Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 10/1 k. 21
  • Ingabe Unokubonga NgeNkonzo Yasobala?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Unokubonga NgeNkonzo Yasobala?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Fundisa Obala Nasendlini Ngendlu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukushumayela Endlini Ngendlu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Kungani Inkonzo Yendlu Ngendlu Ibalulekile Manje?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ukusebenza Indlu Ngendlu Ngokungakhathali
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 10/1 k. 21

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ingabe Unokubonga NgeNkonzo Yasobala?

INKONZO yendlu ngendlu ingokomBhalo, futhi oFakazi BakaJehova baziwa ezweni lonke ngalesisici senkonzo yabo yasobala. (IzEnzo 20:20, 21) UJesu watshela abafundi bakhe: “Nizakwamukeliswa amandla umoya ongcwele esefikile phezu kwenu, nibe ofakazi bami eJerusalema naseJudiya lonke naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.” (IzEnzo 1:8) IzEnzo 5:42 zibonisa ukuthi lawomaKristu okuqala ayeya “emakhaya” engayeki.

EHaiti kwaba nokuphikisana ngokuqondene nenkonzo yendlu ngendlu yoFakazi BakaJehova. Lokhu kwenzeka ngesikhathi iphayona elikhethekile lihlangana nowesifazane ongumProthestani oqotho. Ngesikhathi bexoxa, umzalwane waphawula ukuthi oFakazi BakaJehova kuphela abashumayela endlini ngendlu njengoba iBhayibheli libonisa. Owesifazane waphendula wathi amalungu esonto lakhe ayengase aye endlini ngendlu, futhi ayeseke akwenza ngezinye izikhathi. NgoMgqibelo olandelayo, loFakazi wahlangana nesixuku sihamba indlu ngendlu, siqondiswa yilona owesifazane. Babecishe babe yikhulu kuleliqembu. Owesifazane oqhoshe kakhulu ngalokhu ayekwenza, wabiza umzalwane ukuba abone lesisenzo.

Isonto kamuva, yena lo owesifazane wayehola elinye iqembu futhi wajabula ukukusho lokhu kumzalwane. Waphawula, nokho, ukuthi kwakukhona cishe ingxenye kuphela yenani langesonto elingaphambili. NgoMgqibelo wesine iqembu lase linciphe laba ama-20, futhi ngoMgqibelo wesihlanu owesifazane wayeseyedwa. Ngokuzithoba, weza kumzalwane wavuma: OFakazi BakaJehova kuphela abaneqiniso, njengoba kuyibo kuphela abangaqhubeka beya emsebenzini wokufakaza amasonto elandelana.”

Iphayona elikhethekile, lasikisela isifundo seBhayibheli kowesifazane esasizomkhombisa ukuthi kungani oFakazi BakaJehova bengaqhubeka beshumayela endlini ngendlu nokuthi kungani abanye bengeke. Owesifazane wasamukela. Yena nomyeni wakhe baqala ukufunda futhi bathuthuka kahle. Bobabili manje bahlanganyela noFakazi BakaJehova, bamemezela ngentshiseko ngoMbuso obala nasendlini ngendlu!

Inkonzo yendlu ngendlu nezinye izindlela zokufakaza obala zingamalungiselelo amahle othando uJehova aye wawalungiselela ukufuna labo abanezinhliziyo eziqotho, futhi abasize ukuba bafunde izimfuneko zakhe zokuphila. Ngokufanelekile oFakazi BakaJehova bahlanganyela ngenjabulo kulokhu nakwezinye izici zenkonzo yabo engcwele kuNkulunkulu. Isimo sabo siyefana naleso sikamphostoli uPawulu, owathi: “Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni.”—1 Thimothewu 1:12.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela