Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 8/15 k. 32
  • Ubaqondisa Kanjani Abantwana Bakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubaqondisa Kanjani Abantwana Bakho?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 8/15 k. 32

Ubaqondisa Kanjani Abantwana Bakho?

AKULULA, cishe abazali abaningi bayovuma. Abazali abanabantwana ababili, omunye oneminyaka eyishumi nomunye oneyisikhombisa balandisa indlela incwadi ethi Ukulalela UMfundisi Omkhulu nethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo eziye zaba usizo olukhulu ngalo.

“Lapho kudingeka ukuba siqondise abantwana bethu,” bayabhala, “sikhuluma nabo futhi sihlole lokho okubonakala kuyinkinga, ngokwesibonelo, ngokunokwenzeka kungaba ukungabonisi uthando komunye noma ukuntuleka kokubonisa inhlonipho kithi njengabazali. Khona-ke sibatshela ukuba bayofunda ngasese emakamelweni abo siqu, isihloko esifanele kwenye yalezincwadi ezimbili. Sibabela futhi ukuba babheke imibhalo ethile futhi bayifunde.”

Uba yini umphumela? “Lapho bebuya ukuzositshela ukuthi baqedile futhi bakulungele ukubukeza isahluko nemibhalo noBaba noma uMama, yeka ushintsho!” Ngokuqondene nomntanabo oneminyaka eyisikhombisa, othambekele ekubeni nenkani, bayabhala: “Ngisho noma angase ngokuthukuthela anyathele kakhulu phansi ephasijini lapho eya ekamelweni lakhe, ubuya esemamatheka futhi athi, ‘Ngiyabona ukuthi bengonile. Ngiyaxolisa.’”

Uma ungumzali noma wazi abazali abadinga usizo ekuqeqesheni abantwana babo, kungani ungatholi lezincwadi ezingabizi? Ngokuqinisekile zingaba usizo olukhulu ekukhuliseni abantwana.

Sizani ningithumelele izincwadi ezinoqwembe oluqinile, ezinamakhasi ayi-192 ethi Ukulalela UMfundisi Omkhulu nethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ngifaka u-R3,60.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela