Indlela Ongathola Ngayo Ukuthula Kwaphezulu Ngokugcwele
“Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba-njengomfula, nokulungakwakho njengamaza olwandle.”—ISAYA 48:18.
1. Yini edingekayo ukuze sithole ukuthula ngokugcwele ngangokunokwenzeka?
LABO abahlanganyela njalo esifundweni seBhayibheli sebandla ngosizo lwalomagazini bayakuqaphela ukubaluleka kokuthula uNkulunkulu akunikezayo, futhi bafuna lokho kuthula. Akungabazeki ukuthi iningi liyakujabulela. Kodwa akubona bonke abakuthola ngokugcwele ngangokunokwenzeka. Kungani? Ngokuqondene nalabo ababeyoba nokuthula kwaphezulu, uJehova uthi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo. Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba-njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle.”—Isaya 48:17, 18.
2. (a) Asho ukuthini amazwi athi “lalela”? (b) Mingaki imiyalo kaNkulunkulu okumelwe siyilalele? (1 Johane 5:3)
2 Ngokusobala, wonke umuntu angazuza ngokuba khona emihlanganweni esixoxa kuyo ngeBhayibheli. Kodwa yilabo kuphela abayilalelayo imiyalo kaJehova, bayisebenzise ngokomuntu siqu futhi benze ngokuvumelana nayo, abakujabulela ngempela ukuthula kwaphezulu. Ingabe zikhona izindawo okumelwe wenze lokhu kuzo ngokugcwele? (2 Petru 1:2) Akwanele ngathi ukugcina izimfuneko ezimbalwa zikaNkulunkulu bese sigwema lezo esizithola zingasilungele noma zinzima kakhulu. Ngesikhathi uDeveli ezama ukuyengela uJesu Kristu endleleni yakhe yokucabanga kobugovu, uJesu waphendula ngokunamandla: “Kulotshiwe ukuthi: Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.”—Mathewu 4:4.
3. Iziphi izici zokuphila kwethu okumelwe zilethwe ekuvumelaneni nezindlela zikaJehova uma ngempela sizoba nokuthula okukhulu?
3 Imiyalo kaNkulunkulu ithinta zonke izici zokuphila kwethu. Okokuqala nje, ihilela ubuhlobo bethu noJehova. Khona-ke ithinta umbono wethu ngenhlangano yakhe ebonakalayo nangenkonzo yobuKristu, indlela esiphatha ngayo amalungu omkhaya, nokusebenzelana kwethu nabantu bezwe. Labo abayilalela ngobuqotho imiyalo kaJehova kuzo zonke lezindaba yibo ababusiswa ngokuthula okukhulu. Ake sicabangele izinto ezimbalwa ezingasisiza ukuba lokho sikuthole ngokomuntu siqu.
Ingabe Zikhona Kulezindaba Ezidinga Ukunakekela Kwakho?
4. (a) Kungani ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya noma ukuya eHholo LoMbuso kungaqinisekisi ukuthi sinokuthula noNkulunkulu? (b) Yini ehlanganiswe ekubeni nokholo kuJesu Kristu? (Johane 3:36)
4 Ingabe muva nje uqale ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova? Noma ingabe mhlawumbe ubuhlanganyela nebandla lakini izinyanga eziningi noma ngisho neminyaka? Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi uye wathola injabulo yokuba ulwazi ngezinjongo zikaNkulunkulu lukuvulekele. Kodwa iqiniso lokuthi umuntu ujabulela isifundo seBhayibheli sasekhaya noma uthola injabulo ekuyeni eHholo LoMbuso alibonisi ukuthi unokuthula noNkulunkulu. Sonke sazalelwa esonweni, futhi ukuthula noNkulunkulu singakuthola kuphela ngoJesu Kristu. (Isaya 53:5; IzEnzo 10:36) Ukukholelwa nje kuJesu okungenamisebenzi akukulethi lokho kuthula. Kudingekile ukuba sisiqaphele ngokomuntu siqu isidingo sethu sesihlengo, sibe nokholo enanini lomhlatshelo kaJesu, bese sinikeza ubufakazi balolokholo ngokulalela imiyalo yakhe. (Jakobe 2:26) Omunye wemiyalo uJesu ayinikeza lapho esemhlabeni wawuwukuthi labo ababeyoba abafundi bakhe kumelwe babhapathizwe emanzini. (Mathewu 28:19, 20) Ingabe usuye wacwiliswa ekubonakaliseni ukuzinikezela kwakho kuJehova ngoJesu Kristu?
5. Kungani ukuzinikezela nobhapathizo kubalulekile ekubeni kwethu nokuthula noNkulunkulu?
5 Ingabe ikhona into ekuphileni kwakho ekwenza ungakufanelekeli ukubhapathizwa? Uma wazi ukuthi ikhona, noma uma uzwa phakathi nesikhathi sokufunda kwakho ukuthi ikhona, ungalibali ukulungisa izindaba. Yazi ukuthi noma isiphi isimo sengqondo noma ukuziphatha okungenza umuntu angakufanelekeli ukubhapathizwa kuyisihibe futhi sokuba kwakhe nokuthula noNkulunkulu. Yenza ngokuphuthuma njengoba kusenethuba. Njengoba kuboniswe kweyoku-1 Petru 3:21, labo uJehova uNkulunkulu abanikeza unembeza omuhle okokuqala bazinikezela kuye ngesisekelo sokholo emhlatshelweni wesihlengo kaKristu, babhapathizwe bebonakalisa lokho kuzinikezela, futhi benze intando kaNkulunkulu. Khona-ke ukuthula okuhambisana nonembeza omuhle ngenxa yokuba nokuma okuvumelekile phambi kukaNkulunkulu kuba ngokwabo; aku na kutholakala ngenye indlela. Yebo, kumane kuyisiqalo nje.
6. Kungani isimo sethu sengqondo ngasemihlanganweni yebandla sinethonya ekujabuleleni kwethu ukuthula?
6 Ngokulandelayo, cabangela ukuba khona kwakho njalo emihlanganweni yebandla nokuhlanganyela kwakho kuyo ngangokunokwenzeka. Ingabe lemihlangano inendawo ekuphileni kwakho kangangokuthi awukuvumeli ukunqotshwa yizwe noma eminye imisebenzi yomuntu siqu? Ingabe uyayilungiselela imihlangano futhi ukuthathe njengelungelo ukuhlanganyela kuyo? Lezinto nazo zinethonya ngempela ekujabuleleni komuntu ukuthula. Ngani? Ngoba umoya kaNkulunkulu unabantu bakhe abahlangene, futhi ukuthula kuyisithelo salowomoya. (Galathiya 5:22) Kukulemihlangano lapho sisizwa khona ukuba siqonde izimfuneko zikaJehova, futhi siyakudinga lokhu ukuze senze lokho okuthokozisayo emehlweni akhe. Futhi, lapha sifunda indlela yokuthuthukisa ukuthula ebuhlotsheni bethu nabantu esikanye nabo—ebandleni, ekhaya, esikoleni, nasemsebenzini wethu wokuziphilisa. Imihlangano yethu ingenye yezindlela eziyinhloko uJehova asifundisa ngazo, futhi njengoba imiBhalo ibonisa, yilabo abafundiswa uJehova abajabulela ukuthula okukhulu.—Isaya 54:13.
7. Ikuphi ukulandelela okudingekile ngezinto ezixoxwe emihlanganweni?
7 Iphuzu elihlangene eduze elifanele ukuqashelwa ukusebenzisa ngokuthuthukayo ekuphileni kwethu komuntu siqu lokho esikufundayo. Asifuni ukuba njengalawomaIsrayeli uJehova athi ‘ayeyozwa, ezwe, kepha angaqondi.’ (Isaya 6:9) Ngaphezu kwalokho, ingabe sifuna ukuba njengalabo uJehova abachaza kuHezekeli—abantu ababeyolalela umprofethi kaJehova kodwa bangakwenzi ayekusho ngoba babekhetha ukwanelisa izinkanuko zabo ezingcolile noma zezinto ezibonakalayo? (Hezekeli 33:31, 32) Ngokuphambene, labo ababeyohlangana endlini kaJehova osukwini lwethu futhi bazuze ukuvunyelwa nguye bachazwa njengabathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.” (Mika 4:2) Uma ngempela siyithatha ngokungathi sína imfundo esiyithola emihlanganweni yethu, uma emhlanganweni ngamunye sihamba okungenani nephuzu elilodwa esilidinga ngokomuntu siqu bese sisebenzela kulo, siyovuna izithelo ezinokuthula. Njengoba uJesu asho kuLuka 11:28: “Babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”
8. Kukanjani ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini ngezinga eligcwele ngokuvunyelwa izimo zethu kusizuzisa ngokomuntu siqu?
