‘Nilandele Ezinyathelweni Zakhe Ngokuseduze’—Kanjani!
ANGINAKUKWAZI ukuba ngophelele njengoJesu, kungakhathaliseki ukuthi ngithandaza kangakanani noma ngizama kanzima kanjani.” Abangamaphesenti angama-89 kulabo abahlolwa yiU.S. Catholic, bavumelana nalamazwi. Ngempela, umbono wokuhamba ezinyathelweni zikaKristu ungase ubonakale unzima kakhulu—ikakhulukazi uma ucabangela umfanekiso kaKristu owakhiwe amasonto. Enye indoda engumKatolika yathi: “Sekukonke, ngicabanga ngoJesu njengomuntu onozwela, onothando, onakekelayo, obekezelayo ongalindeli okukhulu kakhulu ngami. Kodwa lapho ngiya esontweni, uJesu wenziwa unkulunkulu kakhulu kangangokuthi ukungapheleli kwami kwenza ngizizwe ngilahlekile futhi ngiphansi.”
Nokho, imibhalo egciniwe yamaVangeli ayimenzi ‘unkulunkulu kakhulu’ uKristu. Ibonisa ukuthi uJesu akazalelwanga ebukhosini, kodwa emkhayeni osebenzayo. Usingayise uJosefa wayengumbazi. Nakuba kukuncane okwaziwayo ngoJesu eseyingane, kuyisenzakalo esembula okuningi. Lapho uJesu eneminyaka eyi-12, abazali bakhe baya naye eJerusalema ekuhambeleni kwabo kwaminyaka yonke kwePhasika. Kulomkhosi wahileleka engxoxweni engokomBhalo, futhi umkhaya wakubo wamshiya. Ngokuqondakalayo uJosefa noMariya ababekhathazekile bamthola ngemva kwezinsuku ezintathu ethempeleni, “ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa ebabuza.” Ngaphezu kwalokho, “bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe.” Cabanga nje, eneminyaka eyi-12 kuphela wayengabuzi nje kuphela imibuzo ecabangisayo, ehlobene nezinto ezingokomoya kodwa futhi wayenikeza izimpendulo ezihlakaniphile. Ngokungangabazeki wayesizwe ukuqeqesha kwabazali bakhe!—Luka 2:41-50.
Uma ungumuntu omusha, ingabe kungenzeka ngawe ukuba ulandele isibonelo sikaKristu? Ngempela kungenzeka! Ngoba uKristu ngokwakhe wanishiyela “isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.”—1 Petru 2:21.
Ubusha buyisikhathi esihle sokuzuza ulwazi oluyisisekelo lukaNkulunkulu neZwi lakhe. Kuyiqiniso, abanye obaziyo bangase bachithe isikhathi esiningi ezincwadini zamakhomiki nakumathelevishini. Kodwa kunalokho, kungani ungalandeli ezinyathelweni zikaJesu, owathi esengumfana wajabulela ukufunda ngoJehova? Ngenxa yothando lwakhe lwezinto ezingokomoya, “uJesu waqhubeka ekuhlakanipheni.” (Luka 2:52) Nawe ungaba njalo.
Ngokwesibonelo: Esikoleni esithile saseNingizimu Afrika, uthisha wabuzwa ukuthi wayengaqinisekisa yini ukuthi iBhayibheli liyiqiniso. Wavuma ukuthi wayengeke. Umfana omncane, omunye woFakazi BakaJehova, ngesibindi wathi: “Ngingakuqinisekisa ngempela ukuthi iBhayibheli liyiqiniso!” Kanjani? Wazama ukukhumbula ukwaziswa ayekutadishe kumagazini wamuva weNqabayokulinda. Ngakho ngemva kokuvunyelwa ukuba akhulume, wachaza incazelo yesiprofetho esilotshwe kuDaniyeli isahluko 2. Abafundi bamangala njengoba ayebonisa indlela isiprofetho esabikezela ngayo ukuvela nokuwa kohulumeni bomhlaba ngokulandelana kanye nokubhujiswa kwayo kokugcina nguMbuso kaNkulunkulu. Kwalandela ingxoxo enhle athola kuyo ithuba lokuphendula imibuzo eminingi.
Ukuzela Ukwenza Intando KaNkulunkulu
Isisekelo solwazi lweBhayibheli nokuqonda uJesu asibeka esemusha kamuva samshukumisela ukuba athathe isinyathelo esingathi sína. “UJesu . . . wafika kuJohane eJordani ukuba azobhapathizwa nguye.” Manje kwase kuyisikhathi esifanele ngaye ukuba athwale imithwalo yakhe yemfanelo njengesikhonzi sikaNkulunkulu. Ubhapathizo lwalusho ukuzinikela kwakhe ukwenza intando kaNkulunkulu.—Mathewu 3:13-15.
AmaKristu ngokufanayo kudingeka alingise uKristu ngokubhapathizwa. Ubhapathizo luwuphawu olungcwele, isibonakaliso sangaphandle sokuzinikezela. Uma sivuma ukusebenzela umuntu noma imboni, siqale siqiniseke ngezimfuneko nezimo futhi ngokuvamile silandelise ngokusayina isivumelwano. Kodwa ngaphandle kokusayina, isivumelwano asibophi. Kunjalo nangobhapathizo—lwenza ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu kusebenze. Ngomqondo othile, njengoJesu sithi: “Bheka, ngiyeza ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.’ (Heberu 10:7) Kanjalo siba izinceku zikaNkulunkulu, izikhonzi zakhe!—2 Korinte 3:5, 6.
Yebo, njengoJesu, kuyomelwe uqale uzuze ulwazi oluyisisekelo lukaNkulunkulu. Kodwa oFakazi BakaJehova bangakusiza wena—nezingane zakho—ukuba ukwenze lokhu ngesifundo seBhayibheli esihlelekile.
Ukubeka Inkonzo Kuqala
Ngemva kokubhapathizwa, uJesu wangenela inkathi yokuzila, ukuzindla, nokuthandaza. Akungabazeki ukuthi lokhu kwamlungiselela isilingo ahlangabezana naso kamuva. USathane uDeveli wamnikeza ukubusa phezu ‘kwemibuso yonke yezwe.’ Yeka ikusasa uJesu ayezoba nalo ukuba wayesamukele isipho sikaDeveli! Nokho, uKristu waqaphela ukuthi ikusasa elinjalo laliyoba elesikhashana. Ngokushesha wamxosha uDeveli futhi kunalokho “waqala ukushumayela nokusho ukuthi: Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” (Mathewu 4:2, 8-10, 17) Kukho konke ukuphila kwakhe kwasemhlabeni, uKristu wayeyisikhonzi sesikhathi esigcwele soMbuso kaNkulunkulu.
Ngokufanayo namuhla, umKristu ngeke avumele izwe likaSathane limyengele ekwenzeni imisebenzi eholela kakhulu ibe injongo yakhe ekuphileni. Phela, lapho uJesu ebiza abafundi bakhe bokuqala, ‘bawashiya masinyane amanetha, bamlandela.’ (Marku 1:17-21) Ngakho-ke ingabe bekungaba ukuhlakanipha ukubanjwa inetha leminako yezwe? UJesu uyala abalandeli bakhe namuhla ukuba ‘bashumayele ivangeli lombuso.’ (Mathewu 24:14) Iqiniso, ungase ube nomkhaya noma eminye imithwalo yemfanelo okumelwe uyinakekele. Ngakho-ke oFakazi BakaJehova abaningi basebenzisa izikhathi zakusihlwa nezimpelasonto ukuze bafeze umthwalo wabo wemfanelo wobuKristu wokushumayela. Abanye bakwazi ngisho nokuhlela ukwenza kanjalo isikhathi esigcwele!
ENingizimu Afrika enye insizwa yahlela ukuya eyunivesithi ngemva kokuqeda isikole. Nokho, ngemva kokubonakalisa ukuzinikezela kwayo kuJehova ngobhapathizo, yazizwa inesibopho sokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. UYise, ongesiye uFakazi, waqala wenqaba. Kodwa ngemva kwengxoxo ende, ekugcineni wavuma ukuba indodana yakhe ikhonze ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eNingizimu Afrika.
Ngemva kweminyaka eyisishiyagalolunye yenjabulo kuleyondawo, yashada futhi yangenela umsebenzi wokushumayela wesikhathi esigcwele kanye nomakoti wayo. Kamuva bathola umntwana. Nokho, bacela uJehova ukuba abasize baqhubeke beyizikhonzi zesikhathi esigcwele. Bakhumbula isithembiso sikaJesu sokuthi uma umuntu ebeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala, “konke lokhu [izidingo zezinto ezibonakalayo] kuyakwenezelwa nina.” (Mathewu 6:33) Lokhu kwabonakala kuyiqiniso. “Siye saphila ngokonga yonke leminyaka,” kusho ubaba, “kodwa siye sanikeza indodakazi yethu ikhaya elijabulisayo futhi zonke izidingo zayo zezinto ezibonakalayo ziyanakekelwa.”
“Ngimnene, Ngithobile Ngenhliziyo”
“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo,” kusho uJesu, “mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:28-30.
Lapho enza izimangaliso, njengokukhipha amademoni, uJesu akazange azithathele udumo kodwa wavuma obala ukuthi wafeza izinto ezinjalo “ngoMoya kaNkulunkulu.” (Mathewu 12:28) Futhi nakuba ayekwazi ukudonsa ukunakekela kwezilaleli kangangokuthi baze “bamangala ngokufundisa kwakhe,” akazange azifunele inkazimulo. (Luka 4:32) Kunalokho, wayethi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.”—Johane 7:16.
AmaKristu eqiniso namuhla azama ukubonisa ukuzithoba okufanayo. Ngokwesibonelo, lapho efundisa abanye, awadonseli ukunakekela kuwo ngokwawo. Kunalokho, ayashesha ukudlulisela ukubonga kuJehova nasenhlanganweni yakhe nganoma iliphi ikhono analo ukuze adlulise isigijimi seZwi likaNkulunkulu. “Unantoni ongayamukeliswanga na?” kubuza umphostoli uPawulu.—1 Korinte 4:7.
Ukuthobeka kukaJesu kwaboniswa futhi ngokuzimisela kwakhe ukuhamba izinkulungwane zamakholimitha, hhayi ngenqola, kodwa ngezinyawo njengomshumayeli ojikelezayo. Kwesinye isenzakalo yena nabafundi bakhe babekhathele kangangokuthi babedinga ‘ukuphumula ingcosana.’ Nokho lapho kuvela isixuku esikhulu, esasilambele isikhuthazo esingokomoya, uJesu wakhohlwa ukukhathala kwakhe futhi “waqala ukubafundisa okuningi.”—Marku 6:31-34.
Isikhonzi esijikelezayo soFakazi BakaJehova (esibizwa ngokuthi umbonisi wesifunda) nabangane baso ababili eLesotho, eAfrika, muva nje babonisa umoya ofanayo. Bahamba amahora angama-22 endaweni enezintaba ukuze bahambele amaKristu ambalwa abakanye nawo angawodwa. Ekhathele ukuhamba, umbonisi wesifunda wanquma ukuphumula ngosuku olulandelayo. Kodwa isixuku esikhulu seza ukuzombingelela futhi sabuza imibuzo kangangokuthi, nakuba ayekhathele, wavuka wabatshela ngezindaba ezinhle zoMbuso. Ukusabela kwakukhuthaza kangangokuthi izihambi ezikhathele zazizwa zivuzwe kahle ngemizamo yazo.
Lingisani Yena!
Umphostoli uPawulu usikhuthaza ukuba ‘sibheke kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu.’ (Heberu 12:2) Lokhu singakwenza ngokufunda njalo izindaba zamaVangeli nokuzindla ngezindlela esingamlingisa ngazo uKristu. Ngokwesibonelo, uJesu wabonisa isibindi lapho esola ubuzenzisi nokumbuluza kwabaholi benkolo, ngisho nakuba ayazi ukuthi babemzonda futhi babezombulala. (Mathewu 23:1-36; 26:3, 4) Akazange atatazele futhi axhamazele lapho engaphansi kokuhlaselwa. (1 Petru 2:23) Ekufundiseni kwakhe, wabonisa ukuqonda isimo somuntu nekhono lokubeka amaqiniso ajulile ngolimi olulula.
Kodwa isiphiwo sikaJesu esivelele kakhulu kwakuwuthando lwakhe. “Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.” (Johane 15:13) Wanezela ngisho nesici esisha egameni elithi uthando ngokusitshela ukuba sithande izitha zethu.—Mathewu 5:43-48.
Yeka isibonelo esiphakeme uJesu ayeyiso kithi! Ukumlingisa akulula, futhi singakhubeka ngezikhathi ezithile. Kodwa akumelwe sidikibale. (Galathiya 6:9) Ngokuba kunezigidi ezizama ngokuphumelelayo ukulandela uJesu. Phela, akungabazeki ukuthi yena kanye okulethele lomagazini uphakathi kwazo futhi uyokujabulela kakhulu ukukusiza ukuba ulandele ezinyathelweni zikaJesu—NGOKUSEDUZE!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Ngisho nasebusheni bakhe, uJesu wabonisa isithakazelo esijulile ezindabeni ezingokomoya. Ingabe uyamlingisa kulokhu?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
UKristu wenqaba ikusasa elingokwezwe ngenxa yenkonzo