Ukuqondisisa Izindaba
Obani Abafundisa Okuphambene Nesonto?
“EBhayibhelini sifunda ukuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu,” kwa bhala uProfesa uJohan Heyns, umholi wezenkolo weSonto laseNingizimu Afrika iDutch Reformed, ephephandabeni likaNovember 15, 1986, uhlelo lwaseNingizimu Afrika iNaweek-Volksblad. Kulabo abacabanga ukuthi uNkulunkulu akanakuba-mthathu abe emunye, kuqhubeka uprofesa, “iSonto lamaKristu lathi labantu babeshumayela imfundiso engamanga, futhi khona-ke nesonto labagxeka njengabantu abafundisa okuphambene nesonto.”
Kodwa igama elithi Ziquzintathu litholakala kuphi eBhayibhelini? UProfesa Heyns akazange asho. Lokhu akumangalisi ngoba, njengoba iThe New Encyclopædia Britannica Ichaza, “igama elithi Ziqu-zintathu kanye nemfundiso ekhanyayo akuveli eTestamenteni Elisha, futhi uJesu kanye nabalandeli bakhe abazange bahlose ukuphikisa iShema [isivumo sokholo samaJuda] eTestamenteni Elidala: ‘Yizwa, Israyeli: INkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi yinye.’ (Dut. 6:4).” Uma ingazange ifundiswe uJesu nabafundi bakhe noma ishiwo ngokuqondile eBhayibhelini, imfundiso kaZiqu-zintathu yaba kanjani ngethandwayo? Nakuba iBritannica ithi umthombo wemfundiso ‘useTestamenteni Elisha,’ iyavuma ukuthi “imfundiso yakhula kancane kancane emakhulwini athile eminyaka adlule futhi kwaphikiswana kakhulu ngayo,” futhi ngasekupheleni kwekhulu lesine leminyaka “imfundiso kaZiqu-zintathu yagxila kusukela lapho.”
Uma labo abenqaba ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu mthathu emunye bengabantu abafundisa okuphambene nesonto, khona-ke kuthiwani ngoJesu Kristu ngokwakhe? Waphinda amazwi angenhla kaDuteronomi 6:4: “INkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi yinye.” (Marku 12:29) UJesu futhi wathi: “UBaba mkhulu kunami.” (Johane 14:28) Ngakho obani abafundisa Imfundiso ephambene nesonto? Ingabe yilabo abanamathela kulokho uJesu akufundisa noma yilabo abanamathela emfundisweni eyakheka emakhulwini eminyaka ngemva kokufa kwakhe?—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 4:6 kanye neyesi-2 Johane 9.
Umuzi “Wesiphephelo”
“Namuhla ISydney iyidolobha elihlaselwayo,” lwaqala kanjalo uhlu lomhleli lweThe Sun-Herald, Iphephandaba laseSydney, eAustralia. “Izindawo zayo zokuhlala zihaqiwe, Imisebenzi Imiswe ngokuphelele futhi Izindawo zokuphephela zivinjwe ngogesi. Izitimela zakhona zasebusuku zicekelwa phansi, zibhalwe ngamagama angacimeki futhi zigenqeza ngokwethusayo. Imigwaqo yakhona ebusuku iba ngeyingozi ngokwandayo.”
Nakuba okushiwo ngenhla kungase kube yisiboniso esidabukisayo salokho okwenzeka emadolobheni amaningi amakhuiu kuwo wonke umhlaba, kwenza abantu baseAustralia bakhathazeke kakhulu. Nokho, abafundi beBhayibhe11 abamangali ukubona ukungabi namthetho kwanda. Ngani? Ngenxa yokuthi bakhumbula amazwi kaJesu angokwesiprofetho ngokuphathelene nezimo zosuku lwethu. UJesu wathi “ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.” (Mathewu 24:12) Futhi njengoba uhlu lomhleli lweThe Sun-Herald luzwakalisa ukudabuka ngokucindezela kokwesaba okuthinta lokho okubizwa ngokuthi idolobha elinenhlanhla kunawo wonke leZwe eliNenhlanhla, “inhlanhla” ngeke ibuqede ububi. UJehova kuphela oyobuqeda, ngohulumeni wakhe wasezulwini. IHubo 5:4 lisiqinisekisa ngokuthi uJehova ‘akasiye uNkulunkulu othanda okubi; omubi akanakuhlala kuye.’
Usizo Olubulalayo
IBhayibhelileluleka amaKristu ukuba ‘ayeke igazi.’ (IzEnzo 15:29) OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi leseluleko esingokomBhalo sisebenza ekudleni Igazi kanye nasekumpompeleni igazi ngokufanayo. IAIDS okuyisifo esibulalayo esihlasela Isimiso sokuzivikela somzimba, singatholwa ekumpontshelweni igazi. Esenzakalweni esidabukisayo kodwa okwakuqondwe ukunikeza usizo ngaso. Ingane eyayizaiwe Inesifo esingavamile futhi esibulalayo sokungakwazi ukuzivikela komzimba esibizwa ngokuthi ireticular dysgenesis yafakelwa umnkantsha lapho inezinyanga eziyisithupha. Lenqubo yahilela ukumpontshelwa igazi. Ukufakelwa umnkantsha kwabonakala kuphumelela kwaze kwaba yilapho odokotela bethola ukuthi igazi elalimpontshelwe lafakela lolusana esinye isifo esibulalayo, IPhysician’s Weekly Iyabika: “Isiguli esineminyaka eyi-2 1/2 siphila kahle ngaphandle kwento eyodwa, ingane yafakelwa Igazi ngemva kokufakelwa umnkantsha ngaphambi kokuba ukuhlola (Igciwane leAIDS) kube semthethweni futhi manje ineAIDS.”