Umhlangano Waminyaka Yonke—October 4, 1986
UMHLANGANO WAMINYAKA YONKE wamalungu eWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania ngo-October 4, 1986, uyoqhutshelwa eHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova, 2932 Kennedy Boulevard, Jersey City, New Jersey. Umhlangano wokwandulela wamalungu kuphela uyoba ngo–9:30 ekuseni, bese ulandelwa umhlangano ovamile waminyaka yonke ngo–10:00 ekuseni, ngoMgqibelo, ngo-October 4, 1986.
Kuyokwaziswa kakhulu uma amalungu aleNhlangano eyokwazisa iHhovisi likaNobhala nganoma iluphi ushintsho emakhelini awo okuthumela phakathi nonyaka odlule ukuze izincwadi ezivamile zesaziso nezincwadi zokuvota zifike kuwo ngokushesha ngemva kuka-August 15.
Izincwadi zokuvota, eziyothunyelwa emalungwini kanye nesaziso somhlangano waminyaka yonke, kumelwe zibuyiselwe emuva ukuze zifike eHhovisi likaNobhala weNhlangano ngaphambi komhla ka-1 kuSeptember. Njengoba ilungu ngalinye lazi, kumelwe ligcwalise futhi libuyisele emuva incwadi yalo yokuvota ngokushesha, liphawule ukuthi lizoba khona mathupha emhlanganweni noma cha. Ukwaziswa okunikezwa encwadini ngayinye yokuvota kumelwe kube okuqondile kuleliphuzu, njengoba kuyothenjelwa kukho ekutholeni kusengaphambili labo ngempela abayoba khona mathupha.
Kulindeleke ukuba sonke isimiso, kuhlanganise nomhlangano ongokomthetho webhizinisi nemibiko, siphethwe ngo–1:00 ntambama noma ngokushesha ngemva kwalokho. Asinakubabikho isimiso santambama. Ngenxa yendawo elinganiselwe, kuyongenwa ngamathikithi kuphela. Awekho amalungiselelo ayokwenziwa okuxhumanisa lomhlangano waminyaka yonke nezinye izindawo ngocingo.