Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu—Ingabe Ungakubona?
BONA ngamehlo engqondo isigodlo senkosi yasendulo. Lapho, inkosi ihlezi esihlalweni sobukhosi esikhazimulayo njengoba ibusa. Ayidunyiswa kuphela ngengcebo yayo kodwa nangokuhlakanipha kwayo. Izinceku zayo zasesigodlweni zihleleke ngokuphelele. Isimo sobukhazikhazi siyamangalisa. Bheka: INkosi uSolomoni!—1 AmaKhosi 10:1-9, 18-20.
Manje, lalela indoda eqashelwa njengoMfundisi oMkhulu uJesu Kristu: “Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi; kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.”—Mathewu 6:28, 29.
Wayesho ukuthini uJesu ngalokho? Nokho, ngokuqinisekile wayenikeza iseluleko ngokungathandi izinto ezibonakalayo. Kodwa ingabe amazwi akhe ngoSolomoni ayengaba iqiniso ngempela? Khumbula, uJesu wayesebenzisa imifanekiso engokoqobo eyiqiniso. Ngakho abaklami nezingcweti zikaSolomoni, nakuba zazinamakhono, ayengenakulingana nemiklamo, ukuhlangana kwemibala, nobuhle bokwakheka ‘kweminduze yasendle’ ehleleke endaweni yayo yemvelo eyizungezile.
Ukuhlakanipha KukaJehova Kwenziwa Kwabonakala
Ngisho nokuhlola nje izimbali kungakubangela ukuba uvumelane nenkulumo kaJesu. Asazi ukuthi kwakuluhlobo luni lweminduze uJesu ayecabanga ngayo, kodwa ziningi izimbali ezikhona ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Bheka imbali ngokucophelela, noma iyiphi imbali: umnduze, irose, iorchid. Yeka imibala emihle nemiklamo eyinkimbinkimbi oyibonayo, ukuhlangana kwamadlebe embali, amakhasi, nezinye izingxenye zomzimba wembali. Uyabubona yini ubufakazi obunganakekile kodwa obunamandla bokuthi uMklami oMkhulu wokuhlakanipha nokucabanga okungapheli odale lezibonelo ezinhle zomsebenzi wezandla zakhe? Akukhona kuphela ukuthi amehlo ethu ayajabula ngobuhle bazo kodwa namakhala ethu ahogela amakha azo amnandi asemoyeni.
Umphostoli uPawulu waqaphela ukuthi ‘okungabonwayo kukaJehova uNkulunkulu kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe.’ (Roma 1:20) Nokho, uNkulunkulu wadala okungaphezu kwezimbali ezihlobisé umhlaba; wenza imithi emifushane nemide engenakubalwa, yonke eyakha uhlaza oluhle oluwusizo. Uma ungavakashela iHumboldt National Forest eCalifornia, eU.S.A., uyothola lapho iredwood ende okukholelwa ukuthi iwumuthi omude kakhulu emhlabeni. Uma ungama ngaphansi kwayo futhi ubheke phezulu ekuphakameni kwayo okuwubude obungamamitha ayi-110, ubungenakumdumisa buthule yini Lowo owakwazi ukwenza umuthi onjena?
Umzwelo Wemvelo Wokuhlakanipha Kwezilwane
Ezweni nasolwandle kunezilwane, ezincane nezinkulu, ezigcizelela kithi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngokusobala ngasinye sifeza injongo ethile yoMdali. INkosi ehlakaniphile uSolomoni yasiyala: “Yana entuthwaneni, vila ndini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe.” (IzAga 6:6) Labo abaye bayiqaphela intuthwane bayamangala ngekhono layo lokuhlela. Izintuthwane azizihlukanisi; zihlala ngamaqembu. Ezinye zingabalimi futhi zivuna izinhlamvu. Emazweni ashisa kakhulu ubona ezinye izintuthwane zimatasatasa zinqunta amakhasi ukuze ziwayise ezidlekeni zazo. Zikwazi kanjani ukwenza lokhu? UAguri, omunye wababhali bencwadi yezAga, uphendula ngokuthi ‘zinomzwelo wemvelo wokuhlakanipha.’ Ngubani ozenze kanjalo? UJehova, uMenzi wezulu nomhlaba.—IzAga 30:24, 25, qhathanisa neNW.
