Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 8/15 k. 19
  • Ukubalekela KwamaKristu EPhela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubalekela KwamaKristu EPhela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba Nokholo Esiprofethweni SeBhayibheli Kulonda Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Funa Idolobha Eliyohlale Lizinzile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • B10 Kwa-Israyeli Ngesikhathi SikaJesu
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 8/15 k. 19

Ukubalekela KwamaKristu EPhela

NGO-33 C.E., uJesu Kristu waxwayisa abalandeli bakhe ukuba ‘babalekele ezintabeni’ lapho bebona “iJerusalema lihaqiwe izimpi.” (Luka 21:20-24) Kodwa kukuphi lapho ababalekela khona ngempela? UJoseph Ernest Renan ongowomdabu waseFrance nongumlobi-mlando uyaphendula: “Indawo eyakhethwa izinhloko zomphakathi [wamaKristu] ukuba isebenze njengendawo yesiphephelo eyinhloko yeBandla lababaleki kwakuyiPhela, elinye lamadolobha aseDekapholi, elalisendaweni enhle eseduze nechweba elingakwesobunxele leJordani, elibheke ngakolunye uhlangothi lwethafa laseGori, futhi ngakolunye uhlangothi elibheke amawa, ezansi kwawo okugeleza umfula. Akukho okunye ukukhetha kokuhlakanipha okwakungenziwa. IJudiya, i-Idumiya, iPhereya, neGalile ayevukela umbuso; iSamariya kanye nendawo engasogwini zazingenakho ukuthula . . . Ngakho idolobha laseSkithe nePhela kwakungamadolobha aseduze neJerusalema ayengathathi-hlangothi. IPhela, ngenxa yokuthi yayingaphesheya kweJordani, kumelwe ukuba yanikeza ukuthula okwengeziwe kunedolobha laseSkithe, elase lingenye yezinqaba zamaRoma. IPhela yayiyidolobha elikhululekile njengamanye amadolobha aseDekapholi . . . Ukuphephela lapho kwakuyisibonakaliso esisobala sokwesaba kwabo ukuvukela [kwamaJuda] . . . Kwakukulelidolobha labantu abangewona amaJuda lapho iBandla laseJerusalema laphephela khona phakathi nokwesaba okukhulu kokuvinjezelwa komuzi yimpi.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela