Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 9/1 kk. 30-31
  • Okuphawulekayo Okwafezwa ECosta Rica

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulekayo Okwafezwa ECosta Rica
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 9/1 kk. 30-31

Okuphawulekayo Okwafezwa ECosta Rica

“NENZA esisanda kufunda nje ngakho!” Kuphawula unjiniyela wokwakha owayezobona igatsha elisha lakhiwa endaweni eqhele ngamakhilomitha ayishumi nanye eSan José, eCosta Rica.

Yini eyayiphawuleka kangaka ngalezakhiwo? Zakhiwa ngendlela yokwakhiwa kwezindonga bese zimiswa—okungeyokuqala eCosta Rica. Izisekelo nezinsika kwakhiwa kuqala. Khona-ke, khona esizeni, izingxenye zikakhonkolo zezindonga zabekwa enye phezu kwenye. Lezingxenye zezindonga ezakhelwe eceleni zabe sezimiswa futhi zanyuswa ngomshini zase zixhunyelwa ezindaweni zazo ezifanelekile. Ekugcineni, kwafakwa uphahla, futhi konke okwase kumelwe kwenziwe kwakuyimininingwane yokuqedela.

Lesakhiwo futhi sasiwumzamo wokuqala weWatch Tower Society wokwakha isakhiwo ngendlela yokwakhiwa kwezindonga bese zimiswa ngaphandle kweUnited States. Ngenxa yalesizathu, kwakukhona izisebenzi ezazivela kwamanye amagatsha ahlela ukwakha noma ukwandisa ukuze zibone indlela lenqubo esebenza ngayo. Kwakukhona futhi nonjiniyela nochwepheshe bokwakha abavela kwezinye izinhlangano. Bonke bahlabeka umxhwele ngalokho abakubona.

Izakhiwo zakhiwa ngohlobo oluhle lwaseSpain, zaba nophahla lwamatile abomvu namafasitela agobekile. Umgwaqo ozungeza ingadi esasiyingi uholela endaweni eyinhloko yokungena nasendaweni yokuphumula. Ngakwesokudla kunesakhiwo sokuhlala esiyizitezi ezimbili, esinamakamelo angama-24 kanye nekamelo elikhulu lomkhaya elinomtapo wezincwadi, izindawo zokutadisha, kanye neziko elihle. Kulesakhiwo kuxhunywe ikamelo lokudlela elingahlala abantu abayi-100, nekhishi lesimanje nelondolo. Ngaphesheya kwegceke kunesakhiwo samahhovisi esinamahhovisi ahlukahlukene ayi-13 nekamelo lomhlangano elisengadini endaweni evulekile. Ngakwesobunxele kunesakhiwo esikhulu esiyindawo yokugcina izincwadi nezinye izinto.

Wonke umuntu oke wavakasha wamangala ngalokho akubona. Kwakuvame ukuzwakala amazwi athi: “Yeka umsebenzi osezingeni eliphezulu!” “Angikaze ngiyibone into enhle njengalena!” “Ngokusobala lona umsebenzi wokuzithandela.”

Ngempela, konke lokhu kwenziwa kwaba nokwenzeka ‘ngokuzithandela.’ Abazalwane nodade abangaphezu kwezi-4 700, kuhlanganise nabangama-295 abavela kwamanye amazwe, basebenza izinyanga ezingama-24 esakhiweni. Izinto eziningi zokwakha zenziwa esakhiweni. Ngokwesibonelo, ngokushesha kwakhiwa umshini wokukhuphula impahla oyizitezi ezimbili, abazalwane abawubiza ngothando ngokuthi uJulio. Imishini yokuxova ukhonkolo eyaziwa ngokuthi uBertha noMartha yathengwa futhi yalungiselwa isakhiwo. Izibani, umsebenzi wokwakhiwa kwensimbi, izitebhisi nezindawo ezingaphezu kwazo ezakhiwe ngemabule kaPalladio, nokunye, konke kwakhiwa abazalwane ababengenakho okuhlangenwe nakho okukhethekile kulezici. Umqondisi wesakhiwo wathi: “Umdlandla wabazalwane bakulelizwe ngesakhiwo wawuphawuleka.”

Umvuthwandaba womdlandla waboniswa ngoJanuary 4, 1987, lapho isixuku sabayizi-13 111 sifika ekunikezelweni kwesakhiwo. Uvulande ongasohlangothini olusenyakatho lwekamelo lomkhaya wasetshenziswa njengesiteji futhi isixuku saqoqana emabaleni amakhulu ngezansi. Abazalwane uM. G. Henschel noL. A. Swingle beNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova babeyizikhulumi eziyinhloko esimisweni. Inkulumo yentshiseko kaMzalwan’ uSwingle yayinesihloko esithi “UJehova Uqhubeka Ekhulisa,” futhi enkulumweni yokunikezelwa kwesakhiwo, uMzalwan’ uHenschel wasiza bonke ukuba baqaphele ukuthi isakhiwo esihle siwusizo kubantu bakaJehova kuphela uma beqhubeka bekhiqiza izithelo zomoya wakhe.

Kulesenzakalo esikhethekile kwakukhona futhi amalungu omkhaya wokuqala wezithunywa zevangeli zaseGileyadi eCosta Rica. Manje esegugile, ashukunyiswa ngokujulile yilokhu kuhlangana kanye nobufakazi obusobala besibusiso sikaJehova esicebile emsebenzini wokushumayela ngoMbuso eCosta Rica eminyakeni edlule. Ngalelilungiselelo elimangalisayo lekhaya elinjena elikhulu, elinethezekile, neliwusizo, bonke ababekhona baqiniseka ngokuthi igama likaJehova lizokhazinyuliswa ngokwengeziwe kulelizwe elifudumele.

[Izithombe ekhasini 31]

Ingxenye yodonga eyakhelwe eceleni iyamiswa . . . futhi ifakwa endaweni yayo

Umgwaqo ozungezayo uholela esakhiweni sohlobo lwaseSpain

Ingxenye yesixuku esishisekayo ngosuku lokunikezelwa kwesakhiwo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela