Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukwethembeka Kuletha Udumo KuJehova
UJEHOVA ufuna ukuba izinceku zakhe zithembeke, zibe nokulunga, futhi zikholeke. Ngokwesibonelo, uMose wayalwa ukuba akhethe njengababonisi “amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile.” (Eksodusi 18:21) Njengalawomadoda akhethwa, emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova baziwa njengabathembekile, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa.
◻ UFakazi osebenza ehhovisi legatsha leWatch Tower Society eGhana wakhokhelwa ngephutha owamukela izimali zasebhange imali eyeqile engama-R8 250. Owamukela izimali ngisho nomzalwane abazange bakubone lokhu ngalesosikhathi. Nokho, ngesikhathi efika ekhaya, umzalwane wabona ukuthi wayekhokhelwe imali eyeqile futhi wabuyela ebhange naleyomali ngokushesha. Owamukela izimali, ebona umzalwane, wathi: “Nangu! Ubuyile ngempela! David, umuntu wakho uyibuyisile imali!” Imali yabuyiselwa kowamukela izimali. UDavid, omunye woFakazi BakaJehova osebenza kulelobhange, wayeqinisekise owamukela izimali nabanye abaziyo ngephutha ukuthi imali yayizobuyiswa ngokushesha nje lapho umzalwane ethola iphutha.
“Lapho lokhu kwakuqhubeka,” kuphawula umbiko, “wonke amehlo” ayebheke kubazalwane ababili. Lowo owayebuyisele imali wachaza: “Nokho, bengingenakuyigcina lemali ngonembeza omuhle phambi kukaNkulunkulu wami, uJehova.” Lesenzakalo sanezela enhloniphweni izikhulu zebhange ezinayo kakade ngeWatch Tower Society.
Ukwethembeka kuzala inhlonipho, ikakhulukazi ezweni elingathembekile. Lomzalwane wayazi ukuthi wayeyolandisa kulowo ophakeme kunomuntu, uJehova uNkulunkulu. Ukwethembeka okunjalo kuletha udumo kuJehova, njengoba “enguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala.”—Duteromoni 32:4.
◻ Ukwethembeka nokulondoloza unembeza omuhle kuNkulunkulu kuphawulwa futhi kokuhlangenwe nakho kwenye insizwa eThailand. Yayenze isikhokhelo seNqabayokulinda nePhaphama! futhi yayisiqala ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli eyasithola kulabomagazini. Yayiwumphathi wezimali omkhulu wenkampane eyayiyisebenzela, futhi unembeza wayo waqala ukuyikhathaza, njengoba kwakungumkhuba wamabhizinisi amaningi ukuba agcine amasethi amabili ezincwadi ukuze abalekele intela. Lapho ithintana nomphathi ngalendaba, umphathi wama ne wayihleka usulu. Kwabe sekufika esinye isihloko komunye umagazini esasigcizelela isidingo sokwethembeka. Ngonembeza okhathazekile, lomphathi wezimali wathandaza kuJehova ukuba amsize alungise lendaba yentela nomphathi. Kwakuhilela isamba esikhulu semali. Ngakusasa ekuseni yacela imvume kumphathi yokukhokha yonke intela eyayiseyisikweleti, futhi okwayimangalisa, umphathi wavuma ngaphandle kokunye ukuphikisa.
Manje lendoda iyajabula njengoba iphila ukuphila kokwethembeka phambi kukaNkulunkulu nabantu. Futhi, inkambo enjalo yokuhlakanipha yenza uJehova ajabule, njengoba nje izAga 27:11 ziphawula: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.”
[Isithombe ekhasini 21]
“Bengingenakuyigcina lemali ngonembeza omuhle”