Yashiywa Yibhasi
NGOLUNYE usuku uJames wabona indodakazi yakhe uRebecca ihamba kancane ngokungajwayelekile lapho iya esiteshini sebhasi lezingane zesikole. Nakuba uRebecca ayelibona ibhasi liza, waqhubeka ehamba kancane kunakuqala futhi washiywa yibhasi ngamabomu.
Ngaleyontambama uJames nomkakhe, uVeronica, baxoxa ngalendaba ngokubukeza indaba ka“Jona Nenhlanzi Enkulu” etholakala encwadini ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Kwakungenye yezindaba ezithandwa uRebecca. Ngemva kokuqeda lendaba, abazali bayihlanganisa nenkinga yendodakazi yabo. Nangempela yalithola iphuzu futhi yathi: “Ngisho noma uJona abaleka futhi wangena enkathazweni olwandle, wagwinywa yinhlanzi futhi yamhlanzela ngaphandle—umsebenzi wakhe ovela kuJehova wawusalokhu umlindile ukuba awenze.”
Ngakusasa uRebecca waya esikoleni enesimo esisha sengqondo egodle INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ekhwapheni.
Ungazitholela ikhophi yalencwadi enemifanekiso emihle, ebhalwe ngokugqamile, enamakhasi angama-256 ngokugcwalisa nokuthumela lesigqebhezana esingezansi.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ngifaka u-R5.