Ukuphila NeNkonzo KaJesu
UJesu Wondla Izinkulungwane Ngokuyisimangaliso
ABAPHOSTOLI abayi-12 baye bajabulela uhambo oluphawulekayo lokuyoshumayela kulo lonke elaseGalile. Manje, ngokushesha ngemva kokubulawa kukaJohane, babuyela kuJesu futhi balandisa okuhlangenwe nakho kwabo okumangalisayo. Ebona ukuthi bakhathele nokuthi abantu abaningi kakhulu bayafika futhi bahambe kangangokuthi abanaso ngisho nesikhathi sokudla, uJesu uthi: ‘Masiye thina sodwa endaweni eyihlane lapho ningaphumula khona.’
Begibela umkhumbi wabo, mhlawumbe eduze naseKapernawume, baqonda endaweni eyihlane, ngokusobala ngasempumalanga yeJordani ngalé kweBetsayida. Nokho, abantu abaningi bayababona behamba, futhi abanye bayezwa ngakho. Bonke laba babagijimela ngaphambili ogwini, futhi lapho umkhumbi ufika, sebekhona bezobahlangabeza.
Lapho ephuma emkhunjini futhi ebona isixuku esikhulu, uJesu ushukunyiswa yisihe ngoba abantu banjengezimvu ezingenamalusi. Ngakho uphulukisa abagulayo babo futhi uqala ukubafundisa izinto eziningi.
Ngokushesha isikhathi siyadlula, futhi abafundi bakaJesu beza kuye bathi: “Lendawo iyihlane, isikhathi sesidlulile; bamukise ukuba baye emaphandleni nasemizaneni ezungezileyo, bazithengele ukudla.”
Nokho, ephendula uJesu uthi: “Bapheni nina ukudla.” Khona-ke, njengoba kakade uJesu wayazi ukuthi yini ayezoyenza, uvivinya uFiliphu ngokumbuza ukuthi: “Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?”
Ngokombono kaFiliphu lesimo asinakhambi. Phela, cishe amadoda akhona ayizi-5 000, futhi mhlawumbe abantu abangaphezu kwezi-10 000 uma kubalwa nabesifazane nabantwana! UFiliphu uyaphendula: “Izinkwa zawodenariyu [ngalesosikhathi udenariyu kwakuwumholo wosuku] abangamakhulu amabili zingebanele, kube-yilowo nalowo athole ingcosana.”
Mhlawumbe ukuze abonise ukuthi akunakwenzeka ukondla abantu abaningi kangaka, uAndreya uyaphawula: “Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili,” enezela: “Kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?”
Njengoba kusentwasahlobo, ngaphambi nje kwePhasika lika-32 C.E., kunotshani obuningi obuluhlaza. Ngakho uJesu uyala abafundi bakhe ukuba batshele abantu ukuba bahlale otshanini ngamaqembu abangama-50 nabayi-100. Uthatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, ubheka ezulwini, futhi uyakubusisa. Khona-ke uqala ukuhlephula izinkwa nokwahlukanisa izinhlanzi. Ukunikeza abafundi bakhe, bona abakunikeza abantu. Ngokumangalisayo, bonke abantu badla baze basuthe!
Kamuva uJesu utshela abafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki-lutho.” Lapho bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyi-12 ngemvuthuluka yalokho abakudlile! Mathewu 14:13-21; Marku 6:30-44; Luka 9:10-17; Johane 6:1-13.
◆ Kungani uJesu efunela abaphostoli bakhe indawo engasese?
◆ UJesu ubasaphi abafundi bakhe, futhi kungani isidingo sabo sokuphumula singagcwaliseki?
◆ Lapho isikhathi sesihambile, yini abafundi abayikhuthazayo, kodwa uJesu ubanakekela kanjani abantu?