi bakaJehova azikaze zivimbele noma ubani ekuculeni iculo lesizwe. Azikaze ziphazamise noma yimuphi umhlangano ophathelene nokuculwa okunjalo.
Ukusongela Ubunye Besizwe?
Enye yezimpikiswano zoMbuso yayiwukuthi ukucula iculo lesizwe kwakubalulekile ebunyeni nasebuqothweni bezwe. Nokho, ingabe ukucula iculo lesizwe ngokuphoqwa kuyosiza ngempela ebunyeni bezwe noma ebuqothweni bezakhamuzi zalo?
Ngokuthakazelisayo, iculo lesizwe lamaNdiya lingolimi olulodwa kuphela lezwe elilodwa, ngakho-ke iningi lamaNdiya aliculayo awaliqondi. Ngakho, mhlawumbe kwabaningi ukucula iculo lesizwe akunangqondo, ngokuyisisekelo, kuwumcikilisho oyize. OFakazi BakaJehova abahlanganyeli ekukhonzeni okunjalo. Bathandaza kuphela kuNkulunkulu wabo, uJehova.
Kwabuye kwavezwa nokuthi uma isahlulelo seNkantolo Enkulu sivuna oFakazi BakaJehova, kwakungasongela ukulondeka kwezwe. Kodwa oFakazi BakaJehova eNdiya bayiqembu elincane, babalelwa kubantu abayizi-8 000 kuphela. Ingabe iqembu elingako lingasongela isizwe sabantu abangaphezu kwezigidi ezingama-800? Ngaphandle kwalokho, oFakazi BakaJehova baziwa emhlabeni wonke ngokwethembeka kwabo kanye nokuhlonipha imithetho yohulumeni abahlala ngaphansi kwabo.
ENigeria ummeli wathi: ‘OFakazi bayizakhamuzi ezikhokha intela futhi ezinamathela emthethweni. Noma yimuphi uFakazi ongathembeka enkolweni yakhe kuze kube sezingeni lokuyihlonipha ngisho nalapho elahlekelwa amalungelo athile uyothembeka ngokufanayo nakwezinye izinto eziningi. Isizathu sokwenqaba kwakhe ukweba imali kahulumeni lapho asebenza nabo becula iculo lesizwe kodwa futhi bekhwabanisa izimali kungoba iBhayibheli lakhe elithi kuye angaliculi iculo lesizwe lathi futhi akumelwe ebe.’
Umusho wokugcina wesahlulelo esiphawulekayo seNkantolo Enkulu ubalulekile. Wathi: “Sifisa ukwenezela: amasiko ethu afundisa ukubekezela; ifilosofi yethu ifundisa ukubekezela; umthetho-sisekelo wethu uyabekezelela; masingakoni.” Ingabe uhulumeni nabaholi bazowazisa lombono omuhle? Ingabe isinqumo seNkantolo Enkulu singesokugcina? Kuyobonakala ngokuhamba kwesikhathi.
[Izithombe ekhasini 23]
Izingane ezintathu ezenqaba ngenhlonipho ukuhlanganyela emcimbini wokushisekela izwe
Umkhaya ozinikezele wezingane ezintathu
Lomkhaya owafunda ngecala lasenkantolo, watadisha iBhayibheli, futhi wabhapathizwa