Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“Umhlangano Wesigodi Omangalisayo”
LESI kwakuyisihloko esikhulu sephephandaba elithile eMartinez de la Torre, eVeracruz, eMexico, esasikhuluma ngomhlangano woFakazi BakaJehova owawukulelodolobha. Leliphephandaba laphawula: “Isibalo esikhulu sababa khona emhlanganweni [woFakazi BakaJehova] owawuseMabaleni Ombukiso endawo siwukubonakaliswa okukhulu kakhulu kwesenzakalo esivelele emhlabeni wonke ezinsukwini zethu: ukwanda kokungathembeli kwabantu ezimfundisweni zalokho okubizwa ngokuthi amasonto ‘obuKristu’ nokukholelwa ngokuqinile ekutheni ubukhulu balezinkinga bungaphezulu kakhulu kwamandla ohulumeni ukuzixazulula.
“Akukaze kwenzeke ukuthi umhlangano wezombangazwe noma isenzakalo esingokwenhlalo sihlanganise isixuku esingaka esinokuhleleka nokuhlanzeka okungaka. Bekumane kumangalisa ukubona abantu abayizi-5 000 belandela ngokunakekela isimiso esisekelwe ngokuyinhloko ekwazisweni okuseBhayibhelini nesikhuluma ngezici zokuphila kwansuku zonke kusukela ekukhulisweni kwabantwana nokuhlala ndawonye njengomkhaya kuya ekuziphatheni okuhle nempilo engokomoya, kanye namadrama ezindaba zeBhayibheli nokusebenza kwawo ezikhathini zanamuhla.”
Ngemva kokukhuluma “ngokubonakaliswa okukhulu kokushelela okunobunye nokuhlelwa,” umbiko wezindaba waphawula: “Ukubaluleka komsebenzi owenziwa oFakazi BakaJehova abakulendawo kungabonakala ngemiphumela eye yatholakala eminyakeni embalwa nje. Namuhla kuyinhlangano eyanda ngokushesha, engazigqize qakala izinkulumo zokuphikisa evame ukuzithola. Noma yini embi engase ibhekiswe kubo iba ubala lapho umuntu ebona ukuma kwabo ezintweni ezibazungezile, indlela eqondile abanda ngayo, ukuhlonipha kwabo igunya, nokwazisa okukhulu abanakho ngenhlanzeko nenkulumo enhle.
“Labafundi beBhayibheli cishe bonke babengabashisekeli bezinkolo ezihlukahlukene esikhathini esidlule, ikakhulukazi amaKatolika, aye aphawula ukukhukhuleka kwenkolo yawo kwezombangazwe kanye nokwamukela nokuvumela kwayo izenzo ezingekho eBhayibhelini njengokuxubanisa izinkolo, ukuziphatha okubi nobudlova. Kuye kwaba umthombo wokwaneliseka kubo ukuvumelana nezimiso zokuziphatha ezingokomBhalo ngaphandle kokuphendukela ekukhonzeni izithombe noma emasikweni anesiqalo esingaqondakali. Lokhu kuye kwabanikeza ubunye bokholo obuyigugu obubonakala bubehlukanisa nomaphi lapho bekhona.”
Lezinkulumo zisikhumbuza isimiso uJesu asisho: “Niyakubazi ngezithelo zabo.” (Mathewu 7:16) Abaningi abanhliziyo ziqotho eMexico baqaphela ukuba ngokomBhalo kwezimfundiso zoFakazi BakaJehova, bazihlanganise nabo, futhi uJehova uNkulunkulu ubabusisa ngokucebile ngokomoya.
[Isithombe ekhasini]
Umhlangano eMexico