Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 4/1 kk. 4-7
  • Indlela Esingamazi Ngayo UNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Esingamazi Ngayo UNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli—Incwadi KaNkulunkulu
  • Ukwazi UNkulunkulu Ngokuseduze
  • Ukufunda IBhayibheli Kusisondeza Eduze NoNkulunkulu
  • Izinzuzo Ezinkulu Zokwazi UNkulunkulu
  • Yini Ongayenza Ukuze Umazi Kahle UNkulunkulu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ungubani UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • ‘Ungasondela’ Ngempela Yini “KuNkulunkulu”?
    Sondela KuJehova
  • Funda Okwengeziwe NgoJehova Ngokubuka Indalo Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 4/1 kk. 4-7

Indlela Esingamazi Ngayo UNkulunkulu

ABANYE abantu bakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona yonke indawo, ukhona ezinkanyezini nakonozungezilanga, othingweni, ephikweni lenyoni, emcwini wotshani. Nokho, iBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu, njengoMuntu, unendawo yakhe eqondile. INkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi emthandazweni wayo kuNkulunkulu: “Mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala.” Futhi encwadini yeBhayibheli kaIsaya, uNkulunkulu ngokwakhe ucashunwa ethi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi.”—1 AmaKhosi 8:49; Isaya 66:1.

Nakuba uNkulunkulu ngokwakhe engekho endalweni yakhe, izici zakhe zobuntu zibonakala kuyo. KwabaseRoma 1:20 umphostoli uPawulu wathi: “Okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe.” Ngokufanayo umhubi uDavide waloba: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe. Usuku luyalandisa usuku inkulumo, nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.”—IHubo 19:1, 2.

Yebo, ake ubheke ubusuku obunezinkanyezi futhi ucabange isikhashana ngokuhlakanipha okukhulu namandla adingekayo ukuze kudalwe futhi kulondolozwe indawo yonke yethu! (Qhathanisa noIsaya 40:26.) Ngempela, indalo ingumthombo ongashi wokwaziswa ngobuntu bukaNkulunkulu. Futhi umuntu akasoze abuqonde ngokugcwele ubufakazi obukhulu ebumemezelayo ngezimfanelo zikaNkulunkulu. Incwadi kaJobe iyasikhumbuza: “Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe, izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye.” (Jobe 26:14) Kunesisho esidala saseSweden esithi: ‘Umenzi mkhulu kunemisebenzi yakhe.’ Ngokufanelekileyo, uma indalo inkulu, uNkulunkulu kumelwe abemkhulu kakhulu; uma indalo ibonisa ukuhlakanipha, uNkulunkulu kumelwe abe ohlakaniphe kakhulu; uma indalo ibonisa amandla, uNkulunkulu kumelwe abe onamandla ngisho nangokwengeziwe!

IBhayibheli—Incwadi KaNkulunkulu

Ngakho indalo inikeza ukwaziswa okuningi ngoNkulunkulu. Nokho, ingabe ukutadisha indalo kungakutshela igama likaNkulunkulu? Ingabe kuyoyambula injongo yendalo noma isizathu sokuvumela kwakhe ububi? Izimpendulo emibuzweni enjalo zidinga okungaphezu kokutadisha nje imisebenzi kaNkulunkulu ebonakalayo. Ngokujabulisayo, uNkulunkulu uye waqiniseka ukuthi ukwaziswa okunjalo ngaye kubekiwe eBhayibhelini.

Lapho uNkulunkulu akabekiwe njengokuhlakanipha okungeyena umuntu, ukuhlakanipha okungenakuchazeka noma amandla akuyo yonke indawo. KuzEnzo 3:19, NW sifunda ‘ngomuntu onguJehova.’ Lapho iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ivuswa kwabafileyo, iBhayibheli lithi yangena ezulwini ukuze ibonakale phambi “komuntu [ngokwezwi nezwi, “kobuso”] onguNkulunkulu, NW.” (Heberu 9:24) Ngokuqinisekile, uJesu akakaze ambize uNkulunkulu ngokuthi aMandla Amakhulu, ukuHlakanipha Okungenamkhawulo, noma nganoma iliphi elinye igama elingabhekiseli kumuntu lapho ekhuluma ngaye noma ethandaza kuye. Ngokuphambene, ngokuvamile wayembiza ngokuthi uBaba wasezulwini, igama elambula ubuhlobo obujulile bakhe noNkulunkulu.—Mathewu 5:48; 6:14, 26, 32.

Ngakho-ke uNkulunkulu akakona “Okuthile” okungenagama kodwa kunalokho unguMuntu onegama. IHubo 83:18 lithi: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” Iqiniso, iBhayibheli lisebenzisa futhi iziqu noma izichasiso zikaNkulunkulu: “USomandla,” “iNkosi yaphakade,” “umsindisi,” “umalusi,” “omdala wezinsuku,” “uMbonisi,” “uMfundisi oMuhle,” “uMenzi,” “idwala.” (Ruthe 1:20; 1 Thimothewu 1:17; Isaya 43:11; IHubo 23:1; Daniyeli 7:9, 13, 22; 1 Petru 2:25; Isaya 30:20, NW; 54:5; Duteronomi 32:4) Nokho, lawomagama embula ezinye izici zobuntu bukaNkulunkulu, njengokuba kwakhe namandla onke, ukukhathalela kwakhe kothando ngabantu bakhe, nokuhlakanipha kwakhe okungenamkhawulo.

Ngenxa yokuthi uNkulunkulu unguMuntu, unezinto azithandayo nangazithandi—ngisho nemizwa. IBhayibheli lisitshela ukuthi uyabathanda abantu bakhe (1 AmaKhosi 10:9), uyajabula ngemisebenzi yakhe (IHubo 104:31), uyakuzonda ukukhonza izithombe (Duteronomi 16:22), futhi uyadabuka ngobubi. (Genesise 6:6) Kweyoku-1 Thimothewu 1:11, NW ubizwa ngisho nangokuthi “uNkulunkulu othokozayo.”

Ukwazi UNkulunkulu Ngokuseduze

Yiqiniso, awukho umqondo womuntu omkhulu ngokwanele ukuba uthathe sonke isambulo sobuntu bukaNkulunkulu. “Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo! Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi [uJehova] na? Nokuba ngubani owaba-ngumluleki wayo na?” (Roma 11:33, 34) Nokho, ngomuntu onokholo, uNkulunkulu angaba ngokoqobo njenganoma yimuphi omunye umuntu. IBhayibheli lisitshela ukuthi uNowa “wayehamba noNkulunkulu,” njengokungathi uJehova wayeseceleni kwakhe. (Genesise 6:9) UNkulunkulu futhi wayengokoqobo kakhulu kuMose kangangokuthi kwakunjengokungathi ‘wayembona ongabonwayo.’ (Heberu 11:27) Futhi ngoAbrahama kwathiwa ‘wayengumngane kaNkulunkulu.’—Jakobe 2:23.

Yebo, uNkulunkulu wazembula ngokoqobo kuNowa, uAbrahama, nakuMose. Abanye bangase bathi, ‘Nokho, uma uNkulunkulu engazembula kimi ngendlela engokoqobo kanjalo, nakimi uyoba ngokoqobo.’ Nokho, khumbula ukuthi uNowa, uAbrahama, noMose babengenalo iBhayibheli. Babengazi ngoJesu Kristu nangamashumi eziprofetho azigcwalisa. Ngenxa yalokho, konke lokho uJesu Kritu akwembula ngoNkulunkulu kwakungaziwa kubo. Ngaphansi kwezimo ezinjalo, kwakungokudingekile futhi kufanelekile ngoNkulunkulu ukuba azembule ngaleyondlela eqondile.

Nokho, namuhla sinakho kokubili iBhayibheli nombono wamakhulu eminyaka okugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli. Sinemibhalo yama Vangeli yokuphila, imisebenzi, namazwi kaJesu Kristu. Futhi uPawulu uthi: “Kuhlala kuye [uKristu] ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu.” (Kolose 2:9) Yebo, sisesimweni sokwazi uNkulunkulu ngobuhlobo obabungenakwenzeka ezinsukwini zezinzalamizi. Ingabe lokhu akulenani yini kakhulu iqiniso lokuthi akakaze azembule ngokuqondile kithi?

Ukufunda IBhayibheli Kusisondeza Eduze NoNkulunkulu

KuJakobe 4:8 siyafunda: “Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina.” Ngokufunda iBhayibheli, singasondela eduze noNkulunkulu. Kodwa kanjani? Phakathi kwezinye izinto, ngokufunda ingxenye yeBhayibheli usuku ngalunye, uzwa ngezici ezintsha nezimfanelo zobuntu bakhe. Njengoba ufunda, yima kaningana futhi uzibuze: ‘Yini engiyifundile ngoNkulunkulu kulelivesi noma kulengxenye?’ Ngaphezu kwalokho, ungathandazela umoya kaNkulunkulu ukuba usebenze ‘njengomsizi’ ekuqondeni kwakho nasekusondeleni kwakho eduze noNkulunkulu.—Johane 14:26, NW.

“Ngiye ngakwazisa ukuthola ukuqonda okungcono kakhulu ngoJehova njenguMuntu,” kusho omunye wesifazane ongumKristu ofunda iBhayibheli kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni. Wayengumfundi eWatchtower Bible School of Gilead, esiqeqesha izithunywa zevangeli ezithunyelwa kuwo wonke umhlaba. Iyiphi indlela yesifundo seBhayibheli esetshenziswayo kulesikole? Om unye wabafundisi uyachaza: “Saqala umkhankaso wokutadisha lonke iBhayibheli njengeqembu. Sasithatha amakhasi ayi-10 kuya kwayi-15 ngosuku, futhi bonke . . . abafundi behlola futhi beba nengxenye engxoxweni yethu. Lapho sihlangana nevesi elinzima, sasicabangela (1) umongo, (2) izimo ngesikhathi sokuloba, kanye (3) nencazelo yamagama ayinhloko akuleyongcaphuno. Sasihlala sibuza, ‘Lokhu kusitshelani ngoJehova nangezimfanelo zakhe?’ Sasithola ukuthi ngaso sonke isikhathi kusitshela okuthile ngaye.”

Nakuba ungase ungabi nalo ilungelo lokutadisha iBhayibheli ngalendlela kulesikole, ezinye zalezindlela zokutadisha zingaba nomphumela omuhle kuwe nasemkhayeni wakho. Ngokwesibonelo, kuwumkhuba phakathi koFakazi BakaJehova ukuba isonto ngalinye batadishe izahluko ezimbalwa zeBhayibheli ezihlangene nemihlangano yabo yebandla. Kungani ningalandeli lesimiso sokufunda iBhayibheli njengomkhaya? Ngaphezu kwalokho, iWatch Tower Society ikhipha izincwadi ongazihlola, njengeAid to Bible Understanding neNew World Translation Reference Bible, ezingakusiza ngezingxenye zeBhayibheli ezinzima.a Isimiso sasikhathi sonke sokufunda iBhayibheli singakhulisa kakhulu ukwazisa kwakho ngobuntu bukaJehova.

Ungakhetha futhi ingxenye yeBhayibheli ekukhanga ngokukhethekile. Ngokwesibonelo, uma ukhetha ukutadisha amavesi ayi-17 eHubo 86, uyothola okungenani izimfanelo eziyi-15 zobuntu bukaNkulunkulu: Muhle, uzimisele ukuthethelela, ugcwele umusa, uzimisele ukuphendula imithandazo, akanakulingani swa nawonkulunkulu, akekho ongafaniswa naye njengesisebenzi esiwumdali, ungumbusi, ungumenzi omkhulu wezinto ezimangalisayo, ukhulula ekufeni, unobubele, unesihawu, wephuza ukuthukuthela, ugcwele iqiniso, ungumsizi, ungumduduzi. Imuphi umgomo ongcono ongaba nawo kunokuzama ukufunda ngoMdali wakho?

Izinzuzo Ezinkulu Zokwazi UNkulunkulu

Ukufinyelela umgomo wethu wokugcina wokuphila okuphakade kumane kungenye inzuzo yokwazi uNkulunkulu. (Johane 17:3) Ngaphezu kwalokho, kunenzuzo yokuba nomngane wansuku zonke okukhathalelayo nongashintshi njengedwala. (IHubo 18:31) Lapho iNkosi uDavide izizwa izungezwe izitha futhi icindezelwe izinkinga, yathola ukuthi uNkulunkulu wayewukuphela komsizi wangempela okhona. Ngakho-ke yathi: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.”—IHubo 55:22.

Nawe, ngokufanayo, ungajabulela lobobuhlobo noNkulunkulu, uma ngempela uzinika isikhathi sokumazi. Akunzima kakhulu. Yenza umzamo wokufunda iZwi lakhe. Zihlanganise nalabo abakuphila kwabo kubonisa ukuthi bayamazi uNkulunkulu, njengalabo abakulethele lomagazini. Biza uJehova ngomthandazo. Ngoba uNkulunkulu akawona amandla athile angaphili angeke akuzwe ukukhala kwakho. UnguNkulunkulu ophilayo “ozwayo imikhuleko.” Futhi “uma umfuna, uyakufunyanwa nguye.”—IHubo 65:2; 1 IziKronike 28:9.

[Umbhalo waphansi]

a IWatch Tower Publications Index 1930-1985 iyokusiza ukuba uthole izincazelo nokuningilizwa kwezingxenye ezinjalo kulezincwadi ongazihlola.

[Isithombe ekhasini 5]

Unkulunkulu wazembula ngokoqobo kuNowa, uAbrahama, nakuMose

[Isithombe ekhasini 7]

Indalo ingumthombo ongashi wokwaziswa ngobuntu bukaNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela