“Uthembekile Ngenkolo Yakhe”
Nakuba iminyango kahulumeni ibiwusizo kakhulu esakhiweni seWatchtower Society eNigeria, amanye amaphephandaba nabaholi benkolo baye bazama ukwenza inxushunxushu ngoFakazi BakaJehova ngempikiswano yokungathathi-hlangothi. Nokho, ezinye izintatheli zamaphephandaba ziye zatusa. Omunye umlobi, ongummeli, wabuza ukuthi ingabe oFakazi BakaJehova “baziveza ngempela njengabangalilweli izwe labo?” Eziphendula yena, wathi: “OFakazi bayizakhamuzi ezikhokha intela nezigcina umthetho. Noma imuphi . . . uFakazi onga thembeka ngenkolo yakhe kuze kube sezingeni lokuyilalela noma esengozini yoku lahlekelwa amalungelo athile uyothembeka ngokufanayo kwezinye izinto eziningi . . . Isizathu sokuba enqabe ukuntshontsha imali kahulumeni kuyilapho abanye . . . becula iculo lesizwe kodwa bakhwabanise izimali siwukuthi iBhayibheli lakhe elimcela ukuba angaliculi iculo lesizwe lithi futhi akumelwe ebe.”