Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 10/1 kk. 30-31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe IGehena Liyindawo Yokuhlushwa Emlilweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Liyini Ichibi Lomlilo? Ingabe Liyafana Nesihogo Noma NeGehena?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukusinda Noma Ukubhujiswa “Osizini Olukhulu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 10/1 kk. 30-31

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Kungani uJesu athi iproselite labaFarisi ‘laliyindodana yesihogo ngokuphindiwe’ kunabaFarisi?

Ngokusobala, abeZizwe abaphendukela enkolweni yabaFarisi yobuJuda babegxekwa kakhulu. Kungenzeka ukuthi abanye babo esikhathini esingaphambili babeye balahlwa uNkulunkulu, kodwa lapho beba abaFarisi, balahlwa ngokuphindiwe, ngokuqinisekile beya ekubhujisweni eGehena.

ISigodi sikaHinomi sasiseningizimu noma eningizimu-ntshonalanga yezindonga zaseJerusalema. Ngezinye izikhathi yayiye yasetshenziselwa ukukhonza izithombe nemihlatshelo yabantu. (2 IziKronike 28:1-3; 33:1-6; Jeremiya 32:35) Ngakho saba yindawo yokulahla udoti, kuhlanganise nezidumbu zezigebengu ezazibhekwa njengezingakufanelekele ukungcwatshwa ngethemba lovuko.—Qhathanisa noMathewu 5:22.

IThe New Bible Dictionary (ehlelwe nguJ. D. Douglas, 1962) ithi ‘isigodi sikaHinomi sasakhiwe ngaphandle kweJerusalema, lapho kwakuye kwanikelelwa khona izingane ngomlilo kuMoloki. Saba isibonakaliso esingokwesiprofetho sokwahlulela futhi kamuva sokujeziswa kokugcina.’ UmJesuit uJohn L. McKenzie, kweyakhe iDictionary of the Bible (1965), uyanezela: “Ngenxa yalokhu [indawo yokukhonza ngomhlatshelo ongumuntu] uJeremiya waqalekisa lendawo futhi wabikezela ukuthi yayizoba yindawo yokufa nokungcola (7:32; 19:6 ff). Lesigodi kubhekiselwa kuso, hhayi ngegama kuIs[aya] 66:24, njengendawo lapho izidumbu zezihlubuki kuYahweh zizofakwa khona . . . Nokho, ezincwadini zabefundisi bamaJuda, umlilo waphakade awukhona ngempela ukujeziswa kwaphakade . . . [iGehena] liyindawo lapho ababi bebulawa khona umzimba nomphefumulo, lokho mhlawumbe okuveza umbono wokubhujiswa (Math. 10:28).”

Lapho sifunda ukulandisa okunjengokukuMathewu 15:1-8; Johane 8:12-19, 31-41; 9:13-34; 11:45-53, singaqonda ukuthi kungani uJesu athi abaFarisi babefanelwe ukubhujiswa, okwakufanekiselwa yiGehena. Yiqiniso, abanye babengaphenduka futhi bazuze ukuvunyelwa uNkulunkulu, kodwa njengeqembu, babefanelwe ukubhujiswa kwaphakade. UKristu wathi: “Maye kinina-babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite (ophenduliwe) lilinye, lithi selaba-njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!”—Mathewu 23:15.

Kwakunjalo ngabaFarisi abangamaJuda, kodwa kukanjani labo ababeba amaproselite ‘babeba amadodana esihogo ngokuphindiwe’ kunabaFarisi? Lamaproselite ayengebona abeZizwe ababemane benozwela ngamaJuda noma ngisho labo ababephendukile futhi basokwa. (Luka 7:2-10; Marku 7:24-30; IzEnzo 8:26-34; 10:1, 2) Cha, uJesu wayengakhulumi ngamaproselite ebuJudeni kodwa ngamaproselite ebuFarisini bobuzenzisi. Sasiye saba yini isimo sabo?

Amanye alawa kungenzeka ukuthi ekuqaleni ayeyizoni ezimbi noma abakhulekeli abashiseka ngokungenangqondo bonkulunkulu abangamademoni, ngaleyondlela uNkulunkulu ebalahle ngokungathi sína. Mhlawumbe amanye ayefanelwe ngisho nayiGehena ngoba ngandlela-thile ayeye ona umoya kaNkulunkulu. (Mathewu 12:32) Uma isimo sawo phambi kukaJehova sasingakafinyeleli kulelozinga, ayethatha isinyathelo esibi ngokwengeziwe. Aphenduka ukuze alandele izenzo ezimbi zabaFarisi. Lamaproselite azifaka emkhosini wobuzenzisi nasemibonweni emibi leyo eyagudluza konke ukuziphatha okuhle neqiniso lelo abaningi ababephendulelwe ebuJudeni okungenzeka babelitholile. Ngokusobala, labaFarisi abangamaproselite baba babi ngokwengeziwe kunabafundisi babo abalahliwe. Ngakho ukuba abaFarisi abangamaJuda ‘babengamadodana esihogo,’ lamaproselite ayeyiwo ngokwengeziwe noma, njengoba uJesu akubeka, ngokuphindiwe.

[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 31]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

MAP OF FIRST-CENTURY JERUSALEM

TEMPLE AREA

VALLEY OF HINNOM

(GEHENNA)

[Isithombe]

Ingxenye yeSigodi sikaHinomi namuhla

[Umthombo]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela