Ingabe Umntanakho Unaso Isikhokhelo Sakhe Siqu?
UKUZE BAHLAKULELE isifiso sokufunda ezinganeni zabo, abazali abahlakaniphile benza zihlale zinezincwadi ezinhle. Ngokwesibonelo, abaningi bayaqikelela ukuthi abantababo banesikhokhelo sabo siqu sikamagazini weBhayibheli INqabayokulinda, esetshenziswa njengesisekelo sezingxoxo zeBhayibheli zamasonto onke emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Kodwa umntwana kumelwe abe neminyaka emingaki ukuze enzelwe isikhokhelo sakhe siqu?
Ekuqaleni kwalonyaka incwadi elandelayo yamukelwa ivela kumama: “Lesikhokhelo esendodana yethu eneminyaka emibili. Phakathi neSifundo seNqabayokulinda, kumelwe ibe neyayo siqu. Ngiye ngazama ukuyinikeza enye lapho singabanga nayo engenamnikazi, kodwa yayiphawula ukuthi izithombe azifani, futhi ifune lé esiyisebenzisayo. Ngiyaqiniseka ngokuthi izithombe ezinemibala emihle zihlaba ngisho nomntwana omncane umxhwele futhi ziyosiza ukwazisa kwakhe kokuqala kokudla okungokomoya engakakwazi ukukuqonda okwamanje.”
Kungani ungaqikeleli ukuthi ngamunye wabantabakho unesikhokhelo sakhe siqu seNqabayokulinda? Thola isikhokhelo sonyaka ngokugcwalisa bese uposa isigqebhezana esingezansi, no-R9.
Sizani ningithumelele INqabayokulinda. Ngifaka u-R9.