Imibuzo Evela Kubafundi
◼ KwaIsrayeli wasendulo inkathi yeminyaka engama-49 yayilandelwa unyaka weJubili (unyaka wama-50). Ingabe leloJubili liyefana nesikhathi esilandela isonto likaNkulunkulu lokudala leminyaka eyizi-49 000?
Ngenxa yokuthi u-49 utholakala kuzo zombili izindawo, kungabonakala sengathi iJubili lalifanekisela isikhathi esilandela ukuphela ‘kwesonto lokudala,’ leminyaka eyizi-49 000. Kodwa ngesintu esivamile esithola ukuvunyelwa uNkulunkulu, lokho okwenzeka phakathi neJubili likaIsrayeli kufana kakhulu nalokho okuyokwenzeka phakathi neMinyaka Eyinkulungwane, iminyaka eyinkulungwane yokugcina yesonto lokudala, hhayi lokho okulandela ngemva kwalelosonto. Cabangela isisekelo salokhu:
Okokuqala, uMthetho kaMose wawudinga ukuba yonke iminyaka yesikhombisa ibe yisabatha lezwe; izilimo zazingenakutshalwa, zihlakulwe, noma zivunwe. Ngemva konyaka wesikhombisa weSabatha (unyaka wama-49), kwafika unyaka okhethekile weJubili, unyaka wama-50. KwakuyiSabatha izwe elaliyophumula ngalo futhi. Okubaluleke ngokwengeziwe, kwakumenyezelwa inkululeko. AmaHeberu ayezithengise ebugqilini ayekhululwa esikweletini nasebugqilini. Futhi, izwe eliyifa lalibuyiselwa emikhayeni eyayiphoqwe ukuba ilithengise. Ngakho iJubili laliyisikhathi sokukhululwa nokubuyiselwa kwamaIsrayeli.—Levitikusi 25:1-46.
Okwesibili, isifundo sokugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli nesendawo esikuyo ngokwesikhathi sibonisa ngokunamandla ukuthi usuku ngalunye lokudala (uGenesise, isahluko 1) luyiminyaka eyizi-7 000. Kuyaqondakala ukuthi ukubusa kukaKristu kweminyaka eyinkulungwane kuyoletha ekupheleni unyaka wezi-7 000 ‘wosuku lokuphumula’ kukaNkulunkulu, ‘usuku’ lokugcina lwesonto lokudala. (IsAmbulo 20:6; Genesise 2:2, 3) Ngokusekelwe kulokhu, lonke isonto lokudala liyoba ubude beminyaka eyizi-49 000.
Beqaphela ukufana kwezibalo, abanye baye bafanisa iminyaka engama-49 yesikhathi seJubili lasendulo neminyaka enjalo eyizi-49 000 yesonto lokudala. Njengoba becabanga ngalendlela, baye bacabanga ukuthi unyaka weJubili lakwaIsrayeli (wama-50) uveza kusengaphambili, noma uwumfuziselo, walokho okuyokuza ngemva kokuphela ‘kwesonto lokudala.’
Nokho, khumbula ukuthi iJubili ngokukhethekile laliwunyaka wokukhululwa nokubuyiselwa kwabantu. Isonto lokudala ngokwengxenye enkulu libhekisela kuyiplanethi enguMhlaba nokwakhiwa kwayo. Kodwa ngokumayelana nokufezeka kwenjongo kaNkulunkulu ngomuntu emhlabeni, imbulunga ngokwayo ayizange ithengiselwe ebugqilini futhi ngalokho ayiyidingi inkululeko. Isintu esidinga lokho, futhi abantu abakaphili iminyaka eyizi-49 000, kodwa cishe iminyaka eyizi-6 000. IBhayibheli libonisa ukuthi esikhathini esithile ngemva kokuba uAdamu noEva bedaliwe, bahlubuka kuNkulunkulu, ngaleyondlela bangena ebugqilini besono, ukungapheleli nokufa. NgokwabaseRoma 8:20, 21, uJehova uNkulunkulu uhlose ukukhulula isintu esikholwayo kulobubugqila. Ngenxa yalokho, abakhulekeli beqiniso emhlabeni ‘bayokhululwa ebugqileni bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.’—Bheka futhi abaseRoma 6:23.
Nakuba iqembu elincane elikhethelwe ukuya ezulwini liye lathethelelwa izono zalo kusukela ngePentekoste lika-33 C.E. kuqhubeke futhi ngaleyondlela selijabulela iJubili kakade, imiBhalo ibonisa ukuthi inkululeko yesintu esikholwayo iyokwenzeka phakathi nokuBusa kukaKristu kweMinyaka Eyinkulungwane. Lokho kuyoba lapho esebenzisa esintwini izinzuzo zomhlatshelo wakhe wesihlengo. Ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane, isintu siyobe sivuselwe ekupheleleni kobuntu, sikhululeke ngokuphelele esonweni nokufa okuzuzwe njengefa. Khona-ke lapho eseqede isitha sokugcina (ukufa okwadluliswa kusuka kuAdamu), uKristu uyobuyisela uMbuso kuYise ekupheleni konyaka wezi-49 000 wesonto lokudala.—1 Korinte 15:24-26.
Ngokomphumela, ngesintu esikholwayo esinamathemba asemhlabeni, inkululeko nokubuyiselwa okwaphawula unyaka weJubili kuIsrayeli wasendulo kuyothola umfuziselo ofanele phakathi neSabatha elizayo leMinyaka Eyinkulungwane. Khona-ke kuyoba nenkululeko nokubuyiselwa. Lokhu kuyoba ngaphansi kokubusa kukaKristu, “ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”—Mathewu 12:8