Amaphuzu Avelele EBhayibheli UmShumayeli 1:1–12:14
“Mesabe UNkulunkulu, Ugcine Imiyalo Yakhe”
Kulolusuku nenkathi yanamuhla, ukwesaba nokulalela uNkulunkulu kubhekwa njengokungenangqondo. Kodwa incwadi kamShumayeli (ngesiHeberu, Qo·heʹleth) eyabhalwa iNkosi uSolomoni (1:1) eminyakeni eyizi-3 000 edlule, ichaza ubuze bomzamo wesintu esingayinaki injongo kaNkulunkulu.
Okwenza lencwadi ihlabe umxhwele kangaka uhlelo olubanzi lwezihloko umbhali azihlaziyayo—ukuhlakanipha nokubusa komuntu, ingcebo ebonakalayo nezinjabulo, inkolo enemicikilisho, njalonjalo. Zonke lezinto ziyize, ngoba azihlali njalo. Ngakolunye uhlangothi, ukuzindla ngazo kuholela ingqondo ehlakaniphile esiphethweni esisodwa: “Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.”—UmShumayeli 12:13.
“Konke Kuyize”
Siza ufunde isahluko 1 no-2. Lapho kuqhathaniswa nomjikelezo wemvelo ongapheliyo, wonke umzamo womuntu uyadlula futhi ungowesikhashana (1:4-7). Ngisho nomshikashika omkhulu womshumayeli kumelwe udluliselwe komunye mhlawumbe ongacebile kangako (2:18, 19). “Ize,” ngesiHeberu, lisho “umhwamuko” noma “umoya ophefumulwayo.”
◆ 1:9—Kungayiphi indlela ‘kungekho okusha phansi kwelanga’?
Emijikelezweni yemvelo yokuphila kwansuku zonke phansi kwelanga akukho-lutho olusha ngempela. Ngisho nezinto ‘ezintsha’ eziqanjiwe ngokuvamile ziwukusetshenziswa kwezimiso uJehova asezisebenzisile kakade endalweni. Kodwa “phansi kwelanga” uJehova uye waletha izenzakalo ezintsha ezingokomoya ezithinta isintu.—Bheka INqabayokulinda kaMarch 1, 1987, amakhasi 27-9.
◆ 2:2—Ingabe kubi ukuba nesikhathi senjabulo?
Cha, akukubi. Ukuhleka, noma ukuba nesikhathi senjabulo, kungase kusize umuntu akhohlwe izinkinga zakhe okwesikhashana, kodwa izinkinga azipheli. Ngakho-ke ukuzama ukuthola injabulo yeqiniso ngokwenza imibuthano yenjabulo “ngubuhlanya”; akunangqondo. Ngokufanayo, ‘intokozo’ ayizixazululi izinkinga zokuphila. Ngakho-ke imibuthano kanye nezinjabulo ingokuphambene nenjabulo ewumphumela wokuba nesibusiso sikaJehova emsebenzini wakho.—2:24.
Esikufundayo: Kumelwe sisilalele iseluleko sikaSolomoni futhi singenzi ukuphishekela izinzuzo ezibonakalayo nokuhlangenwe nakho okusha okujabulisayo kube ukuphela kwenjongo yokuphila. Kunalokho, kumelwe sibe ‘bahle phambi kukaJehova’ ngokumlalela. Khona-ke siyojabulela isibusiso sakhe ‘esiwukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo.’—2:26.
Konke Kunesikhathi Sakho
Funda izahluko 3 no-4. USolomoni wayengakhuthazi umbono wokunqunyelwa kusengaphambili kokuphila (3:1-9). Kunalokho, wayebonisa ukuthi umuntu akasoze akushintsha lokho uNkulunkulu akwenzile (3:14). Ngaleyondlela, abantu abangcono neze kunezilwane (3:19-21). Ngakho-ke umbono wokubambisana (4:9-12) ungozuzisa kakhulu kunomoya wokuncintisana (4:4).
◆ 3:11—Kukanjani uNkulunkulu enze konke ukuba “kube-kuhle esikhathini sakho”?
Igama elithi “kuhle” linencazelo futhi yamagama athi “kulungile, kufanele, kufanelekile.” Ngesikhathi sakho, indawo efanele lapho umsebenzi ngamunye kaNkulunkulu ufaneleka khona enjongweni yakhe iyakwembulwa. UNkulunkulu wenzele isintu izinto eziningi ‘ezinhle.’ Ngokwesibonelo, wanikeza abantu isiqalo esiphelele e-Edene. Lapho umuntu ewela esonweni wabikezela ngokuza kwenzalo ehlengayo. Ngesikhathi esifanele, uNkulunkulu wathumela iNzalo. Futhi ‘okuhle kakhulu’ kunakho konke, uJehova wenza iNzalo yaba iNkosi yoMbuso waKhe.
◆ 4:6—Ingabe uSolomoni wayesekela impilo elula?
Cha. Kodwa uSolomoni waqaphela ukuthi umshikashika kanye nakho konke okwenziwa ngekhono ngenxa yenzuzo ngokuvamile kuholela ekuncintisaneni nasembangweni (4:4). Ngakolunye uhlangothi, lokhu kungaphumela ezinkingeni ngisho nasekufeni ngokushesha. (1 Thimothewu 6:9, 10) Khona-ke, uyini umbono olinganiselwe? Yaneliswa inzuzo encane ehambisana nokuthula, kunokuba nenzuzo ephindiwe ehambisana nokuzikhandla kanye nombango.
Esikufundayo: Manje isikhathi sokufuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala kunokushisekela izithakazelo zomuntu siqu (3:1). Kumele sisebenze ngobunye namaKristu esikanye nawo kunokuba sizehlukanise (4:9-12). Ngaleyondlela, singathola usizo oludingekayo nesikhuthazo naphezu kobunzima nokuphikiswa.
Ukukhulekela Kweqiniso Kuyenelisa
Funda izahluko 5 no-6. Njengoba uJehova engumninimandla onke, kumelwe sithathe ubuhlobo bethu naye ngokungathi sina, singenzi ngobuwula futhi silindele ukuba amukele “umhlatshelo” wethu (5:1, 2). Lowo owesaba uNkulunkulu uthola ukwaneliseka ekusebenziseni ingcebo yakhe ebonakalayo, kodwa oyigodlayo akayitholi injabulo.—Qhathanisa u-5:18-20 no-6:2, 3.
◆ 5:2—Sisebenza kanjani leseluleko?
Kumelwe sithulule izinhliziyo zethu kuNkulunkulu, kodwa kumelwe sigweme amazwi alawulwa yimizwelo, angenangqondo ngenxa yobukhulu bakhe nobukhosi. (IHubo 62:8) Kunokuba senabe kakhulu, kumelwe sisebenzise inkulumo elula, nesu ka enhliziyweni. (Mathewu 6:7) Ngamazwi esiHeberu amafushane ayisihlanu kuphela, uMose wacelela uMiriyamu futhi wathola impendulo enhle.—Numeri 12:13.
◆ 6:9—Kuyini “ukuzulazula kwesifiso”?
Lamazwi asho ukufuna okungenasiphelo ukwanelisa izifiso ezingenakugcwaliswa. Lokhu kuphikisana ‘nokubona ngamehlo,’ okusho ukubhekana neqiniso. Khona-ke, njengoba sazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu kuphela ongaletha ushintsho lwangempela, kumelwe saneliseke futhi singavumeli izifiso ezingenakufinyelelwa ukuba zisamuke ukuthula.
Esikufundayo: Endaweni yethu yokukhulekela, kumelwe sibonise inhlonipho efanele futhi sibe ngabalalelisisayo (5:1). Futhi kumelwe sisheshe ukugcwalisa izibopho zethu phambi kukaJehova. Uma sishadile, lokhu kuhlanganisa ukugcwalisa isifungo sethu somshado.—5:4.
Amazwi Okuhlakanipha
Funda izahluko 7 no-8. Umshumayeli ucabanga ngemiphumela engcono yokufa (7:1-4) nangokubaluleka kokuhlakanipha (7:11, 12, 16-19); uxwayisa futhi nangowesifazane ongalungile (7:26), Kunikezwa iseluleko ezindabeni ezinjengokwenza ngokuhlakanipha kubabusi (8:2-4) nokungathukutheliswa ukwahlulela ngokungalungi.—8:11-14.
◆ 7:28—Ingabe lamazwi alulaza abantu besifazane?
Kuyabonakala ukuthi indinganiso yokuziphatha eyayikhona yayisezingeni eliphansi kakhulu. Khona-ke, uSolomoni wayekhuluma ngokuntuleka kwamadoda noma abesifazane abalungileyo ngalesosikhathi. Phakathi kwabantu abayinkulungwane, kwakunzima ukuthola indoda eyodwa elungileyo, futhi kwakunzima ngisho nangokwengeziwe ukuthola owesifazane oyedwa olungileyo. Nokho, iBhayibheli likhuluma “ngowesifazane olungileyo” kanye “nomfazi okhutheleyo.” (Ruthe 3:11; IzAga 31:10) Lelivesi Iingase libe ngokwesiprofetho futhi, ngoba owesifazane akakaze anikeze uJehova ukulalela okupheleleyo, kunalokho kuye kwaba yindoda—uJesu Kristu.
◆ 8:8—Umshumayeli wayekhuluma ngani lapha?
Wayekhuluma ngokufa. Akekho ongavimbela amandla okuphila ekubeni asuke emangqamuzaneni akhe ngenjongo yokuhlehlisa usuku lokufa. Empini elwiwa nesitha sethu esivamile ukufa, akekho ongase angathinteki noma athumele omunye esikhundleni sakhe. (IHubo 49:7-9) Ngisho nababi namaqhinga abo obuqili ngeke bakubalekele ukufa.
Esikufundayo: Nakuba ingcebo ebonakalayo isiye yaba injongo yokuphila kwabaningi, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuphela okungaholela ekuphileni okuphakade. (7:12; Luka 12:15) Ukufisa ‘izinsuku ezinhle zakuqala’ akunakusenzela izinto zibe ngcono (7:10). Kunalokho, “kuzakuba-kuhle” kithi kuphela uma siqhubeka sesaba uNkulunkulu.—8:5, 12.
Izenzakalo Zokuphila
Funda izahluko 9 no-10. Ukuphila kuyigugu, futhi uNkulunkulu ufuna ukuba sikujabulele (9:11, 12), kungcono ukulalela ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, nakuba abantu abaningi bengakwazisi (9:17). Ngenxa yezinkinga zokuphila, kumelwe silinde izinhliziyo zethu (10:2), siqaphele kukho konke esikwenzayo, futhi senze ngokuhlakanipha.—10:8-10.
◆ 9:1—Kukanjani imisebenzi yabalungileyo isesandleni sikaNkulunkulu?
Nakuba usizi lwehlela abahlakaniphileyo nabalungileyo, lokhu kwenzeka kuphela ngemvume kaNkulunkulu, futhi akasoze abashiya. ‘Ngesandla’ sikaNkulunkulu, noma amandla awasebenzi sayo, abalungileyo bangase bakhululwe ovivinyweni noma baqiniswe ukuba balukhuthazelele. (1 Korinte 10:13) Ukukhumbula leliqiniso kungaba induduzo encekwini kaJehova lapho kufika ubunzima.
◆ 10:2—Kukanjani inhliziyo ingasesandleni sokunene?
Ngokuvamile ‘isandla sokunene’ sibonisa uhlangothi lomusa. (Mathewu 25:33) Ngakho-ke iqiniso lokuthi inhliziyo yomuntu ohlakaniphile ‘ingasesandleni sokunene’ libonisa ukuthi imshukumisela ekuphishekeleni inkambo enhle, elungile. Kodwa isiwula sintula isisusa esihle futhi senza ngobulima nangendlela engafanele. Ukuba kwenhliziyo yaso “ngakwesokhohlo” kubonisa ukuthi sishukunyiselwa ukuba silandele umkhondo wokungalungi.
Esikufundayo: Njengoba ukufa okungazelelwe kungafikela noma ubani wethu (9:12), kumelwe sisebenzise ukuphila kwethu enkonzweni kaJehova njengoba ukufa kungahlasela noma yinini kuqede yonke into (9:10). Sidinga futhi ukuba sibe nekhono enkonzweni yethu ngoba ukulintula, ngisho nasezintweni ezilula njengokumba umgodi noma ukucanda ukhuni, kungase kube yingozi kithi nakwabanye.—10:8, 9.
Intsha Nenjongo Yokuphila
Funda izahluko 11 no-12. Sonke kumelwe sizifundise ukuphana futhi sithathe isinyathelo esiqondile (11:1-6). Intsha esebenzisa kahle isikhathi sayo namandla ekukhonzeni uMdali ngeke izisole kamuva ekuphileni (11:9, 10). Kunalokho, iyokuba nokwaneliseka kokuthokozisa uNkulunkulu ngaphambi kokuba ilahlekelwe impilo namandla ayo.—12:1-7; bheka INqabayokulinda ka-April 1, 1978, amakhasi 19, 20.
◆ 11:1—Kusho ukuthini ‘ukuthuma isinkwa’ ngaleyondlela?
Isinkwa siwukudla okuyisisekelo ekuphileni. Ukusithumela ‘emanzini’ kusho ukwahlukana nokuthile okuyigugu. Nokho, “uyakusifumana,” ngoba ophanayo uyobuyiselwa ngendlela engalindelekile.—Luka 6:38.
◆ 12:12—Kungani kunombono ophambene kangaka ngezincwadi?
Uma kuqhathaniswa neZwi likaJehova, imiqulu yezwe ‘engenakuphela’ iqukethe imicabango yomuntu. Eminingi yalemicabango ibonisa umqondo kaSathane. (2 Korinte 4:4) Ngokufanelekileyo, “ukufunda okuningi” ezintweni ezinjalo zezwe kunikeza okuncane kwezinto ezihlala njalo.
Esikufundayo: NjengoSolomoni, kumelwe sizindle ngalokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngokuphila. Khona-ke ukuzimisela kwethu ukwesaba nokulalela uNkulunkulu kuyoqiniswa. Ukwazi ukuthi uJehova usikhathalela kakhulu (12:13, 14) kusisondeza eduze naye.
Ngakho-ke, kwangathi ‘singesaba uNkulunkulu, sigcine imiyalo yakhe.’ Lokhu kuyisibopho sethu futhi kuyoletha injabulo engapheliyo.