8 Enye yezinto ezigcizelelwa emihlanganweni yethu ukubaluleka kokuhlanganyela ngokugcwele ekumemezeleni ngoMbuso kaNkulunkulu kanye nasekusizeni abanye ukuba babe abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19) Ivelele kangakanani lemisebenzi ekuphileni kwakho? Uma siye sakulalela ngempela lokho uJehova asitshela khona ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe, siyazi ukuthi lona umsebenzi obaluleke kakhulu owenziwa emhlabeni namuhla. (IsAmbulo 14:6, 7) Futhi kuyiqiniso elaziwa kahle ukuthi labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele—kanye nalabo, nakuba bengenakuba amaphayona, abashiseka ngempela enkonzweni—bayilabo abajabula kakhulu phakathi kwethu. Ukuthula abakujabulelayo akufani nethonsi nje lamanzi, kodwa njengoba uJehova asho, kuba “njengomfula.” (Isaya 48:18) Ingabe yilokho okutholayo? Sonke singakuthola.
9. Yini engasisiza ukuba silondoloze ukuthula kwethu esikuphiwe uNkulunkulu ngisho noma sisebunzimeni obukhulu kakhulu?
9 Nokho, ukulalela kwethu sonke leseluleko akusenzi sibe abagonyiwe ekucindezeleni kokuphila esimisweni sezinto samanje. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi izimo zingaba nzima kanjani, uNkulunkulu usiqinisekisa ngosizo lwakhe lothando uma siphendukela kuye. (1 Petru 5:6, 7) Ingabe siye safunda ukufuna usizo nesiqondiso sikaJehova kukho konke esikwenzayo, siphendukela kuye ngokukhululekile ngomthandazo, futhi ngemva kokuba sesenze okusemandleni ethu ngezimo ezinzima, siphonse imithwalo yethu kuJehova, futhi siyishiye kuye ngethemba? (IzAga 3:5, 6; IHubo 55:22) Sikhuthazwa ngokufudumele kwabaseFilipi 4:6, 7: “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.” Yeka ilungiselelo elimangalisayo lokho okuyilo! Ingabe usufundile ukuzuza ngokugcwele ekuthuleni kukaNkulunkulu okwenziwa kube nokwenzeka ngaleyondlela?
Phishekela Njalo Ukuthula
10. Ngemva kokufuna ukuthula, yini edingekayo kithi?
10 Uma sesinakho ukuthula okunjalo, asinakulokotha sikuphathe ngokunganaki. Kudingeka umzamo wenkuthalo ukuze sikulondoloze. Ngakho eyoku-1 Petru 3:10, 11 ithi: “Osuka ethanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle, . . . afune ukuthula, akujonge.” Lapho esewuphishekele umgomo futhi wawufinyelela, kungaba ubuwula ngomuntu ukuwuthatha kalula lowomgomo. Ngemva kokufuna ukuthula nokukuthola, kumelwe siqaphele izinto ezingase zikuqede. Ngaphezu kwalokho, kumelwe siphishekele ngentshiseko lezozinto ezithuthukisa ukuthula.
11. (a) Isiphi isimo sengqondo esingafaka ubuhlobo bethu noJehova engozini? (b) Kunini ngempela lapho kumelwe sicele usizo lukaNkulunkulu ngokuqondene nezilingo? (Mathewu 6:13)
11 Uma sesikufinyelele ukuthula noNkulunkulu ngezindlela azilungiselele, kumelwe siqaphele ukuba singabuqedi lobobuhlobo ngokubuyela ekwenzeni isono sibe umkhuba. Yebo, njengoba sonke singaphelele, sonke siyona. Kodwa kunengozi lapho umuntu ezithethelela ngesimo sengqondo noma izenzo uNkulunkulu azilahlayo. Asinakumane nje siqhikizise amahlombe futhi sithi, “Nginjalo nje.” (Roma 6:16, 17) Kudingeka siphenduke ekwenzeni okubi kunokuba sizithethelele, khona-ke kumelwe sinxuse ukuba uNkulunkulu asithethelele ngesisekelo sokholo lwethu emhlatshelweni kaJesu. Sidinga futhi ukufunda ukuphendukela kuNkulunkulu ukuze sithole usizo ngaphambi kokuba senze okungalungile, kunokuba sizame ukuyilwa sodwa lempi, sigcine ngokunqotshwa, bese sinxusa intethelelo. Ngosizo lukaNkulunkulu, singaphumelela ekwembatheni “umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.”-Efesu 4:20-24.
12. (a) Ukuze sijabulele ukuthula, ibuphi obunye ubuhlobo obudinga ukunakekelwa? (b) Yini edingekayo kithi kulokhu?
12 Yebo, ukujabulela ukuthula kuhilela futhi ubuhlobo nabanye abantu. AmaKristu eqiniso akhonza uNkulunkulu njengengxenye yenhlangano; ‘ayinhlangano yabazalwane.’ (1 Petru 2:17, NW) Njengoba uJesu athi kwakuyoba njalo ngabalandeli bakhe, avelele ngothando lwawo komunye nomunye. (Johane 13:35) Kodwa awekho kuwo aphelele. Ngenxa yokungapheleli kwethu siqu nokwabanye, kungase kudingeke ukuba sithandaze ngobuqotho ngezimo ezithile futhi sisebenze kanzima ukuze sixazulule izinkinga. EyamaHeberu 12:14 iyasikhuthaza: “Zamelani ukuthula nabo bonke.” Futhi ebuhlotsheni bethu nabazalwane bethu nodade abangamaKristu, kunesibopho esikhethekile sokubekezela ekuphishekeleni ukuthula. Eyoku-1 Thesalonika 5:13 ngokuqondile ithi: “Hlalisanani ngokuthula.” Lokhu akusho nje ukuthi kumelwe singaphindiseli kodwa ukuba ngabakukhuthaza ngentshiseko ukuthula, sisithathe kuqala isinyathelo sokubuyisela ukuthula nokuzimisela ukuzidela ngenxa yokuthula.—Efesu 4:1-3.
13. (a) Ekukhuthazeni ukuthula nabangakholwayo, yini esingayenza, kodwa sibonisa kanjani ukuthi ukuthula noNkulunkulu kuza kuqala? (b) Kwenzeka kanjani ngathi ukuba nokuthula lapho kunesiphithiphithi endaweni esizungezile?
13 Nokho, ngaphandle kwebandla akubona bonke abazimisele ukuba nokuthula. Ngakho, ngokuyiqiniso, eyabaseRoma 12:18 iyeluleka: “Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke.” Kodwa imizamo yethu yokukhuthaza ukuthula ayihlanganisi ukuhlehla ngokuqondene nezimfuneko zikaJehova zokulunga. Singashintsha izikhathi zokwenza izinto ezithile, kodwa siyaqonda ukuthi kuyoba ubuwula ukuyeka ukuba khona emihlanganweni yebandla noma ukuyeka ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini ukuze silondoloze ukuthula nabangane bethu bomshado noma izihlobo. Futhi siyazi ukuthi uJehova ngeke akuvumele ukuhlanganyela kwethu emikhubeni yokungamesabi uNkulunkulu nesisebenza nabo noma esifunda nabo ukuze samukeleke kubo. Siyazi ukuthi ukuthula kwangempela kungokwalabo kuphela abajabulela kuqala ukuthula noNkulunkulu, labo abathanda umthetho kaJehova futhi bahambe ezindleleni zakhe. Yilokho kuthula esikwazisa kunakho konke okunye. (IHubo 119:165) Iqiniso, kungase kube nesiphithiphithi endaweni esizungezile. Abangakholwa bangase baphikisane futhi balwe bodwa; bangase baze basithuke ngisho nokusithuka ngenxa yokholo lwethu. Kodwa siyayazi indlela iZwi likaNkulunkulu eliye lasifundisa ngayo ukuziphatha. Ngokuqhubeka siphishekela inkambo evumelana nezindlela zikaJehova zokulunga, asilahlekelwa ukuthula okubaluleke kakhulu.—Qhathanisa neHubo 46:1, 2.
14. Ngisho noma sihlangabezana nosizi ngokomuntu siqu, yini ekwenza kube nokwenzeka ngathi ukuqhubeka silondoloza ukuthula kwangaphakathi nesimo sokujabula?
14 Ngobusuku bokugcina ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu watshela abaphostoli bakhe abathembekile: “Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe-nokuthula kimi. Ezweni niyakuba-lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.” (Johane 16:33) Yebo, siyahlangabezana nosizi. NjengamaKristu, sithola ukushushiswa kwezinhlobo ezihlukahlukene. Singase sibhekane nokwahlulela ngokungalungi, futhi abaningi bahlushwa ukugula okungathi sína. Kodwa ukuthula kwaphezulu kusisekela kukho konke lokhu. Ngenxa yokuthi siye safundiswa uJehova, siyazi ukuthi kungani amaKristu eshushiswa. Asinakungabaza ngokuthi kungani kunokwahlulela ngokungalungi nokuthi kungani sigula. Siyazi futhi ukuthi ikusasa liphetheni. Siyazi ukuthi ngenxa yenkambo yokuphila kukaJesu kokwethembeka nokufa kwakhe okuwumhlatshelo, ukukhululwa kuzokwenzeka kanjani. Ngaphezu kwalokho, siyazi ukuthi kungakhathaliseki izinkinga esibhekene nazo manje, singaphendukela kuNkulunkulu ngomthandazo sinethemba lokuthi uyasinakekela ngothando futhi uzosisekela ngomoya wakhe.—Roma 8:38, 39.
15. Kuyiqiniso kanjani ukuthi ukuthula uKristu akulungiselelayo akufani nalokho izwe elikunikezayo?
15 Ngokufanelekile, uJesu wathi kuJohane 14:27: “Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.” Kuyiqiniso ngempela—izwe alinalutho olufana nokuthula uNkulunkulu akunikeza ngoJesu Kristu. Kusenza siqine lapho sibhekene nezimo ezingenza abanye balahle lonke ithemba.
16. (a) Iliphi ithemba elingaphambili ngalabo manje abakwazisa ngempela ukuthula uNkulunkulu akunikezayo? (b) Singabonisa kanjani ukuthi siyakwazisa lokho kuthula?
16 Yeka ikusasa elimangalisayo elingaphambi kwabo bonke manje abamukela ukuthula okuvela kuNkulunkulu futhi bakwenze kube yingxenye ebalulekile okuyifanele ekuphileni kwabo! Ngokushesha izwe elinobutha noNkulunkulu lizodlula. Ngesikhathi esifanele izimfuneko zokulunga zoMbusi weNdawo Yonke zizohlanganisa yonke indalo ekuthuleni. Kwangathi ukubonga kwethu ngalelithemba elikhazimulayo kungasishukumisela ukuba sisebenze ngokuvumelana nalo ngokugcwele manje. Kwangathi sonke singayilalela ngokunakekela imfundo kaJehova futhi sigxilise imiyalo yakhe enhliziyweni yethu ukuze sizithande ngempela izindlela zakhe futhi senze lokho akufunayo. Njengoba izAga 3:1,2 zisho: “Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami, ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.”
Imibuzo Yobukeza
◻ NgokukaIsaya 48:18, yini edingekayo ukuze sibe nokuthula okukhulu?
◻ Ukuthula kwaphezulu singakuthola ngokugcwele ngokwengeziwe uma senza ziphi izinto?
◻ Yini elindeleke kithi ngokuqondene noku londoloza ukuthula nabazalwane bethu nodade?
◻ Singakulondoloza kanjani ukuthula ngisho nalapho sizungezwe abangakholwa?
[Isithombe ekhasini 16]
Ubhapathizo
[Izithombe ekhasini 17]
Ukuba khona njalo emihlanganweni
Ukusebenzisa esikufundayo
[Izithombe ekhasini 18]
Ukuhlanganyela ngokugcwele enkonzweni yasensimini
Ukuphonsa imithwalo yethu kuJehova