Ukuzimlisela Kwangisiza Ngaphumelela
Njengoba ilandiswa nguJoseph A. Oakley
YEKA injabulo okwaba yiyo ngo-1950 ukuba phakathi kwabayizi-123 707 ababekhona emhlanganweni wezizwe zonke woFakazi BakaJehova owawuseYankee Stadium eDolobheni laseNew York eUnited States! Futhi ngemva kwalokho yeka ilungelo okwaba yilo ukungena ikilasini le-16 lesikole saseGileyadi sezithunywa zevangeli esisenyakatho New York!
Ngemva kokuthweswa iziqu mina, kanye neqembu lengangivela nabo eAustralia, sabelwa umsebenzi wezithunywa zevangeli ePakistan ekude. Safika lapho ehlobo lika-1951. Unyaka wokuqala kakhulukazi waletha uvivinyo olunzima.
Olunye lwalolu kwakuwukushisa okwakunesifudumezi, kunezintuli, okwakwehluke ngokuphelele ekupholeni kweVictoria neTasmania eseningizimu yeAustralia lapho ngangihlala khona. Kwase kuba nesifo sokushisa nokuqubuka kwezilonda emathunjini, isifo sokuchithekelwa inyongo egazini, nezinye izifo ezihlala isikhathi eside ezaphatha iningi lethu esasisanda kufika. Omunye wesasikanye naye esikoleni owayesemusha wafa ngawo lowonyaka wokuqala.
Olunye uvivinyo kwakuwubumpofu nezimo ezihlukile zokuphila. Ngokushesha nje ngemva kokufika kwethu, ngabelwa ukuba yisikhonzi esijikelezayo, okwakudinga ukuhamba amabanga amade, ngingedwa ezitimeleni futhi ngezinye izikhathi kwakuhilela ukulala emapulatifomu eziteshi zakwaloliwe.
Olunye uvivinyo futhi kwakuwukuntuleka kokusabela esigijimini sethu soMbuso phakathi kwabantu ababebuswa inkolo yamaMuslim. Futhi kwakuwuvivinyo ngempela ukuzama ukubeka lesigijimi ngolimi olunzima, olusha, isiUrdu.
Kwakungase kube lula ukuyeka nokubuyela ekhaya. Ukuhlala kwakudinga ukuzimisela okukhulu. Ngiyajabula ukuthi okuhlangenwe nakho kwami kwangaphambili kwangisiza ukuba ngibhekane naloluvivinyo ngokuphumelelayo.
Okuhlangenwe Nakho Okwashintsha Ukuphila Kwami
Ngakhuliselwa epulazini elicishe libe amakhilomitha ayi-18 ukusuka eGeelong, idolobha eligudla ugu elisendaweni yaseAustralia e Victoria. Ngolunye usuku ngoApril 1935, ngesikhathi ngivakashele kulelidolobha, uNksz. Hudson waxoxa nami futhi wanginxusa ukuba ngibe khona enkulumweni yeBhayibheli. Ngakhathazeka isonto lonke ngoba ngangithembise lona wesifazane osekhulile othandekayo, oqotho, futhi ngokusobala ozinikezele ukuthi ngiyoba khona. Empeleni ngangingafuni ukuya, kodwa angithandanga ukumdumaza.
Khona-ke lapho isikhathi sifika, nginqikaza ngagcina isithembiso futhi ngahamba. Okwangimangalisa, ukuthi ngawujabulela umhlangano kangangokuba ngaqala ukuba khona njalo. Engakufunda kwangenza ngakholwa ukuthi ngangilitholile iqiniso, futhi ngabhapathizwa emhlanganweni owawuseGeelong ngawo lowonyaka.
Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, amaphayona ashisekayo amabili angamantombazane ahamba emasimini alinyiwe ibanga elingaphezu kwekhilomitha nengxenye ukuze afinyelele ipulazi lethu. Okwangihlaba umxhwele ngawo kwabe kuwukholo nokushiseka kwawo. Ngiyakhumbula ngiwabuza ukuthi abezolalaphi ngalobobusuku, ngoba aphawula ukuthi ayesendleleni eya esabelweni sawo esisha edolobhaneni elincane laseBacchus Marsh, eliqhele ngamakhilomitha angama-56.
“Asikazi, kodwa sizoyithola indawo ngaphambi kokuba kuhlwe,” ephendula. “Uma kungenjalo, siyomisa ithende lethu.”
Lase lishayile ihora lesine ntambama, futhi imini yayimfushane futhi ibanda. Ngazindla: ‘Ubuphayona ngempela lobu!’ Futhi kwangenza ngacabanga: ‘Yini engiyenzayo lapha epulazini, ngihlukene ngamakhilomitha amaningi kwabanye abantu? Yini engivimbela ukuba ngibe yisikhonzi esiyiphayona njengalaba besifazane abasha? Nami ngimusha futhi nginempilo enhle. Uma bengakwenza, mina ngingahlulwa yini?’ Ngazimisela khona lapho ukuthi maduze nje nami ngizoba yiphayona.
Ukuzimisela Ukunamathela Esinqumweni Sami
Ubaba way emelene kakhulu nokushiya kwami ikhaya nokuthatha umsebenzi wokushumayela wesikhathi esigcwele noFakazi BakaJehova. Wayengumphathi kasontosikole iminyaka engama-30 futhi wayebabandlulula oFakazi. Nokho, ngase ngineminyaka engama-21 ubudala, futhi umama akazange abe nesizathu esiqinile sokungiphikisa lapho ngimchazela ngalokho engikuhlelile. Khona-ke, ekugcineni, uJune 30, 1936, wamiswa njengosuku engangiyoshiya ngalo ikhaya.
Ubaba wacela osomabhizinisi abaningana abaziwayo ukuba bangiyekise ‘lomsebenzi oyisicefe’ njengoba ayewubiza kanjalo. Lamadoda azama kanzima ukungincenga ukuba ngihlale ekhaya, esebenzisa onke amasu, njengokuthi: ‘Uyoyithela ngehlazo inkolo yomkhaya wakini.’ ‘Uzihlanganisa neqembu elingaziwa futhi elingajwayelekile.’ Futhi, ‘isiphi isiqinisekiso onaso sokusekelwa ngokwezimali?’
Lokhu kuncenga okulingayo—cishe okwakwenziwa ngenhloso—kwaqhubeka amasonto amaningi. Nokho, ngokumangalisayo, lapho babezama ngokwengeziwe ukungiphambukisa, kuyilapho ngangizimisela ngokwengeziwe ukuba ngingenele izinhlu zamaphayona.
Wafika uJune 30, olwamanqamu! Ngapakisha konke enganginakho esithuthuthwini sami futhi ngasuka ngaya eMelbourne, eqhele cishe ngamakhilomitha angama-64. Ngangimenyelwe lapho ukusebenza neqembu lamaphayona. Konke ukuphila okunenjongo, okusha manje kwase kungivulekele, kodwa kwakunezilingo eziningi.
Ukubhekana Nokuphikiswa Ngokuzimisela
Indlela eyinhloko yokusakaza isigijimi soMbuso ngalezozinsuku yayiwukusebenzisa izimoto ezinesound zokusakaza izinkulumo zeBhayibheli ezirekhodiwe zomongameli weWatch Tower Society, uJ. F. Rutherford. Cishe kwaphela iminyaka emihlanu ngisebenzisa enye ‘yalezimoto,’ iveni evulekile ehlonyiswe kahle eyayaziwa yonke indawo ngokuthi “iRed Terror.”
Izwi likaMzalwane uRutherford elicacile nelindondayo elivela emshinini wokwandisa izwi ‘lalimnandi’ kubafuni beqiniso abambalwa, kodwa kubaphikisi beqiniso lalinjengoshevu. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 2:14-16.) Ngezinye izikhathi, ngangithelwa ngethumbu lokunisela, noma iveni ishaywe ngamatshe.
Izinkulumo zikaMzalwane uRutherford ezazidalula amanga enkolo, ngakolunye uhlangothi, zazikhanga ngempela kwabanye. Ngokwesibonelo, enye indoda emi kahle yacela isiboniselo ngasinye sezinkulumo zikaRutherford ezirekhodiwe nencwadi ngayinye ayeyibhalile. Lapho sivakashela umuzi wakhe omkhulu, kwakunzima ukuthwala wonke lawomarekhodi nezincwadi. Lendoda yajabula lapho izithola, yabhala isheke lika-£15 (manje okungama-R48) khona lapho. Ngangiqala ukuhambisa isipho esingaka!
Ngo-1938 uMzalwane uRutherford wabelwa ukuhambela iAustralia futhi anikeze inkulumo eHholweni leDolobha eSydney, eNew South Wales. Ngangingomunye owayezohlanganisa imigwaqo yaseSydney ngemoto enesound, simemezela ngendawo okuyofikela kuyo isivakashi esizayo. I“Red Terror” yafakelwa ngokukhethekile isimiso samasonto ayisithupha kanye ne saziso esikhulu ezinhlangothini zombili zeveni. Lomsebenzi ‘owawuhlasela ngokuphuthumayo’ wabangela ukuphikiswa okukhulu.
Ngenxa yokucindezela okukhulu okungokwenkolo, isicelo sokusebenzisa iHholo leDolobha laseSydney senqatshwa. Umsebenzi wami manje wabe uwukusebenzisa imoto yokukhulisa izwi ekwenzeni izincwadi zezikhalo ukuba zisayinwe. Sahambela amaqembu amakhulu ezisebenzi phakathi nesikhathi sawo sokudla, naphezu kokuphikiswa ezindaweni eziningi, saphumelela ekutholeni abantu abasayina abangamakhulu bevumela inkululeko yokukhuluma. Sekukonke kwatholakala amashumi ezinkulungwane zabantu abasayina kulo lonke izwe. Kodwa naphezu kokuletha lencwadi yesicelo ende kangaka kubaphathi bedolobha laseSydney, ukusetshenziswa kweHholo leDolobha kwaphinde kwenqatshwa.
Nokho, njengenhlala yenza, lokhu kwaba nenzuzo kubantu bakaJehova. Kwabe sekuqashwa iziNkundla Zemidlalo zaseSydney, futhi ngenxa yokwaziwa okukhulu kwendaba okwabangelwa ukuphikiswa, inani lababa khona enkulumweni kaRutherford lafinyelela izi-12 000, ngokulinganisa kwamaphoyisa. Njengoba iHholo leDolobha lalingase lihlalise kuphela abantu abayi-5 000, ukuphikiswa kwaphumela enanini eliphindwe kabili labantu abalalela inkulumo!
Ukuzimisela Phakathi Kokuvinjelwa
Ngokugqashuka kweMpi Yezwe II ngo-1939, ukuphikiswa kwanda. Khona-ke, ngoJanuary 1941, umsebenzi woFakazi BakaJehova wavinjelwa kulo lonke elaseAustralia. Ngalesosikhathi ngangiphayona eMelbourne futhi ngihlala endaweni yokugcina izincwadi zeNhlangano.
Ngolunye usuku amaphoyisa oMbuso ayisithupha ayizidlakela afika lapho futhi abhekana ngeziqu zamehlo nenceku enakekela izincwadi uJack Jones kanye nami. Nganikezwa imizuzu eyisihlanu kuphela ukuba ngiphume ekamelweni lami elalisesitezi esiphezulu. Ingabe wake wazama ukupakisha zonke izimpahla zakho ngemizuzu eyisihlanu? Kwakusekude kabi ukuba ngiqede lapho amaphoyisa engena ekamelweni futhi ephonsa ngendlovula zonke izimpahla zami ezisele ngefasitela.
Nokho, ukuvinjelwa akuzange kuwumise umsebenzi wethu. Sisebenzisa Bhayibheli kuphela, saqhubeka sishumayela endlini ngendlu nokuba nemihlangano evamile eMelbourne. Phakathi no-1942, unyaka wesibili wokuvinjelwa, ngaphinde ngabizelwa eSydney, ngalesikhathi ngangiyosiza ekuhleleni imisebenzi emabandleni ayisikhombisa oFakazi BakaJehova alapho.
Ngalesosikhathi ekhaya laseBethel eSydney kwakuhlala izikhulu zoMbuso zikahulumeni. Emzini omkhulu owawunezitezi ezimbili owawuqhele ngezindlu ezimbalwa, sahlela khona wonke umsebenzi wethu ongokwenhlangano. Isabelo sami sasiwukuhambela ngalinye lamabandla aseSydney futhi, ngisebenzisa imotshwana esasithuthuthu, ngangithutha izinhlaka zemihlangano nezinye izinto ezazidingeka ekugcineni amabandla ehlelekile futhi eqhubekela phambili.
Ukukhonza ETasmania
Lapho ukuvinjelwa kupheliswa ngoJune 1943, ngabelwa ukuyosiza ekumisweni futhi kwendawo yezincwadi eMelbourne. Khona-ke, ngo-1946, ngamiswa ukuba ngikhonze njengenceku yabazalwane ejikelezayo (manje, osekungumbonisi wesifunda) eziqhingini zaseAustralia ezisendaweni yaseTasmania. Ngokomumo wezwe, iTasmania iyisiqhingi esihle, esinezintaba namagquma amaningi ayaye ambozwe yiqhwa engxenyeni enkulu yonyaka.
Ngesikhathi ngikhonza njengombonisi ojikelezayo, kwakunamabandla ayisikhombisa kuphela namaqembu angawodwa ambalwa kuso sonke isiqhingi. Phakathi nokuhambela amabandla, ngaphayona edolobheni elincane okuthiwa yiMole Creek. Ukuphikiswa kobudlova koFakazi BakaJehova kwaqala kuleyondawo ngesikhathi sempi. Kodwa ngalesosikhathi kwase kwehlile, futhi abantu abaningi engabahambisela izincwadi ekugcineni baba oFakazi abazinikezele.
Kwakungesikhathi ngiseTasmania, ngo-1950, lapho ngemukela khona isimemo sokuya ekilasini lama-16 eGileyadi. Ngemva kokuthweswa iziqu, njengoba kushiwo ngaphambili, ngabelwa ePakistan.
Umshado Nomkhaya
Lapho sengiqede iminyaka eyisithupha ePakistan, ngashada noEdna Marsh, owayekhonza njengesithunywa sevangeli eJapane. UEdna wangijoyina, futhi savula ikhaya elisha lezithunywa zevangeli eQuetta, ezinkangala zasePakistan. Sahlala iminyaka emibili siseQuetta, kodwa, ngenxa yokuthi sasilindele umntwana wethu wokuqala sanquma ukubuyela eAustralia. Yini eyayisiphambi kwethu manje?
Ukuthi sasiyohlalaphi futhi sikhulise umkhaya wethu kwakungeyona neze inkinga. Ngangithembise ukuthi uma kwenzeka ngiyeka inkonzo yakwamanye amazwe ngiyobuyela eTasmania. Nokho, sasingenamali, futhi imisebenzi yabaneminyaka engama-45 yayingatholakali. Nokho sanquma ukuba singavumeli umsebenzi wokuziphilisa usenze singayi emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini.
Ngosizo lomusa lwabazalwane abangokomoya, ngakwazi ukumisa ibhizinisi lami lokuhlanza amafasitela. Eminyakeni engaphezu kwengama-20 angizange ngiphuthelwe nangowodwa umhlangano noma inkonzo yasensimini ngenxa yokuhileleka emsebenzini wokuziphilisa, nakuba ngezinye izikhathi kwakudingeka ngenqabe amathuba omsebenzi onemali eyengeziwe engatholakala. Ngaleyondlela sakwazi ukukhulisa abantwana bethu ababili ngendlela yeqiniso nokuba nengxenye njalo kuyo yonke imisebenzi yoMbuso.
Abantwana bethu manje sebekhulile futhi abasancikile kithi. Bobabili baqinile eqinisweni, indodakazi yethu yajabulela iminyaka ethile yobuphayona ngaphambi kokuba ishade. Indodana yethu nomkayo manje sekuseduze bayokhonza lapho indingeko inkulu khona enkonzweni yamaphayona.
Ukuphila Okuzuzisayo
Muva nje siye savakashelwa umngane omdala owaba owokuqala owathatha iqiniso edolobheni laseQuetta ePakistan. Ngemva komhlangano ebandleni lethu laseLaunceston lapha eTasmania, watshela ibandla ukuthi wasitshela isisebenzi sakhe izikhathi ezimbili ukuba singitshele ukuthi wayengekho ekhaya ngesikhathi ngifika. Nokho, kamuva lapho ngimthola engadini futhi engenakubaleka, waqala ukubuza imibuzo, ekugcineni wemukela isifundo seBhayibheli. Walandisa indlela ajabula ngayo ngokuthi ngabonisa ukuzimisela ngokubekezelela lesosabelo esinzima sakwamanye amazwe sasePakistan.
Eminyakeni embalwa ngaphambili, emhlanganweni owawuseSydney, owesifazane osemusha wagijima weza kimi futhi wanganga ngomusa omkhulu. Ngimangele, ngacabanga ukuthi wayenze iphutha. “Cha,” esabela, “awuyena yini uJoe Oakley? Wena noAlex Miller nafunda nomkhaya wakithi eLahore, ePakistan, manje umama nodadewethu nami siseqinisweni futhi sihlala eSydney.”
Okuhlangenwe nakho okunjena ngempela kuye kwanezela ekwanelisekeni kokuba nengxenye egcwele ekumemezeleni ngoMbuso. Yeka ukuthi kuhle kanjani ukubona isibusiso sikaJehova emsebenzini! Lapho ngiqala ukukhonza lapha eTasmania ngo-1946, kwakunabamemezeli boMbuso abayisishiyagalolunye kulo lonke idolobha laseLaunceston. Manje kunamabandla amathathu, ngalinye linabamemezeli abangaphezu kwama-90!
Ngempela, ngokuhlangenwe nakho okwanelisayo kweminyaka engaphezu kwengama-50 yenkonzo yobuKristu, ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi ukuzimisela kuye kwangisiza ukuba ngiphumelele.
[Isithombe ekhasini 24]
Imoto enombhobho wokukhuluma eyayisetshenziselwa ukumemezela isigijimi soMbuso eSydney
[Isithombe ekhasini 25]
UJoe Oakley enebandla elincane eQuetta, ePakistan, ngesikhathi kuvulwa iHholo LoMbuso elisha ngoDecember 15, 1955