Qhubekani Nimemeza Kanyekanye Ngenjabulo
Qhumukani ngokuhlabelela, nihlabelele kanyekanye.”—ISAYA 52:9.
1. Kungani oFakazi BakaJehova manje bememeza “kanyekanye”?
KANYEKANYE! Isichazamazwi sichaza lomushwana njengosho ukuthi “ngokuvumelana okuphelele: ukuze kuvumelaniswe ngokuthé nse.” OFakazi BakaJehova bakhonza ngokuvumelana ngoba banomqondo kaKristu, futhi banobunye ekuphakamiseni igama likaJehova. Ngenxa yesibusiso sikaJehova phezu kwabo, ngisho nezwe elingokomfanekiso abahlala kulo lenamile, zonke izici zalo zimemeza ngenjabulo. Konke lokhu kuhambisana namazwi omphostoli uPawulu omthandazo: “Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe-nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu, ukuze nganhliziyonye nidumise ngamlomo munye uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.”—Roma 15:5, 6; Johane 17:4, 6, 20, 21.
2. (a) Ngokweyo-1 Korinte 1:10 nabase-Efesu 4:4-6, kungani abalindi bebona “iso neso”? (b) Obani futhi abaphinda ukumemeza kwenjabulo, futhi ngani?
2 ‘Nidumise uNkulunkulu!’ Yilokho “abalindi” bakaJehova abahlangene abakwenzayo namuhla. Kanjalo bagcwalisa isiprofetho esithi: “Izwi labalindi bakho, bayaliphakamisa izwi, bajabule kanyekanye, ngokuba bayakubona iso neso, lapho uJehova ebuyela eSiyoni.” (Isaya 52:8) Babona “iso neso,” ngoba ‘bapheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.’ (1 Korinte 1:10; bheka futhi abase-Efesu 4:4-6.) Futhi manje, njengoba “isixuku esikhulu” siphinda ‘ukumemeza kwenjabulo,’ ukumemeza kwembulunga kuya kuphakama kakhulu.—IsAmbulo 7:9, 10, 15.
3. Inhlangano kaJehova emhlabeni iye yayibonisa kanjani injabulo yezixuku zasezulwini?
3 Inhlangano kaNkulunkulu engokwasezulwini, kuhlanganise “izigidi zezigidi” zezingelosi ezingcwele, iphakamisa “izwi” layo ekunikezeni udumo kuJehova njengoMdali omuhle, ‘neWundlu,’ uJesu Kristu. (IsAmbulo 5:11, 12; 4:11) Ngokufanayo, abantu bakaNkulunkulu emhlabeni namuhla bahlelelwe inkonzo engcwele ejabulisayo. Ngisho nezwe elingokomfanekiso abahlala kulo ‘lenamile.’ Umprofethi uthi: “[Yenamani, NW], nihlabelele, kanyekanye, nina-zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema, ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.” (Isaya 52:9) UJehova uye wabuyisa “abantu bakhe,” abameleli basemhlabeni ‘beJerusalema eliphezulu,’ inhlangano yakhe yasezulwini, encithakalweni abayithola phakathi neMpi Yezwe I, futhi okwabo ‘ukumemeza ngenjabulo,’ ngokuvumelana okugcwele kuye kwaphumela ekwandeni emhlabeni wonke okuqhubeka kuze kube yilolusuku!—Galathiya 4:26, 27; Isaya 52:8.
4. Kungayiphi indlela uJehova eseye ‘wambula ingalo yakhe engcwele’ kakade, esinikeza kuphi ukuqiniseka ngekusasa?
4 Ngokulandelayo isiprofetho sithi: “UJehova wambulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, namajukujuku onke omhlaba ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.” UJehova ngempela walwela abantu bakhe engxenyeni yokuqala yalezo ‘zinsuku zokugcina,’ futhi maduzane nje, eHarmagedoni, uyobuye ‘embule ingalo yakhe engcwele,’ alethe ukusindiswa kubantu bakhe abahlelekile. Ngalesosikhathi, ‘izizwe eziningi, ziyokwazi ukuthi unguJehova.’—Isaya 52:10; 12:2; Hezekeli 38:23.
5, 6. (a) Kungani kuphuthuma ukufeza umsebenzi kaNkulunkulu? (b) Yini inhlangano eye yayenza inombono wokunikeza ubufakazi kabanzi?
5 Usuku lukaJehova lokwahlulela luseduze! “Lushesha kakhulu.” (Zefaniya 1:14) Okwalesikhathi, “izindaba ezinhle” kumelwe zimenyezelwe kabanzi kuwo wonke umhlaba. (Isaya 52:7) Ukuze kufezwe lomsebenzi, inhlangano kaJehova isebenzisa izinhlangano eziningi ezingokomthetho, njengeWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, futhi lezi ziqondisa umsebenzi wamabandla oFakazi BakaJehova emagatsheni angama-94 emhlabeni wonke. Phakathi neminyaka emihlanu edlule, kuye kwaba nokwandiswa okukhulu kwezindawo zokunyathelisa nezinye kulamagatsha, kangangokuba iNhlangano isesimweni esingcono ukwedlula noma nini ngaphambili ‘sokumemezela ukuthula nosindiso.’
6 Phakathi nalonyaka odlule, isenezelo esikhulu siye sakhiwa efektri yeNhlangano eWatchtower Farms, eNew York State, lapho iKhaya laseBethel nalo likhuliswa khona. Kuye kwafakwa umshini omkhulu (i-offset press) wokunyathelisa umagazini, onamandla okunyathelisa okungenani omagazini abayizi-400 000 ngosuku. Eminingi yemishini yeNhlangano emidala engama-M.A.N. enyathelisa ngomthofi iye yahlakazwa futhi yabuye yakhiwa njengemishini engama-offset enyathelisa ngemibala emibili ngaphandle komnyama. Lena manje isetshenziswa emagatsheni eWatch Tower kuwo wonke umhlaba, kanye naseBrooklyn naseWatchtower Farms. Ukwanda kwenzeka emhlabeni wonke. Ngokwesibonelo, igatsha laseJalimane manje lisebenzisa owesibili umshini wokunyathelisa oyi-offset onejubane elikhulu, futhi igatsha laseJapane liseduze nokuqala ngomshini walo wesithathu wokunyathelisa oyi-rotary offset, okwazi ukukhiqiza omagazini abayizi-60 000 ngehora.
Omagazini Phambili!
7. Iyiphi intuthuko ebe khona ekufuneni izikhokhelo phakathi no-1983?
7 Kungani kunalokhu kwanda kwezokunyathelisa okungokwasezulwini? Kungenxa yomsebenzi wentshiseko wenu nonke bafowethu ensimini. Phakathi nalonyaka odlule nithole ingqikithi enhle kakhulu yezikhokhelo ezintsha eziyisi-1 756 153 zomagazini INqabayokulinda nePhaphama!, ukwanda kwamaphesenti angama-28 ngaphezu konyaka ongaphambili.
8. Ukuqaphela ukubaluleka komagazini bethu kuye kwayiletha kanjani imiphumela?
8 Umbonisi wesifunda eUnited States wabhala ukuthi isenezelo esikhethekile esinamakhasi amane somsebenzi kamagazini, esakhishwa kuNkonzo Yethu YoMbuso ka-April 1983, “saba nomphumela onamandla kithi sonke.” Wathi kwakuvamile ngeqembu lemoto ukuba libuye enkonzweni litholé izikhokhelo ezine noma ezinhlanu. Omunye uFakazi oyiphayona wanqoba umbono wakhe ophambene wangaphambili futhi wathola izikhokhelo eziyisishiyagalolunye ngesonto elilodwa. Igatsha laseJapane labika ukuthi izikhokhelo ezintsha ngoMay nangoJune zenza ingqikithi yezi-70 115—ngokuqhathanisa nezi-49 016 zomkhankaso owandulelayo wezinyanga ezimbili—ngisho naphezu kwenani lesikhokhelo sonyaka samayen ayi-1 800 (R7,50)! Kodwa inzuzo yomagazini bethu, ngokomoya, ngeke ilinganiswe ngemali, hhayi ngisho nangesiliva noma igolide. (IzAga 8:10, 11) Kwangathi singaqhubeka sibonisa intshiseko ekufuneni izikhokhelo phakathi no-1984!
9. Ukuhanjiswa okwandisiwe komagazini kungafinyelelwa kanjani?
9 Nokho, kuthiwani ngokuhambisa kwethu umagazini okuvamile phakathi no-1983? Kube kuhle, kodwa lesi isici esisodwa senkonzo yethu esingazange sande. Yini esingayenza ngalokhu? Nalapha, ukwazisa okujulile ngokuqukethwe omagazini bethu kumelwe kusishukumisele ukuba sibathwale futhi sibahambise ngawo wonke amathuba, ikakhulukazi ngoSuku lwethu lukamagazini lwamasonto onke. Sithi uSuku Lukamagazini “lwamasonto onke,” ngoba abaningi babazalwane bethu emhlabeni wonke bajabulela ukuhlanganyela okunjalo okuvamile. Amagatsha aqhelelene njengeKenya neHong Kong aye acela ukuba uMgqibelo wesibili nowesine womsebenzi kamagazini ukhishwe ekhalendeni leNhlangano, ngoba lokhu kungase kuphumele ekwehliseni ukuhanjiswa kukamagazini ngengxenye ensimini yawo. Ngazo zonke izindlela, sonke masihlanganyele kulenkonzo ejabulisayo ngoMgqibelo wesibili nowesine, kodwa kungani manje singathuthukeli emgomeni oqhubekayo wenkonzo kamagazini weMigqibelo yonke—endlini ngendlu, emigwaqweni nasezimakethe nasemizileni kamagazini!—UmShumayeli 11:1.
10. Iyiphi inzuzo umagazini owodwa owayilethela umfundi wePhaphama!?
10 Ngokuvamile umagazini owodwa nje ovusa isithakazelo, kube nomphumela wokugcina wokuba enye “imvu” inezelwe ‘esibayeni’ ‘sikamalusi omuhle.’ (Johane 10:14, 16) Okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa lelophuzu:
Ngolunye usuku ummemezeli woMbuso eMauritius wayedlula ekhaya lesidakwa esaziwayo lapho lendoda imbiza. “Mnumzane, ngiyekile ukuphuza,” isho ngenjabulo. Njengoba eRéunion abantu abaningi baya esibhedlela ukuba baqedwe uthando lotshwala, uFakazi wayibuza, “Isiphi isibhedlela oye kuso?” Lendoda yaphendula, “Angiyanga esibhedlela; ngifunde iPhaphama! [July 8, 1982, ngobudakwa] futhi ngayeka ukuphuza.” Sekuyizinyanga ezimbili, ngesikhathi sokubhalwa kwalokhu [ngesiNgisi] loFakazi eqhuba isifundo seBhayibheli nalomkhaya ngencwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, eyakhishwa iWatchtower Bible and Tract Society. Umagazini owodwa wakwazi ukufeza lokho!
Lokhu kuholela kwesinye isihlokwana:
Izifundo ZeBhayibheli Zasemakhaya Ziyanda!
11. Imuphi umphumela incwadi Ungaphila Phakade eye yaba nawo ensimini yomhlaba wonke?
11 NgoJune 1982, iWatch Tower Society yakhipha incwadi yokufunda enemifanekiso ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Phakathi noSeptember 1983, bese kunyatheliswe izi-14 663 229 zalencwadi emafektri eNhlangano emhlabeni wonke. Manje itholakala ngezilimi ezingama-55. Futhi imuphi umphumela lencwadi eye yaba nawo ensimini yomhlaba wonke? Amandla esabekayo! Igatsha leWatch Tower ePuerto Rico liyabhala ngokuphathelene nensimu yesiPanishi lapho:
‘Samukele eziyizi-30 000 izincwadi Ungaphila Phakade ngoAugust, kepha lezi zahamba ngokushesha, khona-ke futhi ngo-October samukela ezinye eziyizi-30 000. UFebruary ka-1983 wasithola sesisele ne“0,” kodwa ngoMarch noJune samukela ingqikithi yeziyizi-40 000 ezinye. Futhi manje sisele neziyizi-10 000, kodwa silindele izincwadi ezengeziwe eziyizi-35 000 masinyane.’
12. (a) Ukwazisa kuye kwaboniswa kanjani ngalencwadi? (b) Ngokubhekisela eshadini elisemakhasini 20-23, uyawabona amazwe lapho izifundo zeBhayibheli zidlula inani labamemezeli khona?
12 ELapland indoda esikhulile, engeyena uFakazi ngokwayo, yabhalela igatsha leWatch Tower eFinland:
“Ngiye ngafunda izincwadi eziningi ngempela zenkolo. Nokho, ngicabanga ukuthi incwadi yenu Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ingenye yezingcono kakhulu zazo. Ngithanda ukuba ningithumelele eziyi-11 ukuze ngiziphe abangane bami.”
Lencwadi ngokungangabazeki iye yabangela ukwanda okukhulu ezifundweni zasemakhaya zeBhayibheli phakathi nonyaka wenkonzo ka-1983. Emhlabeni wonke, izifundo eziyisi-1 797 112 beziqhutshwa inyanga ngayinye nabantu abathakazela kabusha—ukwanda kwamaphesenti ayi-13,3 ngaphezu kwezifundo eziyisi-1 586 293 ngo-1982.
13. Incwadi Ungaphila Phakade ingabasiza kanjani labo abangebona oFakazi abakhuthele?
13 Uyafuna yini ukufunda ngendlela yokubhekana nezinkinga zokuphila? Khona-ke thintana noFakazi BakaJehova kwelinye lamaHholo abo oMbuso futhi ucele isifundo seBhayibheli ngalencwadi Ungaphila Phakade. Ingabe uye wathakazelela isiprofetho seBhayibheli isikhathi esithile njengoba sichazwa ngoFakazi BakaJehova, kodwa okwamanje awuyena uFakazi okhuthele? Nawe, futhi, kumelwe utadishe lencwadi nomunye woFakazi.
14. Bonke oFakazi abakhuthele bangayisebenzisa kanjani kahle incwadi Ungaphila Phakade?
14 Ingabe unguFakazi ongakasiqhubi isifundo seBhayibheli nomuntu othakazela kabusha? Khona-ke kungani ungavusi isithakazelo somuntu othile kulencwadi—ngokuhambela kwendlu ngendlu noma ukufakaza ngokwethukela—futhi usikisele ukuba nifunde lencwadi ndawonye? Akuve kulula ukwenza lokhu ngokumane nje ufunde izigaba futhi uxoxe ngazo ngosizo lwemibuzo nemifanekiso elungiselelwe. Njengoba uJesu ngokwakhe asho, lapho samukela ijoka lobufundi bobuKristu ‘imiphefumulo yethu iyofumana impumuzo,’ futhi injabulo esinayo iyakhula uma siba nengxenye ngokomuntu siqu ekusizeni abanye ukuba babe abafundi. (Mathewu 11:29, 30; 28:19) Futhi izifundo ezinjalo ziyosivulela indlela yokuba, kamuva, sisebenzise indaba yokufundwa eqinisa ukholo encwadini yethu entsha elingana ephaketheni, Ubunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso.
15. Iluphi uphawu oluvelele incwajana Jabulela Ukuphila eye yalwenza?
15 Phakathi nalonyaka odlule, incwajana enemifanekiso enamakhasi angama-32 ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! iye yaba esinye isikhali esinamandla esimisweni sokufundisa sembulunga yonke soFakazi BakaJehova. Izwe elikhulu laseAfrika laseZaire, lapho inani elisha eliphakeme labamemezeli abayizi-28 126 liwukwanda kwamaphesenti ayi-14 ngaphezu kwesilinganiso sango-1982, libika okulandelayo:
Incwajana Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! ngezilimi zethu ezihlukahlukene zendawo iye yaba nomphumela ovelele emsebenzini wokushumayela. Abaningi baye bathi iyinto nje edingekayo yensimu yabo lapho abantu bengafundile noma befunda kanzima. Amabandla ahambisa ngokushesha izitoko zawo. Isonto lamaProthestandi eIsiro lacela lezincwajana ebandleni lendawo ukuze lizisebenzise kuSonto-sikole walo. Umpristi ongumKatolika eMedje wahamba amamayela ngeLand-Rover yakhe ngomzamo wokuba atholele isikole sendawo lezincwajana. Akukhona okungavamile ukubona izihambi zinalencwajana esandleni.
16. (a) Okungakanani ukusakazwa lencwajana eye yaba nakho? (b) Ngokuvumelana nomShumayeli 11:6, abantwana abancane bangayisebenzisa kanjani lencwajana?
16 Amafektri eWatch Tower alungiselela lencwajana manje aseye anyathelisa ezingaphezu kwezi-17 000 000 ngezilimi eziyi-111, futhi isidingo emhlabeni wonke sikhulu kunanini ngaphambili. Abantwana abaningi baye bathola lencwajana iwusizo oluhle ekuhlwanyeleni imbewu yeqiniso kubangane besikole, okuholela ezifundweni zeBhayibheli nabo.—UmShumayeli 11:6.
17. Ikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa amandla okufundisa alencwajana nemifanekiso yayo?
17 Izwe lapho umsebenzi wethu uvinjelwe khona lathumela lombiko:
Udade onguFakazi osebenzisa incwajana Jabulela Ukuphila ukufundisa abantwana abasebasha abathathu ubesanda kuqeda nje ingxoxo ngezithombe. Ngemva kwesifundo labantwana banyamalala ngokushesha bangena kwelinye ikamelo. Bavela futhi ngesikhashana, imikhono igcwele umsebenzi owenziwe ngokhuni, iziphambano nezinye izinto ezihlukahlukene. Lezi zabekwa etafuleni phambi kukaFakazi. Emangele, wabuza ukuthi zazingezani. Intombazane enkudlwana yaphendula, “sisanda kufunda nje ukuthi ngokweBhayibheli kumelwe silahle izithombe nemifanekiso.”
I-Ivory Coast yathumela lokhu kwaziswa:
Inkosikazi yombonisi wesifunda ibika ukuthi iyakwazi ukusebenzisa lencwajana ekusingatheni izindaba ezihlukahlukene, njengesithembu, uthando olukhululekile, imimoya nomthandazo, ngokumane nje ibhekisele emifanekisweni embalwa ekhonjiwe nedwetshwe kahle. Yebo, njengoba isho, “Umfanekiso ulingana namazwi ayinkulungwane.”
“Mukani, Mukani”
18. Kukuphi, ngokuyinhloko, lapho abantu bakaJehova kumelwe ‘bamuke’ khona?
18 Hhayi eAfrika kuphela kodwa kuwo wonke umhlaba, bonke abanesifiso sokukhulekela uNkulunkulu weqiniso, uJehova, kumelwe bamuke ezinkolweni zamanga zobuBabiloni nezindlela zokuziphatha okubi izinkolo ezinjalo ezizikhiqizayo noma ezizivumelayo. Umprofethi kaNkulunkulu uthi: “Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.”—Isaya 52:11.
19. Kumelwe sisabele kanjani lapho izihlubuki zizama ukusisusa enkonzweni yethu engcwele?
19 Kusukela ngo-1919, abantu bakaJehova baye bahlanzwa emangeni angokwenkolo eLobukholwa. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, omunye angase abuyele ekukhulekelweni kwezithombe futhi asuswe ekuhlanganyeleni ebandleni. Angase azame ukudonsa labo abaphatha “izitsha zikaJehova”—amalungiselelo ayigugu uNkulunkulu awenzela inkonzo engcwele endlini ngendlu, kumagazini, esifundweni seBhayibheli nakweminye imisebenzi yobuKristu. Kepha oFakazi abathembekile ‘abakuthinti’ nokukuthinta ukuhlubuka okunjalo.—2 Korinte 6:17; 2 Johane 9-11.
20. IZwi likaNkulunkulu lithini ngokungcola kokuziphatha, futhi singakugwema kanjani?
20 Nokho, kunokunye ukungcola namuhla okuthatha izisulu eziningi kakhulu kunezithathwa ukuhlubuka—ukungcola ngokuziphatha. Sidinga ukuzilinda ekucindezeleni kwezwe kokuzitika ekuziphatheni okubi! Umphostoli uPawulu uxwayisa ngokuthi “nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu,” futhi kulolohlu lokonakala unezela “ubufebe, nokungcola.” (1 Korinte 6:9, 10; Galathiya 5:19-21) Ayikho indawo yabantu abanokuziphatha okubi epharadesi elingokomoya uJehova aye walakha phakathi kwabantu bakhe namuhla, futhi ngeke ibe khona indawo nganoma ubani onjalo eMbusweni noma emhlabeni oyiPharadesi, osuseduze kangaka manje. Bonke abantu bakaJehova abahlanzekile mababambelele endaweni yabo epharadesi elingokomoya ngokulandela iseluleko sikaPawulu esiqondile: “Balekelani ubufebe,” “kubalekeleni ukukhonza izithombe.”—1 Korinte 6:18; 10:14.
21. (a) Ngokuvumelana noIsaya 52:12, ikuphi ukuqiniseka okumelwe sibe nakho manje? (b) Singabonisa kanjani ukuthi ‘sinezinyawo ezinhle’?
21 Lapho abantu bakaJehova abagcotshiwe bekhululwa ebugqilini benkolo yobuBabiloni, bawuzwa umphumela wamazwi akhulunywa umprofethi kaNkulunkulu: “Aniyikuphuma ngokushesha, ningahambi ngokubaleka, ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu, noNkulunkulu kaIsrayeli uyakuba-semva kwenu.” (Isaya 52:12) Namuhla, “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ zeNkosi siyajabula naso ngalokhu kukhululwa. Bonke abamemezeli abathembekile boMbuso abayizi-2 501 722 banethemba eligcwele lokuthi uJehova uyoqhubeka ehamba phambi kwabo, nokuthi uyoba umlindi wabo wangasemuva, kuze kube sempini yamanqamu eHar-Magedoni nangemva kwayo. (IsAmbulo 16:13-16) Ngakho-ke, nina bofakazi bakaNkulunkulu weqiniso, uJehova, “qhumukani ngokuhlabelela [yenamani], nihlabelele kanyekanye”! ‘Izinyawo [zenu] ezinhle’ azinithwale ngokushesha ekumemezeleni izindaba ezinhle zento ethile engcono, ngoba “uNkulunkulu wakho uyinkosi.”—Isaya 52:7-9.
Iziphi izimpendulo ongazinikeza kokulandelayo?
□ UJehova uye wabahlomisela kanjani abantu bakhe ‘ukuphakamisa izwi kanyekanye’?
□ Kungaziphi izindlela eziqondile esingase sibonise ngazo ukwazisa ngomagazini bethu?
□ Singazisebenzisa kanjani ngokuphumelelayo sonke izincwadi zokufunda zamuva?
□ Kumelwe sisabele kanjani eselulekweni nesikhuthazo sikaIsaya 52:11, 12?