Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ubani noma yini efanekiselwa “uLeviyathani” okuIsaya 27:1?
UIsaya 27:1 uthi: “Ngalolosuku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla uLeviyathani, inyoka esheshayo, uLeviyathani, inyoka ethandelayo, abulale udrako oselwandle.” Lesiprofetho sisazi njengesisebenza kokubili kuSathane uDeveli nasenhlanganweni yakhe ekhohlakele yasemhlabeni.
INqabayokulinda kaOctober 15, 1985, yachaza ukuthi isiprofetho sikaIsaya isahluko 27 siyisiprofetho sokubuyiselwa. Ukugcwaliseka kwaso kokuqala kwakuhilela isizwe sasendulo sakwaIsrayeli, esasizobuyiselwa ezweni lakubo ngemva kweminyaka engama-70 yokuthunjelwa eBabiloni. Nakuba abathunjwa abaningi babevela eBabiloni, abanye babezobuya bevela eGibithe nasezweni lase-Asiriya. UJehova uNkulunkulu wanquma ukuthi abantu bakhe kumelwe bakhululwe, ngakho-ke izizwe ezinjalo zazingenakumvimbela ngemizamo yazo ngazinye noma zihlangene. Kubantu zazingase zibonakale zinamandla futhi zihlakaniphile, njengoLeviyathani wasendulo (mhlawumbe ingwenya), nokho uJehova wayeyophumelela ekulweleni uIsrayeli wasendulo.—Qhathanisa noJobe 41:1-34.
Nokho, yini eyafanekiselwa “uLeviyathani” ekugcwalisekeni okukhulu kukaIsaya isahluko 27? Ngokuqondakalayo, kufika uSathane uDeveli engqondweni, ngoba isAmbulo 12:9 simchaza ‘njengodrako omkhulu nenyoka endala.’ Sekuyisikhathi eside eyisitha sikaNkulunkulu nabantu baKhe. Ngokungaphezulu, imiBhalo ikuveza obala ukuthi uSathane uzobhujiswa. UNkulunkulu ubekile usuku lokusebenzisa amandla akhe ngeNdodana yakhe ukuze asuse uDeveli. Ngakho-ke ‘lowodrako’ noma “inyoka” uyakunqunywa njengokungathi ngenkemba enkulu nenamandla.—Heberu 2:14; IsAmbulo 20:1-3, 10.
Nokho, khumbula ukuthi izitha zangaleso sikhathi ezazibhekene noIsrayeli wasendulo kwakuyizizwe eziphikisayo ezibonakalayo, njengeGibithe, iAsiriya, neBabiloni. Ngokufanayo namuhla, izinceku zikaNkulunkulu ezingamaKristu emhlabeni wonke zibhekene nabaphikisi abangokoqobo abasolwandle olugubhayo oluyisintu esihlukanisiwe noNkulunkulu. (IsAmbulo 17:1, 15) USathane ulawula inhlangano yomhlaba wonke ayisebenzisele ukuba ivimbele “abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.” (IsAmbulo 12:17) Lenhlangano ebuswa uDeveli iye yabonakala inobuqili futhi inolaka, njengoLeviyathani. Nokho, ekuqaleni kwalelikhulu leminyaka ‘loLeviyathani’ walahlekelwa ukulawula kwakhe phezu kukaIsrayeli ongokomoya, okungukuthi, oFakazi BakaJehova abagcotshiwe abangamaKristu. Futhi uyonqunywa ngokuphelele lapho, uJesu ekanye namabutho ezingelosi, ephuma ‘enenkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo.’—IsAmbulo 19:11-16.
Ngakho-ke ngisho nakuba kokunye kungase kukhulunywe ngoSathane njengoLeviyathani oku-Isaya 27:1, leso siprofetho sihlanganisa okungaphezulu ‘kwenyoka endala.’ Sigxile ikakhulukazi enhlanganweni ebonakalayo yasemhlabeni ebuswa nguye. Ngakho, INqabayokulinda eshiwo ngenhla ingakhomba abafundi esikhathini lapho “isimiso esibi esikhona manje leso uSathane uDeveli asibusa njengonkulunkulu waso, singeke sisaba khona. UJehova uyobe esephendulele ukunakekela kwakhe kuLeviyathani ongokomfanekiso, inyoka ehuquzelayo, ethandelayo ephakathi kolwandle lwabantu. Yena nezizwe, ngisho nezinhlangano zakhe, bayobe bengasekho.”