Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 11/1 kk. 3-4
  • Inkolo Nenkolelo-ze—Abangane Noma Izitha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inkolo Nenkolelo-ze—Abangane Noma Izitha?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkolo—Ingabe Iyakususa Ukwesaba Kokukholelwa Ezeni?
  • Inkolo Yeqiniso Isusa Ukwesaba—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izinkolelo-ze—Kungani Ziphikelela Kangaka?
    I-Phaphama!—1999
  • Ingabe Ukuphila Kwakho Kulawulwa Yizinkolelo-ze?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ingabe Inkolelo-ze Iyahambisana Nemfundiso YeBhayibheli?
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 11/1 kk. 3-4

Inkolo Nenkolelo-ze—Abangane Noma Izitha?

KWAKUNGUMGQIBELO, ngoJune 11, 1983, izakhamuzi esiqhingini saseIndonesia saseJava zazibonakala zigijimela emakhaya azo, ngokutatazela zivala yonke imifantu ophahleni, emafasiteleni, naseminyango. Kungani kwakunokwesaba okungaka? Ukufiphala kwelanga kwakuqalile, futhi izakhamuzi zazesaba ukuthi ithunzi lokufiphala kwelanga lalizongena ezindlini zazo futhi libangele inhlekelele.

Abantu abahlala emazweni okuthiwa asathuthuka ngokuvamile balandela izinkolelo ezinjalo benentshiseko engokwenkolo. Ngakho, kwezinye izingxenye zeAfrika, abantu bayakugwema ukuhamba elangeni emini ngoba “bangase bahlanye.” Izingane ziyenqatshelwa ukudla amaqanda, ngenxa yokwesaba ukuthi “zizoba ngamasela.” Abazali abalisho inani eliqondile lezingane zabo, ngoba “abathakathi bangase bakuzwe uziqhayisa futhi bathathe enye yazo.”—African Primal Religions.

Abantu baseNtshonalanga bavame ukuyihleka usulu imikhuba enjalo njengokuboniswa kokwesaba kokukholelwa ezeni, umkhiqizo ‘wokungazi kobuqaba.’ Nokho, izinkolelo ezinjalo azikho kuphela kwabangemaKristu. UDr. Wayland Hand, uprofesa wamasiko nezilimi zaseJalimane, uthi “zitholakala kubantu emhlabeni wonke.” Yena nasebenza naye uDr. Tally kakade sebeye baqoqa cishe izibonelo eziyisigidi zezinkolelo-ze eUnited States kuphela.

Belangazelela ukwazi ngekusasa labo, abaningi okuthiwa bangamaKristu babheka ekufundweni kwezinkanyezi—olunye lwezinhlobo ezindala kakhulu zezinkolelo-ze. Futhi ngokumangalisayo, izinkolelo zokukholelwa ezeni ngezinye izikhathi zithola ukusekela okusobala kwabaholi benkolo. Ngokwesibonelo, ngosuku olubandayo eNew York, ngoJanuary 10, 1982, inzalamizi yobuOrthodox bamaGreki baseMpumalanga uVasilios wengamela iMisa elalenzelwe esigangeni lokugubha uMkhosi wokukhunjulwa Kokubhapathizwa KukaKristu. Ngemva kwalokho, iNew York Post ibika ukuthi waphonsa isiphambano segolide eMfuleni iEast futhi watshela izibukeli ukuthi umuntu wokuqala oyosilanda uyoba nenhlanhla kukho konke ukuphila kwakhe.

Kodwa ingabe izinkolelo zobuKristu nenkolelo-ze kuyavumelana? Umlobi wake waphawula: “Ethuneni lokholo kuqhakaza imbali yenkolelo-ze.” Ngakho-ke, ubungeke yini ulindele ukuba inkolo yobuKristu iphikisane futhi isuse ukwesaba kokukholelwa ezeni?

Inkolo—Ingabe Iyakususa Ukwesaba Kokukholelwa Ezeni?

Inkolo yeqiniso kumelwe ikususe, futhi ekhulwini lokuqala yakususa. Nakuba amaKristu akuqala ayephila ezweni lamaRoma elalikholelwa ezeni, azilahla izinkolelo-ze. Kodwa ngemva kokufa kwabaphostoli bakaKristu, izimfundiso zenkolo yamanga, kuhlanganise izinkolelo-ze, zaqala ukungena kancane kancane ebandleni. (1 Thimothewu 4:1, 7; IzEnzo 20:30) Isigaba sabefundisi saqala ukuvela kangangokuba, ngokwencwadi ethi A History of the Christian Church, baqhubeka nomkhuba wokusebenzisa ukufundwa kwezinkanyezi nokulandela ezinye izinkolelo-ze. Ngokuhamba kwesikhathi imikhuba enjalo ethandwayo yenziwa yaba “ubuKristu.”

Khona-ke kuthiwani ngesikhathi sanamuhla? Inkolo isawabekezelela amasiko okukholelwa ezeni. Cabanga ngeSuriname, lapho abantu okuthiwa bangamaKristu bozalo lwaseAfrika bengabonakala njalo begqoke izembatho ezithile okucatshangwa ukuthi zivikela imimoya emibi. Enye ingqapheli yathi: “Nsuku zonke labantu baphila, badle, basebenze futhi balale ngokwesaba.” Emhlabeni wonke izigidi ziyesaba ngokufanayo “imimoya” yabafile. Ngokubhinqayo, inkolo ngaso sonke isikhathi iye yathuthukisa izinkolelo zokukholelwa ezeni.

Thatha njengesibonelo lokho okwenzeka esiqhingini saseAfrika saseMadagascar. Lapho izithunywa zevangeli zeLobukholwa ziqala ukusakaza izinkolelo zazo, abantu baseMadagascar babesabela kodwa bengazimisele ukuyeka izinkolelo zamasiko. Kwaba yini ukusabela kwamasonto? IDaily Nation, iphephandaba laseKenya ithi: “Izithunywa zevangeli zokuqala zazibekezelela futhi zivumela noma yini futhi zasemukela lesisimo.” Waba yini umphumela? Namuhla, ingxenye yabantu baseMadagascar ibhekwa njengamaKristu. Nokho, besaba futhi ‘imimoya’ yokhokho abafile! Ngakho, bavame ukumema umpristi noma umfundisi ukuba abusise amathambo kakhokho ngaphambi kokuba abuyiselwe ethuneni lomkhaya. Yebo, abaholi benkolo baye babhebhezela amanga okuthi uNkulunkulu, uDeveli, nokhokho asebafa bangancengwa, bakhohliswe, futhi bafumbathiswe ngokugcina amasiko okukholelwa ezeni.

Kungokufanayo naseNingizimu Afrika, lapho amaphesenti angama-77 abantu bakhona bethi bangamaKristu nenani labasontayo liphakeme. Kodwa, inkolo yaseAfrika engokwesiko, nokwesaba kwayo okhokho asebafa kokukholelwa ezeni, kusekhona phakathi kwezigidi zalabobantu abasontayo. Ngakho, emazweni amaningi okuthiwa awobuKristu, inkolo imane iwulwebu. Lususe, futhi izinkolelo-ze zakudala zingabonakala zisekhona futhi zichuma.

Nokho, inkolo yeqiniso, iyakususa ukwesaba kokukholelwa ezeni. Kanjani? Isihluthululelo siwulwazi. Ulwazi lwani? Futhi ungaluthola kanjani?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela