Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wathola omagazini bamuva beNqabayokulinda bewusizo loqobo? Khona-ke bona ukuthi ungakukhumbula yini okulandelayo:
◻ Kungani kungase kuthiwe iBhayibheli liyincwadi yaso sonke isintu?
Kusukela ekuqaleni kwalo, iBhayibheli linikeza umbono ngomhlaba ngokuqondene nekusasa lesintu. (Genesise 1:28) Linqamula konke ukubandlululana kwezinhlanga, ubuzwe, namanye amandla ahlukanisayo ahlupha isintu. Likhuluma nabantu bazo zonke izizwe futhi likhuluma ngomhlaba njengekhaya elilodwa elikhulu lalo lonke uhlanga lwesintu. (IzEnzo 17:26)—4/15, ikhasi 5.
◻ Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi: “Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke”? (Mathewu 6:22)
Igama elithi “lilihle” lapha lihunyushwe egameni lesiGreki ngokuyisisekelo elisho ukuba mqondo munye noma ukuzinikela enjongweni eyodwa. Ngokwenza intando kaNkulunkulu ibe umgomo wethu ekuphileni, siyofuna ukubonisa izindaba ezinhle ezikhazimulayo kuzo zonke izici zokuphila kwethu.—5/1, amakhasi 12, 13.
◻ Kuthiwani ngokuba kukaJehova ngophezu kwakho konke nokuba kwakhe isazi sakho konke?
UJehova wathi kuAbrahama: “NginguNkulunkulu uSomandla.” (Genesise 17:1) Njengoba enguMninimandla onke—engaphezu kwakho konke—uJehova angasebenzisa amandla akhe onke ukuba anqobe noma isiphi isihibe esingavimba ukugcwaliseka kwezithembiso nezinjongo zakhe. Futhi uJehova wazi konke, uhlakaniphe kakhulu—uyisazi sakho konke. Ngakho noma yini athanda ukuyibona kusengaphambili angayibona. Lezimfanelo ezimbili zenza kungabi nakwenzeka ngoJehova ukwehluleka. (Isaya 14:24)—5/15, ikhasi 4.
◻ Singakubonisa kanjani ukuthobeka lapho sithandaza phambi kwabanye?
Singabonisa ukuthobeka ngezwi—singabinakho ukuzikhukhumeza noma ukubukisa. Akumelwe sifune ukuba uJehova enze izinto ezithile. Kunalokho, kumelwe sinxuse uJehova ngendlela evumelana nentando yakhe, futhi ngazo zonke izikhathi izinkulumo zethu kumelwe kube ngezibonisa inhlonipho nesizotha, siqaphela ukuba yize kwethu. (Mathewu 6:5; Isaya 66:2)—5/15, amakhasi 21, 22.
◻ UmKristu angawugcina kanjani umbono oqondile ngaphansi kokushushiswa?
Akumelwe avumele umqondo wakhe ukuba ugxile ezintweni eziphambene. Kunalokho, kumelwe azindle ngalokho izinceku ezithembekile zikaJehova ezakwenza ngesikhathi sovivinyo. Zazimethemba ngokuphelele futhi zinokholo kuJehova, ziwathemba amandla akhe okuzivusa nokuzinikeza umvuzo. (IsAmbulo 2:10) Ngokufanayo, umKristu oshushiswayo namuhla angagcina ithemba lakhe ngesimiso esisha sokulunga sikaJehova likhanya engqondweni yakhe. (Qhathanisa namaHeberu 12:2.)—6/1, ikhasi 30.
◻ Kukuyiphi indaba eyodwa ebalulekile uHus, uWycliffe, noLuther abavumelana kuyo?
Bonke bavumelana ngokuthi iZwi likaNkulunkulu kwakumelwe lize kuqala, kungakhathaliseki ukuthi yimiphi imibono yabantu. AmaKristu okuqala aba nombono ofanayo okhanyisiwe ngoba ayefundiswe uJesu Kristu ngokwakhe. (IzEnzo 5:29; Johane 17:17)—6/15, ikhasi 31.
◻ Ingabe umbala omnyama wesikhumba waba khona ngenxa yesiqaleliso saphezulu esashiwo kuKanani nenzalo yakhe?
Cha. Isizwe esimnyama asivelanga kuKanani kodwa kuKushe futhi ngokunokwenzeka kuPhuthi. Akukho siqalekiso esashiwo kunoma yimuphi walabazukulu ababili bakaNowa. (Genesise 9:24, 25; 10:1, 6)—7/1, ikhasi 4.
◻ Ingabe uJesu wayesho ukuthini lapho ekhuluma ngokuzonda komuntu amalungu omkhaya wakhe ngisho naye ngokwakhe? (Luka 14:26)
UJesu wayesho ukuthi uma kuqhathaniswa uthando umuntu analo ngoNkulunkulu nangokuzinikela kwakhe kuKristu, ubuhlobo bomuntu nezihlobo zakhe bungase bubonakale bufana nenzondo. (Qhathanisa noMathewu 12:46-50.)—7/1, ikhasi 27.
◻ Kukanjani uJesu ‘eyiNkosi yesabatha,’ njengoba kuboniswe kuMathewu 12:8?
UJesu wayebhekisela ekubuseni koMbuso wakhe wokuthula weminyaka eyinkulungwane. Lokhu kubusa okukhulu kukaKristu kweSabatha kuyoba isikhathi sokuphumula kukho konke ukuhlupheka nokucindezeleka.—7/15, ikhasi 9.
◻ Kungani kungekhona ukuhlakanipha ngomntwana ukuba azibekele imigomo yakhe siqu ekuphileni?
Okuhlangenwe nakho kwabantwana kulinganiselwe kakhulu ukuba bangazibekela imigomo yabo siqu ekuphileni. Uma abazali bengabasizi ukuba babeke imigomo enjalo, othile uyobasiza—mhlawumbe abantwana esikoleni noma umeluleki wasesikoleni. Abazali abangamaKristu bangasiza abantwana babo ukuba bazibekele imigomo evumelana nokwazisa kwabo ngezinto ezingokomoya.—8/1, ikhasi 28.