Yebo, indalo eyizilwane inokuhlakanipha komzwelo wemvelo. Kusobala kakhulu ekuthutheni kwezinyoni. Kungenzeka uye wezwa ngokuthutha kwezinkonjane zaseCapistrano. Ngesikhathi esithile unyaka ngamunye, zindiza izinkulungwane zamakhilomitha zisuka emabaleni asebusika eNingizimu Melika ziyohlala eSan Juan Capistrano eCalifornia, eU.S.A. Ngomzwelo wazo wemvelo kanye nangokungenzi iphutha zifi-ka endaweni efanayo ngesikhathi esifanayo, ngoMarch.
Ngolwandle olukhulu, umhubi uthi: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho. Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa.” (IHubo 104:24, 25) Kusukela ezinhlanzini ezincane kakhulu kuze kufike koshaka abakhulu, ukuhlakanipha kwaphezulu kuyabonakala ekubunjweni nasemikhubeni yazo.
Indalo kaNkulunkulu ephelele emhlabeni kwakuwumuntu ngokwakhe. Lona akazange enze ngokuhlakanipha kwemvelo kuphela, noma ngomzwelo wemvelo. Wayenekhono lo0-kufana noNkulunkulu ngezindlela eziningi. Kuyiqiniso ngaye ukuthi ‘wenziwa ngendlela emangalisayo.’ Ngisho noma singebona ososayensi bezempilo, singafunda abakutholile futhi sibe neziphetho ezifana nezomlobi ophefumlelwe. Imisebenzi yoMdali ebonakala emzimbeni womuntu iyamangalisa.—IHubo 139:14.
Ukuhlakanipha KukaJehova Kwasezulwini
IHubo 19:1 libonisa ukuthi amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu. Yeka indlela okuyiqiniso ngayo! Umhubi wayengenazo izibonakude noma imishini yamaelectron, kodwa wayenokwazisa okujulile ngalokho ayekubona. Namuhla, umuntu ovamile wazi okungaphezu kwalokho uDavide ayekwazi ngonozungezilanga wethu nomthala wethu omkhulu, iMilky Way. Futhi uyazi ukuthi kuneminye imithala emikhulu engenakubalwa esibhakabhakeni esikhona njalo. Uzizwa kanjani njengoba ucabanga ngokuhlakanipha koMklami omkhulu nongenakulinganiswa? Ungasho yini ngezwi lokwazisa: ‘Jehova, “wenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa”’? Kumelwe usho.—Jobe 9:10.
Eminyakeni eminingi engenakubalwa uJehova waqhubeka nemisebenzi yakhe yokudala, okokuqala iNdodana yakhe ezelwe yodwa kuphela, kamuva zonke izidalwa zakhe zomoya. Lokhu kwalandelwa umhlaba onezinto ezibonakalayo, konke kwakukuhle futhi kuhlelekile. Phela, amadodana kaNkulunkulu ayizingelosi abonakalisa ngokusobala ukwazisa kwawo nokubonga ngokudalwa komhlaba! (Jobe 38:4-7) Owesilisa nowesifazane badalwa futhi babekwa ensimini ephelele, kodwa kamuva kwenzeka into eshaqisayo. Izwi lowayengabonakali, ekhuluma ngenyoka, lahleba uMdali oMkhulu. Lathi uJehova wayebusebenzisa kabi ubukhosi bakhe; labiza uNkulunkulu njengomqambi-manga. Ngaleyondlela, umnikazi wezwi wathola amagama amabi ayemveza enguDeveli, iNyoka, noSathane. Manje Ohlakaniphile wayezokwenzenjani? Yini ayengayenza? Kwakudingeka isici esisha sokuhlakanipha esasizodlula imiklamo kakade edlula inkazimulo kaSolomoni.—Genesise 3:1-5.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Kusukela ezinhlanzini ezincane kakhulu kuya koshaka abakhulu, Ukuhiakanipha kwaphezulu kubonakala ekubunjweni nasemikhubeni yazo