“Thanda Umakhelwane Wakho”—Iyiphi Indlela Ewusizo Kakhulu?
LAPHO ubona abantu okanye nabo beswele ngokudabukisayo, uzizwa kanjani? Ngokwesibonelo, umfanekiso wabantwana abalambile ukwenza ufune ukwenzani? ‘Ngizizwa ngidabuka,’ uzosho, ‘futhi ngifuna ukusiza.’ Izimali ezinkulu eziye zanikelwa njalo ngonyaka ezinhlanganweni ezinikeza usizo nasemagatsheni okusiza abampofu, zibonisa ukuthi ngokusobala abantu abaningi bazizwa ngendlela efanayo.
Ukwenza imisebenzi emihle kanjalo ngenxa yenzuzo yabantu abaswele kuyatuseka, ikakhulukazi ngokucabangela umyalo kaJesu wokuthanda umakhelwane wethu njengoba sizithanda thina. (Mathewu 19:19) Abantu abaningi abaqotho, bakholelwa ukuthi indlela ewusizo kakhulu yokubonisa uthando lwabo lukamakhelwane ingokwakha nokusekela izibhedlela nezikole, ngokunikela ezisuseni ezinhle nangokuhlanganyela ezinhlotsheni ezihlukahlukene zemisebenzi yezenhlalakahle. ‘Lokho yikho okuwubuKristu,’ bangase basho, uma bekhuluma noFakazi BakaJehova, bangase benezele ‘ngokuqinisekile kusiza kakhulu kunokuchitha isikhathi sakho namandla ushumayela endlini ngendlu ngenkolo njengoba nina nenza.’
Kodwa ingabe kunjalo? Singamthanda kanjani umakhelwane wethu ngendlela ewusizo kakhulu futhi ngokwenzuzo yakhe enkulu neyesikhathi eside?
Yini Imali Yakho Eyifezayo?
Abasazimisele ukunikela ezisuseni ezifanelekile, banesizathu sokubuza: ‘Umnikelo wami ongakanani oyozuzisa ngokuqondile abantu ohlelelwe ukubasiza?’ Ngokwesibonelo, ukuhlola kwango-1978 kwezinhlangano ezinikeza usizo eziholayo eziyi-15 eFederal Republic yaseJalimane kwembula ukuthi ngalesosikhathi izindleko zokuphatha nezokwaba zadla amaphesenti angama-42 emali etholwa izinhlangano.
Lapho izikhulu zethelevishini zihlola amabhuku okonga ‘ezingane ezatholwa’ eziyisithupha eBolivia, zathola ukuthi amaphesenti ayi-6 kuphela kumaphesenti ayi-15 esamba somnikelo owawenziwe ‘abazali bokutholwa’ kuyiFederal Republic of Germany, wawuye wafakwa emabhukwini asebhange ezingane. Nokho, umkhulumeli wenhlangano wawaphika amacala okukhwabanisa, echaza ukuthi abasazonikela batshelwa ngokucacile ukuthi izingane zizothola cishe ingxenye yesithathu kuphela yeminikelo ‘yabazali’ bazo. Yonke esele ngemva kokunakekela izindleko zokuphatha, kubikwa ukuthi yayizosetshenziselwa izinjongo zemfundo nezokwelapha.
Yebo, izibonelo zomusa osetshenziswe kabi azizona ezingaziwa. Lokhu kunjalo ngezinyathelo zosizo eziphathelene nendlala yamuva eAfrika. ETopiya, izinkinga zezombangazwe zavimbela ukudla okuningi ekubeni kufinyelele labo abaswele, futhi ngezinye izikhathi kubikwa ukuthi iminikelo yokudla yayithengiswa—ithengiswa ngamanani aphakeme—kunokuba inikelwe ngesihle.
Incwadi kaCarl Bakal ethi Charity U.S.A. iyaxwayisa: “Lapho isisusa sisihle ukuthi imali isetshenziswa kanjani akubuzwa. Angifuni ukuba abantu bayeke ukunikela. Ngicabanga ukuthi imibuzo kumelwe iphendulwe ngoba banikela ngokuphuphutheka.” Ngokusobala, ukunikela ngokuphuphutheka akuhlakaniphile futhi akunakucatshangelwa njengokuwusizo.
Ukulandela Isibonelo Esabekwa UJesu
Yebo, lamaqiniso ayadabukisa, kodwa ingabe angakuthethelela ukwenqaba ukusekela izizathu ezinhle kanjalo? Kakade, uJesu akazange yini aphulukise abagulayo futhi aphe ngokuyisimangaliso abalambile ukudla, ngaleyondlela ebekela amaKristu anamuhla isibonelo?
Kuyiqiniso ukuthi uJesu waba nesihe lapho ebona abantu beswele. Izingcaphuno zeBhayibheli eziyisishiyagalombili ziyakhuluma ngalokhu. Ezimbili zibhekisela esidingweni sabantu sokudla (Mathewu 15:32; Marku 8:2), ezintathu esidingweni sabo sokuphulukiswa okungokwenyama (Mathewu 14:14; 20:34; Marku 1:41), neyodwa esidingweni sabo senduduzo ekufeni kwabathandekayo. (Luka 7:13) Kodwa ezinye izingcaphuno ezimbili zibhekisela esidingweni esikhulu ngisho nangokwengeziwe. UMathewu 9:36 uthi: “Kepha ebona izixuku waba-nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” Futhi uMarku 6:34 uyabika: “Wabona isixuku esikhulu, waba-nesihe ngabantu, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.”
Eqinisweni, ngisho nakuba isihe ngabantu sashukumisela uJesu ukuba abanakekele ngendlela engokwenyama, isithakazelo sakhe esikhulu sasiwukubanikeza usizo olungokomoya abaholi babo benkolo ababeye bahluleka ukululungiselela. (Bheka uMathewu, isahluko 23.) UJesu ‘wayengumalusi omuhle,” owayezimisele ukunikela “ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.” (Johane 10:11) Ngenxa yokuthi wanika lomsebenzi wokushumayela—hhayi ukuhileleka emsebenzini wezenhlalo, noma ekwakheni izibhedlela noma ekubeni namagatsha osizo—indawo yokuqala ekuphileni, kamuva wakwazi ukutshela uPilatu: “Ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.”—Johane 18:37.
Nakuba uJesu anika abafundi bakhe amandla okwenza imisebenzi emihle emangalisayo yokuphulukisa, akazange asho lutho ngalokhu lapho ebanika iziyalezo zokugcina ngaphambi kokwenyukela ezulwini. Kunalokho, wayala: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” Khona-ke, ngokusobala, umsebenzi obaluleke kakhulu ‘kwakuwukwenza abafundi, ukubabhapathiza . . . nokubafundisa.’—Mathewu 28:19, 20.
Isizathu Sokuba Ukushumayela Kube Usizo Kangaka
Ukushumayela kuwusizo ngoba kusiza abantu ukuba basebenzise izimiso zeBhayibheli. Lokhu futhi kubasiza ukuba bagweme izinkinga ezingabaholela ekusweleni. Ngokwesibonelo, ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli eziphathelene nomsebenzi nesimo sethu ngasezintweni ezibonakalayo kungasiza ekuvimbeleni ubumpofu. (IzAga 10:4; Efesu 4:28; 1 Thimothewu 6:6-8) Noma ukulandela iseluleko seBhayibheli ngokusetshenziswa kwemilaliso nokugcina izindinganiso zalo zokuziphatha kungathuthukisa impilo yethu futhi kuqinisekise ukuphila komkhaya okujabulisa ngokwengeziwe.
Cabangela isibonelo somuntu waseYugoslavia, ohlala eFederal Republic of Germany oneminyaka engama-35, ovumayo: “Lapho ngineminyaka eyi-18 noma eyi-19, kakade ngase ngiqala ukuba umlutha wotshwala. Ngineminyaka engama-20 ngangiphuza ilitha lotshwala obunamandla kanye nokungenani ibhokisi likabhiya [amabhodlela angama-20] ngosuku. Izikhathi ezintathu ngalaliswa esibhedlela njengoba kwakwenziwa imizamo yokungelapha kulomkhuba wami, kodwa odokotela abakwazanga ukusiza. Nakuba ngangihola R1 566 ngenyanga, akukho lutho engangilulethela umkhaya wakithi ekhaya.” Kwaba yilokho oFakazi BakaJehova abamtshela khona ngesikhathi benza umsebenzi wabo wokushumayela okwakhulisa kuye isifiso sokuba nobuhlobo obungcono noMdali wakhe. Uyaqhubeka, “Ngomthandazo ngakwazi ukufinyelela lokho odokotela ababengenakukufinyelela.” Singacabanga ngomphumela omuhle lokhu okuye kwaba nawo ekuphileni komkhaya wakubo.
Ngokuqinisekile, ukushumayela ngeke kuzixazulule zonke izinkinga. Nokho kusewusizo ngoba kunikeza ithemba. Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu zonke izinkinga ziyoxazululwa. UJesu uyobe esenzela bonke abantu abaphilayo izimangaliso ezingokwenyama, hhayi abambalwa nje. Kunokunikeza ukukhululeka kwesikhashana, izinzuzo ziyoba ezihlala njalo, eqinisweni, ezaphakade. (Bheka uJohane 17:3.) Ngakho ukufundisa abantu ukuba babonise ukholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo namalungiselelo awo kamuva kuyofeza okuhle kakhulu.
Eziningi izinhlangano zenkolo kweLobukholwa ngokuqhosha zikhomba ‘imisebenzi yazo emihle’ yokunakekela abagulayo, abaswele, kanye nabahluphekayo. Kodwa bayobe benza kahle uma begcizelela ngokwengeziwe ekunikeleni usizo olungokomoya, njengoba nje uJesu enza. Njengabaholi benkolo bekhulu lokuqala, baye bahluleka ukufeza ukuthunywa okubaluleke kakhulu. Kungenzeka baye basuthisa izisu zabantu abalambile ngokudla okungokoqobo, kodwa baye bashiya izingqondo zabo nezinhliziyo zilambele amazwi eqiniso. (Bheka uAmose 8:11.) Kungenzeka baye banikela ngemali yokusiza abaswele bezizwe, kodwa abazange bamemezele ‘ezizweni ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo’ noma ngohulumeni woMbuso kaNkulunkulu. (Efesu 3:8) Kungenzeka izithunywa zabo zevangeli ziye zasiza izizwe ezingakathuthuki ukuba zibe nekhono ekusebenziseni igeja, kodwa azizange zizikhuthaze ukuba ‘zikhande izinkemba zazo zibe amakhuba, nemikhonto yazo ibe ngocelemba.’—Isaya 2:4.
Yiba Olinganiselayo Ekuthandeni Umakhelwane Wakho
Yebo, ukubeka ngokufanelekile ukugcizelela okumqoka osizweni olungokomoya akusithetheleli ekunikezeni usizo olungokwenyama—kubantu ngabanye noma emaqenjini—lapho kudingekile nalapho sisesimweni sokwenza kanjalo. Simelwe sifune ukulandela isibonelo esabekwa amaKristu okuqala. (Bheka izEnzo 11:27-30.) Ezikhathini zokuswela kwangempela noma zenhlekelele kumelwe sisheshe ukulandela iseluleko sikaPawulu ‘sokwenza okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.’ (Galathiya 6:10) Ukuze baqinisekise ukufeza okuhle kakhulu, ngokuvamile oFakazi BakaJehova lokhu bakwenza ngokomuntu siqu. Futhi njengoba oFakazi abalekelela ezenzweni ezinjalo zokusiza bekhonza ngaphandle kwenkokhelo, izindleko zokuphatha azibibikho.
Kodwa, ngesikhathi esiza abanye ngendlela engokwenyama, amaKristu awafuni ukulahlekelwa umbono wesibopho sawo esiyinhloko, ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe. Ngokushesha lowoMbuso uzoqeda konke ukugula, ubumpofu, nokuswela emhlabeni. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukukwazi ukusiza abantu ukuba bathole ukuphila emhlabeni lapho igama elithi “ukudabuka” lingasayikusetshenziswa. Ingabe ungamthanda umakhelwane wakho ngendlela ewusizo kakhulu kunaleyo?