“Buthanani”
UJEREMIYA wakhuluma amazwi angenhla lapho iJerusalema lasendulo neJudiya lalisongelwa usizi. Kwakungokuphuthumayo ukuba abakhulekeli bakaJehova abaphendukile beqiniso babuthanele insindiso. Ngokufanayo namuhla, kuseduze ukuba eLobukholwa elihlubukayo lishabalaliswe “enhlekeleleni enkulu,” kanye nawo wonke umbuso wezwe wenkolo yamanga. Nakuba sekudlule iminyaka kusukela ngo-1914, lapho abefundisi beLobukholwa besekela ngokugcwele ukuchithwa kwegazi eMpini Yezwe I, “ulaka oluvuthayo lukaJehova alubuyanga” njengoba nje kwaba njalo phakathi nesikhathi esifana nalesi sokubusa kwamakhosi akwaJuda kusukela kuManase owayenecala legazi kuya kuSedekiya ongenalukholo. Manje abathobekileyo bomhlaba kumelwe bafune uJehova ukuze basinde.—Jeremiya 4:5-8; 2 AmaKhosi 24:3, 4; Zefaniya 2:2, 3.
Siye sakhishwa kanjani isixwayiso sosuku lwanamuhla? Umagazini owufundayo manje uye waba yithuluzi eliphumelelayo. Ngokuqhubekayo kusukela ngo-1879, lomagazini, njengomlindi enqabeni yakhe yokulinda, uye waletha ukunakekela ekuweni okusondelayo kwenkolo yamanga, njengoba kufanekiselwa iBabiloni, nokuBusa Kokulunga Kweminyaka Eyinkulungwane KukaKristu okuyolandela. (Isaya 21:6-12; IsAmbulo 20:2, 3; 21:1-4) Kusukela kwezokuqala eziyizi-6 000 ezazikhishwa ngesiNgisi, uye wanda kwaze kwaba namuhla lapho INqabayokulinda—Ememezela UMbuso KaJehova isakazwa ngeziboniselo eziyizi-12 315 000 emhlabeni wonke ngezilimi eziyi-103. Ngaphezu kwalokho, isimo sawo siye sathuthukiswa phakathi neminyaka. Manje usunyatheliswa ngemibala emine ngezilimi ezingama-21, kodwa ezinye izinguqulo nazo zinesimo esikhangayo, esifanelana nesigijimi esibalulekile salomagazini.
Ngenxa yokwanda komkhiqizo, kuye kwaba ngokudingekile ukuba ukunyathelisa kwenziwe nakwezinye izindawo, ngakho-ke manje lokhu kwenziwa emafektri eNhlangano emagatsheni angama-35 ngaphandle kweUnited States. Ngaphezu kwalokho, kusukela ngoJanuary 1987, izinguqulo zomagazini wethu ongumngane iPhaphama! onyatheliswa eUnited States, eBrazil, eBrithani, eCanada, eDenmark, eFinland, eJalimane, eItaly naseJapane wonke uyoba ngemibala emine. EUnited States lokhu kuye kwenziwa kwaba nokwenzeka ngokufakwa kwemishini emithathu enyathelisa umagazini ngejubane elikhulu okuthiwa iMAN-Roland esefektri esemaPulazini eWatchtower eWallkill, eNew York.
Igatsha leNhlangano eJapane nalo lisebenzisa imishini emithathu enyathelisa ngejubane elikhulu ukuze likhiqize amaBhayibheli, izincwadi, nomagazini ngezilimi eziningi zaseAsia. Ngaphezu kwalokho, leligatsha liye lasekela ngokuzithandela igatsha laseAustralia, eKorea nelaseNingizimu Afrika ngokuwahlomisa ngemishini enyathelisa ngemibala emine, ngakho lamagatsha amathathu manje aqhubekela ekunyatheliseni omagazini ngemibala emine.
Kuyo yonke leminyaka, kuye kwaba nokuhlanganyelwa kwezinto eziwusizo phakathi kwamagatsha eNhlangano, inhlangano yendlunkulu ihola. Ngalokho amaningi aye asizwa ngokwezidingo zawo, kungaba sekwakhiweni noma ekunwetshweni kwezakhiwo zegatsha, ekufakeni imishini kulezakhiwo, noma ekusekeleni umsebenzi oyinhloko wokushumayela ensimini ngokwezimali. Lenqubo yokwenza “kube-khona ukulingana,” eyenziwa ngeminikelo yokuzithandela yoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, uJehova uye wayibusisa ngokucebile.—2 Korinte 8:12-15.
Ungase ubheke ekhasini le-2 lalomagazini ukuze uthole ukwaziswa ngokwenza isikhokhelo.