Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 7/15 kk. 25-27
  • ‘Ukudoba Abantu’ EArctic

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ukudoba Abantu’ EArctic
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izihlokwana
  • Ukuhamba Isiqhingi Nesiqhingi
  • Ukusabela Okuhle EArctic Ebandayo
  • Okuhlangenwe Nakho Okucebisayo
  • Uhambo Luyaqhubeka
  • Uhambo Lwasolwandle Olungenakukhohlakala
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 7/15 kk. 25-27

‘Ukudoba Abantu’ EArctic

Njalo ehlobo oFakazi BakaJehova abaningi bashumayela “emasimini angabelwe”—izindawo ezisemaphandleni ezingenawo amabandla ami siwe. Abaningi babo bangabantu abasebenzayo nabafundi abasebenzisa isikhathi sabo sokuphumula benza lokho. Abanye bangamaphayona esikhathi esigcwele abandisa inkonzo yabo. Bathola injabulo yokuletha izindaba ezinhle kubantu abangabodwa neyokusondela eduze nemikhaya yabo nabafowabo abangokomoya. Lena yindaba yohambo olunjalo enyakatho ekude.

ISIKEBHE sokudoba iSkagstein sasuka kancane kancane ogwini. Kwakusehlobo kusihlwa. Umoya opholile wasempumalanga washaya olwandle futhi waletha ukuqabuleka okuvela ephungeni lezinhlanzi nasemafutheni ohlobo oluthile lwenhlanzi. Sime esikebheni, savalelisa iBåtsfjord, idolobha elikhulu okudotshwa kulo elisempumalanga Finnmark, eNorway.

Phakathi kwakunamatilosi ayisishiyagalombili. UØivind no-Åshild babeze eBåtsfjord eminyakeni eyi-11 edlule ukuzosiza ngomsebenzi wokushumayela kulensimu engabelwe. Manje, njengoba base bethu thela kwenye indawo, ibandla elalicishe libe nabamemezeli boMbuso abangama-40 lalichuma lapha. Abanye ababengamatilosi kwakuwumshayeli, uJarle (umdobi oyingcweti futhi oyiphayona “lesikhashana”), odade ababili abangamaphayona, umshayeli wekheshi, isisebenzi sasezimbonini, nomabhalane ovela eMkhayeni waseBethel eNorway. Yini eyahlanganisa leliqembu ndawonye? Futhi babethatha hlobo luni lohambo?

Ukuhamba Isiqhingi Nesiqhingi

Ngalesikhathi uJarle wayengadobi izinhlanzi icodfish. Sasihlose ukuhambela isiqhingi nesiqhingi nesabelo ngesabelo ngesikebhe iSkagstein sisuka eBåtsfjord enyakatho ekude siya eBrønnøysund ezweni laseNordland. Sasiyobe sihlanganise indawo engaphezu kwengxenye yogu lwaseNorway. Ngani? Phela, iningi lalezindawo lingafinyelelwa kuphela ngezikebhe okungezona ezomphakathi, futhi kwenzeka kanye emva kweminyaka eminingi ukuba oFakazi BakaJehova beze kulezindawo nesigijimi soMbuso. Sasinqume ‘ukuyodoba abantu’ kulezindawo ezisezabelweni.—Mathewu 4:18, 19.

Isikebhe saphuma eBåtsfjorden saya ngasentshonalanga sagudla ugu bonke ubusuku. Kwakuwusuku lokuqala kuJuly. Inyanga, eyayisibekelwe amafu amancane, yayikhanya kancane, ngokuluhlazana. Izinkulungwane zezinyoni zasolwandle amasea gulls namakittiwakes zazibonakala zihleli emaweni. Isimo samagagasi olwandle sasisihle, ngokusho komshayeli. Kodwa ngabathile bethu abangakaze bahambe olwandle, sasisibi.

Ekuseni ngosuku olulandelayo sasondela eduze kwechweba iHonningsvåg. Kulapha lapho “ukudoba” kwethu—umsebenzi wokushumayela—kwakuzoqala khona. Abantu baseNyakatho Norway banedumela lokwamukela izihambi. Ngemva kokulandisa kafushane ngokuthunywa kwethu, sasivame ukunikezwa indawo yokuhlala ekhishini futhi silethelwe ikhofi. Khona-ke kwakudingeka ukuba silandise ngokugcwele ukuthi singobani, sivelaphi, umsebenzi wethu, igama nobukhulu besikebhe sethu, ukuthi ikhona yini inhlanzi esike sayidoba, nengxenye esele yohambo lwethu. Kwakuba ngemva kokuba sesilandise ngakho konke lokho lapho sasingaqala khona ukukhuluma ngesasikuzele—izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.

