Ukuthula Kwaphezulu Ngalabo Abafundiswe UJehova
“Bonke abantwana bakho bayakuba-ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba-kukhulu.”—ISAYA 54:13.
1, 2. Kuxhomekephi ukujabulela ukuthula?
UKUTHULA! Yeka indlela okufiseleka ngayo! Nokho umlando wesintu awubanga nakho neze ukuthula. Kungani?
2 Ukujabulela ukuthula kuhlangene eduze nokuhlonipha igunya. Futhi ubani oyigunya eliphakeme kunawo wonke endaweni yonke? UMdali, uJehova uNkulunkulu. Ngakho-ke ubuhlobo obuhle naye budingekile ukuze kube nokuthula. (IHubo 29:11; 119:165) Uma lobobuhlobo bomuntu obubaluleke kakhulu bulimala, akunakwenzeka ukuba abe nokuthula kweqiniso noNkulunkulu, nomakhelwane wakhe, noma kuye ngokwakhe.—Isaya 57:21.
Isizathu Esenza Izwe Lingabi Nokuthula
3. Bonakaliswa kanjani ubuhlobo besintu noNkulunkulu?
3 Njengoba sazi kahle, indodana kaNkulunkulu yomoya yahlubuka kuJehova ngokushesha ngemva kokuqala komlando wesintu. Ukuhlubuka yimpi. Lowomsusi wokuthula, owaziwa njengoSathane uDeveli, wakhuthaza uEva ukuba angavumeli umthetho kaNkulunkulu umvimbe ekwenzeni okuthile uma enomuzwa wokuthi kuyoba yinzuzo kuye. UDeveli wasonta amaqiniso ukuze amenze acabange ukuthi wayencishwa okuthile okuhle ngokulalela uNkulunkulu. Isithakazelo sakhe sasisesimweni sobugovu, sobumina. Ngokushesha indoda yakhe yahlanganyela naye ekuziphatheni kokungabi-namthetho, futhi ngenxa yalokho, yonke inzalo yabo iye yangcoliswa yilowomoya.—Genesise 3:1-6, 23, 24; Roma 5:12.
4, 5. (a) USathane uye waphumelela ngaliphi izinga ekuthonyeni ukucabanga kwesintu? (b) Lokhu kuye kwaba namuphi umphumela emizamweni yomuntu yokufinyeiela ukuthula?
4 Akuyona nje ingxenye encane yesintu ewushaya indiva umthetho waphezulu. ImiBhalo isitshela ukuthi uSathane ‘udukisa izwe lonke.’ (IsAmbulo 12:9) Abanye abantu benza okubi kakhulu, bebonisa ukungamnaki ngokuphelele uNkulunkulu nomakhelwane wabo; abanye bangcono. Kodwa uSathane uye waphumelela kakhulu ekuthonyeni ukucabanga kwesintu kangangokuthi umphostoli uJohane wayengathi: “Izwe lonke lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19, NW) Kungakhathaliseki ukuthi abantu bathi bayakholelwa ukuthi uDeveli ukhona noma cha, benza lokho akufunayo. Bayamlalela, ngakho ungumbusi wabo. Ngenxa yalokho, isintu sihlukanisiwe noNkulunkulu, sinobutha naye. Njengoba isimo sinjalo, ingabe kuyamangalisa ukuthi imizamo yabantu yokufinyelela ukuthula iye yehluleka?—Kolose 1:21.
5 Nokho, isibalo esikhulayo sabantu abavela kuzo zonke izizwe sithola ukuthula kwaphezulu, ukuthula okuvela kuNkulunkulu. Kuye kwenzeka kanjani lokhu?
Ukuthula Okwanelisayo UNkulunkulu Akunikezayo
6. (a) IBhayibheli likugcizelela kanjani ukuthula? (b) Ngubani ongasenza sijabulele ukuthula uNkulunkulu akunikezayo?
6 KwabaseRoma 15:33 uJehova uchazwa ngokufanelekile ngokuthi “uNkulunkulu wokuthula.” Kusukela ekuqaleni, bekulokhu kuyinjongo kaNkulunkulu ukuba zonke izidalwa zakhe zijabulele ukuthula. IZwi lakhe eliphefumlelwe, iBhayibheli, libhekisela ekuthuleni izikhathi ezingaphezu kwama-300. Likwenza kukhanye ukuthi uJesu Kristu ‘uyiNkosi yokuthula.’ (Isaya 9:6, 7) Nguye othunywe uNkulunkulu ukuba achithe imisebenzi yalowomsusi wokuthula ovelele, uSathane uDeveli. (1 Johane 3:8) Futhi ‘ngeNkosi yokuthula’ kungenzeka ukuba ngamunye wethu ajabulele ukuthula okwanelisayo uNkulunkulu akunikezayo.
7. (a) Ukuthula uNkulunkulu akunikezayo kuhlanganisani? (b) Kungani kungekhona okuthile okumelwe sikulindele kuze kudlule isimiso esidala futhi ekugcineni sesifinyelele ukuphelela?
7 Yeka ukuthula okumangalisayo lokhu okuyikho! Kungaphezu kokungabikho kwempi! Igama lesiHeberu elithi sha·lohmʹ, ngokuvamile elihunyushwa ngokuthi “ukuthula,” lisho impilo, ukuchuma, nenhlalakahle. Ukuthula kukaNkulunkulu amaKristu eqiniso anakho kwehlukile ngokuthi akuncikile endaweni ewazungezile. Lokhu akusho ukuthi indawo ewazungezile engajabulisi ayiwathinti. Kodwa aba namandla angaphakathi awenza agweme ukuba nengxenye esiphithiphithini ngokuphindisela lapho ethinteka. (Roma 12:17, 18) Nakuba umuntu engase agule ngokomzimba noma abe nokuncane ngokwezinto ezibonakalayo, usengaba nempilo futhi achume ngokombono ongokomoya futhi kanjalo ajabulele ukuthula uNkulunkulu akunikezayo. Ngokusobala, ukuthula abanjalo abakutholayo kuyokwanda lapho lelizwe selidlulile, futhi kuyojula lapho sonke isintu sesifinyelele ukuphelela. Kodwa ukuthula kwaphezulu okutholakalayo kwamanje kuyisimo sokuthula kwengqondo nenhliziyo, isimo sokuthula kwangaphakathi kungakhathaliseki ukuthi yini eyenzekayo ngaphandle. (IHubo 4:8) Kuvela ebuhlotsheni obuhle noNkulunkulu. Yeka into eyigugu!
Abantwana Abafundiswe UJehova
8. Obani abokuqala abajabulela lokhu kuthula noNkulunkulu ngoJesu Kristu?
8 Obani abanokuthula okunjalo ngenxa yokufundiswa uJehova nokulalela imiyalo yakhe? Ekuphenduleni, iBhayibheli liqondisa ukunakekela kwethu okokuqala kulabo abakha uIsrayeli ongokomoya. Kukhulunywa ngabo kwabaseGalathiya 6:16, lapho sifunda khona ukuthi: “Bonke abahamba ngalendlela [“ngalomthetho wokuziphatha,” NW] makube-kubo ukuthula nesihawu, yebo, kuIsrayeli kaNkulunkulu.” Laba abayizi-144 000 abakhethwe uNkulunkulu ukuba bahlanganyele ukuphila kwasezulwini noJesu Kristu.—IsAmbulo 14:1.
9. Wawuyini ‘umthetho wokuziphatha’ owawuhlangene nokujabulela kukaIsrayeli ongokomoya ukuthula?
9 Emuva ekhulwini lokuqala, labo bakaIsrayeli ongokomoya babefunda iqiniso eliyisisekelo, ‘umthetho wokuziphatha,’ owawuhlangene ngokuqondile nokujabulela kwabo ukuthula. Kwakubalulekile ukuba baqonde lomthetho wokuziphatha. Emakhulwini eminyaka angaphezu kwe-15, uJehova wayesebenzise uMthetho kaMose ukuba abeke izithunzi zezinto ezinhle ezizayo. Kodwa ngemva kokufa kukaJesu Kristu okuwumhlatshelo, izimfuneko zoMthetho kaMose zazingasabophi. (Heberu 10:1; Roma 6:14) Isinqumo sendikimba ebusayo yamaKristu eJerusalema sakwenza kwaba sobala lokhu endabeni yokusokwa. (IzEnzo 15:5, 28, 29) Kwaphinda futhi kwagcizelelwa encwadini ephefumlelwe eyayiya kwabaseGalathiya. Izinto ezinhle uMthetho kaMose owazifuzisela zase zenzekile. UJehova wayegcizelela ngesineke ezingqondweni nasezinhliziyweni zabalandeli bakaKristu abagcotshiwe ukubaluleka komusa waKhe ongafanele owaboniswa ngoKristu. Ngokuba nokholo kulelilungiselelo, ngokuziphatha ngokuvumelana nalo, babengajabulela ukuthula kohlobo olungakaze lubonwe esintwini esinesono.—Galathiya 3:24, 25; 6:16, 18.
10. (a) Ukugcwaliseka kwasiphi isithembiso esilotshwe kuIsaya 54:13 uIsrayeli ongokomoya ayekuthola? (b) Ukumeluleka kukaJehova kwaba nengxenye kanjani ekutholeni kwakhe ukuthula?
10 Labo bakaIsrayeli ongokomoya babethola ukugcwaliseka kwesithembiso esihle esilotshwe kuIsaya 54:13. Lapho uNkulunkulu wathi enhlanganweni yakhe enjengomfazi yezidalwa zomoya ezithembekile: “Bonke abantwana bakho bayakubangabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba-kukhulu.” Yebo, uMntwana wakhe oyinhloko unguJesu Kristu ngokwakhe, owalethwa njengoMesiya lapho egcotshwa ngomoya ongcwele ngo-29 C.E. Kodwa “umfazi” kaJehova wasezulwini unabantwana abengeziwe—abanye abayizi-144 000 ababa yingxenye yesibili yenzalo eyabikezelwa kuGenesise 3:15. UJehova wathembisa ukuthi wayezoba uMfundisi oMuhle wabo bonke labantwana. Uye wabafundisa iqiniso ngaye nangezinjongo zakhe. Uye wabafundisa indlela yokumkhonza. Ngezinye izikhathi, kuye kwadingeka ukuba abeluleke. Lokhu kuye kwaba okudingekile lapho behluleka ukugcina iZwi laKhe. Kungaba nzima ukwamukela iseluleko. Kodwa ngokuzithoba baye baqaphela ukuthi bayasidinga futhi benza izinguquko ezidingekile, futhi lesoseluleko siye saletha imiphumela emihle—“isithelo esihle [“esinokuthula,” NW] sokulunga.”—Heberu 12:7, 11; IHubo 85:8.
“Isixuku Esikhulu” Sifundiswa Ngezindlela ZikaNkulunkulu
11. (a) Obani abanye abafundiswa uJehova osukwini lwethu? (b) Babonisa kanjani ukuthi bayafanelana nencazelo etholakala kuIsaya 2:2, 3, futhi kuba namuphi umphumela kwabanye?
11 Osukwini lwethu, uIsrayeli ongokomoya akalona ukuphela kweqembu uJehova alifundisayo. Phakathi namashumi ayisihlanu eminyaka adlule, ukunakekela kwaqondiswa kwabanye futhi. UIsaya waphefumlelwa ukuba alobe ngabo esahlukweni 2, amavesi 2 kuya ku-3: “Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.” Yebo, labo abamukela ukukhulekela kowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso bakubeka endaweni ephakeme kakhulu ekuphileni kwabo. Ngakho kuphakanyiswa ngaphezu kwanoma iluphi olunye uhlobo lokukhulekela abake bahlanganyela kulo nalolo izwe elibazungezile eliqhubeka lihlanganyela kulo. Abantu bazo zonke izizwe baye bakuphawula lokhu. Baye babona ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi iziphathimandla zezwe zifunani noma ukuchuma kwemikhuba engebona ubuKristu ezweni, labo abakhulekela uJehova babeka ubuhlobo babo naye ngaphezu kwanoma yini enye. Izingqapheli ziye zabona futhi izithelo lokhu okuzivezayo ekuphileni kwabakhulekeli abanjalo, futhi abaningi bafuna ukuhlanganyela ekukhulekeleni kweqiniso. Ngakho abangaphezu kwezigidi ezintathu manje bathi kwabanye: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.”—Bheka futhi uZakariya 8:23.
12. Labo okukhulunywe ngabo kuIsaya 2:2, 3 bazuziswa kanjani ngokuba noNkulunkulu njengoMfundisi wabo, futhi yini eyingxenye evelele yemfundo abanikeza yona?
12 Cabanga nje ukuthi lokho kusho ukuthini—ukuba noNkulunkulu njengoMfundisi wabo! Labo abamukela imfundo enjalo futhi bawazise ngempela umthombo wayo abazona izisulu zokuphazamiseka kwengqondo okungapheli. Abazitholi bephakathi kwemibono emibili noma bengakwazi ukwahlukanisa ukuthi yini elungile. Iqiniso elivela eZwini likaNkulunkulu lisobala ngokuphelele. Futhi uIsaya 2:4 ubonisa ukuthi yini eyayizoba yingxenye evelele yemfundo abayitholayo? Ihilela indlela yokujabulela ukuthula ezweni elikhungethwe yizimpi. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi abanye bakhetha ukwenzani, labo abafundiswe uJehova bathatha isinyathelo kuqala ekukhandeni izinkemba zabo zibe ngamakhuba nemikhonto yabo ibe ngocelemba. Abasayifundi impi.
13. “Isixuku esikhulu” sivela kuziphi izizinda, kodwa yini eye yabenza uhlobo lwabantu abayilo?
13 Yileliqembu elifanayo elichazwe kusAmbulo 7:9, 10, 14 njengabasindela emhlabeni kaNkulunkulu omusha onokuthula oza ngemva ‘kosizi olukhulu oluzayo.’ “Isixuku esikhulu” esisindayo sivela kuzo zonke izinhlanga, izizwe, abantu, nezilimi. Abaningi baso babekade besemaqenjini ayelwa wodwa. Abanye babemane bephishekela inkambo yokuphila ngokuyisisekelo eyayiwubugovu; nokho, nalokho kwaphazamisa ukujabulela ukuthula. Kodwa manje laba abaphuma kuzo zonke izizwe bangabantu abathanda ukuthula, abakhuthaza ukuthula. Futhi yini eye yabenza baba njalo? Bafundiswe uJehova.—Isaya 11:9.
Uhlobo Lokuthula Oluyinqaba
14. Ukuthula kwabantu bakaJehova kusekelwephi, futhi kukanjani kunjalo?
14 Ukuthula uJehova akunikeza abantu bakhe kuyinqaba ngempela. Akulona uhlobo lwento evela lapho kwenziwa isivumelwano esingaqinisekile phakathi kwezinhlangothi ezimbili ezingathembani. Akunazo izivumelwano. Kusekelwe ekulungeni. (Isaya 32:17) Kodwa lokho kungaba njalo kanjani ngokuthula okuhilela abantu abangaphelele? Njengezoni, ikuphi ukulunga noma ubani wethu anakho? Nokho, ngokholo singajabulela ukulunga okwenziwa kube nokwenzeka ngenani lomhlatshelo kaJesu elihlawulela Izono.
15. Phakathi nenkonzo kaJesu yasemhlabeni, yini uJehova ayeyifundisa abantwana bakhe besikhathi esizayo eyayibalulekile ukuze kube nokuthula?
15 Lokhu kusisiza ukuba siqaphele lokho uJesu akusho njengoba kulotshwe kuJohane 6:45-47. Lapho wayekhuluma namaJuda ayengadonselwanga kuye njengoMesiya futhi ngalokho ayekhononda ngaye. Kodwa wayebhekisele kubafundi bakhe lapho ethi: “Kulotshiwe kubaprofethi [ngokuqondile, kuIsaya 54:13], ukuthi: Bonke bayakubangabafundiswé nguNkulunkulu. Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi. Akusikho ukuthi ukhona oké wambona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu, nguyena ombonile uBaba. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade.” Labobafundi bayamukela imfundo uJehova ayebanikeza yona. Badonselwa kuJesu. Lapho abanye benqaba izinto ayezifundisa futhi bemshiya uJesu, abaphostoli bakhe bahlala. Njengoba uPetru asho: “Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.” (Johane 6:69) Ngenxa yokholo lwabo kuJesu Kristu, kwakuyoba nokwenzeka ngabo ukungena ebuhlotsheni obunokuthula noJehova uNkulunkulu, ubuhlobo obuhambisana nesiqinisekiso sokuphila okuphakade.
16. (a) Kusukela ngePentekoste lika-33 C.E., abalandeli bakaJesu bazuza kanjani elungiselelweni elenziwa ngoKristu? (b) Ngemva kwalokho, yini eyayidingeka kubo?
16 Kusukela ngePentekoste lika-33 C.E., izinzuzo zomhlatshelo kaKristu zaqala ukusetshenziswa kulabo balandeli abathembekile bakaJesu. Lokho uPawulu kamuva akuloba kwabaseRoma 5:1 kwasebenza kubo: “Lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu.” Ngokuzalwa bonke laba babeyinzalo ka-Adamu. Njengezoni, babehlukanisiwe noNkulunkulu. Ayikho imisebenzi emihle ababengase bayenze ngokomuntu siqu eyayingasusa ifa labo lesono. Kodwa ngomusa waKhe ongabafanele, uJehova wamukela umhlatshelo wokuphila kukaJesu okuphelele kobuntu ngenxa yenzalo ka-Adamu. Ngalabo ababa nokholo kulelilungiselelo, manje kwaba nokwenzeka ukuba babalelwe ukulunga nokuba bamukelwe uNkulunkulu njengabantwana abanombono wokuphila kwasezulwini. (Efesu 1:5-7) Kodwa ingabe kwakudingeke okwengeziwe kubo? Yebo, kwakumelwe bahambe ezindleleni zikaJehova. Babengasenakusenza umkhuba isono. Kodwa bayaqaphela ukuthi noma ikuphi ukulunga abanakho kuwumphumela womusa kaNkulunkulu ongabafanele owaboniswa ngoKristu. Njengoba umbhalo usho, ‘banokuthula noNkulunkulu ngoJesu Kristu.’
17, 18. (a) Ingabe “ezinye izimvu” zijabulela ukuthula okunjalo noNkulunkulu? (b) Imiphi eminye imibuzo efanele ukucatshangelwa?
17 Kuthiwani ngalabo uJesu abhekisela kubo ngokuthi “ezinye izimvu” zakhe? (Johane 10:16) Ingabe bayakujabulela ukuthula okunjalo noNkulunkulu? Hhayi njengabantwana bakaNkulunkulu, kodwa eyabaseKolose 1:19, 20 iyabahlanganisa njengabameleli bokuthula kwaphezulu. Ithi uNkulunkulu wakubona kukuhle ngoKristu ukuba “abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi [likaJesu] lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni [okungukuthi, labo abayonikezwa ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi] nokuba ngezisezulwini.” Laba abanamathemba asemhlabeni bayalungisiswa futhi bajabulela ukuthula noNkulunkulu ngisho kwamanje, hhayi njengabantwana, kodwa ‘njengabangane bakaNkulunkulu,’ njengoba uAbrahama ayenjalo. Yeka isikhundla esibusisekile leso okuyiso!—Jakobe 2:23.
18 Ingabe wena ngokwakho uyakujabulela lokho kuthula? Ingabe ukuthola ngokugcwele ngangokunokwenzeka ngabantu abaphila phakathi nalesikhathi esibalulekile emlandweni? Esihlokweni esilandelayo, sizocabangela ezinye zezinto ezingasiza ekwenzeni lokho kube nokwenzeka.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Kungani izwe lingenakho ukuthula?
◻ Ikuphi ukuthula uNkulunkulu akunikezayo manje?
◻ Obani abangajabulela ukuthula okunjalo?
◻ Kukanjani ukulunga kuyisici esibaluiekile kulokhu kuthula?
[Isithombe ekhasini 14]
“Yilowo nalowo ozwilekuBaba, wafunda, uyeza kimi”