Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Imihlangano “Yabagcina Ubuqotho” EPhilippines
UCHUNGECHUNGE lwemihlangano ka-1985 “Yabagcina Ubuqotho” engama-23 eyayisePhilippines yaba nempumelelo enkulu kakhulu ngazo zonke izindlela. Inani selilonke laba yizi-213 734, ukwanda okungamaphesenti angama-27 kunenani langonyaka owandulelayo, laliphindwe ngaphezu kwezikhathi ezimbili nengxenye kunengqikithi yabamemezeli bakulelozwe. Lokhu kubonisa ukuthi kunabantu abaningi abathakazelayo abeza emihlanganweni. Futhi, kwabhapathizwa abayizi-2 223, ukwanda ngamaphesenti ayi-14,5 kunangonyaka owandulelayo.
ETuguegarao, eCagayan, kwakulindeleke ukuba kube nabantu abayizi-12 000 emhlanganweni, kodwa kweza abayizi-24 327! Isiteshi somsakazo sasakaza ingxoxo yemizuzu engama-30 nabazalwane, ngokungangabazeki eyasiza ekubeni nalelinani elihle lababekhona. Umsakazi wabuza ukuthi sasiphumelela kanjani ukuba silondoloze ukuthula nokuhleleka emihlanganweni yethu. Kwachazwa ukuthi wonke amalungu enhlangano yethu azama ukuhlakulela izithelo zeBhayibheli zothando nokuthula. Ngakho-ke noma nini lapho siba nemihlangano enjengalona, akubi bikho ukuxabana. Umsakazi wamangala futhi wathi: “Yeka ukuthi imangalisa kanjani inhlangano yenu! Ezinye izinhlangano ngeke zikwenze lokhu. Noma nini lapho zinesixuku esinjengalesi, kuvame ukuba nezenzakalo ezimbi.”
Kulomhlangano ofanayo, othile ofundisa eYunivesithi Yombuso yaseCagayan waphawula: “Kwakunenani elithusayo; ababekhona babeqeqeshiwe; kwakunokubambisana phakathi kwabo; babonisa ukuzinikezela okuphelele enkonzweni. Naphezu kwenani elikhulu lababekhona, indawo yayicocekile; kwakunokuhleleka futhi azikho izenzakalo eziphambene ezenzeka, okubonisa ukuthi oFakazi bakusebenzisa ngempela lokho abakufunda emiBhalweni.”
Umphathi wendawo yokuthengisa iziphuzo eRizal Memorial Stadium eManila wanikwa ithuba lokukhuluma phakathi nomhlangano: “Ngiyakwazisa ukuhlelwa komhlangano wenu. INhlangano yenu ihlelekile, futhi ngiyaqala ukubona loluhlobo lokuhleleka koFakazi ngoba ngiyaqala ukubona umhlangano onjengalona.”
Emhlanganweni owawuseDolobheni laseCalbayog, abamemezeli abayi-7 beza besuka eqenjini elingalodwa, futhi babehamba nabantu abayi-14 abathakazelayo. Unokwazisa ngesidingo sokuba ube kulelidili elingokomoya, umkhaya othile owawuvela ePalawan wasebenzisa cishe amaphesenti angama-20 omholo wawo wonyaka ukuze ube khona eDolobheni lasePuerto Princesa.
Izivakashi eziningi ezivela kwamanye amazwe zathatha uhambo lokuya emhlanganweni owawuseManila, futhi amaphesenti angama-80 azo ayesohlotsheni oluthile lwenkonzo yesikhathi esigcwele. Kwakufudumeza inhliziyo ukubona indlela abazalwane abakhuthazwa ngayo yidrama eyayithi Ikusasa Lakho—Liyinselele, eyayikhuluma ngenkonzo yesikhathi esigcwele. EDolobheni laseIloilo, abantu abathathu ababenengxenye kuledrama bathinteka kakhulu phakathi nokuyilungiselela kangangokuba bathumela izicelo zokuba amaphayona esikhathi esigcwele ngisho nangaphambi kokuba umhlangano uqale. EDolobheni laseOrmoc, usihlalo womhlangano walandisa ukuthi ngemva nje kwedrama, abamemezeli abayisithupha benza izicelo zokuba amaphayona avamile.
Ngokuqinisekile umoya kaJehova ushukumisa abantu bakhe ukuba ‘bazinikezele ngenjabulo,’ kulezinsuku zokuphela. (IHubo 110:3) Imihlangano “Yabagcina Ubuqotho” ePhilippines iye yabakhuthaza kakhulu abazalwane nabantu abathakazelayo bakuleyondawo.