Ukusabela Okuhle EArctic Ebandayo

Ingabe isigijimi sasiyokhanga kulabantu abasesiqhingini esisenyakatho Arctic Circle esiqhele ngamakhilomitha angama-480? Yini eyayibakhathaza ngempela? Yilokho kanye okukhathaza abantu kuyo yonke indawo: ukungahluleli ngokulunga kwezenhlalo, ukuswelakala komsebenzi, imali, izinkinga zomkhaya nezomuntu siqu. Futhi babekhathazwe yisimo esibucayi sezwe—izinkinga zenyakatho neningizimu nombango wempumalanga nentshonalanga.

Kwakulula ngathi ukukhomba ekhambini leBhayibheli—uMbuso kaNkulunkulu. Futhi yeka indlela okwakuvuza ngayo ukubona ikusasa elimnyama nokungabaza kuphela futhi esikhundleni sakho kuba khona injabulo nethemba! Iningi labantu kulezindawo ezikude liye lawuthandazela uMbuso kusukela ebuntwaneni, kodwa alikaze ngempela likuqonde lokho okushiwo umthandazo onjalo. (Mathewu 6:9-13) Sashiya izincwadi zeBhayibheli kubantu abaningi abahlala esiqhingini futhi sahlela ukubhalelana nabo ukuze sibagcine benesithakazelo.

Nakuba kwakuyisikhathi sasehlobo, izinga lokushisa cishe lalingu-2° centigrade eRolvsøy, futhi kwakuvunguza umoya omkhulu. Eqhaqhazela futhi efake ijazi lakhe, omunye umzalwane waqonda endodeni eyayimi ogwini.

“Uyagodola?” kubuza indoda.

“Eh . . . ” kungabaza umzalwane.

“Woza uzothola okuthile okushisayo okudliwayo nokuphuzwayo!”

Phakathi endlini, umzalwane wayiswa ekhishini, lapho umfazi walendoda ayematasa khona.

“Likhona ikhofi ongalipha lendoda?” kubuza indoda.

Kwaphuzwa ikhofi elishisayo elinezingcezu zesinkwa, ujamu wokuzenzela owenziwe ngamajikijolo, nenhlanzi isalmon. Ngemva kwengxoxo emnandi, umzalwane washiya izincwadi ezithile zeBhayibheli futhi waqhubekela endlini elandelayo, efudumele futhi ekhuthazekile. Lokhu kwakungokuhlangenwe nakho kokufakaza kubantu abanomusa nabamukela izihambi abakulezindawo ezikude, ezingazodwa.

Okuhlangenwe Nakho Okucebisayo

Njengoba iSkagstein yayinqamula amagagasi isuka esiqhingini iya kwesinye, amatilosi ahlanganiswa ndawonye ngezindlela ezingaphezu kweyodwa. Abantu abayisishiyagalombili abahlala ndawonye izinsuku eziningi namasonto esikebheni esingamamitha ayi-12 bayashesha ukwazi izici zomuntu ngamunye ezimehlukanisayo kwabanye. Safunda ukubekezelelana nokucabangelana. Izici ezingalolongekile zalolongwa, futhi ubuntu bethu bobuKristu bathuthukiswa. (Kolose 3:9, 10) Khona-ke okuhlangenwe nakho kwaba okuzuzisa kakhulu.

Sindawonye, sasixoxa ngetekisi leBhayibheli lansuku zonke futhi sixoxe ngokuhlangenwe nakho kosuku. Sasibukeza okushiwo nokwakwenziwe nalokho okungenzeka kushiwo futhi kwenziwe. Lokhu kwasishukumisela ukuba senze imizamo eyengeziwe yokuba ngabaphumelelayo ekukhulumeni nabantu. Abancane nabasebasha enkonzweni bamukela iseluleko nes.ikhuthazo esihle sokwandisa inkonzo yabo.

“Bengilokhu ngicabanga ngenkonzo yesikhathi esigcwele selokhu ngabhapathizwa,” kusho uBjørn oneminyaka engama-27 ubudala. “Phakathi nohambo lwethu, isifiso nesibindi ‘sokuvivinya uJehova’ sakhula kancane kancane kimi. Ngajabulela ukuzwa indlela esingaba nokumethemba ngayo uJehova. Uhambo lwenza kwaba lula ngami ukungenela umsebenzi wamaphayona.”—Malaki 3:10.

Uhambo lwasisiza futhi ukuba sibone ngokucace ngokwengeziwe ukuphuthuma kwezikhathi. Imiphakathi eminingi esayivakashela yayifa kancane kancane. Izimboni zokudoba zazivalwa. Amahhovisi eposi nezitolo kwakuvalwa. Abantu babekhathazeka ngokubona intsha ithutha iyofuna imisebenzi emadolobheni akude, ishiya ngemuva izindlu ezintsha nendlela yokuphila yesiko. Kuwo wonke umhlaba, izigidi azinamakhaya futhi zilambile. Lapha uthola amakhaya angenabantu nokudla okuningi okuvela olwandle. Nokho, bancane kakhulu abakufunayo. Konke lokhu kuwubufakazi bokuthi izwe liyehluleka ukuba nokulinganisela.

Uhambo Luyaqhubeka

Saqhubeka sisuka enyakatho Sørøya siya eKvænangen. Kwezinye izitobhi, sasiya ogwini ngokusebenzisa isikebhe esincane. Kodwa kwezinye izindawo, iSkagstein yayikwazi ukusondela eduze nogu. Iningi labantu bendawo laliqoqana ukuzobona ukuthi lezihambi zazingobani ngoba kubona sasingafani ngempela nabadobi. Lapho bethola ukuthi sasingoFakazi BakaJehova abeza nezindaba ezinhle ezivela eBhayibhelini, ngokuvamile kwakulandela izingxoxo ezinhle.

Ngemva kokuhlanganisa lendawo, saya eTromsø, lapho abanye bethu babezoya khona eMhlanganweni Wesigodi “Wokuthula Kwaphezulu.” Lengxenye yohambo yayingokuhlangenwe nakho okuvelele ngempela. Kwakusebusuku, kodwa inyanga yayikhanya bhá esibhakabhakeni. Ngakwesokudla, kwakuneziqhingi ezimnyama neziqhingana ezazisethunzini. Ngakwesobunxele, izintaba ezazimbozwe yiqhwa zazikhazinyuliswa yilanga. Isimo sezulu sasisihle, nolwandle lwalunamagagasi anesizotha. Konke kwakuzothile, ngaphandle kwenjini eyayiduma nomculo omncane oqabulayo womsakazo wethu. Yeka isimo esijabulisayo!

Ngemva komhlangano wesigodi eTromsø, kwaba noshintsho oluncane ematilosini. Khona-ke uhambo lwaqhubeka, sagudla iSenja futhi sanqamula eziqhingini ezingamaqembu e Vesterålen saya eBodø sabe sesehla siya eBrønnøysund, lapho uhambo lwethu lwaluzogcina khona. Ezindaweni eziningi ezisendleleni, njengeRødøy, sahlangana nabantu ababengakaze bakhulume noFakazi BakaJehova. Kwase kuphele iminyaka eminingi ukuhambela kokushumayela kwagcina ukwenziwa, futhi manje isizukulwane esisha sase sikhulile.

Uhambo Lwasolwandle Olungenakukhohlakala

Ngesikhathi esafika ngaso eBrønnøysund, kwase kusekupheleni kuka-August. Njengoba sasibheka emuva emasontweni ayesetshenziswe esikebheni iSkagstein, saba nomuzwa wokuthi kwakuwuhambo lwasolwandle olungenakukhohlakala ngempela. Kuloluhambo sasisebenzise amahora angama-880 sishumayela izindaba ezinhle futhi sahambisa izincwadi eziyi-126 nomagazini abayi-1026, futhi sathola izikhokhelo eziyi-12 zeNqabayokulinda nePhaphama! Imbewu eningi yoMbuso yahlwanyelwa kulezindawo ezinemizi egqagqene.

Omunye ummemezeli osemusha owayekhona kuloluhambo wathi, “Bekuyisikhathi sokuphumula esihle kakhulu engingakaze ngibe naso!” Labo kithi ababa nelungelo lokuhlangenyela kuloluhambo savuma ngenjabulo. Saba nomuzwa wokuthi kwakungesona nje kuphela isikhathi esihle sokuphumula kodwa esezinto ezizuzisa kakhulu ngokomoya esingakaze sibe naso.

[Amabalazwe ekhasini 25]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

SWEDEN

FINLAND

U.S.S.R.

Brønnøysund

Rødøy

Bodø

NORWAY

Senja

Tromsø

Kvænangen

Sørøya

Rolvsøy

Honningsvåg

Båtsfjord

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela