Usuku Olukhethekile ECalcutta—Ukufinyelela “Abantu Bazo Zonke Izinhlobo” Ngezindaba Ezinhle
ICALCUTTA, iyidolobha eligcwele “abantu bazo zonke izinhlobo.” Phakathi kwabantu bayo abangaphezu kwezigidi eziyishumi, oFakazi BakaJehova bamatasa nokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Kudinga ikhono elikhulu nokukhuthazela ukufinyelela bonke labantu abanezizinda ezihlukene kakhulu ngokobuzwe, ngokwenhlalo, ngokwamasiko, ngokwenkolo, nangokomnotho. Kodwa njengomphostoli uPawulu ongumKristu, okujikeleza kwakhe kwezithunywa zevangeli kwamyisa emagumbini akude omhlaba wangalesosikhathi, oFakazi BakaJehova eCalcutta nabo baye baba “yikho konke kubantu bazo zonke izinhlobo” ukuze ‘ngokusemandleni abo basindise abanye.’—1 Korinte 9:22, NW; Kolose 1:23.
OFakazi BakaJehova balapho bawenza kanjani umsebenzi wabo wokushumayela, futhi luhlobo luni lwabantu nezimo abahlangabezana nakho enkonzweni yabo? Muva nje, njengesivakashi, ngiye ngasebenzisa usuku eCalcutta nginephayona, noma umshumayeli wesikhathi esigcwele. Ingabe ubungathanda ukuzwa lokho okuhlangenwe nakho okuvelele?
Insimu Enkulu Futhi Ehlukahlukene
Ntambama ngalolo suku olumatasa nolujabulisayo lokushumayela endlini ngendlu, mina nengangihamba naye sase silungele ukuya ekhaya. Njengoba sasilindele ibhasi, saqala ukuxoxa ngezinselele yena namanye amaphayona ababhekana nazo kulelidolobha elikhulu.
“Nokho,” ephawula, “buza noma ubani osemsebenzini wokushumayela wesikhathi esigcwele lapha ukuthi angathanda yini ukuthuthela esabelweni esilula kunalesi. Angicabangi ukuthi angakuthakazelela.”
Wayeqinisile. Amaphayona eCalcutta abheka umsebenzi wawo njengomunye wemisebenzi ethakazelisa kakhulu emhlabeni. Anensimu enkulu engafani kulelidolobha elinokwehlukana okukhulu.
Nakuba inkolo yamaHindu ibusa idolobha, amasonto nezakhiwo zamasonto amaMuslim maningi, futhi umuntu uthola amathempeli amaBuddha lapha nalaphaya. Kwezinye izindawo zokuhlala, kunezindlu zekhethelo ezihlala abanye babantu abacebe kakhulu emhlabeni. Eduze kwalapho kunamafuku ezisebenzi ezivela kwamanye amazwe ezingalindela ukuhola imali encane engangamarupee ayi-150 (cishe ama-R27) ngenyanga. Ukwehluka kwamasiko abo, izilimi, nokubonakala, kufana nokwezinkolo zabo nezimo zabo zokuhlala.
Naphezu kwakho konke lokhu kunebandla loFakazi BakaJehova cishe elinabamemezeli boMbuso abashisekayo abayikhulu. Nakuba inselele isabeka, oFakazi bathola injabulo ekhethekile nokwaneliseka ekukwazini ukuzifanelanisa nezimo ukuze basabele ezidingweni zabantu.
Ngaso lesosikhathi, iBhasi No. 45 lama phambi kwethu. Laligcwele kakhulu kangangokuba ukusabela kwami kokuqala kwakuwukuthi: “Anginakukwazi ukungena!” Ngezwa bengidudula ngobungane ngemuva, futhi ngokushesha sobabili sadudulelwa phakathi ebhasini ngezandla nangemizimba. Okungenani abanye abantu abayishumi bagibela emva kwethu. Babesezitebhisini, belenga njengezinyosi emnyango. Phakathi ebhasini, elilungiselelwe ukuhlala abantu abangama-46, ngabala amakhanda angaphezu kwekhulu ngaphambi kokuba ngiyeke ukubala ukuze ngiqalise ingxoxo nomngane wami.
“Ingabe amabhasi aba njena njalo?”
“Ngokuvamile athi ukugcwala kancane,” echaza, “kodwa awabizi, okungukuthi singakwazi kalula ukugibela amakhilomitha ayi-10 kuya kwayi-15 usuku ngalunye siye kwezinye izingxenye zedolobha ukuze sishumayele.”
“Akunakuba ngcono ukusebenza ezindaweni eziseduze nasekhaya izikhathi eziningi?”
“Yebo, kodwa abanye bethu thina zisebenzi zesikhathi esigcwele baye banquma ukwenza umzamo wokufinyelela abantu abakweziye izindawo. Amarekhodi ethu abonisa ukuthi izindawo eziningi eziseduze neCalcutta azikaze zivakashelwe ngezindaba ezinhle eminyakeni engama-50 edlule.
Nokho ukufinyelela wonke umuntu kwezinye izindawo kuyinselele yangempela ngenxa yesibalo esikhulu sabantu. Okunye ukuhlola kwake kwathi isibalo sabantu eCalcutta siphindwe izikhathi ezintathu kunaleso saseDolobheni laseNew York ngalesosikhathi, futhi isibalo siye senyuka eminyakeni yamuva.
Okungenani ingxenye yesithathu yabantu baseCalcutta ihlala emijondolo ecinene eyaziwa endaweni ngokuthi amabustee. Amabustee akhiwe aba uhele lwamaqhugwane amancane, ngokuvamile ashiyana ngengalo. Indlu ngayinye ayikhonkiwe futhi izindonga zenziwe ngodaka nezinsika eziyizingodo zihuqwe ngobulongwe, konke kungaphansi kophahla olwenziwe ngamatile obumba. Iqhugwane ngalinye, linendawo yokungenisa umoya encane kakhulu noma engenayo kwanhlobo, liyindawo yokulala yabantu abayisikhombisa noma abayisishiyagalombili. Ngokuvamile ngabantu abacishe babe yi-150, kunompompi wamanzi owodwa, futhi kumabustee asenesikhathi eside, uhulumeni ulungiselela izindawo zomphakathi zangasese ezimbalwa.
Njengoba umuntu eqala ukuhambela ibustee, kungokuvamile ukuphelezelwa isixuku sezibukeli ezinosikisiki lokwazi ezingaba yikhulu, ikakhulukazi izingane. Omunye uFakazi, owayesecasulwe ukuphikelela kwentsha eyayimemezela ukuhambela kwakhe endlini ngayinye, wabuza insizwa ukuthi nayo yayingathanda yini ukuqedela yonke ingxoxo. Kulesimemo esinjalo, intsha ehloniphayo yathatha ipheshana kuFakazi futhi yanikeza isigijimi izwi nezwi, ihambisa ngisho nomagazini INqabayokulinda nePhaphama!
Ukusingatha Izizinda Ezingokwenkolo Ezihlukahlukene
Cishe ingxenye yamabustee edolobha ihlala abalandeli bakaIslam. Nokho, isimo sokubekezela esikulelidolobha sikwenza kube lula ukushumayela endlini ngendlu ezindaweni ezinjalo, ilungelo elingajatshulelwa ngaso sonke isikhathi kwamanye amazwe anemiphakathi eminingi yamaMuslim. Ngabuza ukuthi ingabe amaphayona eCalcutta anendlela ekhethekile yini yokukhuluma nabantu balesisizinda.
“Abanye basebenzisa izinkinga zendawo ukuze baqokomise ukwehluleka komuntu ukuxazulula izinkinga zakhe,” kuphendula umngane wami, “kuyilapho abanye bezama ukunqoba ubandlululo olungokwenkolo ngokuxoxa ngamaphuzu ajwayelekile, njengokukholelwa kuNkulunkulu oyedwa (hhayi uziquzintathu) noma inkolelo yethu efanayo yokuthi iBhayibheli lokuqala laliphefumlelwe uNkulunkulu.”
“Futhi iba yini imiphumela?” ngibuza.
“Bambalwa abanesithakazelo sangempela sokufuna isifundo seBhayibheli. Ukuziphilisa nokwenza ngcono isimo sabo ekuphileni kubonakala kubusa izingqondo zabo. Lokho, kuhlanganise nemfundo encane, uma benayo, kwenza kube nzima ngabo ukuba bamukele izindaba ezinhle.”
Kuvame ukuba kuhlangatshezwane nemibono yamaHindu kulelidolobha. Abantu baseBengali, ngokukhethekile, bayakuthanda ukucaphuna isisho sikaRamakrishna, owayephila futhi eshumayela phakathi nekhulu le-19 leminyaka. “Jotto moth, totto poth,” okusho ukuthi, uma kuhunyushwa, zonke izinkolo ziyizindlela ezihlukene eziya emgomweni owodwa.
“Ingabe kunzima ukunqoba lombono?”
“Akunzima uma umuntu ekuvulekele ukuba nibonisane. Singachaza ngobuciko umehluko osobala, njengethemba lethu elisekelwe eBhayibhelini lokuphila phakade ekupheleleni kobuntu emhlabeni. Noma singaveza ukuthi akunakwenzeka ngemibono ehlukile ukuba ibe yiqiniso ngesikhathi esifanayo. Ngokwesibonelo, kuphakathi kokuthi ukhona noma awukho umphefumulo ofayo.”
“Kuzwakala kunengqondo.”
“Yebo, kodwa ngokuvamile abantu bayenqaba ukuthatha esikushoyo ngokungathi sína. Bayaqiniseka ukuthi bayakwazi esikukholelwayo nokuthi bakholelwa entweni efanayo. Lombono umane ubhidlize noma iyiphi ingxoxo eyakhayo. Khona-ke sizama uku shiya incwadi bese sidlulela kumuntu olandelayo.”
“Ingabe ukhona ovela emphakathini wamaHindu ofuna ulwazi olujulile ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe?”
“Yebo, amaphayona athintana nensizwa eyakhohliseka ngokuzihlanganisa kwayo nabalandeli bakaRamakrishna,” kulandisa umngane wami. “Yabamukela omagazini futhi yayisibafundile ngesikhathi iphinda ivakashelwa ezinsukwini ezimbili kamuva. Ngemva kwezingxoxo eziningana, yaqala ukutadisha incwajana iThe Path of Divine Truth Leading to Liberation. Yayibhala izimpendulo nokukhulu mela kwayo emibuzweni yesifundo encwadini yayo yokuloba. Phakathi nezinyanga eziyisihlanu, lendoda yabhapathizwa futhi yakhonza njengephayona elisizayo ukuze ihlanganyele ulwazi lwayo nabanye abaningi.”
“Yeka okuhlangenwe nakho okuhle! Kodwa kwaba yini ukusabela komkhaya wayo?”
“Yayihlala nomama wayo ongumfelokazi nogogo, bobabili bangamaHindu azinikele. Nabo, futhi, baqalisa ukubonisa isithakazelo futhi baqala ukutadisha iBhayibheli. Ngokushesha omakhelwane baqaphela ushintsho kowesifazane, futhi ngenxa yalokho abanye abathathu baba nesithakazelo. Manje umama usebhapathiziwe, nogogo, othuthuka kancane ngenxa yeminyaka yakhe engama-70, uthemba ukubhapathizwa.”
Ngenxa yenjabulo yomngane wami ekuxoxeni lendaba, ngingabona ukuthi okuhlangenwe nakho okunjena kuyisikhuthazo ngempela emaphayoneni. Ngezinye izikhathi intuthuko ingabonakala incane, bese kuba nomunye onesithakazelo esikhethekile. Ngaleyondlela amaphayona ayakhuthazeka ukuba aqhubeke efuna labo abangase babe nesithakazelo.
Ukunqoba Izintango Zolimi
Sasesiqalile ukuncipha isixuku ebhasini, futhi ngaqaphela isiNgisi esithile. “Ticket, apnar ticket,” kusho indoda emfushane, eyayingayigqokile iyunifomu, eyayiphethe ngesandla sayo sokudla imali engamaphepha eyayinemibala emihle kanye nesikhwama sesikhumba semali eceleni kwayo ukuze ibonise ukuthi ingumqondisi webhasi. Ngafuna ukukhokha, kodwa umoya wokungenisa izihambi womngane wami ongumNdiya awuzange ukuvumele lokho. Wabeka isikhwama sakhe sezincwadi ezandleni zami futhi wakhipha imali esikhwameni sakhe sehembe.
“Yini elapha?” ngibuza. “Lokhu kumelwe kube nesisindo esingangethani!”
“Nokho, izinguqulo zeBhayibheli zolimi lwesiNdiya zinkulu. Ukuze sihlome ngokuphelele eCalcutta, sidinga ngempela ukuphatha amaBhayibheli ngezilimi ezintathu—ngesiBengali, ngesiHindi, nangesiNgisi—yebo, kanye nezinye izincwadi zeBhayibheli.”
“Kumelwe umane uthathe iBhayibheli lesiNgisi futhi uhumushe amavesi.”
“Ngicabanga ukuthi singakwenza. Nokho, abantu abaningi abafunde kuphela isiBengali noma isiHindi abakaze balibone iBhayibheli eliphelele ngolimi lwabo. Sizizwa sijabule kakhulu uma sibabonisa ikhophi futhi sibafundela sisusela kulo. Kuwufanele umzamo owengeziwe nesisindo.”
Ukuzifanelanisa nezidingo zamaqembu ezilimi ahlukahlukene lapha kugcina amaphayona ematasa. Iningi lawo liye lazifundisa ukuba lifakaze ngokuphumelelayo ngezilimi ezintathu eziyinhloko. Amanye anamakhono akhethekile aye afunda ukukhuluma izilimi eziyisihlanu noma eziyisithupha. Abantu bendawo bayayazisa imizamo yezivakashi yokuzama ukukhuluma ngolimi lomphakathi, futhi ukulalela kwabo kungaba umvuzo owanele wamahora amade okufunda ulimi.
Ukuthola Injabulo Ensimini Eletha Inselele
Ngalesosikhathi ibhasi lethu laphinde lama ngamabhuleki alo ayesephelile, futhi ngehla.
“Kungani sehla lapha?” ngibuza. “Awuhlali lapha.”
“Cha, indawo yabantu abangamaPunjabi. Uyazi, labantu benza itiye elimnandi. Ngicabange ukuthi ungase uthande ukuthola inkomishi.”
Itiye lalimnandi kakhulu.
“Wayazi kanjani lendawo?” ngibuza.
“Ngokusebenza zonke izindawo, thina maphayona sijwayelana nalokho okukhethekile okutholakala endaweni nalapho izitolo ezingcono nezibiza kancane zikhona. Uma isisu sakho siqine ngokwanele, singahamba siyozwa okunye ukudla okumnandi kusihlwa.”
Ngokukhumbula iseluleko sabanye abangane bami abaqaphelisisayo, ngase nqaba isimemo. Kodwa ngalijabulela itiye. Ngabona ukuthi amaphayona anokulinganisela futhi aye afunda ukwenza okungcono ngezimo zawo. Ngisho nezinto ezibonakala ziyizihibe ekuqaleni zinganqotshwa futhi zijatshulelwe.
“Ingabe kukhona ongakujabuleli ngomsebenzi wakho?” ngibuza okokugcina.
Umngane wami wawucabangela isikhashana lombuzo. “Ngicabanga ukuthi izinto esingenakuzijwayela neze izikhathi zasehlobo neziphepho. Nokho leyo inkinga onayo kungakhathaliseki ukuthi uyaphayona noma cha. Ukushisa nesifudumezi kuphakama kangangokuthi ngokuvamile umjuluko uconsa usuka ekhaleni uya eBhayibhelini njengoba ulifunda. Naphezu kwalokho, sifunda ukujwayelana nakho. Phela, ngoMay, cishe inyanga eshisa kakhulu onyakeni, sibona isibalo esiphakeme samaphayona asizayo ehlanganyela nathi emsebenzini wokushumayela.”
Uma ngibheka emuva kulolosuku nasengxoxweni yami nomngane wami oyiphayona, ngihlatshwa umxhwele ikhono lamaphayona aseCalcutta lokuzifanelanisa nezimo eziningi ezihlukahlukene nabantu ukuze abafinyelele ngezindaba ezinhle. Yebo, ngiyaqaphela ukuthi amaphayona kuwo wonke umhlaba enza okufanayo. Akujabulela ngempela ‘ukuba yikho konke kubantu bazo zonke izinhlobo.’—Inikelwe.
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 26]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
INDIA
Calcutta