UNkulunkulu—Ingabe Ungumuntu Ongokoqobo?
“KUMELWE ukuthi ukhona unkulunkulu” kusho iDaily Express ka-Aaugust 14, 1981. Leliphepha lalibika ngokuphendukela okusobala kososayensi ababili abavelele ekukholelweni kuNkulunkulu. Inkolelo yabo entsha yavela ngemva kokuba bethole ubufakazi obuningi bemathematics obabuphikisa ukuzivele la kokuphila. Nokho, lamakholwa amasha amabili ayesho ukuthini lapho ethi “uNkulunkulu?” IDaily Express iyabika: “Basikisela ukuthi uNkulunkulu UYINDAWO yonke.”
Uma ukholelwa kuNkulunkulu, wena unamuphi umbono ngaye? Ingabe nawe umbheka njengokuhlakanipha okungenakuchazeka, amandla angaphili agcwele yonke indawo, “Okuthile” okukhulu? Noma ingabe umbheka njengoMuntu ochazekayo, ohlakaniphile?
Abanye bakuthola kunzima ukucabanga ngoNkulunkulu njengoMuntu. Bangaze babe ngisho nanomuzwa wokuthi ukwenza kanjalo kumehlisa abe ngangomuntu wenyama—njengasembonweni wobuntwana wekhehla elinentshebe ende emhlophe futhi eligqoke ingubo ende, elihlezi efwini. Noma njengoba uMichelangelo abonisa uNkulunkulu emdwebweni wakhe odumile osophahleni lwendlu yesonto yamaSixtus—ikhehla elinezikhwepha, elinamandla elisemoyeni.
Iqiniso, lapho sizwa igama elithi “umuntu,” ngokuzenzekelayo singacabanga ngomuntu wenyama. Kodwa izichazamazwi zichaza elithi “umuntu” ‘njengothile oqondakala ngokuhlakanipha, ukuqonda, nomuzwa wezindinganiso zokuziphatha.’ Ngakho-ke, umuntu angacabanga ngokufanelekile ngoNkulunkulu njengoMuntu ngaphandle kokucabanga ngaye njengomuntu wenyama.
Abanye bangase bathi: ‘Kwenza mehluko muni ukuthi uNkulunkulu umbheka njengamandla angaphili noma njengoMuntu?’ Nokho, uma uNkulunkulu emane engamandla, ‘Okuthile,’ ingabe lokhu akusho yini ukuthi ukuphila komuntu ngokufanayo kuyazenzekela? Khona-ke umuntu angaba “yinto,” izinyo lomshini omkhulu. Kodwa uma uNkulunkulu enguMuntu ohlakaniphile, ingabe lokho bekungenakwenza yini ukuphila kube nenjongo ngokwengeziwe? Ngempela, bekuyovula indlela yokuba nobuhlobo noNkulunkulu—hhayi ubuhlobo phakathi “kwezinto” ezimbili kodwa phakathi kwabantu ababili.
Ngokusobala, ubuhlobo bomuntu nomuntu noNkulunkulu bungaba obufiseleka kakhulu. Kodwa okokuqala, sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu unguMuntu noma cha. Futhi, uma enguye, singaba kanjani nobuhlobo obunjalo? Ake sibheke lokho iBhayibheli elikushoyo ngalendaba.