Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 11/1 kk. 15-20
  • Ingabe Uhlala Uhlanzekile Kuzo Zonke Izici?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uhlala Uhlanzekile Kuzo Zonke Izici?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlanzeka Ngokomzimba: Into Yokuqala
  • Ukugwema Ukonakala Ngokwengqondo
  • ‘Ukuqapha’ Ukuze Uhlale Uhlanzekile Ngokokuziphatha
  • Ukuzigcina Uhlanzekile Ngokomoya
  • Ingabe Uyohlala Uhlanzekile?
  • “Zihlambululeni”!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Sihlanzelwe Imisebenzi Emihle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Izinceku ZikaNkulunkulu Kumelwe Zihlanzeke
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • UNkulunkulu Uyabathanda Abantu Abahlanzekile
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 11/1 kk. 15-20

Ingabe Uhlala Uhlanzekile Kuzo Zonke Izici?

“Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.”—ISAYA 52:11.

1. (a) Isimemezelo sasebukhosini sakuvumela kanjani ukuba izitsha zikaJehova zibuyiselwe eJerusalema? (b) Zazingcoliswe kanjani ezinye zalezozitsha?

NGOKUSHESHA base bekhululekile—ngemva kweminyaka engama-70 yobugqila! Isimemezelo sasebukhosini cishe sika-538 B.C.E. savumela isizwe samaJuda ukuba sibuyele emuva “[s]akhe indlu kaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli.” (Ezra 1:2, 3) Okulandelayo, esinye isehlakalo esithusayo: “UKoresi inkosi [yasePheresiya] wakhipha izinto zendlu kaJehova, uNebukadinesari ayezikhiphile eJerusalema.” (Ezra 1:7, 8) Phakathi kwalezi kwakukhona nezitsha ezingcwele uBelishasari nezinduna zakhe ababezingcolisile ngobusuku bokuwa kweBabiloni ngokuzisebenzisa ngendelelo ekudumiseni onkulunkulu bamanga! (Daniyeli 5:3, 4) Manje ababengabathunjwa babengabuyisela lezizitsha eJerusalema futhi bazisebenzisele ukudumisa uJehova!

2. (a) Isiphi isiprofetho sikaIsaya labo ababuyela emuva ababeyosikhumbula? Sasiyosebenza kobani? (b) Kungani babeyalwe ukuba bangathinti lutho olungcolile?

2 Njengoba ayelungiselela ngenjabulo ukuhamba, ngokungangabazeki amaJuda ayebuyela emuva akhumbula amazwi omprofethi uIsaya: “Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.” (Isaya 52:11) Yebo, amaLevi thutha izitsha ngokoqobo. (Numeri 1:50, 51; 4:15) Nokho, uIsaya wayebikezele ukuthi bonke ababuyela emuva babeyobizwa ngokuthi bangabaphathi bezitsha. Kanjalo bonke babebophekile ukuba bahlanzeke. Kwakungamelwe baphuce abaseBabiloni ingcebo yawo njengoba kwenza amaIsrayeli lapho ephuma eGibithe. (Qhathanisa noEksodusi 12:34-38) Lapho bebuyela emuva, kwakumelwe bakhululeke kunoma yiziphi izisusa zokuthanda izinto ezibonakalayo noma zobugovu. Ngokuqondene ‘nemifanekiso’ yaseBabiloni, ukuthinta nje owodwa kwakungaba okungcolisayo.a (Jeremiya 50:1, 2) Kwakungokuba ahlanzeke ngazo zonke izindlela ukuthi amaJuda ayengahamba ‘eNdleleni yobuNgcwele’ ebuyela eJerusalema.—Isaya 35:8, 9.

3. Obani namuhla abaphethe “izitsha” zikaJehova? Kungani kuyinselele kangaka kubo ukuhlala behlanzekile?

3 Namuhla oFakazi BakaJehova kumelwe bahlanzeke ngendlela efanayo njengabaphathi “bezitsha” zikaJehova. Umphostoli uPawulu wacaphuma amazwi kaIsaya wawasebenzisa kumaKristu osuku lwakhe, ethi: “Masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.” (2 Korinte 6:17–7:1) Ngaphandle kokuphila ezweni elingcolile, kumelwe silwe nokuthambekela kwethu okubi okuzuzwe ngefa. (Genesise 8:21) UJeremiya 17:9 uyasikhumbuza: “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?” Abanye bazikhohlisa bona kanye nabanye ngokukholelwa ukuthi ukuphila kwabo kuhlanzekile futhi kuyamukeleka kuNkulunkulu, kulapho eqinisweni kungenjalo. Benza uhlobo lobuzenzisi. Ngakho ngamunye wethu kumelwe azibuze, ‘Ingabe ngenza wonke umzamo ukuze ngihlanzeke phambi kukaJehova kuzo zonke izici?’ Ukuze sisizakale ekwenzeni kanjalo, manje make sigxile ezicini ezine zokuhlanzeka.

Ukuhlanzeka Ngokomzimba: Into Yokuqala

4. (a) Kungani ukuhlanzeka ngokomzimba kuyinto eza kuqala phakathi kwabantu bakaJehova? (b) Kungani kungase kube nzima ngezinye izikhathi ukulondoloza indinganiso ephakeme yokuhlanzeka?

4 Ukuhlanzeka ngokomzimba kuyinto yokuqala namuhla phakathi kwabantu bakaJehova njengoba kwakunjalo ezikhathini zasendulo. (Eksodusi 30:17-21; 40:30-32) Eqinisweni, besingabe siphatha ‘izitsha zikaJehova’ ngenhlonipho yini uma izinwele zethu, izandla, ubuso, amazinyo, noma izinzipho kungcolile, noma sinephunga elibi? Nokho, kulula ukuvumela ukuba izindinganiso zezwe eziphansi zisithonye.—Roma 12:2.

5. (a) Kungani kubaluleke kangaka ukuba sigcine indinganiso yethu yokuhlanzeka iphakeme? Nikeza izibonelo zendawo yakini zendlela lesiseluleko esingasetshenziswa ngayo. (b) Abadala bangasiza kanjani?

5 Singabonakala kanjani sihlukile ezweni uma samukela izindinganiso zezwe eziphansi? Ikhaya elingcolile noma indawo yokukhulekela enukubezekile ngeke yini ibangele ‘ukuba iZwi likaNkulunkulu lihlanjalazwe’? (Thithu 2:5) Kodwa uma silondoloza inhlanzeko enhle ngokomuntu siqu, sicosha izibi ezindaweni zomhlangano, sisiza ekunakekeleni amaHholo oMbuso, futhi sigcina amakhaya ethu—ngisho nezindawo ezicashile—ecocekile futhi ehlanzekile, sikhazimulisa uNkulunkulu! (Qhathanisa no-1 Petru 2:12.) Badala, bekani isibonelo esihle somuntu siqu sokuhlanzeka. ‘Ningagwemi’ ukunikeza iseluleko esifanele lapho kudingeke khona.—IzEnzo 20:20.

6. Kufanele libe yini izinga lokugqoka kwethu emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini?

6 Kuthiwani ngezingubo esizigqoka lapho sikhonza emihlanganweni nalapho sisenkonzweni yasensimini? Akufanele yini zibe ‘ezifanelekayo nezihloniphekayo’? (1 Thimothewu 2:9; Heberu 10:23-25) Ungacabangi ukuthi siphoqeleke ukuba sigqoke kahle kuphela uma sinengxenye emhlanganweni. Ukugqoka ngokunganaki ngokweqile kuwukungahloniphi futhi akukufanelekele ukukhulekela. Izikhwama ezigugile namaBhayibheli anamakhasi agobile emachosheni noma angcolile kuyasithuna isigijimi soMbuso.

Ukugwema Ukonakala Ngokwengqondo

7. NgokwabaseFilipi 4:8, siyini isihluthulelo sokuhlanzeka ngokwengqondo?

7 KwabaseFilipi 4:8 uPawulu waluleka: “Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuthandekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.” Noma kunjalo, yonke indawo sihlaselwa izilingo zokulunguza ‘kokujulileyo kukaSathane.’—IsAmbulo 2:24.

8. Zingafanekiswa kanjani izingozi zezinhlobo ezihlukahlukene zokuzijabulisa? Nikeza izibonelo zendawo yakini.

8 Ngokwesibonelo, ukutholakala kalula kwemibukiso engcolile nenobudlova ngokweqile kuye kwaphumela ezinkingeni ezingathi sína ngabanye abasebenzisi bezidlali-makhasethi zevideo. EYurophu, umzalwane oshadile wayebukela amatape angcolile ngemva kokuba umkakhe eselele. Imbewu yokwenza okubi yatshaleka yagxila, kwaphumela ekuphingeni. (Qhathanisa noJakobe 1:14, 15.) Kwelinye izwe laseAfrika, iqembu lentsha engoFakazi laboleka amatape angcolile kubangane besikole lase liwabukela lapho abazali bengekho. Nokho, umdala eNigeria uyaphawula: ‘Ngokuvamile ingozi enkulu isezinhlelweni ezivamile zeTV ezibonisa ngokufanayo ubudlova, ubugebengu, impi, izigcawu ezibonisa ubulili, nokubukela phansi ukuthembeka emshadweni.’ Amaphephandaba ashibhile anolimi olungcolile, omagazini abanemifanekiso engcolile, izincwadi ezivusa inkanuko yobulili, amabhayisikobho, nomculo owonakalisayo nakho kuyizingozi ezivamile.

9. (a) Kungani kumelwe sikukhethe esikulalelayo, esikubukelayo, nesikufundayo? (b) Kufanele sisabele kanjani uma sihlangabezana nezinto ezisolekayo?

9 Asinakuvumela ukungcolisa izingqondo zethu ngezinto ‘okuyihlazo ngisho nokukhuluma ngazo.’ (Efesu 5:12) Ngakho khetha okulalelayo, okubukelayo, nokufundayo. Qaphela futhi usheshe ukwenqaba izinto ezinyanyekayo. (IHubo 119:37) Lokhu kuyodinga ukuzithiba kwangempela, mhlawumbe ‘ukutuba umzimba wakho nokuwenza isigqila’ ngokomfanekiso. (1 Korinte 9:27) Nokho, khumbula njalo ukuthi lokho esikubukela ekusithekeni uyakubona “ongabonwayo.” (Heberu 11:27) Ngakho kubalekele okusolekayo. “Nihlole ukuthi kuyini okuthandekayo eNkosini.”—Efesu 5:10.

‘Ukuqapha’ Ukuze Uhlale Uhlanzekile Ngokokuziphatha

10. (a) Kungasiphi isizathu esisodwa abaningi kangaka besolwa noma besuswa ekuhlanganyeleni unyaka ngamunye? (b) Isiphi isimiso seBhayibheli okufanele siqondise ukuziphatha kwethu lapho sisemaholidini noma sisemsebenzini?

10 Kwabase-Efesu 5:5 uPawulu waxwayisa: “Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho-sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.” Kodwa, unyaka ngamunye izinkulungwane ziyasolwa noma zisuswe ekuhlanganyeleni ngenxa yokuziphatha okubi kobulili—‘bona imizimba.’ (1 Korinte 6:18) Ngokuvamile, kumane kuwumphumela ‘wokungaqapheli okwezwi [likaNkulunkulu].’ (IHubo 119:9) Ngokwesibonelo, abazalwane abaningi bayeka ukuqapha ukuziphatha kwabo ngezikhathi zamaholide. Beshiya ukuhlangana okungokwasezulwini, baqalisa ubungane nabantu bezwe abasemaholidini. Ecabanga ukuthi laba ‘abantu abahle ngempela,’ amanye amaKristu aye ahlanganyela nabo ezenzweni ezisolekayo. Ngokufanayo, abanye baye baba nomusa ngokweqile kwabasebenza nabo. Omunye umdala ongumKristu wajwayelana nesisebenzi sesifazane kangangokuthi walahla umkhaya wakhe futhi wahlala naso! Kwalandela ukususwa ekuhlanganyeleni. Yeka ukuthi ayiqiniso kanjani amazwi eBhayibheli, “Ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle”!—1 Korinte 15:33.

11. Kungani imibuthano yobuKristu kufanele iqondiswe kahle?

11 ENingizimu Afrika kuvela lombiko: “Enye ingozi esongela ubuqotho babaningi bokuziphatha, amaphathi amakhulu . . . amanye awo enziwa ngemva kwezimiso zemihlangano yesigodi.” Nokho, imibuthano emincane yobuKristu eqondiswa kahle ayivamile ukugcina ‘ngokuxokozela.’ (Galathiya 5:21) Uma kuzoba khona uphuzo oludakayo, malunikezwe ngaphansi kokuqondiswa nangokulinganisela. “Iwayini liyisideleli,” futhi ngaphansi kwethonya lalo, abanye abazalwane baye bayeka ukuqapha ukuziphatha kwabo noma bavusa ubuthaka obebusithele. (IzAga 20:1) Kanjalo, izikhonzi ezimbili ezisencane zahileleka ezenzweni zobungqingili ngemva kokuzitika ngotshwala.

12, 13. (a) Abanye baye bakuthethelela kanjani ukuziphatha okubi? Kungani ukucabanga okunjalo kungokudukisayo? (b) Singahlala kanjani sikuqaphele ukusongelwa kokuziphatha okuhle?

12 Lapho ulingelwa ukuba wone, khumbula ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi singabonakala sihlanzeke kangakanani ngaphandle, okubalulekile yilokho esiyikho ngaphakathi. (IzAga 21:2) Ngokusobala, abanye banomuzwa wokuthi uNkulunkulu uyokuthethelela ukuwela ekuziphatheni okubi okuphindwaphindwayo ngoba babuthaka. Kodwa ingabe lokhu akukhona ‘ukuphendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube izaba zokwenza amanyala’? (Juda 4, NW) Abanye baze ngisho bacabange ukuthi “uJehova akasiboni.” (Hezekeli 8:12) Nokho, khumbula ukuthi “akukho-nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.”—Heberu 4:13.

13 Ngakho qaphela ukusongelwa kokuziphatha okuhle! “Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.” (Efesu 5:3, 4) ‘Enyanya okubi,’ kungakhathaliseki ukuthi kungase kujabulise kangakanani enyameni.—Roma 12:9.

Ukuzigcina Uhlanzekile Ngokomoya

14, 15. (a) Abanye baye bazibeka kanjani esimweni sokungcola okungokomoya? (b) Izihlubuki ziyisebenzisa kanjani ‘imilomo yazo ukubulala umakhelwane wazo’? (c) Kungaziphi izindlela izihlubuki ezingahlanzekile ngazo ngempela, futhi yini eziyikhohliwe?

14 Abanye baye bazibeka esimweni sokungcola ngokomoya ngokuvulela izinhlelo zenkolo emisakazweni nakumathelevishini. Kwelinye izwe laseAfrika, abanye baye babukela imidlalo yeTV ebonisa ngendlela enhle izinkolelo zezinkolo zemimoya. Nokho, umphostoli uPawulu waxwayisa ngengozi ebulala nangaphezulu—izihlubuki ‘ezazichitha ukukholwa kwabanye.’ (2 Thimothewu 2:16-18) Basekhona abantu abanjalo! (2 Petru 2:1-3) Futhi ngezinye izikhathi baye baphumelela ukonakalisa ukucabanga kwabanye. Njengoba izAga 11:9 zisho: “Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe.”

15 Ngokuvamile izihlubuki ziyawukhanga umuzwa wokuzazisa, zizisholo ukuthi siye sancishwa inkululeko yethu, kuhlanganise nenkululeko yokuchaza iBhayibheli ngokwethu. (Qhathanisa noGenesise 3:1-5.) Eqinisweni, laba abangaba abangcolisi akukho lutho abalunikezayo ngaphandle kokubuyela ezimfundisweni ezinengekayo ‘zaseBabiloni Elikhulu.’ (IsAmbulo 17:5; 2 Petru 2:19-22) Abanye bakhanga inyama, benxenxa abakanye nabo ukuba ‘bathathe kalula’ ngoba umsebenzi ophansi wokufakaza endlini ngendlu “awudingekile” noma “awukho ngokombhalo.” (Qhathanisa noMathewu 16:22, 23.) Yiqiniso, labobantu abanolimi olushelelayo bangase babonakale behlanzekile ngaphandle ngokomzimba nangokokuziphatha. Kodwa ngaphakathi bangcolile ngokomoya, bevumele ukucabanga kokuqhosha, kokuzibonela. Sebekukhohliwe konke abakufunda ngoJehova, igama lakhe elingcwele nezimfanelo. Abasavumi ukuthi konke abakufunda ngeqiniso leBhayibheli—ithemba elikhazimulayo loMbuso nomhlaba oyipharadesi nokuchithwa kwezimfundiso ezingamanga, ezinjengoZiqu-zintathu, umphefumulo womuntu ongafi, ukuhlushwa phakade, nesihlanzo—yebo, konke lokhu kweza kubo ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’—Mathewu 24:45-47.

16. Abalungileyo basindiswa kanjani “ngokwazi”?

16 Ngokuthakazelisayo, umbonisi wesifunda eFrance uyaphawula: “Abanye abazalwane abathile bakhohliswa ngoba bantula ulwazi oluqondile.” Yingakho izAga 11:9 zithi: “Kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.” Lokhu akusho ukulalela izihlubuki noma ukuhlola izincwadi zazo. Kunalokho, kusho ‘ukwazisisa imfihlakalo kaNkulunkulu’ ngesifundo seBhayibheli somuntu siqu senkuthalo kanye nezincwadi zeNhlangano ezisekelwe eBhayibhelini. Ubani ongathi enalolulwazi oluqondile, afune ukwazi kangako kangangokuba alalele izinkulumo zezihlubuki? Kwangathi ‘kungebebikho muntu onikhohlisa ngamazwi okuyenga’! (Kolose 2:2-4) Izinkulumo zenkolo ezingamanga ezivela kunoma yimuphi umthombo kufanele zigwenywe njengobuthi! Ngempela, njengoba iNkosi yethu iye yasebenzisa “inceku ethembekileyo neqondayo” ukuba idlulisele kithi “amazwi okuphila okuphakade,” kungani kufanele sifune ukubheka kwenye indawo?—Johane 6:68.

Ingabe Uyohlala Uhlanzekile?

17, 18. Kungani kubalulekile ukuhlakulela (a) ukuhlanzeka ngokomzimba, (b) ukuhlanzeka ngokwengqondo, (c) ukuhlanzeka ngokokuziphatha, (d) nokuhlanzeka ngokomoya?

17 Khona-ke kuningi okuhilelekile ekuhlaleni sihlanzekile phambi kukaJehova uNkulunkulu. Ukugcina imizimba yethu, amakhaya ethu, izingubo zethu, namaHholo ethu oMbuso kuhlanzekile kuhlobisa isigijimi sethu soMbuso. Ukuzigcina sihlanzekile ngokwengqondo kusisiza ukuba sihlale sihlanzekile ngokokuziphatha nangokomoya. Lokhu kusho ukulandela kwethu isiyalo sikaPawulu kwabaseFilipi 4:8, sokuba bagcine izingqondo zethu zisezintweni eziyiqiniso, ezimhlophe, nezitusekayo.

18 Futhi singakuqaphela kangcono kunanini ukuthi kumelwe sihlale sihlanzekile ngokokuziphatha kokubili ngezwi nangesenzo. UJehova usixwayisa ngokucacile ukuthi labo abahileleka kunoma yiluphi uhlobo lokuziphatha okubi ngeke balidle ifa loMbuso kaNkulunkulu. (1 Korinte 6:9-11) Kungakhathaliseki ukuthi izinto ezinjalo ezingcolile zingabonakala zijabulisa kangakanani, uma sihlwanyelela inyama, siyovuma ukonakala enyameni. (Galathiya 6:8) Okokugcina, kukhona indaba yokuhlala sihlanzekile ngokomoya, sihlanzekile ngokwezimfundiso. Ukuhlanzeka okunjalo kuyasisiza ukuba silondoloze ubumsulwa bezinhliziyo nobezingqondo zethu. Kanjalo sishukunyiselwa ukuba ngaso sonke isikhathi sifune imicabango kaNkulunkulu ezindabeni—hhayi eyethu.

19. Yini engasiza kokubili abagcotshiwe ‘nesixuku esikhulu’ ekuhlaleni behlanzekile kuzo zonke izici?

19 Ngokushesha yena kanye umgqugquzeli wokungcola—uSathane uDeveli—kanye namademoni akhe, bayophonswa kwalasha ojulile. Kuze kube yilesosikhathi, kwangathi zonke izinceku zikaJehova—ezigcotshiwe kanye ‘nesixuku esikhulu’—zingahlala zihlanzekile njengabaphathi bezitsha zikaJehova. (IsAmbulo 7:9, 13-15; 19:7, 8; 20:1-3) Impi iyaqhubeka futhi inzima. Nokho, khumbula ukuthi uJehova uwunikeza ngokukhululeka ‘umoya’ wakhe ‘wobungcwele.’ (Roma 1:4) Inhlangano yakhe ehlanzekile, nabadala bayo, nayo ihlala ikulungele ukusisiza ngokusinikeza iseluleko esinengqondo, esingokomBhalo. Sinosizo olunjalo nokuzimisela kwethu siqu, singahlala sihlanzekile kuzo zonke izici!

[Umbhalo waphansi]

a Igama lesiHeberu elisho izithombe elithi gil·lu·limʹ, kwakuyigama lokwedelela ekuqaleni elalisho “indle”—okuthile okwenyanyekayo kumaJuda.—Duteronomi 23:12-14; 1 AmaKhosi 14:10; Hezekeli 4:12-17.

Imibuzo Yokubukeza

◻ Kungani amaJuda ayesuka eBabiloni kwakufanele ahlanzeke?

◻ Singakunakekela kanjani ukuhlanzeka okungokomzimba?

◻ Singazivikela kanjani izingqondo zethu ekonakaleni?

◻ Singahlala kanjani siqaphele izingozi zokuziphatha?

◻ Singakulondoloza kanjani ukuhlanzeka kwethu okungokomoya?

[Isithombe ekhasini 16]

Amakhaya ethu kufanele abe yizibonelo zokunhlanzeka

[Isithombe ekhasini 17]

AmaKristu kumelwe asebenzise ukuhlakanipha ekugwemeni amatape evideo nezinhlelo zeTV ezingase zonakalise ingqondo

[Isithombe ekhasini 18]

Imibuthano emincane ingase ibe eyakhayo ngokokuziphatha

[Isithombe ekhasini 19]

OFakazi abashisekayo ba- zigcina behlanzekile ngoko- moya futhi bathola isivikelo nenjabulo ngokutadisha iBhayibheli ngenkuthalo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela