Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 9/1 k. 29
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amagama Obani Abhalwe “Encwadini Yokuphila”?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Libhaliwe Yini Igama Lakho “Encwadini Yokuphila”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Sondela KuNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ukulungisiswa Njengomngane KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 9/1 k. 29

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Iyini ‘incwadi yokuphila,’ futhi igama lami lingalotshwa kanjani kuyo futhi ligcinwe likhona?

Izingcaphuno ezihlukahlukene zeBhayibheli zibonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu ‘unencwadi,’ noma “umqulu,” enamagama abantu abathembekile abasohlwini lokwamukela ukuphila okuphakade, ezulwini noma emhlabeni.

Esemazulwini uNkulunkulu weqiniso uphawula abantu ababonisa ukholo, abafanelwe ukwamukelwa nokukhunjulwa nguye. Ngokuqondene namanye amaJuda osukwini lukaMalaki siyafunda: “Khona abamesaba uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.”—Malaki 3:16.

Ngokusobala, kusukela esikhathini sika-Abela kuqhubeke, uNkulunkulu ubephawula, njengokungathi uloba phansi encwadini, labo abasezweni lesintu esingasindiswa okumelwe bakhunjulwe ngenjongo yokuphila okuphakade. (Mathewu 23:35; Luka 11:50, 51) Ngokufanayo, namaKristu agcotshiwe ‘amagama awo aye alotshwa kulencwadi yokuphila,’ noma incwadi yokukhumbula ngenjongo yokuthola ukuphila okuphakade, kuwo lokho kuyoba ukuphila kwasezulwini. (Filipi 3:14, 20; 4:3) Siqhathanisa nalabo ‘abamangalayo’ ngokuphathelene ‘nesilo,’ isAmbulo 17:8 sithi: “Labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila, selokhu kwasekelwa izwe.”

Kodwa ukuphawulwa komuntu ngaleyondlela ngokukhunjulwa nokwamukelwa (ukulotshwa kwegama lakhe “encwadini yokuphila”) akusho ukuthi nakanjani uzothola ukuphila okuphakade, njengokungathi lokhu kwakumiswe ngaphambili noma akunakushintshwa. Ngokuqondene namaIsrayeli, uMose wacela uJehova: “Nokho uma ubathethelela isono sabo—; kepha uma ungabathetheleli, ake ungesule encwadini yakho oyilobileyo.” UNkulunkulu waphendula: “Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami.” (Eksodusi 32:32, 33) Yebo, ngisho nangemva kokuba uNkulunkulu ebhale othile ngokumamukela “encwadini” yakhe, umuntu angase angalaleli noma alahle ukholo lwakhe. Uma lokho kwakwenzeka, uNkulunkulu ‘wayezolesula igama lakhe encwadini yokuphila.’—IsAmbulo 3:5.

Ngakolunye uhlangothi, uma amagama ethu manje ‘esencwadini yokuphila’ kaNkulunkulu, noma “incwadi yokukhumbula,” kumelwe siqhubeke sibonisa ukholo. Ngaleyondlela siyogcina amagama ethu ekuyo. Ngokufanayo, njengoba abantu bevuswa ‘ovukweni lwabangalungile’ oluzayo, bayoba nethuba lokubonisa ukholo futhi ngalokho bafanelekele ukuba amagama abo alotshwe kuleyoncwadi. (IzEnzo 24:15) Ekugcineni, abantu abalotshwe ngaleyondlela bayokwazi ukugcina amagama abo ekuyo phakade. Lokho kunjalo ngabagcotshiwe njengoba bezibonakalisa ‘bethembekile kuze kube sekufeni.’ (IsAmbulo 2:10; 3:5) Ngalabo abanamathemba asemhlabeni, ngokuzibonakalisa bethembekile manje, kuze kuphele ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, futhi baze badlule ovivinyweni lokugcina oluzolandela, amagama abo ‘ayolotshwa phakade encwadini yokuphila.’—IsAmbulo 20:5-15.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela