Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 9/15 k. 26
  • Ukuqondisisa Izindaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqondisisa Izindaba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukumpontshelwa Igazi—Ingabe Kukhululekile Engozini YeAIDS?
  • AmaKatolika Asekela Ukuziphendukela Kwemvelo
  • Isenzo Esiphambene NemiBhalo
  • Isipho Sokuphila Noma Uju Lokufa?
    I-Phaphama!—1990
  • Indlela Yokugwema I-AIDS
    I-Phaphama!—1988
  • Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukumpontshelwa Igazi—Kulondeke Kangakanani?
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 9/15 k. 26

Ukuqondisisa Izindaba

Ukumpontshelwa Igazi—Ingabe Kukhululekile Engozini YeAIDS?

“Angiboni ukuthi indaba yeAIDS kumelwe ingene esinqumweni esiphathelene nokuhlinzwa noma kusiphi esinye isizathu sokwamukela igazi,” kusho umkhulumeli weziKhungo ZaseAtlanta Zokuvimbela Izifo. Nokho, kungenzeka singakuvumi lokho isiguli esahlinzwa esineminyaka engama-60 ubudala esaba negciwane ngemva kokuthola igazi elalinikeliwe elase lihlolelwe isifo seAIDS.

IThe New York Times ibika ukuthi lesosiguli sampontshelwa ngegazi lomuntu owanikela ngegazi lakhe “ngemva nje kokuhlanganyela ubungqingili engakabi nazo izakhi zegazi ezilwa nalesifo ezazingase zibonakale emshinini ohlola igazi elineAIDS.” Nokho, ngemva kwezinyanga ezintathu kamuva, lowomuntu waphinda wanikela ngegazi. Manje “labonakala linezakhi ezilwa neAIDS futhi lenqatshwa,” kubika iTimes.

Ngokusetshenziswa kwemishini yamuva yokuhlola igazi elineAIDS, izikhulu zezokwelapha zaziqiniseka ngokuthi igazi elinezifo lalihlanzwe ngokuphelele emthonjeni wesizwe wegazi. Nokho, ukwehluleka ukubona igazi elinezifo elingakabi nezakhi zegazi ezilwa nazo ezinganikeza imiphumela eqondile lapho kwenziwa ukuhlola, kubonisa ukuthi ikhona ngempela ingozi kubantu abemukela ukumpontshelwa ngegazi. Kuye kwabikwa izisulu zeAIDS ezingaphezu kwezi-21 000 eUnited States kusukela ngo-1977, cishe amaphesenti amabili azo abangelwa ukumpontshelwa ngegazi elinezifo.

Labo abagcina umthetho kaNkulunkulu bahlala bekhululekile ezifweni abangase bazithole ngokumpontshelwa ngegazi. Ngani? Ngoba ‘bayazilonda . . . egazini nakokuqumbeleneyo,’ okungakhishiwe igazi. Lapho abantu abanjalo beliyeka ngenxa yezizathu ezingokwenkolo, bajabulela izinzuzo ezengeziwe, ngoba indikimba ebusayo yebandla lokuqala lamaKristu yenezela: “Uma nizilinda ngokunakekela kulezozinto, niyochuma. Impilo enhle kini!”—IzEnzo 15:28, 29, NW.

AmaKatolika Asekela Ukuziphendukela Kwemvelo

Phakathi nomhlangano owawuseVatican ngoApril 1986, uPapa John Paul II wathi: “Ngokuqondene nemfundiso yokholo, asiyiboni inkinga ekuchazeni indabuko yomzimba womuntu ngokusebenzisa imfundiso yokuziphendukela kwemvelo.” Ngani? Ngoba ‘imfundiso enjalo yokholo’ yamaKatolika isekela ukuthi, ngaphandle komzimba, umuntu unomphefumulo ongafi. Isonto ligomela ngokuthi lomphefumulo, hhayi umzimba, wadalwa ngokuqondile uNkulunkulu.

Nokho, ngokukaGenesise 2:7, ngesikhathi uNkulunkulu ebumba umuntu ngothuli futhi ephefumlela emakhaleni akhe umoya wokuphila, “umuntu waba-kanjalo umphefumulo ophilayo.” Umuntu akazange anikezwe umphefumulo kodwa waba umphefumulo, umuntu ophilayo. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 15:45.) KuHezekeli 18:4 sitshelwa ukuthi: “Umphefumulo owonayo uyakufa.” Lokhu kubonisa ukuthi umphefumulo ungumuntu, hhayi ingxenye ethile yakhe eqhubeka iphila ngemva kokuba umzimba usufile.

Kalula nje, kungase kubonakale kungenankinga ukuvuma ukuthi umzimba womuntu wavela ngokuziphendukela kwemvelo. Kodwa ngokwenza lokhu, isonto lamaKatolika liye lawenqaba umlando wendalo okuGenesise, umlando uJesu Kristu ngokwakhe awemukela njengoyiqiniso. (Mathewu 19:4-6) Okabani umbono umKristu okumelwe awemukele?

Isenzo Esiphambene NemiBhalo

Ukuvakashela kukaPapa John Paul II esinagogeni laseRoma ngoApril 13, 1986, kuye kwathiwa “isenzakalo esaqopha umlando” esihloselwe ‘ukuqalisa inqubo entsha.’ Ngani? Ngoba kwakungokokuqala ngqá ukuba upapa avakashele ngokomthetho indawo yokukhulekela yamaJuda. Iphephandaba laseRoma iLa Repubblica lithi, ngalesisenzo isonto lamaKatolika lizama “ukulungisa amaphutha omlando,” njengoba isonto “belingazigcini izibopho zothando lukaKristu kubazalwane balo abangamaJuda.”

Ukuhambela kukapapa kwakuhloselwe ukugcizelela “ifa elingokomoya likawonk’ uwonke” elihlanganyelwa amaKatolika namaJuda. Nokho, lokho uJohn Paul aye wakuchaza ngokuthi “umehluko omkhulu” phakathi kwalezinkolo ezimbili kusekhona, okungukuthi, iqiniso lokuthi amaJuda awamemukeli uJesu njengoMesiya. Liyini ikhambi likapapa kulenkinga? Enkulumweni yakhe, waphawula “ngokubonisa inhlonipho ezinkolelweni ezijulile zomunye umuntu” nesidingo sokugwema noma ikuphi okunye ukucindezela kokuphoqelela ukholo lomunye komunye. ILa Repubblica ithi, izinkulumo ezinjalo zifakazela “ukulahla kukapapa lonke uhlobo lokuguqula abantu” ngokuqondene namaJuda.

Nokho, umphostoli uPetru watshela abapristi abangamaJuda namadoda amadala eJerusalema ukuthi “ayikho insindiso ngomunye” ngaphandle kukaJesu Kristu. Ngaphezu kwalokho, ngesikhathi uPetru noJohane betshelwa ukuba bayeke ukushumayela ngegama likaJesu, baphendula: “Asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.” (IzEnzo 4:8, 12, 18-20) Ingabe abalandeli bakaKristu namuhla akumelwe benze okufanayo?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela